IMfundiso neziVumelwano 2021
Okthoba 18–24. IMfundiso neziVumelwano 121–123: “O Nkulunkulu, Ukuphi Na?”


“Okthoba 18–24. IMfundiso neziVumelwano 121–123: ‘O Nkulunkulu, Ukuphi Na?’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Okthoba 18–24. IMfundiso neziVumelwano 121–123,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
Itilongo laseLiberty

Intwasahlabo eTilongweni laseLiberty ngu–Al Rounds

Okthoba 18–24

IMfundiso neziVumelwano 121–123

“O Nkulunkulu, Ukuphi Na?”

Ukufunda kwakho imibhalo engcwele kuzojula uma inhloso yakho kungukwembula iqiniso. Qala ngomkhuleko, lalela uMoya, futhi ubhale okufika emqondweni wakho.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Indawo esezansi etilongweni laseLiberty, eMissouri, yayaziwa ngokuthi yitilongo. Izindonga zaziwugqinsi, phansi kwakhiwe ngamatshe kubanda futhi kungcolile, ukudla—lokho okwakukhona—kwakubolile, ukukhanya okwakukhona kwakuqhamuka emafasteleni amabili amancane, ayenezinsimbi eduzane kophahla. Kulelitilongo kulapho uJoseph Smith nabafo bakhe abambalwa bachitha khona isikhathi sabo esiningi ngesikhathi beboshiwe—izinyanga ezibandayo ezine ngobusika bangonyaka ka-1838–39—belinde ukuya ecaleni lokuvukela umbuso bebhekene nesiFundazwe saseMissouri. Ngalesisikhathi, uJoseph wayehlezi ethola izindaba ngabaNgcwele abahluphekayo. Ukuthula nenjabulo yaseFar West kwahlala izinyanga ezimbalwa, manje abaNgcwele babenganamakhaya futhi, bedudulelwe ehlane ukuyobheka futhi enye indawo yokuqala phansi—manje bezokwenza lokhu uMphrofethi wabo esetilongweni.

Akumangalisi ukuthi uJoseph Smith wakhala wathi, “O Nkulunkulu, ukuphi na?” Izimpendulo azithola, “ulwazi olwaluvela ezulwini” olwafika “lithululwa” kulelotilongo elibi, zikhombisa ukuthi noma kuhlezi kuzwakala kunjalo, uNkulunkulu akaze abe kude. Awekho amandla “angavimba amazulu,” kwafunda uMphrofethi. “UNkulunkulu uzoba [nabaNgcwele Bakhe abanokholo] njalo njalo.IMfundiso neziVumelwano 121:1, 33; 122:9.)

Bheka ku Saints, 1:323–96; “Within the Walls of Liberty Jail,” Revelations in Context, 256–63.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 121:1–10, 23–33; 122

Ubunzima bungadala ukuba “kube kuhle [kimi].”

Uma thina noma labo esibathandayo sidlula ekuhluphekeni, kujwayelekile ukuba sizibuze ukuthi ingabe uNkulunkulu usiqaphele na. Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 121:1–6, cabanga ngesikhathi lapho ube nemibuzo kanye nemizwa ecishe ifane nekaJospeh Smith. Yikuphi okutholayo kwimpendulo yeNkosi okungakusiza uma unaleyomibuzo noma leyomizwa? Isibonelo, kwamavesi 7–10, 26–33, qaphela izibusiso azithembisa labo “ababekezelela ubunzima] babo kahle.” Ngesikhathi ufunda isigaba 122, cabanga ngokuthi iNkosi ifuna ububuke kanjani ubunzima bakho.

Bheka futhi kuHenry B. Eyring, “Where Is the Pavilion?kwi-Ensign noma kwi-Liyahona, Nov. 2012, 72–75.

IMfundiso neziVumelwano 121:34–46

Singawathola “amandla asezulwini.”

