IMfundiso neziVumelwano 2021
Agasti 16–22. IMfundiso neziVumelwano 89-92: “Umgomo Onesithembiso”


“Agasti 16–22. IMfundiso neziVumelwano 89-92: ‘Umgomo Onesithembiso,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Agasti 16–22. IMfundiso neziVumelwano 89-92,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
owesilisa nowesifazane benza ukudla

Agasti 16–22

IMfundiso neziVumelwano 89-92

“Umgomo Onesithembiso”

Funda ngomkhuleko iMfundiso neziVumelwano 89-92, bese ubhala phansi imizwa yomoya oyitholayo. Yiba nozwelo ngendlela “uMoya [okubonakalisa] ngayo iqiniso” ngesikhathi ufunda (IMfundiso neziVumelwano 91:4).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Esikoleni sabaPhrofethi, uMphrofethi uJoseph Smith wafundisa amagosa akwa-Israyeli mayelana nokwakha uMbuso kaNkulunkulu emhlabeni. Babexoxisana ngamaqiniso womoya, bakhuleke ndawonye, bazile ukudla, belungiselela ukushumayela ivangeli. Kodwa kwakukhona okwakukhona ngalesi simo okungabukeka kungejwayelekile kuthina namhlanje, futhi kwakungabukeki kukuhle naku-Emma Smith. Phakathi nomhlangano, amadoda ayebhema, futhi ahlafune ugwayi, okwakujwayelekile ngaleso sikhathi, kodwa wawungcolisa indawo yaphansi endlini ibe mnyama bese ishiye iphunga emoyeni. U-Emma wabelana ngokuthinteka kwakhe noJoseph, futhi uJoseph wabuza iNkosi. Umphumela kwaba isambulo esadlula ngaphezulu kokubhema kanye namabala ogwayi. Sanikeza Amakholwa, eminyakeni elandelayo, “umgomo onesithembiso”—izethembiso zempilo yomzimba, “ukuhlakanipha,” kanye “nengcebo eminingi yolwazi” (IMfundiso neziVumelwano 89:3, 19).

­

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 89

Izwi lokuHlakhanipha “lingumgomo onesithembiso.”

Ngesikhathi amagosa eSikoleni sabaPhrofethi ezwa uJoseph Smith efunda Izwi lokuHlakanipha okokuqala, “alahla amapayipi kanye nezivimbo zokuhlafuna ugwayi emlilweni ngokushesha” (Saints, 1:168). Ngaleso sikhathi, Izwi lokuHlakanipha lalibonakala njengesiqaphelo kunokuba kube umyalelo, kodwa babefuna ukutshengisa ukuzimisela kwabo ekuhlonipheni. Mhlawumbe “usuzilahlile” empilweni yakho zonke izinto Izwi lokuHlakanipha elixwayisa ngazo, kodwa yikuphi okunye ongakufunda kulesi ambulo? Cabanga lamasu:

  • Bheka imishwana obungakayiqapheli—noma uyicabangisise kahle—ngaphambilini. Yikuphi okufundayo kuyona?

  • IMfundiso neziVumelwano 89 ifaka izethembiso ezimbalwa (bheka 18-21). Uma ucabanga ziqonde ukuthini lezi zethembiso?

  • Yikuphi okufundiswa yilesi sambulo ngeNkosi?

  • Yiziphi izibonelo osuzibonile “zokubi nemisongoza … ezinhliziyweni zabantu abahlela okubi”? (uvesi 4).

  • Cabanga ngalesi sambulo “njengomgomo onesithembiso” (uvesi 3)—ukubekezelela amaqiniso ahola ukwenza isinqumo—hhayi nje uhla lwezinto okumele zenziwe nokungamele zenziwe. Yimiphi imigomo oyitholayo engahola izinqumo zakho?

Abaphrofethi banamuhla basixwayisile nabo ngezinto eziyingozi kanye nezindlela zokuziphatha ezingaphezulu kwalezo ezibaliwe kwiZwi lokuHlakanipha. Yikuphi okukhuthazwe ukuthi ukwenze ukunakekela ingqondo nomzimba wakho kahle?

Bheka futhi Daniyeli 1; 1 AbaseKhorinte 6:19-20; topics.ChurchofJesusChrist.org; addictionrecovery.ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
abafana begijima olwandle

Izwi lokuHlakhanipha lisifundisa ukunakekela imizimba yethu.

IMfundiso neziVumelwano 90:1-17

UbuMongameli bokuQala bubambe “izikhiye zombuso.”

