IMfundiso neziVumelwano 2021
Okthoba 11–17. IMfundiso neziVumelwano 115–120: “Umnikelo Wakhe Uyobangcwele Kakhulu Kimi Kunenzuzo Yakhe”


Okthoba 11–17. IMfundiso neziVumelwano 115–120: ‘Umnikelo Wakhe Uyobangcwele Kakhulu Kimi Kunenzuzo Yakhe,’” Wozani, Ngilandeleni––Okomuntu Ngamunye Nemindeni 2021 (2020)

Okthoba 11–17. IMfundiso neziVumelwano 115-120,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
eFar West

eFar West, ngu–Al Rounds

Okthoba 11–17

IMfundiso neziVumelwano 115–120

“Umnikelo Wakhe Uyobangcwele Kakhulu Kimi Kunenzuzo Yakhe”

INkosi ifuna ukukhuluma nawe. Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, khuleka Umcele ukuba akusize uqale ukubona umyalezo Wakhe ngawe.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Kwakunesizathu sokuba abaNgcwele babenethemba lokuhle ngendawo yabo entsha lapho ababezohlanganyela khona, eFar West, eMissouri, ngenyanga kaJulayi 1838. Lelidolobha lalikhula ngamandla, umhlaba wawubonakala uvundile, futhi kwakwembuliwe ukuthi ibanga elifushane nje ngasenyakatho kwakuse Adamu-ondi-Ahman, okwakuyindawo eyayibalulekile kakhulu ngokomoya (bheka IMfundiso neziVumelwano 107:53–56116). Noma kwakunjalo, kufanele ukuthi kwakunzima ukuba abaNgcwele bangacabangi ngalokho okwakubalahlekele Babesusiwe e-Independence, okwakuyindawo eyayikhonjiwe emaphakathi yeSiyoni, futhi namathuba okuthi babuyele kuyo masinya kwabonakala emancane. Phezu kwalokho, abaNgcwele baphoqeleka ukuba babaleke eKirtland, e-Ohio, beshiya ithempeli labo ababelithanda emva kweminyaka emibili nje vo. Ngalesisikhathi kwakungezona izitha zangaphandle kweBandla nje kuphela ezazibanga izinkathazo––amalungu amaningi agqamileyo ayesemujikele uJoseph Smith, kubalwa noFakazi abaThathu beNcwadi kaMormoni ngokunjalo namalungu amane kwabayiShumi naMbili. Abanye kungenzeka base bezibuza bethi, ngabe umbuso kaNkulunkulu uyaqina, noma uba buthakathaka na?

Kodwa labo abathembekile abazange bavumele imibuzo enjalo ibenze bayeke. Esikhundleni salokho, baqala ukwakha indaweni engcwele entsha, kulokhu eFar West Benza nezinhlelo zethempeli elisha. Kwabizwa abaPhostoli abane abasha, kubalwa nababili––uJohn Taylor noWilford Woodruff––kamuva ababezoba ngoMongameli beBandla (bheka IMfundiso neziVumelwano 118:6). Abangcwele bafunda ukuthi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu akusho ukuthi awusoze uwe, kusho ukuthi “uyavuka futhi.” Nakuba uyodela izinto ezithize, leyo minikelo iyobangcwele kuNkulunkulu, ngisho “iyokubangcwele kakhulu … kunenzuzo [yakho]” (IMfundiso neziVumelwano 117:13).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 115:4–6

Igama leBandla lakhethwa yiNkosi.

UMongameli uRussell M. Nelson wathi igama leBandla “wudaba olubaluleke kakhulu” (“The Correct Name of the Church,” kwi-Ensign noma iLiyahona, ngoNovemba 2018, 87). Cabanga ngokuthi kungani lokhu kuyiqiniso ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 115:4–6. Ngabe igama leBandla lihlangene kanjani nomsebenzi nokuthunywa kwalo na?

Bheka futhi ku 3 Nefi 27:1–11.

IMfundiso neziVumelwano 115:5–6

USiyoni nezikhonkwane zakhe banika “ukuphepha kuso isichotho.”

Nakuba abaNgcwele babebhekene nobunzima ngonyaka ka 1838, kukhulu iNkosi eyayisakulindele kubo. Bheka amagama kwi Mfundiso neziVumelwano 115:5–6 agcizelela indima iNkosi efuna iBandla Layo namalungu alo ayidlale emhlabeni. Isibonelo, ngabe yikuphi obona ukuthi kufanele ukwenze ukuze “usukume ukhanye” na? (uvesi 5). Ngabe yiziphi izichotho zomoya oziqaphelayo lapho ukhona, futhi ngabe sikuthola kanjani “ukuphepha” ngokuhlanganyela ndawonye na?

Bheka futhi u 3 Nefi 18:24.

IMfundiso neziVumelwano 117

Iminikelo yami ingcwele eNkosini.

