IMfundiso neziVumelwano 2021
Septhemba 27–Okthoba 3. IMfundiso neziVumelwano 109–110: “Yindlu Yakho, Indawo Yobungcwele Bakho.”


“Septhemba 27–Okthoba 3. IMfundiso neZivumelwano 109–110: ‘Yindlu Yakho, Indawo Yobungcwele Bakho,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Septhemba 27–Okthoba 3. IMfundiso neziVumelwano 109-110,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
iThempeli laseKirtland

iThempeli laseKirtland nguJon McNaughton

Septhemba 27–Okthoba 3

IMfundiso neziVumelwano 109-110

“Yindlu Yakho, Indawo Yobungcwele Bakho”

Ekhuluma nge Mfundiso neziVumelwano 109:24-28, Igosa uDavid A. Bednar wathi, “Ngiyanimema ukuba nifunde niphindaphinde futhi nizindle ngomkhuleko umthelela walemibhalo engcwele ezimpilweni zenu nasemndenini yenu” (“Honorably Hold a Name and Standing,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Meyi 2009, 99). Cabanga ngalesi simemo ngesikhathi ufunda.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Iminyango yaseThempelini laseKirtland kwakungamele ivulwe kuze kube ngu-8:00 ekuseni ngoMashi 27, 1836. Kepha abaNgcwele ababefisa ukuhlanganyela emhlanganweni wokulinikela eNkosini baqala ukuma ulayini ekuseni ngo-7:00. Ngesikhathi izindawo zokuhlala zigcwaliswa yilabo abazokhonza ngokushesha, uJoseph Smith wanikeza umbono wokuba kuvulwe nakwenye indawo. Ngesikhathi kugcwala lapho, kwahlelwa ingxenye yesibili. Futhi akubona kuphela abaphilayo ababezimisile ukuba khona. Ofakazi abaningi bafakazela ukuba babone izingelosi phakathi ethempelini kanye nakuphahla, ngesikhathi nasemuva kokunikelwa kwethempeli eNkosini. “Nangempela kwabukeka sengathi “amabutho asezulwini” ayezile “ukuzocula futhi amemeze” nabaNgcwele bezinsuku zokGcina (“The Spirit of God,” Hymns, no. 2).

Kungani kujatshulwa—emacaleni womabili esihenqo na? Isethembiso sokuthi abaNgcwele “bezophiwa amandla avela phezulu” ngesinye isizathu sokuba behlanganyele e-Ohio ekuqaleni (IMfundiso neziVumelwano 38:32.). Futhi zinkulu izinto ezazithenjiselwe ikusasa. “Lesi,” kwasho iNkosi, “yisiqalo sesibusiso esiyothululwa kuwo amakhanda abantu bami.” (IMfundiso neziVumelwano 110:10.). Isikhathi esiphila kuso manje—nomsebenzi osheshiswayo wasethempelini kanye nezimiso ezitholwa abaningi abaphilayo nabafile—kwaqala eKirtland, ngesikhathi “isihenqo esimboze umhlaba siqala ukuqhuma” (“The Spirit of God”).

Bheka futhi ku Saints, 1:232-41; “A House for Our God,” Revelations in Context, 169-72.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 109

INkosi ifuna ukungibusisa endlini Yayo engcwele.

Ngezinye izindlela, iThempeli laseKirtland lihlukile kunamathempeli esiwaziyo namuhla. Ayengekho ama-altare nendawo yombhabhadiso, kanye nezimiso ezifana nokubhabhadiselwa abangasekho nokubopha ifindo laphakade zazingakabuyiselwa. Kepha izibusiso ezichaziwe kwi sigaba 109, umthandazo wokunikela iThempeli laseKirtland,yizibusiso esizithola endlini yeNkosi namuhla. Bheka lamavesi alandelayo ukuthola ezinye zalezibusiso. Ngesikhathi ufunda ngazo, zindla ngokuthi kungani zibalulekile kuwe nomndeni wakho.

Amavesi 5, 12–13 (bheka futhi kwi Mfundiso neziVumelwano 110:6–8): Ethempelini iNkosi ingaziveza kithi futhi singawezwa amandla Ayo.

Amavesi 9, 17–19, 26, 78–79: EThempeli sithatha igama leNkosi.

Amavesi 22–23: Ngesikhathi senza futhi sigcina imiyalelo yasethempelini, iNkosi izosibusisa ngamandla okwenza umsebenzi Wayo.

Amavesi 24–33: Ngesikhathi sihamba ithempeli ngokufanelekile, singathola ukuvikeleka okuvela eNkosini.

Ezinye izibusiso:

Ngabe yikuphi oyalwa nguMoya ukuba ukwenze ukuze uthole lezi zibusiso?

IMfundiso neziVumelwano 109

Umkhuleko wokunikela waseThempelini laseKirtland ungangifundisa ngomkhuleko.

