IMfundiso neziVumelwano 2021
Okthoba 25–31. IMfundiso neziVumelwano 124–125: “INdlu eGameni Lami”


“Okthoba 25–31. IMfundiso neziVumelwano 124–125: ‘INdlu eGameni Lami,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Okthoba 25–31. IMfundiso neziVumelwano 124,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
eNauvoo

iNauvoo eNhle, nguLarry Winborg

Okthoba 25–31

IMfundiso neziVumelwano 124

“INdlu eGameni Lami”

Ngesikhathi ufunda kwiMfundiso neziVumelwano 124–25, ake uzindle ngezibusiso iNkosi eyamema abaNgcwele eNauvoo ukuba bazithole nezibusiso ekunika zona.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Noma ngabe iminyaka eyisithupha edlule ibinzima kanjani kubaNgcwele, izinto zaqala zakhanya ngentwasahlobo yangonyaka ka-1839: Abahambi abaNgcwele bathola uzwelo kubantu baseQuincy, e-Illinois. Onogada babevumele uMphrofethi uJoseph Smith nabanye abaholi beBandla ukuba beqe eMissouri. Futhi neBandla lalisanda kuthenga umhlaba e-Illinois lapho abaNgcwele babengahlanganyela khona futhi. Yebo, kwakuyindawo eyixhaphozi, umhlaba ugcwele omiyane, kodwa uma kuqhathaniswa nobunzima abaNgcwele abekade bebhekene nabo, lokhu kwabukeka kungabekezeleka. Ngakho-ke bomisa ixhaphozi futhi babhala imithetho yedolobha elisha, abaliqamba ngokuthi iNauvoo. Kuchaza ukuthi “kuhle” ngesiHeberu, noma ekuqaleni kwakuyigama eliveza ukholo kunokuba liveze isimo sangempela. Ngalesosikhathi, uNkulunkulu wayekhombisa uMphrofethi Wakhe ukuthi kuyaphuthuma. Wayenamanye amaqiniso nezimiso okwakumele zibuyiselwe, futhi wayedinga ithempeli elingcwele lapho abaNgcwele bezokuthola khona. Ngezindlela eziningi, lemizwa efanayo yokholo nokuphuthuma ibalulekile emsebenzini weNkosi namhlanje.

Noma iNauvoo yagcina iba yidolobha elihle elinethempeli elihle, kokubili kwagcina kushiywa. Kepha umsebenzi weNkosi omuhle ngempela, sonke lesisikhathi, bekungukusinika “umqhele wenhlonipho, wokungafi, nokuphila okuphakade” (IMfundiso neziVumelwano 124:55), futhi lowomsebenzi awusoze waphela.

Bheka ku Saints, 1:399-427; “Organizing the Church in Nauvoo,” Revelations in Context, 264–71.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 124:12–21

Ngingaba umfundi iNkosi emethembayo.

Noma abaholi bebandla abambalwa balishiya iBandla ekupheleni kweminyaka yango-1830, amalungu amaningi ahlala ethembekile. LabaNgcwele abanokholo kwakubalwa labo ababekezelela ubunzima baseMissouri kanye nalabo ababesanda kuhlanganyela eBandleni. Kwi Mfundiso neziVumelwano 124:12–21, iNkosi yakhuluma kahle ngabambalwa babo. Yikuphi okufundayo ngobufundi emazwini Akhe na? Kukhona okuthile ngalababaNgcwele abanokholo okukugqugquzelayo ukuba ube njengabo na? Ungacabanga nangokuthi iNkosi ilikhombise kanjani uthando enalo ngawe.

IMfundiso neziVumelwano 124:22–24, 60–61

INkosi ifuna ngamukele abanye.

Uma ucabanga ngalokho abaNgcwele abadlule kukho eMissouri,kungenzeka ukuba balingeka ukuba bahlale bodwa bakhulume kabi kulabo abafisa ukuvakasha eNauvoo. Cabanga ngalokhu ngesikhathi ufunda kwi Mfundiso neziVumelwano 124:22–24, 60-61. Yikuphi okukumangazayo ngomyalo weNkosi wokuba kwakhiwe “indlu yokulala”? (uvesi 23) na? Amazwi Akhe akufundisani ngenhloso yeBandla Lakhe? Zindla ngendlela lemiyalo engathinta ngayo wena nekhaya lakho.

­

IMfundiso neziVumelwano 124:25–45, 55

INkosi isiyala ukuba sakhe amathempeli ukuze sithole izimiso ezingcwele.

