IMfundiso neziVumelwano 2021
Septhemba 20–26. IMfundiso neziVumelwano 106–108: “Ukuvulelwa Amazulu”


“Septhemba 20–26. IMfundiso neziVumelwano 106–108: ‘Ukuvulelwa Amazulu,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Septhemba 20–26. IMfundiso neziVumelwano 106-108,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
ilanga likhanya emafini

Septhemba 20–26

IMfundiso neziVumelwano 106–108

“Ukuvulelwa Amazulu”

Igosa u-Ulisses Soares wafundisa ukuthi, “Sidinga ukuhlala [kuMsindisi], sigxile emibhalweni engcwele, siyithokozele, sifunde imfundiso Yakhe, futhi sizame ukuphila ngendlela Yena aphila ngayo” (“How Can I Understand?kwi–Ensign noma iLiyahona, Meyi. 2019, 7). Ngesikhathi ugxila kwi Mfundiso neziVumelwano 106–8, bhala izindlela ongazama ngazo ukuphila amaqiniso owatholayo.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Uma ubuka kokuqala, IMfundiso neziVumelwano 107 ingabukeka ikhuluma ngokuhlela amahhovisi obuphristi kuphela ukuba abe uhlelo lobuholi beBandla leNkosi. Nangempela, ngesikhathi lesi sambulo sishicilelwa, amalungu eBandla ayekhula ngaphezulu kwamandla abaphathi ababekhona. Ngakho-ke ukucacisa indima nomsebenzi wobuMongameli bokuQala, uMgwamanda wabaliShumi namBili, abangamaShumi ayisiKhombisa, obhishobhu, nomgwamanda wobumongameli kwakudingeka ngempela. Kepha kuningi okunye okuhambisana nomyalezo ongcwele kwi sigaba 107 kunokuthi kuhlelwe kanjani amahhovisi obuphristi nemigwamanda nje qha. Lapha iNkosi ifundisa ngohlelo lobuphristi oludala “[o]lwamiswa ezinsukwini zika-Adamu” (ivesi 41). Inhloso yalo kusukela ekuqaleni bekungukuthi kwenzeke ukuba abantwana baNkulunkulu—ngisho nawe—bathole izimiso zensindiso zevangeli futhi bejabulele “zonke izibusiso zikamoya zebandla—ukuba nelungelo lokuthola izimfihlakalo zombuso wasezulwini, futhi bavulelwe amazulu” (amavesi 18-19).

Bheka ku “Restoring the Ancient Order,” Revelations in Context, 208–12.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 106108

INkosi iyabayala, ibagqugquzele, futhi ibasekele labo ebabizayo ukuba bezosebenza.

Kwi Mfundiso neziVumelwano 106 naku 108, iNkosi inikeza umyalo nezethembiso kwamalungu amabili ayebizelwe ukusebenza eBandleni. Yimaphi amagama kulezi zambulo akugqugquzelayo nakufundisayo ngomsebenzi wakho eMbusweni kaNkulunkulu? Nawa amabili ongacabanga ngawo:

Yimaphi amanye amagama acashunwe kwi sigaba 106 naku 108 asho okuthile kuwe?

Bheka futhi kuRussell M. Nelson, “Ministering with the Power and Authority of God,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Meyi 2018, 68–75; “Warren Cowdery,” Revelations in Context, 219–23; “‘Wrought Upon’ to Seek a Revelation,” Revelations in Context, 224–28.

IMfundiso neziVumelwano 107

INkosi ihola iBandla Layo ngegunya lobuphristi.

Njengoba usufunde ngokuBuyiselwa kweVangeli, kufanele ukuthi usunakile ukuthi iNkosi ayivamisile ukuchaza yonke imfundiso kwisambulo esisodwa. Kunalokho, Yembula izinto “umugqa phezu komugqa”(IMfundiso neziVumelwano 98:12) ngesikhathi izimo zikudinga. Noma iNkosi yayinikeze umiyalo mayelana nobuphristi ngonyaka ka-1829, (bheka, isibonelo, isigaba 20 no 84), Yanezelela ngeminye imiyalo ngonyaka ka-1835 mayelana namahhovisi obuphristi adingekayo ukuphatha nokuhola umhlambi Wakhe okhulayo.