Kulokho obekubukeka njengesimo esinganakushintshwa etilongerni laseLiberty, uJoseph Smith wanikezwa isambulo esiphathelene namandla—hhayi amandla ezepolitiki noma amandla amabutho ayesentsheziselwe ukucindezela abaNgcwele kepha “amandla asezulwini.” Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 121:34-46, ufundani ngamandla kaNkulunkulu? Ahluke ngani emandleni asemhlabeni? Isibonelo, bheka amagama iNkosi ewasebenzisayo kwamavesi 41–43 ukuchaza “amandla noma umthelela.” Yini ayifundisayo ngendlela uNkulunkulu agcina ngayo “amandla noma umthelela” wakhe na? Mhlawumbe lamavesi angakugqugquzela ukuba uzindle ngempilo yakho nangalokho ongakwenza ukuba nomthelela omuhle kubudlelwane nabanye.

IMfundiso neziVumelwano 122

UJesu Kristu wehlela phansi kwazo zonke izinto.

UJoseph Smith wayeboshwe ngendlela engekho emthethweni isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezine ngesikhathi abangani nomndeni wakhe bekhishwa emakhaya abo. Umsebenzi ayenikele impilo yakhe kuwo wabukeka ushabalala. Yikuphi okufundayo ngoJesu Kristu emazwini Akhe kuJoseph kwisigaba 122? Yikuphi okufundayo ngoJoseph? Yikuphi okufundayo ngawe?

Bheka futhi ku Alima 7:11–13; 36:3; IMfundiso neziVumelwano 88:6.

Isithombe
UJesu ephansi eGetsemani

Makungenziwa Intando Yami, Kodwa Eyakho nguWalter Rane

IMfundiso neziVumelwano 123

“Masenze zonke izinto esinamandla okuzenza ngenjabulo.”

NgoMashi wangonyaka ka-1839, mhlawumbe kwakubukeka sengathi akukho okuningi okungenziwa ngabaNgcwele ukushintsha isimo sabo esinzima. Kepha ezincwadini zakhe azibhale eTilongweni laseLiberty, uJoseph wabatshela ngalokho abangakwenza: “[hlanganisani] ulwazi lawo wonke amaqiniso” bese “[n]iyama [n]ithule, ngesikhulu isiqiniseko, ukuze [n]ibone insindiso kaNkulunkulu” (IMfundiso neziVumelwano 123:1, 17). Ngesikhathi ucabanga ngamanga “nobuqili babantu” emhlabeni namhlanje, cabanga ngokuthi yiziphi izinto “ezisemandleni akho” ongazenza (amavesi 12, 17). Kungani kubalulekile ukwenza lezi zinto “ngenjabulo”? (uvesi 17). Ngubani omaziyo “ovimbelekile ukuthola iqiniso” (uvesi 12), futhi ungamusiza kanjani lomuntu ukuba alithole?

Izindaba eziningi uJoseph Smith azicela encwadini yakhe zahanjiswa kuhulumeni futhi zashicilelwa zaba yizindaba ezehlukaniswe ka-11 ephephandabeni laseNauvoo, okuthiwa yi Times and Seasons (bheka ku “A History, of the Persecution, of the Church of Jesus Christ, of Latter Day Saints in Missouri, December 1839–October 1840,” [josephsmithpapers.org]).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 121:1-10.“Itilongo” eTilongweni laseLiberty laliyi-14 nge-14.5 feet (4.2 ngo 4.4 amamitha) qha ubukhulu. Ungawusiza kanjani umndeni wakho ucabange ngokuthi ngabe kwakunjani ukuvaleleka endaweni engakaya ubukhulu izinyanga ezine ezibandayo? Ungathola olunye ulwazi ngezimo saseTilongweni laseLiberty ku “Chapter 46: Joseph Smith in Liberty Jail” (Doctrine and Covenants Stories, 172–74). Ungase futhi ufunde “Voices of the Restoration: Liberty Jail” ekugcineni kwaloluhlelo noma ubuke ividiyo ekhombisa isikhathi sikaJoseph Smith eTilongweni laseLiberty Joseph Smith: Prophet of the Restoration (ChurchofJesusChrist.org, kuqala ku 43:00). Lolulwazi luthinta kanjani indlela esizizwa ngayo ngemigomo ekwi Mfundiso neziVumelwano 121:1–10?