Nangempela akubathusanga abaNgcwele bezinsuku zokuGcina ukuthi ngesikhathi sebenethezekile eNauvoo, iNkosi yabanika imiyalo yokwakha ithempeli—njengoba Yayenzile e-Ohio naseMissouri. Ngabe yikuphi okutholayo kwi Mfundiso neziVumelwano 124:25–45, 55 okukusiza uqonde ukuthi kungani iNkosi yathi “abantu bami abahlale njalo beyalwa ukuba bakhe [amathempeli] egameni lami elingcwele”? (uvesi 39).

Selokhu kwakhiwa ithempeli laseNauvoo, angaphezulu kwama-200 amathemppeli asemenyezelwe noma akhiwa. UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa wathi: “Siyazi ukuthi isikhathi sethu ethempelini sibaluleke kakhulu ngokuphathelene nensindiso nokuphakanyiswa kwethu ngokunjalo nokwemindeni yethu. … Izilingo zesitha ziyakhula kakhulu, ngamandla kanye nangokwehluka. Isidingo sethu sokuba ethempelini esikhathini esiningi asikaze sibesikhulu kunamanje” (“Becoming Exemplary Latter-day Saints,” kwi-Ensign noma kwi-Liyahona, Nov. 2018, 114). Ithempeli likusiza kanjani ukuthi umelane “nezilingo zesitha” na? Ngabe yikuphi ozizwa ugqugquzeleka ukukwenza ukulandela umyalo kaMongameli uNelson na?

Bheka futhi Izihloko Zomlando Webandla, “Nauvoo Temple,” ChurchofJesusChrist.org/study/church-history.

Isithombe
UJoseph Smith namadoda bakha iThempeli laseNauvoo

UJoseph Smith eThempelini laseNauvoo, nguGarry E. Smith

IMfundiso neziVumelwano 124:84–118

INkosi ifisa ukunginikeza iseluleko esithile ngempilo yami.

Amavesi 84–118 agcwele imiyalo eqondiswe kubantu thizeni, futhi eminye izobukeka ingahambisani nempilo yakho. Kepha ungase uthole into odinga ukuyizwa. Cabanga ngokubuza iNkosi ukuthi inamuphi umyalezo efuna uwuzwe kulamavesi, futhi ufune ukuholwa nguMoya ukuba uwuthole. Bese, unquma ukuthi yikuphi ozokwenza ukuwulandela. Isibonelo, ukuzotha kakhulu kungase kukusize kanjani ukuba uthole uMoya na? (bheka uvesi 97).

Ungacabanga futhi ngeminye imiyalo iNkosi ekunike yona. Yikuphi okwenzayo ukuyiphila?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 124:2-11.Uma iNkosi iyale umndeni wakho “ukuba wenze isaziso ngesizotha sevangeli lami” kuwo “wonke amakhosi omhlaba”(amavesi 2–3), isaziso sakho singathini? Cabangani ngokwakha isaziso ndawonye, futhi umeme amalungu omndeni ukuba anikeze imibono ngamaqiniso evangeli afuna ukuwafaka.

IMfundiso neziVumelwano 124:15.Kusho ukuthini na ukuba nobuqotho? Kungani iNkosi ikuhlonipha ubuqotho? Ngabe yiziphi na izibonelo zobuqotho ezibonwe umndeni wakho? (Bheka futhi For the Strength of Youth, 19.)

IMfundiso neziVumelwano 124:28–29, 40–41, 55.Yikuphi esikufundayo kulamavesi ngokuthi kungani iNkosi isiyala ukuba sakhe amathempeli? Umndeni wakho ungafuna ukudweba isithombe sethempeli noma wakhe ithempeli ngezinto zokwakha. Ngesikhathi nenzanjalo, ningaxoxa ngokuthi kungani nibonga ukuba namathempeli namhlanje nanokuthi kungani sidinga ukujwayela ukukhonza kuwo.

IMfundiso neziVumelwano 124:91–92.Ngabe umndeni wakho ungazuza ngengxoxo emayelana nezibusiso zobuphatriyakhe na? Amalungu omndeni asesitholile isibusiso sawo sobuphathriyakhe angaba ngokuthi kwakunjani ngesikhathi besithola nokuthi siwabusise kanjani. ­

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “.I Love to See the Temple,” Children’s Songbook 95.

