IMfundiso neziVumelwano 2021
Agasti 9–15. IMfundiso neziVumelwano 88: “Misani … Indlu kaNkulunkulu”


“Agasti 9–15. IMfundiso neziVumelwano 88: ‘Misani … Indlu kaNkulunkulu,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Agasti 9–15. IMfundiso neziVumelwano 88,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
igumbi elinezihlalo namabhentshi

Agasti 9–15

IMfundiso neziVumelwano 88

“Misani … Indlu kaNkulunkulu”

UMongameli uRussell M. Nelson wathi, “Ngiyethembisa ukuthi ngesikhathi usebenza ngokukhuthala ukushintsha ikhaya lakho kube ngelokufunda ivangeli, … umthelela wesitha empilweni yakho kanye nase khaya lakho uzoncipha” (“Becoming Exemplary Latter-day Saints,” i-Ensign noma iLiahona, ngoNovemba 2018, 113).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Kaningi iNkosi isinikeza amazwibela amancane “ngobukhosi nangamandla” Akhe angenamkhawulo (IMfundiso neziVumelwano 88:47) ngezambulo ezinkulu kubaphrofethi Bakhe. IMfundiso neziVumelwano 88 iyisambulo esinjalo—ngesokukhanya nenkazimulo nemibuso engenza okuningi okusihluphayo kwasemhlabeni kubonakale kungasho lutho ngokuqhathanisa. Ngisho singangakwazi ukukuqonda konke iNkosi esifundisa kona, kepha siyakwazi ukubona ukuthi kuningi okukhona kwiphakade kunalokhu esikuqondayo manje. INkosi ayikhulumanga ngalezi zimfihlakalo ezinkulu ukusesabisa noma ukusenza sizizwe sibancane. Empeleni wathembisa ukuthi, “Usuku luyofika lapho niyoqonda ngisho uNkulunkulu” (ivesi 49; amagama atshekileyo afakiwe). Mhlawumbe kwakungenxa yalobu bukhulu obuzayo ukuthi iNkosi yanxusa abaNgcwele Bayo eKirtland ukuthi bakhe Isikole sabaPhrofethi. “Zihleleni,” kwasho Yona. “Lungisani konke okudingekayo; futhi nimise … indlu kaNkulunkulu” (ivesi 119). Ngoba kungaphakathi kwendlu kaNkulunkulu engcwele—nasemakhaya ethu—lapho engakwazi khona ukuphakamisa umbono wethu ngaphezu kwalomhlaba ofayo, “[asambulele] ubuso bakhe,” asilungiselele “ukubekezelela inkazimulo yesilestiyali” (amavesi 68, 22).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 88

INkosi isinikeza ithemba nokuthula.

Emva kwezinsuku isexwayiso sokuthi impi “izothululwa phezu kwezizwe zonke” (IMfundiso neziVumelwano 87:2), iNkosi yanika uJoseph Smith isambulo esibizwa ngokuthiwa “‘iqabunga lomnqumo’ … elikhiwe eMthini waseParadisi, umlayezo weNkosi wokuthula kithi” (IMfundiso neziVumelwano 88, isihloko sesigaba). Lesi sambulo sifana kanjani neqabunga lomnqumo, okuwuphawu olwejwayelekile lokuthula na? (bheka ku Genesise 8:11). Yimaphi amaqiniso akulesi sigaba akusiza uzizwe unethemba kanye nokuthula kuKristu?

IMfundiso neziVumelwano 88:6-67

Ukukhanya nomthetho kuvela kuJesu Kristu.

Amagama athi ukukhanya umthetho aphindwe kaningi esigabeni 88. Lamagama asetshenziswe kweminye imibhalo engcwele ukuchaza uJesu Kristu nevangeli Lakhe (isibonelo, bheka u-Isaya 60:19; uJohane 1:1–9; u3 Nefi 15:9). Maka noma qaphela amavesi lapho othola khona lamagama kwi Mfundiso neziVumelwano 88:6–67, bese ubhala phansi ukuthi ufundani ngoMsindisi, ukukhanya, kanye nomthetho. Lamavesi angakukhuthaza ukuthi wenze ushintsho empilweni yakho ukuze ukwazi ukuthi uthole ukukhanya futhi uphile “umthetho kaKristu” ngokwethembeka (ivesi 21).

Bheka futhi uSharon Eubank, “Christ: The Light That Shines in Darkness,” kwi–Ensign noma iLiyahona, Meyi. 2019, 73-76.

