IMfundiso neziVumelwano 2021
Okthoba 4–10. IMfundiso neziVumelwano 111–114: “Ngizozihlela Zonke Izinto Ukuze Nizuze”


“Okthoba 4–10. IMfundiso neziVumelwano 111–114: ‘Ngizozihlela Zonke Izinto Ukuze Nizuze,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Okthoba 4–10. IMfundiso neziVumelwano 111–114,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
UJoseph Smith eshumayela

Okthoba 4–10

IMfundiso neziVumelwano 111–114

“Ngizozihlela Zonke Izinto Ukuze Nizuze”

Khulekela ukuholwa nguMoya ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 111–14, futhi ubhale phansi okufika emqondweni wakho. Bese ucabanga ngalokho ongakwenza okuhambisana nalokho okukufikele emqondweni.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Wake waba nokwenzekayo kuwe okwakwenza waba nesiqiniseko futhi waqina okholweni—kodwa ubunzima bomhlaba bavivinya ukholo lwakho, futhi wazithola uzabalaza ukuthola ukuthula okade ukuzwile ngaphambilini? Into ecishe ifane yenzeka kubaNgcwele eKirtland. Kungakapheli ngisho unyaka kube nezibonakaliso zoMoya ngesikhathi kunikelwa iThempeli laseKirtland, izinkinga zaqala. Inkinga yezezimali, ukungazwani phakathi koMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, nezinye izinkinga ezadala ukuthi abanye bangabaze okholweni labo.

Asikwazi ukugwema izinkinga, ngakho-ke, singazigcina kanjani esimweni sokuthi azikhubi ukholo nobufakazi bethu na? Mhlawumbe ingxenye yempendulo ingatholakala kumyalo weNkosi kwi Mfundiso neziVumelwano 112, owanikezwa ngesikhathi ubunzima eKirtland kubhokile. INkosi yathi, “Cwebisani izinhliziyo zenu phambi kwami” (uvesi 28), “Ningavukeli” (uvesi 15), “Bophela izinkalo zakho kulomsebenzi” (uvesi 7), futhi “Zithobe” (uvesi 10). Ngesikhathi silandela lomyalelo, iNkosi “[iyosi]hola ngesandla” ebunzimeni isiyise ekupholeni nasekuthuleni (bheka amavesi 10, 13).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 111

Inkosi iyakwazi “[uku]hlela zonke izinto ukuze [ngi]zuze.”

Ngonyaka ka-1836, iBandla lalinezikweletu eziningi ekwenzeni umsebenzi weNkosi. Ngesikhathi uJoseph Smith nabanye bekhathazeka ngalezi zikweletu futhi becabanga ngezindlela zokuzikhokha, bahamba baya eSalem, eMassachusetts, mhlawumbe ngoba babezwe ngamahemuhemu ukuthi kwakukhona imali eyayilahlwe kumuzi owawulahliwe khona (bheka isihloko sesigaba se Mfundiso neziVumelwano 111). Emuva kokuba befike eSalem, iNkosi yathi, “Kunamagugu amaningi enu kulelidolobha” (uvesi 10)—amagugu ayebala nabantu “[Eyayizoba]qoqa ngesikhathi esifanele ukuze kuzuze iSiyoni” (uvesi 2; bheka futhi ku Eksodusi 19:5). Noma ngabe ayikho imali eyatholakala eSalem, abaphendukile abeza ngenxa yemizamo yokufundisa ivangeli emuva kwesikhathi baba yingxenye ekufezeni isethembiso seNkosi.

Ngesikhathi ufunda isigaba 111, cabanga ngezinto ezikukhathazayo. Cabanga ngokuthi amazwi eNkosi kuJoseph Smith angakusiza kanjani wena. Ngabe iNkosi ikusize ngayiphi indlela ukuba uthola “amagugu” obungawalindele? (uvesi 10). Cabanga ngalokho Akwenzele kona “ukuhlela zonke izinto ukuze [u]zuze” (uvesi 11). Umusho othi “ngokushesha uma nikwazi ukuzemukela” ukufundisani ngoBaba oseZulwini?

Bheka futhi ngokukaMathewu 6:19–21, 33; “More Treasures Than One,” Revelations in Context, 229–34.

IMfundiso neziVumelwano 112:3-15

INkosi izohola labo abafuna intando Yayo ngesizotha.