Isigaba 109 umkhuleko wokunikela owathulwa kuJoseph Smith ngesambulo (bheka isihloko sesigaba). Yikuphi okufundayo ngomkhuleko kulesisigaba? Ngesikhathi uwufunda, ungacabanga ngemikhuleko yakho. Yikuphi okufika emqondweni wakho okungakusiza uthuthukise ukuxhumana kwakho noBaba oseZulwini? Isibonelo, ngabe uMprofethi ukhulekele ini kulo mkhuleko?

IMfundiso neziVumelwano 110:1-10

INkosi ingaziveza kimi ethempelini.

Uzizwa kanjani ngoMsindisi emuva kokufunda Mfundiso neziVumelwano 110: 1–10? Uziveze kanjani kuwe ethempelini? Ukwazisa ngaziphi izindlela ukuthi Uyayamukela imizamo neminikelo yakho?

Isithombe
Ngaphakathi kweThempeli laseKirtland

Ecaleni ngalinye leThempeli laseKirtland kukhona amapulupithi asetshenziswa ngabaholi bebandla.

IMfundiso neziVumelwano 110:11-16

Izikhiye ezidingakalayo ukufeza umsebenzi kaNkulunkulu zikhona eBandleni namuhla.

Ukuqonda izikhiye zobuphristi lezo uMose, u-Eliyasi no-Eliya abazinika uJoseph Smith no-Oliver Cowdery eThempelii laseKirtland, ungafunda umyalezo weGosa uQuentin L. Cook “Prepare to Meet God” (kwi-Ensign noma kwi Liyahona, Meyi 2018, 114–17). IGosa uCook wachaza indlela lezi zikhiye zihambisana ngayo nomsebenzi weBandla namuhla. Ungase futhi ucabange ukufunda ngalabaphrofethi basemandulo ngokuthi ufunde “uMose,” “u-Eliyasi,” kanye no “Eliya” kwi Guide to the Scriptures (scriptures.ChurchofJesusChrist.org). Cabanga ukuthi ungenzani ukusiza emsebenzini ohlobene nalezi zikhiye.

Bheka futhi ku Henry B. Eyring, “He Goes before Us,” kwi-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2020, 66–69.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 109.Ningumndeni, tholani amavesi esigabeni 109 anigqugquzela ukuba nichithe isikhathi esiningi ethempelini (isibonelo, bheka amavesi abhalwe ngaphansi “[Kw]amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele”). Xoxani ngalokho eningakwenza okushiwo nguMongameli uRussell M. Nelson: “Thola indlela yokwakha isikhathi neNkosi—ukuba seNdlini Yayo engcwele—bese uyasigcina leso sikhathi ngeqiniso nangentokozo” (“Becoming Exemplary Latter-day Saints,” kwi-Ensign noma kwi-Liyahona, Nov. 2018, 114). Uma wena noma umndeni wakho ningakaze niye ethempelini, ningavakashela temples.ChurchofJesusChrist.org ukuzilungiselela ukuthi niye.

IMfundiso neziVumelwano 109:78-80.Iculo elithi “The Spirit of God” (Hymns, no. 2) labhalelwa ukunikelwa kweThempeli laseKirtland—futhi seliculwe kuyo yonke imihlangano yokunikela ithempeli. Ningase nilicule ndawonye leliculo futhi nithole amagama aqinisa ukubonga kwakho ngamathempeli ezinsuku zokugcina. Engabe leliculo lihlangana kanjani nomyalezo we Mfundiso neziVumelwano 109:78-80 na?

Ungathola umkhuleko wokunikela ithempeli eliseduzane nawe lapha temples.ChurchofJesusChrist.org.

IMfundiso neziVumelwano 110.Ngesikhathi amalungu omndeni wakho efunda isigaba 110 futhi ebheka isithombe ekugcineni kwaloluhlelo, bameme ukuba bacabange ngokuthi bengazizwa kanjani uma bebengabakhona noJoseph Smith no-Oliver Cowdery eThempelini laseKirtland. Nikeza umndeni wakho ithuba lokwabelana ukuthi bazizwa kanjani ngoMsindisi.

IMfundiso neziVumelwano 110:15.“Yikuphi okungasiza “kuphenduke izinhliziyo” zabantwana bakho kokhokho babo? Ungathola amasu amnandi ku FamilySearch.org/discovery Ningasebenzisana ndawonye ukuthola okhokho abadinga izimiso zasethempelini futhi nihlele ukuzenza lezozimiso ethempelini. Ningase futhi nixoxe ngokuthi umsebenzi owabuyiswa ngu-Eliya eThempelini laseKirtland ukhuphula kanjani uthando onalo lokhokho bakho.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “The Spirit of God,” Hymns, no. 2.