Ukushiya eKirtland kufanele ukuthi kwabanzima kubantu abafana noNewel K. Whitney, owayeseziqalele yena nomndeni wakhe impilo enempumelelo kuleyo ndawo. Ngabe yikuphi okutholayo kwi Mfundiso neziVumelwano 117:1–11 okungenzeka ukuthi kwabasiza ukuba benze lomnikelo na? Ngabe lamavesi awushintsha kanjani umbono wakho mayelana nokuthi yikuphi okubalulekile ngempela na?

Umnikelo owawucelwa ku-Oliver Granger wawehlukile: iNkosi yena yamnika umsebenzi wokuthi makahlale eKirtland axazulule izindaba zezimali zeBandla. Kwakungumsebenzi onzima lona, futhi nakuba walimela iBandla ngobuqotho, ekugcineni akazange aqoqe imali eningi. Ake ucabange ngokuthi amagama eNkosi emavesini 12–15 angazithinta kanjani izinto iNkosi ezicele kuwe.

Isithombe
e-Adamu-ondi-Ahman esiFundeni saseDaviess, eMissouri

uNewel K Whitney wayalwa ukuba athuthele e-Adamu-ondi-Ahman, esesithombeni lapha.

IMfundiso neziVumelwano 119–20

Ngokukhokha okweshumi, ngiyalekelela ukuba kwakhiwe futhi ku “ngcweliswe izwe laseSiyoni.”

Imiyalelo ekwizigaba 119 no 120 izwakala ifana nendlela okukhokhelwa ngayo emsebenzini weNkosi kulezi zikhathi zethu. Namhlanje, abaNgcwele banikela “okukodwa eshumini kwayo yonke inzuzo yabo [manje eseyaziwa njengeholo] ngonyaka” (IMfundiso neziVumelwano 119:4), futhi lezizimali ziphathwa ngumkhandlu okubalwa kuwo ubuMongameli bokuQala, uMgwamanda wabaliShumi naMbili, kanye nobuBhishobhi obeNgamele. Ake ucabange ngalemibuzo usafunda kulezizigaba:

  • Ngabe ukugcina umthetho wokweshumi kusiza kanjani ukuba ku “ngcweliswe izwe laseSiyoni” na? Ngabe lomthetho ungasiza kanjani ukuba lapho nihlala khona kube “yizwe laseSiyoni kini” na?? (IMfundiso neziVumelwano 119:6).

  • Ngabe yikuphi okubalulekile kuwe ngomushwana othi “nangezwi lami kubo” kwi Mfundiso neziVumelwano 120na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 115:4–6.Ngabe kunganisiza yini ukuba wena nomndeni wakho nifunde lamavesi ngesikhathi nibuka ukuphuma kwelanga na? Kunganisiza ukuba nixoxe ngokuthi kusho ukuthini ukuba “usukume ukhanye”na? (ivesi 5). Noma futhi ningaxoxa ngokuthi kubanjani ukufuna isiphephelo ngesikhathi kunesichotho. Ngabe lokho kungafana kanjani nokufuna “ukuphephela” kulo iBandla na? (ivesi 6). Emva kwalokho seningakhuluma ngezindlela umndeni wakho ongasiza ngazo abanye ukuba bathokozele ukuphephela okulethwa yiBandla.

IMfundiso neziVumelwano 117:1–11.Umndeni wakho ungaqhathanisa “iconsi” nokunye “okunesisindo esikhudlwana” (ivesi 8), njengojeke wamanzi. Lokhu sekungaholela ekutheni nixoxe ngalezozinto ezingabalulekile ezimpilweni zethu ezisivimbela ukuba sithole izibusiso zikaNkulunkulu eziningi.

IMfundiso neziVumelwano 119.Ningacula iculo elifana naleli elithi “I Want to Give the Lord My Tenth” (Children’s Songbook, 150). Ngabe isigaba 119 sisifundisani ngendlela esikhokha ngayo okweshumi na? Abantwana nabo bangazuza uma bethola ukufundiswa ngezinto: ungabanika izinto ezincane, ubasize babale okweshumi kulezo zinto, bese ubatshela ukuthi kungani wena ukhokha okweshumi. (Bheka futhi ku True to the Faith, 180–82.)

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “I Want to Give the Lord My Tenth,” Children’s Songbook, 150.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Khuthaza ukuzimela “Uma [amalungu omndeni] enemibuzo, kwesinye isikhathi kubangcono ukubafundisa ukuthi bangazitholela bona kanjani izimpendulo, kunokuyiphendula leyomibuzo ngalesosikhathi” (Teaching in the Savior’s Way, 28).

Isithombe
ukusetshenziswa kwemali yokweshumi

Ukunika okweshumi kwethu eNkosini kuyalekelela ukuba kuqhutshwe umsebenzi Wakhe osindisayo.

Shicilela