Ubunye kuMgwamanda wabayiShumi naMbili baqala ukuba buthakathaka ngehlobo longanyaka ka-1837. Kwakukhona ukungazwani ngemisebenzi, futhi amanye amalungu ayephikisa uMphrofethi uJoseph Smith. UThomas B. Marsh, uMongameli woMgwamanda wabayiShumi naMbili ngaleso sikhathi, wayekhathazekile, futhi weza esuka eMissouri ephikelele e-Ohio, ukuzofuna umyalo kuMphrofethi. Umfowethu uMarsh wawuthola ngesambulo esikwi sigaba 112. Ngabe umyalo kaNkulunkulu wamsiza kanjani yena noMgwamanda wakhe? Yiziphi izifundo ozitholayo wena ngesikhathi uzama ukunqoba izingxabano nemizwa engalungile?

Kahle-kahle, ungadlinza uvesi 10. Kusho ukuthini ukuthi iNkosi ikuhole “ngesandla”? Kungani isizotha sidingeka uma uholwa kanje?

Bheka futhi ku-Ulisses Soares, “Be Meek and Lowly of Heart,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Nov. 2013, 9–11; “The Faith and Fall of Thomas Marsh,” Revelations in Context, 54–60.

Isithombe
abantu ababili bekhuleka

Uma sinesizotha, iNkosi izosihola futhi iphendule imikhuleko yethu.

IMfundiso neziVumelwano 113

UJoseph Smith “wayeyinceku ezandleni zikaKristu.”

U-Isaya wabiza oyisizukulwane sikaJesse “ngehlumela” kanye “nempande” (Isaya 11:1, 10). Kwi sigaba 13, iNkosi ichaza ukuthi lenzalo, inceku kaKristu, izoba usizo ekuqoqeni abantu beNkosi ezinsukwini zokugcina (bheka IMfundiso kanye neziVumelwano 113:4, 6)—isiphrofetho esichaza uMphrofethi uJoseph Smith kahle kakhulu. Lokhu kanye namanye amaqiniso kwi sigaba 113 kwabagqugquzele kanjani abaNgcwele ngesikhathi sobunzima abadlula kubo eKirtland? Yikuphi okutholayo kulesisambulo okukukhuthaza ukuthi ubambe iqhaza emsebenzini weNkosi namuhla na?

Bheka futhi iGuide to the Scriptures, “Jesse,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org; 2 Nefi 21:10–12; Joseph Smith—Umlando 1:40.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 111:2, 9-11.Lamavesi angaqala ingxoxo ngalokho umndeni wakho okubona kungamagugu aphakade. Ningenza umdlalo wokuzingela amagugu ngokuthi nicashise izinto endlini ezimele lezo zinto eziligugu noma inani eNkosini. Ngesikhathi umndeni wakho uthola into ngayinye, xoxa ngalokho eningakwenza ukukhombisa ukuthi niyayihlonipha.

IMfundiso neziVumelwano 112:10.IGosa u-Ulisses Soares wachaza abantu abazothile ngalendlela: “Abazothile bayafundiseka, ngoba bayabona ukuthi bayamudinga uNkulunkulu futhi bafisa ukwenza intando Yakhe. Abazothile bamnene futhi banamandla okuthelela abanye ukuba bafane nabo” (“Be Meek and Lowly of Heart,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Nov. 2013, 10). Cabanga ngezindlela ongafundisa umndeni wakho ngazo ukuthi kuchaza ukuthini ukuzotha. Ningacula iculo elikhuluma ngesizotha, njengaleli elithi “Be Thou Humble” (Hymns, no. 130), ngesikhathi ilungu lomndeni elilodwa lithatha abanye “ngesandla” libahole endlini. Noma nixoxe ngezikhathi lapho iNkosi yahola amalungu omndeni wakho “ngesandla” futhi yawanika impendulo emikhulekweni ya[wo].”

IMfundiso neziVumelwano 112:11-14, 26.Yimuphi umehluko phakathi kokwazi igama lomuntu nokwazi bona uqobo? Yikuphi esikufundayo kulamavesi 11–14 mayelana nokuthi kuchaza ukuthini ukwazi iNkosi?

IMfundiso neziVumelwano 112:15.Kusho ukuthini “ukuvukela” umphrofethi? Yikuphi esikutholayo kulelivesi okusisiza ukuthi sikwazi ukusekela uMphrofethi?

IMfundiso neziVumelwano 113:7-8.Yikuphi esikufundayo ku vesi 8 okuzosiza “ukubuyisa iSiyoni” futhi kukhulule u-Israyeli?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo Elingaculwa: “Be Thou Humble,” Hymns, no. 130.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Phila ubufakazi bakho. “‘Ufundisa lokho oyikho,’ kwafundisa iGosa uNeal A. Maxwell. ‘Isimilo sakho sikhumbuleka kakhulu … kuneqiniso elithile esifundweni esithile’” (Teaching in the Savior’s Way, 13).

Isithombe
UThomas B. Marsh noJoseph Smith

UThomas B. Marsh ubhala isambulo anikezwe sona ngoJoseph Smith Be Thou Humble, nguJulie Rogers

Shicilela