Ngesikhathi ufunda ngalamahhovisi obuphristi alandelayo, cabanga ngokuthi ungabasekela kanjani laba abasebenza kulolubizo “ngokuzethemba, ngokholo, [nangemi]mkhuleko” (IMfundiso neziVumelwano 107:22).

IMfundiso neziVumelwano 107:1-20

Izimiso zobuphristi zinika izibusiso zomoya nezesikhashana kubo bonke abantwana baBaba oseZulwini.

Igosa uNeil L. Andersen wafundisa ukuthi: “Ubuphristi amandla negunya likaNkulunkulu okunikezelwe insindiso nokubusisa bonke—amadoda, abesifazane, nabantwana. … Uma sifanelekile, izimiso zobuphristi zigcwalisa izimpilo zethu lapha emhlabeni futhi zisilungiselele izithembiso ezinhle zomhlaba ozayo” (“Power in the Priesthood,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Nov. 2013, 92). Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 107:1-20 (bheka ikakhulukazi amavesi 18-20) nomyalezo weGosa u-Anderson osele, cabanga ngokubhala imizwa oyitholayo mayelana nendlela uNkulunkulu agcwalisa ngayo impilo yakho emhlabeni futhi akulungiselele ngayo ingunaphakade. Ngabe yikuphi okwenzayo ukuze uthole kakhulu—futhi usiza abanye bathole—lezo zibusiso na?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 84:19–27; kuDallin H. Oaks, “The Keys and Authority of the Priesthood,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Meyi 2020, 69–72.

IMfundiso neziVumelwano 107:41-57

Ubuphristi bubusisa imindeni.

U-Adamu wayefuna inzalo yakhe ibusiseke ngobuphristi. Wathola ziphi izethembiso na? (bheka emavesini 42, 55). Ngesikhathi ucabanga ngalokho okwenziwa ngu-Adamu, cabanga ngokufisela umndeni wakho ukuba ujabulele izibusiso zobuphristi. Yikuphi ogqugquzeleka ukuba ukwenze ukusiza umndeni wakho uthole lezi zibusiso na?

Isithombe
U-Adamu ebusisa inzalo yakhe

U-Adamu Ebusisa Inzalo Yakhe, nguClark Kelley Price

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 106:6.Umndeni wethu ungenzani ukudala “injabulo ezulwini”?

IMfundiso neziVumelwano 107:22.Yikuphi na esikwenzayo ukusekela abaholi bethu “ngokuzethemba, ngokholo, nangomkhuleko”?

IMfundiso neziVumelwano 107:27-31, 85.Imigomo ehola imikhandlu eBandleni ingasisiza ukuthi nathi sibonisane ndawonye njengomndeni. Ngabe yimiphi imigomo kulamavesi esingayisebenzisa kumkhandlu womndeni? (Bheka ku M. Russell Ballard, “Family Councils,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Meyi 2016, 63–65.)

IMfundiso neziVumelwano 107:99-100.Nikeza ilungu lomndeni imiyalo ebhalwe phansi yomsebenzi wasendlini, bese ulicela likhethe indlela yokuwenza lowomsebenzi: ngokuzimisela, ngokuvilapha, noma ngokungayifundi imiyalo. Dedela amanye amalungu omndeni alibuke lenza umsebenzi bese beqagela ukuthi likhathe yiphi indlela. Bese unikeza amanye amalungu ithuba. Kungani iNkosi idinga sifunde imisebenzi yethu futhi siyenze ngokuzimisela? (Bheka kuBecky Craven, “Careful versus Casual,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Meyi 2019, 9–11.)

IMfundiso neziVumelwano 108:7.Singaqinisana kanjani ezingxoxweni zethu? emikhulekweni yethu? ekuceleni kwethu, noma kugqozi? kukho konke esikwenzayo? Ungakhetha okukodwa kwalokhu ukuba nikusebenze njengomndeni?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “We Listen to a Prophet’s Voice,” Hymns, no. 22.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bhala Okufika Emqondweni Wakho Ngesikhathi uthola imiyalezo yomoya, yibhale phansi. Ngesikhathi wenza lokho, ukhombisa uNkulunkulu ukuthi uyakuthokozela ukuholwa Nguye. (Bheka ku Teaching in the Savior’s Way, 1230.)

Isithombe
UMelkisedeki ubusisa u-Abrahama

UMelkisedeki ubusisa u-Abrahama, nguWalter Rane

Shicilela