IMfundiso neziVumelwano 2021
Agasti 2–8. IMfundiso neziVumelwano 85–87: “Ima Ezindaweni Ezinobungcwele”


“Agasti 2–8. IMfundiso neziVumelwano 85–87: ‘Ima Ezindaweni Ezinobungcwele,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Agasti 2–8. IMfundiso neziVumelwano 85–87,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
umndeni uhamba uya ethempelini

Agasti 2–8

IMfundiso neziVumelwano 85–87

Ima Ezindaweni Ezinobungcwele

UMoya ungakuholela ukuthi ufunde imigomo kwizahluko 85–87 engavezwanga kuloluhla. Landela ukukhushulwa Kwakhe.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Usuku lukaKhisimusi lujwayele ukuba yisikhathi sokucabanga imiyalezo “enjengokuthula emhlabeni” kanye “nokuhle okuya kubantu” (bheka uLuka 2:14). Kodwa ngoDisemba 25, ngonyaka ka-1832, ingqondo kaJoseph Smith yayigcwele usongo lwempi. ISouth Carolina yayiqeda kuphikwa nguhulumeni waseMelika futhi yayilungiselela impi. Futhi iNkosi yembula kuJoseph Smith ukuthi lokhu kwakusayisiqalo: “Impi,” Wamemezela, “izotheleleka kuzo zonke izizwe” (IMfundiso neziVumelwano 87:2). Kwakubukeka sengathi isiphrofetho sasizogcwaliseka ngokushesha.

Kodwa-ke akwanzekanga. Emasontweni ambalwa, uhulumeni waseSouth Carolina kanye neMelika bafika esiyekethisweni, impi yavinjwa. Kodwa isambulo asigcwaliswa njalo ngesikhathi noma ngendlela esiyilindele. Cishe emva kweminyaka engama-30, kudala emva kokuba uJoseph Smith abulawe nabaZalwane sebehlala entshonalanga, iSouth Carolina yahlubuka futhi impi yezikhali yalandela. Kusukela lapho, impi emhlabeni wonke seyidale ukuthi “umhlaba ulile” (IMfundiso neziVumelwano 87:6). Noma ngabe isiphrofetho sagcwaliseka ekugcineni, ukubaluleka kwalesi sambulo kuncane ngase kubikezeleleni ukuthi inhlekelele ingeza nini bese kwanda ekufundiseni ukuthi ungenza njani ngenkathi ifika. Iseluleko siyafana ngonyaka ka-1831, 1861, kanye no-2021: “Yimani ezindaweni ezinobungcwele, ninganyakaziswa.” (uvesi 8).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 85:1-2

Kuhle “ukugcina umlando.”

“Umlando” ochazwe evesini 1 wabhala amagama alabo “ababethole ifa ngokomthetho” eSiyoni (bheka futhi Imfundiso neziVumelwano 72:24-26). Kodwa-ke, lo mlando wawungewona owokuphatha nje kuphela—kwakuwumbalo obalulekile wabaZalwane “wendlela yempilo, ukholo lwabo, kanye nemisebenzi” (ivesi 2).

Ngabe uyawugcina umlando wakho noma incwadi yokuloba izigigaba zosuku na? Yini ongayiloba mayelana nendlela yokuphila, ukholo, kanye nomsebenzi engaba yisibusiso ezizukulwaneni ezizayo? Lo mlando ungaba yisibusiso kanjani kuwena?

Bheka futhi ku “Journals: ‘Of Far More Worth than Gold,’” Teachings of Presidents of the Church: Wilford Woodruff (2011), 125–33; “Turning Hearts” (vidiyo, ChurchofJesusChrist.org).

IMfundiso kanye neziVumelwano 85:6

UMoya ukhuluma “ngezwi elincane.”

Cabanga ngamazwi uJoseph Smith awasebenzisile ukuchaza uMoya kwiMfundiso neziVumelwano 85:6. Izwi likaMoya ngabe “lithule” futhi “lincane” ngayiphi indlela na? Yiziphi izinto “elizihlabile” empilweni yakho?

Ngesikhathi ucabanga ngendlela uMoya okhuluma ngayo nawe, cabanga lezi zincazelo ezinikezwe uJoseph Smith: IMfundiso neziVumelwano 6:22-24; 8:2-3; 9:7-9; 11:12-13; 128:1. Kulokhu osukufundile, yikuphi ozizwa ukuthi udinga ukukwenza kangconywana ukuzwa izwi likaMoya?

Bheka futhi ku 1 AmaKhosi 19:11–12; Helamani 5:30.

Isithombe
owesifazane efunda izincwadi ezingcwele

Ukufunda izincwadi ezingcwele kusisiza sizwe uMoya oNgcwele.

IMfundiso neziVumelwano 86

Abalungile bayahlanganiswa ezinsukwini zokugcina.