IMfundiso neziVumelwano 121:34–36, 41–45.Mhlawumbe ukufanisa kungasiza umndeni wakho uqondisise “amandla asezulwini.” Isibonelo, ungafanisa amandla kaNkulunkulu namandla kagesi; yikuphi okungavimbela umshini kagesi ukuba uthole amandla? Lesisifaniso, kanye nalamavesi 34–36, 41-45, kusifundisani ngokukhuphula amandla ethu omoya. Mhlawumbe amalungu omndeni angabelana ngezindaba zempilo yoMsindisi ezikhombisa lokhu.

IMfundiso neziVumelwano 122:7–9.Mhlawumbe amalungu omndeni angakuthokozela ukwenza izimpawu ezibhalwe lamagama acashunwe kulamavesi awagqugquzelayo. Lezizimpawu zingabekwa endaweni ebonakalayo ekhaya. Kungani kubalulekile ukwazi ukuthi “iNdodana yoMuntu yayehlele phansi” kwazo zonke izinto na?

IMfundiso neziVumelwano 123:12.Singabasiza kanjani abantu “bazi … ukuthi balithole kuphi” iqiniso na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Where Can I Turn for Peace?Hymns, no. 129.

Isithombe
uphawu lamazwi okubuyiselwa kwevangeli

Amazwi Okubuyiselwa Kwevangeli

Itilongo laseLiberty

Ngesikhathi eboshiwe eLiberty, eMissouri, uJoseph Smith wathola izincwadi ezamazisa ngesimo esikhathazayo sabaNgcwele bezinsuku zokuGcina ababesuswa kwisifundazwe ngomyalo kandunankulu. Incwadi ejulile yafika iphuma kunkosikazi wakhe u-Emma. Amazwi akhe, nezincwadi zikaJoseph ephendula, kuzwakalisa kokubili ukuhlupheka kanye nokholo lwabo ngalesisikhathi esinzima emlandweni weBandla.

Incwadi ethunyelwe kuJoseph Smith iphuma ku-Emma Smith, ngoMashi 7, 1839

“Myeni Othandekayo

“Nginethuba lokuthumela ngomngani, ngizama ukubhala, kepha ngeke ngizame ukubhala imizwa yami yonke, ngoba isimo okusona, izindonga, izinsimbi, izingidi, imifula egijimayo, imifudlana ehambayo, izintaba ezikhulayo, amagquma ashonayo namadlelo akhulayo azama ukusihlukanisa, kanye nalokho okubi nokungekho emthethweni okwaqala kwakufaka etilongweni futhi kusakugcinile khona, kanye nakho konke ongakucabanga, kubeka imizwa yami esimweni sokuthi anginakuyichaza.

“Ngaphandle kobumsulwa, futhi nokungenelelela komusa ongcwele, nginesiqiniseko sokuthi akumele ngabe ngikwazile ukumelana nokuhlupheka engidlule kukho … ; kepha ngisaphila futhi ngisazimisele ukuhlupheka futhi uma kuyintando enomusa yaseZulwini ukuba ngihluphekele wena.

“Siyaphila okwamanje, ngaphandle kwa Fredrick ogulayo impela.

U-Alexander omncane osezandleni zami manje ngomunye wabantwana abalungile kakhulu. Unamandla kangakokuthi angagijima igumbi lonke uma ebambelele esitulweni.