Isithombe
umndeni ufunda imibhalo engcwele

Imibhalo engcwele iqukethe umthetho kaKristu.

IMfundiso neziVumelwano 88:62–126

Lungisani konke okudingekayo.

Ngezinye izindlela, siphila esikhathini iNkosi eyasichaza lapho khona “zonke izinto ziyoba yisiyaluyalu; futhi nakanjani, abantu bayophela amandla” (IMfundiso neziVumelwano 88:91). Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 62–126, cabanga ukuthi isiyalo seNkosi singakusiza kanjani ukuthi ulungiselele Ukuza Kwesibili kukaMsindisi. Nansi imibuzo eningayicabanga:

Amavesi 62–76.Ngesikhathi udlinza ngalamavesi, yikuphi okhuthalele ukukwenza ukuze “usondele eduze” kukaNkulunkulu na? (ivesi 63). Cabanga ngomyalo weNkosi othi “zingcweliseni” ukuthi ungasho ukuthini kuwe (ivesi 68).

Amavesi 77–80, 118–26.Kungani “kufanele niziqonde” izifundo kanye nezimfundiso zesikhashana na? (ivesi 78). Usilandela kanjani iseluleko sokuthi “funani ukuthola ulwazi”? (ivesi 118). Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuthola ulwazi, “ngisho ngokufunda futhi nangokukholwa”?

Amavesi 81–116.Cabanga ukubhala iziphrofetho ngoKuza Kwesibili kukaMsindisi eziku lamavesi. Ucabanga ukuthi yingani iNkosi ifuna wazi ngalamavesi na?

Amavesi 117–26.Cabanga ukufunda lamavesi ucabanga ngethempeli; yikuphi okuthola lapha okungakusiza ulungiselele ukungena endlini yeNkosi na?

­

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 88:14–33, 95–101.Yikuphi esikufundayo ngoVuko kulamavesi na? Lamaqiniso angaba nomthelela onjani ezinqumweni esizithathayo na?

IMfundiso kanye neziVumelwano 88:33.Ungaqala ingxoxo ngalelivesi ngokucela amalungu omndeni wakho ukuthi akhulume ngezipho aphiwe zona—lezo abazithola ngenjabulo kanye nezinye abangazitholanga. Singayikhombisa kanjani iNkosi ukuthi siyasijabulela isipho senkazimulo yesilestiyali asiphe sona na? Sijabula kanjani “kulowo opha izipho”?

IMfundiso neziVumelwano 88:63, 68.Lamavesi aqukethe isenzo esithile esingakukhuthaza ukuthi ucabange izindlela ezintsha zokufundisa abantwana bakho ngomlayezo okulamavesi. Isibonelo, ungadlala umdlalo wokucasha ukuze ukhulume ngomusho othi “ngifuneni ngokukhuthala nizongi fumana” (ivesi 63; amagama atshekile afakiwe).

IMfundiso neziVumelwano 88:81.Njengomndeni khombani ezinye zezimpawu zezexwayiso ezingaphakathi naseduze kwekhaya lakho, njengezexwayiso emithini ephuzwayo noma izexwayiso zezimpawu zomgwaqo zabashayeli. Zinisiza kanjani lezi zexwayiso na? Yikuphi lokhu uBaba oseZulwini afuna “sixwayise umakhelwane [wethu]” ngakho?

IMfundiso neziVumelwano 88:119.Ukugqugquzela umndeni wakho ukwenza ikhaya lakho lifane nencazelo eku vesi 119, zama into ekanjena: bhala imishwana evela kuleli vesi emapheshaneni bese uyisebenzisa ukumboza isithombe sethempeli. Fundani IMfundiso neziVumelwano 88:119 ndawonye, ebese uyekela amalungu omndeni asuse ipheshana ngalinye uma bezwa umusho ohambelana nalo kulelivesi. Yikuphi esingakwenza ukuze ikhaya lethu libe “indlu kaNkulunkulu”? (ivesi 119).

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Nearer, My God, to Thee,” Hymns, no. 100.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Vumelani abantwana baveze ukuhlakanipha kwabo. Uma umema abantwana bakho ukuthi benze okuthile okuqondene nomgomo wevangeli, awugcini nje ngokubasiza ngokuthi bawuqonde kangcono lomgomo, kodwa ubanikeza isikhumbuzo esibonakalayo salokho abakufundile, (bheka encwadini othi Teaching in the Savior’s Way,25).

Isithombe
UJesu nabafundi

UJesu Kristu usinika ukuthula. Ukuthula Ngikushiya Kini, nguWalter Rane

Shicilela