IMfundiso neziVumelwano 86:1-7 iqukethe incazelo yeNkosi yomfanekiso wokolweni kanye nokhula, ngokugcizelela okuhlukile kunalokhu Akunikezile kuMatewu 13:24-30, 37-43. Ngesikhathi uqhathanisa zombili, yimuphi umehluko owubonayo? Cabanga ukuthi kungani lo mfanekiso—nalokhu okuhlukile—kubalulekile ukuthi kuphindwe “ezinsukwini zokugcina, namanje” (IMfundiso neziVumelwano 86:4). Yikuphi ongakufunda kulesi sifanekiso kanye nencazelo yezinsuku zamanje?

Njengoba kubhaliwe kulamavesi 8–11, iNkosi yabe isikhuluma ngobuphristi, ukubuyiselwa, kanye nokusindiswa kwabantu Bakhe. Yikuphi ukuxhumana okubonayo phakathi kwalamavesi kanye nomfanekiso wakolweni kanye nokhula? Ungaba kanjani “njengomsindisi kubantu [beNkosi]”? (uvesi 11).

Bheka futhi Izihloko zeVangeli, ­topics.ChurchofJesusChrist.org.

IMfundiso neziVumelwano 87

Ukuthula kutholakala “ezindaweni ezinobungcwele.”

Ngaphezulu kobungozi benyama okufaka “ukuchithwa kwegazi … [kanye] nendlala, nesifo, nokuzamazama komhlaba” (IMfundiso neziVumelwano 87:6), iseluleko esikulesi sambulo singasebenza ezingozini zomoya esibhekana nazo ezinsukwini zokugcina. Yiziphi “izindawo zakho zobungcwele” (ivesi 8) lapho uthola khona ukuthula nokuphepha? Yini eyenza indawo ibe nobungcwele? Ngaphezulu kwezindawo ezibonakalayo, mhlawumbe kukhona izikhathi ezingcwele, amasiko angcwele, noma imicabango engcwele okungaletha ukuthula. Kuqonde ukuthini “ukunganyakaziswa” kulezi zindawo?

Bheka futhi uHenry B. Eyring, “A Home Where the Spirit of the Lord Dwells,” Ensign noma iLiahona, Meyi 2019, 22-25; Saints, 1:163-64; “Peace and War,” Revelations in Context, 158-64.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 85:6.Ungawufundisa kanjani umndeni wakho ukuthi uqaphele izwi elithulile, elincane likaMoya? Mhlawumbe ningadlala umdlalo lapho omunye engahlebela umlayezo obalulekile phakathi nomsindo ophazamisayo. Yikuphi okungasiphazamisa ekuzweni uMoya oNgcwele? Mhlawumbe umndeni wakho ungabelana ngokuthi yini abayenzayo ukuzwa izwi loMoya.

IMfundiso neziVumelwano 86.Ukudweba noma ukubuka izithombe kungasiza umndeni wakho uqonde isifaniso sakolweni kanye nohlula. Ungafuna ukuqala ngezithombe zezinto ezichazwe kuMatewu 13:24-30. Umndeni wakho ungalebhela izithombe ngezincazelo ezikwiMfundiso neziVumelwano 86:1-7. Ngabe sifana kanjani nokolweni? Singaba kanjani njengezingelosi ezihlanganisa ukolweni?

IMfundiso neziVumelwano 87:8.Yethula ingxoxo mayelana nokuthi uzolenza kanjani ikhaya lakho indawo enobungcwele, ungamema amalunga ukuba adwebele umuntu othanda uMsindisi ikhaya. Lokhu kungaholela emaswini okuthi “ungalisongoza” kanjani ikhaya lakho ulenze libe yindawo yokuthula phakathi kwezingozi zomoya emhlabeni. Amahubo anjengo “Love at Home,” “Home Can Be a Heaven on Earth” (Hymns, izinombolo. 294, 298), noma “Where Love Is” (Children’s Songbook, 138-39) angakunika amasu.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Where Love Is,” Children’s Songbook, 138-39.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Sebenzisa ubuciko bakho. Ngesikhathi ufundisa umndeni wakho ezincwadini ezingcwele, ungazinqumeli ukuba usebenzise imibuzo nemisebenzi okunikeziwe kulolu hlaka kuphela. Yekela lamasu alethe inhlansi ebucikweni bakho. Cabanga ngokuthi yikuphi okungathokozelwa umndeni wakho nokuthi yikuphi okungawusiza uthole ukuxhumana phakathi kwezincwadi ezingcwele kanye nezimpilo zabo.

Isithombe
insimi yakolweni

INkosi yasebenzisa umfanekiso wakolweni kanye nokhula ukutshengisa ukuthi abantu Bakhe bazohlanganiswa kanjani ezinsukwini zokugcina.

Shicilela