“Akekho umuntu ngaphandle kaNkulunkulu owazi imicabango yami nemizwa yenhliziyo yami ngesikhathi ngishiya indlu nekhaya lethu, nakho konke esasinakho ngaphandle kwaBantwana bethu abancane, sathatha uhambo olwasikhipha esifundazweni saseMissouri, sakushiya uvalelekile kulelotilongo unesizungu. Kepha ukukhumbula lokho kukhulu kunalokho isimilo sobuntu singakwazi ukukuthwala. …

“… Ngiyethemba zikhona izinsuku ezingcono esiseza kithi. … Ngingowakho ngothando.

“U-Emma Smith”1

Incwadi ethunyelwe u-Emma Smith ephuma kuJoseph Smith, ngo-Ephreli 4, 1839

“Nkosikazi—Othandekayo—futhi onothando

“Ngolwesine ebusuku ngahlala phansi ngesikhathi ilanga lishona, ngesikhathi sipopola ezinsimbini zalelitilongo elinesizungu, ukukubhalela, ukuze ngikwazise ngesimo sami. Ngikholwa ukuthi sekuyizinyanga ezinhlanu nezinsuku eziyisithupha2 selokhu ngibhekwe unogada ebusuku nasemini, futhi ngingaphakathi kwezindonga, izinsimbi, nezicabha zensimbi zetilongo elinesizungu, elimnyama futhi elingcolile. Ngibhala lencwadi ngemizwa eyaziwa nguNkulunkulu kuphela. Imicabango yengqondo ngaphansi kwalezizimo ihlula ipeni, ulimi noma iziNgelosi, ukuyichazela, noma ukuyidwebela umuntu ongakaze adlule kulokhu esidlula kukho. … Sizimelele engalweni kaJehova, futhi hhayi omunye, ukuba sikhululwe, futhi uma engakwenzi, ngeke kwenzeke, ungaba nesiqiniseko salokho, ngoba baningi abomele igazi lethu kulesi sifundazwe; hhayi futhi ngoba sinecala lokuthile. … Emma wami othandekayo ngicabanga ngawe nabantwana njalo. … Ngifuna ukubona uFredrick omncane, uJoseph, uJulia, u-Alexander, no-old major [inja yomndeni]. … Ngingahamba ngezinyawo ngithokozile ngisuka lapha ngiza kuwe, futhi ngingafake lutho ekhanda, ngingagqoke lutho okutheni, ukuzokubona futhi ngingakubona kuyinjabulo, ngingakubali njengobunzima. … Ngiyithwele ngesibindi yonke lengcindezi, nalabo futhi enginabo kunjalo, akekho noyedwa okhombisa ukwesaba. Ngifuna ungavumeli [abantwana bethu] bangikhohlwe. Batshele ukuthi uBaba uyabathanda ngothando oluphelele, futhi wenza konke angakwenza ukusuka esixukwini ukuze aze kubo. … Batshele ukuthi uBaba uthi kumele babe ngabantwana abalungile, babheke umama wabo. …

“Ngingowakho,

“uJoseph Smith omNcane.”3

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Letter from Emma Smith, 7 March 1839,” Letterbook 2, 37, josephsmithpapers.org; amagama, izimpawu zokubhala, kanye nolimi kubhalwe ngendlela yesimanje.

  2. UJoseph nabalingani bakhe baboshwa ngo-Okthoba 31, 1838, futhi bagcinwa begadwe kakhulu ubusuku nemini. Emuva kwecala eRichmond, eMissouri, bathathwa bayiswa eTilongweni laseLiberty ngoDisemba 1.

  3. Letter to Emma Smith, 4 April 1839,” 1–3, josephsmithpapers.org; amagama, izimpawu zokubhala, kanye nolimi kubhalwe ngendlela yesimanje.

Isithombe
uJoseph Smith eTilongweni laseLiberty

Ngesikhathi uJoseph Smith ehlupheka eTilongweni laseLiberty, iNkosi yamduduza futhi yamembulela amaqiniso amakhulu.

Shicilela