Isithombe
uphawu lobufakazi ngokubuyiselwa

Amazwi Okubuyiselwa Kwevangeli

Imibono yoMoya neThempeli laseKirtland

Isithombe
Ukunikelwa kweThempeli laseKirtland

Njengomlilo Ovuthayo, nguGlen S. Hopkinson

Ngezansi ngamazwi abaNgcwele bezinsuku zokuGcina ababeseThempelini laseKirtland ngesikhathi linikelwa nangesikhathi semihlangano eyalandela emva kwalokho. Abaningi baqhathanisa abakubona nalokho okwazwiwa abaNgcwele basemandulo ngesikhathi “bephiwa amandla avela phezulu” ngosuku lwePhentekoste (ngokukaLuka 24:49; bheka futhi Izenzo 2:1–4; IMfundiso neziVumelwano 109:36–37).

u-Eliza R. Snow

“Nokho, imicimbi yomhlangano wokunikela yayilungiselelwe, kepha alikho ulimi lwasemhlabeni olungachaza izibonakaliso zangalelosuku. Izingelosi zazivela kwabanye, bonke abanye ababekhona bezwa kukhona ubungcwele phakathi kwabo, futhi inhliziyo ngayinye yagcwala ‘intokozo engenakuchazeka futhi egcwele umbuso.’”1

uSylvia Cutler Webb

“Engikukhumbulayo ukunikelwa kwethempeli eNkosini. Ubaba wami wasigona wasitshela ukuthi kungani sasiya nokuthi kuchaza ukuthini ukunikela indlu kuNkulunkulu. Noma ngangisamncane ngaleso sikhathi, ngiyalukhumbula lolosuku. Ngiyakwazi uma ngibheka emuva kuleyo minyaka ngibone uJoseph Smith njengoba ngangimbona, emile nezandla zakhe zibheke phezulu ezulwini, ubuso bakhe bumhlophe, izinyembezi zehla ebusweni bakhe ngesikhathi ekhuluma ngalelosuku olukhulu. Baningi ababukeka bekhala. Indlu yayigcwele kangangokuthi abantwana babegonwe ngabadala; usisi wami wayegonwe ubaba, mina ngigonwe umama. Ngikhumbula ngisho izingubo esasizigqokile. Ingqondo yami kwakuyingqondo yengane ukuba ngikwazi ukuqondisisa ukubaluleka kwakho konke, kepha ngokuhamba kwesikhathi kwangicacela kakhulu, futhi ngibonga kakhulu ukuthi ngakwazi ukuba khona.”2

U–Oliver Cowdery

“Ebusuku ngahlangana nabaholi bebandla endlini yeNkosi. UMoya wathululeka—ngabona umbuso kaNkulunkulu, njengefu elikhulu, lehla lizohlala phezulu kwendlu, lagcwala futhi njengomoya onamandla. Ngabona nezilimi, ezinjengomlilo owehlela kwabaningi, … bakhuluma ngezinye izilimi futhi baphrofetha.”3

uBenjamini Brown

“Ziningi izibonakaliso ezabonwa. Oyedwa wabona umcamelo noma ifu lihlala phezu kwendlu, kukhanya njengelanga phezu kwefu elifana negolide. Ababili abanye babona abantu abathathu besemoyeni egunjini bephethe izikhiye ezikhanyayo ezandleni, kanye neketango elikhanyayo ezandleni zabo.”4

u-Orson Pratt

UNkulunkulu wayekhona, izingelosi zakhe zazikhona, uMoya oNgcwele wawungaphakathi ebantwini … futhi bagcwaliswa kusuka; ekhanda kuya ezithendeni ezinyaweni ngamandla nomthelela kaMoya oNgcwele.”5

uNancy Naomi Alexander Tracy

“Ngesikhathi iThempeli seliphelile futhi selinikeliwe … kwakuyizinsuku ezimbili engangijabule kakhulu empilweni yami. Iculo elalifanele elabhalelwa lelolanga kwakuyileli elithi ‘The Spirit of God Like a Fire is Burning.’ Kuyiqiniso ngempela ukuthi umthelela wasezulwini wehlela kuleyondlu. Ngezwa sengathi izulu emhlabeni.”6

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Ku-Edward W. Tullidge, The Women of Mormondom (1877), 95.

  2. KuKarl Ricks Anderson, Joseph Smith’s Kirtland: Eyewitness Accounts (1996), 182–83.

  3. Oliver Cowdery diary, Mar. 27, 1836, Church History Library, Salt Lake City.

  4. Benjamin Brown letter to his wife, Sarah, circa April 1836, Benjamin Brown family collection, Church History Library, Salt Lake City; izimpawu zokubhala ezesimanje.

  5. uOrsen Pratt, “Ukuphawula,” Deseret News, Jan. 12, 1876, 788.

  6. KuRichard E. Turley Jr. noBrittany A. Chapman, eds., Women of Faith in the Latter Days (2011), 1:442.

Isithombe
uMose, u-Eliyasi, no-Eliya bevela eThempelini laseKirtland

uMose, u-Eliyas, no-Eliya bavela eThempelini laseKirtland, nguGary E. Smith

Shicilela