Kwi sahluko 90, iNkosi yanika umyalezo mayelana “nokusiza nobumongameli” (uvesi 12) bukaJoseph Smith, uSidney Rigdon, kanye noFrederick G. Williams—amalunga alokhu esikubiza ngobuMongameli bokuQala manje. Ufundani mayelana nobuMongameli bokuQala kulamavesi 1-17? Bheka imiyalezo emisha ephuma emalungeni obuMongameli bokuQala. Ngabe amazwi abo “ambula kanjani izimfihlakalo zombuso” kuwena? (uvesi 14). Ngabe “azibeka kanjani emgqeni izindaba zebandla nombuso”? (uvesi 16).

­

IMfundiso kanye neziVumelwano 90:24

“Zonke izinto ziyosebenza ndawonye ngokulungele [mina].”

Cabangisisa nganoma yisiphi isipiliyoni osuke waba naso esifakaza ngesithembiso seNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 90:24. Cabanga ngokubhala phansi izipiliyoni zakho bese wabelana ngazo elungeni lomndeni noma othandiweyo—mhlawumbe komunye odinga ukuqinisekiswa noma ukukhuthazwa. Uma kukhona izibusiso osazilindile, cabanga ukuthi ungenza njani ukuhlala uthembelile ngesikhathi ulindile ukubona “zonke izinto zizosebenza kanjani ndawonye ngokulungele wena.”

IMfundiso neziVumelwano 90:28–31

Kwakungubani uVienna Jaques?

UVienna Jaques wazalwa ngoJuni 10, 1787, eMassachusetts. Owesifazane wokholo owayenesimo semali esihle, uVienna wahlangana nabefundisi okokuqala ngo-1831. Emva kokuthola ubufakazi bomoya wokuthi umyalezo wabo wawuyiqiniso, wahamba ukuyohlangabezana noMphrofethi eKirtland e-Ohio, lapho abhabhadiselwa khona.

UVienna wahlonipha iseluleko seNkosi kuyena kwiMfundiso neziVumelwano 90:28–31. Ukuzinikela kwakhe eNkosini, okubalwa phakathi iminikelo ayenza ngaphambilini eKirtland, kwafika ngesikhathi esibalulekile eBandleni, ngesikhathi abaholi babezama ukuthenga umhlaba lapho iThempeli laseKirtland lalizokwakhiwa khona. Uvienna “wayethembekile, futhi … engavilaphi” empilweni yakhe yonke futhi wakwazi “ukuhlala kahle ngokwethula” (uvesi 31) eSalt Lake Valley, lapho ashonela khona eneminyaka engama-96.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 89.Amalunga omndeni wakho angase akujabulele ukudweba noma ukuthola izithombe zokudla kanye nezinye izinto ezibaliwe kwiMfundiso neziVumelwano 89. Ningabe senidlala umdlalo—amalunga omndeni angashintshana ekukhetheni izithombe ngokungalandelani, babeke izinto okungamele sizisebenzise emgqomeni kanye nezinto okumele sizisebenzise epletini. Ngabe lezi zithembiso kulamavesi 18–21 zigcwaliseke kanjani ezimpilweni zethu na?

Ukufunda “Physical and Emotional Health” kwi For the Strength of Youth (25-27) kungakhuthaza ukuxoxisana mayelana ngezinye izindlela zokunakekela impilo yethu kanye nezibisiso uNkulunkulu azithembisayo.

IMfundiso neziVumelwano 90:5.Khulumani ngokuthi “nizithola kanjani izambulo [izambulo noma abaphrofethi] zikaNkulunkulu.” Singatshengisa kanjani ukuthi akasiyo “into encane” kuthina?

IMfundiso neziVumelwano 91.Ningaxoxisana ngokuthi iseluleko seNkosi mayelana ne-Aphokhripha (bheka amavesi 1-2) ihambisana kanjani nezokusakaza umndeni wakho obhekana nazo namhlanje. Ningaphinde nabelane ngezehlakalo zenu ngesikhathi “ukukhanyiselwa koMoya” (kuvesi 5) kwanisiza nihlukanise phakathi kweqiniso namanga.

IMfundiso neziVumelwano 92:2.Kuqonde ukuthini ukuba “yilunga eliphilayo” leBandla?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “The Lord Gave Me a Temple,” Children’s Songbook, 153.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Sebenzisa okuhlukahlukene Bheka izindlela ezahlukahlukene ongabandakanya ngayo umndeni wakho ukufunda imibhalo engcwele ningumndeni. Isibonelo, amalunga omndeni angacula amaculo angamahubo noma amaculo abantwana aqondene nalelivesi, badwebe izithombe zalokhu abakufundile, noma bafinqe ivesi ngamazwi abo.

Isithombe
izithelo nemifino

“Bonke abangcwele … abenza lokhu okushiwoyo, behamba ngokuhlonipha imiyalelo, bayofumana impilo enkabeni yabo nomkantsha emathanjeni abo” (IMfundiso neziVumelwano 89:18).

Shicilela