Isithombe
uphawu lamazwi okubuyiselwa kwevangeli

Amazwi Okubuyiselwa kweVangeli

INhlangano yokuSiza yabesiFazane

Isithombe
UJoseph no-Emma Smith nabanye besimame

Isithombe seNhlangano yokuSiza yabesiFazane senziwe nguPaul Mann

Ngonyaka ka-1842, emuva kokuhlelwa kweNhlangano yokuSiza yabesiFazane eNauvoo, e-Illinois, uMphrofethi uJoseph Smith wathi, “Isonto lalingahlelekile ngokuphelele ngaphambi kokuba abesifazane bahlelwe.”1 Ngokufanayo, ukufunda ngokuBuyiselwa kweBandla leNkosi nobuphristi Bayo (bheka kwi Mfundiso neziVumelwano 107) akuphelele kuze kube ngukuthi kuhlanganisa ukufundwa ngeNhlangano yokuSiza yabesiFazane, nayo “ebuyiselwe ngendlela yasemandulo” yabafundi baJesu Kristu besimame.2

U-Eliza R. Snow wadlala indima ebalulelikile kulokhu kubuyiselwa. Wayekhona ngesikhathi iNhlangano yokuSiza yabesiFazane ihlelwa okokuqala, njengonobhala wenhlangano, wabhala amanothi emhlanganweni. Wazibonela yena ukuthi iNhlangano yokuSiza yabesiFazane yayihlelwe “emva komfanekiso wobupristi.”3 Ngezansi ngamazwi akhe, abhalwe ngesikhathi enguMongameli Jikelele weNhlangano yokuSiza yabesiFazane, ukusiza odade bakhe ukuba beqonde umsebenzi ongcwele owawunikezwe amadodakazi kaNkulunkulu esivumelwano.

Ukufunda kabanzi ngokuthi iNhlangano yokuSiza yabesiFazane yahlelwa kanjani, bheka ku Daughters in My Kingdom: The History and Work of Relief Society (2017), 1–25; The First Fifty Years of Relief Society (2016), 3–175.

u-Eliza R. Snow

Isithombe
u-Eliza R. Snow, nguLewis Ramsey

“Noma-ke igama elithi iNhlangano yokuSiza yabesiFazane lingaba into yesimanje-manje, kepha inhlangano yaqala emandulo. Satshelwa [uJoseph Smith] ukuthi, inhlangano efanayo yayikhona eBandleni lasemandulo, kukhulunywa ngayo ezincwadini zeTestamente eLisha, kusetshenziswa igama elithi ‘inkosikazi ekhethiweyo’ [bheka ku 2 NgokukaJohane 1:1; iMfundiso neziVumelwano 25:3].

“Lenhlangano angeke ibekhona ngaphandle kobuPhristi, ngesizathu sokuthi ithola igunya namandla kubo. Ngesikhathi ubuPhristi bususwa emhlabeni, lenhlangano kanye nakho konke okuhlangene nebandla eliyiqiniso futhi eliphilayo likaJesu Kristu, kwasabalala.…

“Ngoba ngangikhona kuhlelwa ‘iNhlangano yokuSiza yabesiFazane yaseNauvoo,’ … futhi sengibone okuningi ngenxa yokuba kuyo lenhlangano, mhlawumbe ngingakhuluma okuthize okungasiza amadodakazi eSiyoni ukuba eze phambili kulendima ebalulekile, futhi egcwele imisibenzi emisha futhi eminingi. Uma kunomunye wamadodakazi kanye nomama e-Israyeli abazizwa bevimbelekile bengavumelekanga endaweni yabo yamanje, bazokuthola ukufinyelela emandleni kanye nasekhonweni lokwenza okuhle nalokho abaphiwe kona ukuba bakwenze ngenkululeko.

Isithombe
Isitolo Sezitini Ezibomvu

INhlangano yokuSiza yabesiFazane yahlelwa egunjini elingaphezulu kwesiTolo esineziTini eziBomvu.

“Uma umbuzo ufika emqondweni, kanoma ubani, othi yini injongo yeNhlangano yokuSiza yabesiFazane na? Ngingaphendula ngithi—ukwenza okuhle—ukuletha konke esinakho kokwenza okuhle, hhayi ngokuba kukhululwe abampofu kuphela kodwa nasekusindiseni imiphefumulo. Ukuzama simunye kungenza okukhulu kunalokho okungenziwa ngumuntu oyedwa ozimisele. …

“Ekusizeni abampofu, iNhlangano yokuSiza yabesiFazane eneminye imisebenzi ngaphandle kokukhulula izidingo zomzimba qha. Kukhona ukuhlupheka ngokwengqondo nokugula ngokwenhliziyo; nakho okudinga ukunakwa; futhi ezikhathini eziningi, ukukhombisa umusa—amazwi ayalayo, noma ukuxhawula okunemfudumalo nothando kungenza okuhle okuningi futhi kujatshulelwe kakhulu kunesikhwama segolide. …

“Ngesikhathi abaNgcwele behlangana bephuma phesheya, bengazi muntu, futhi besethubeni lokuholwa yilabo abanamanga abalinde ukukhohlisa, iNhlangano yokuSiza yabesiFazane kumele ihlezi izilungiselele ukubasiza, futhi ibamukele enhlanganweni ezobaqondisa futhi ibakhulise, futhi ikakhulukazi ibaqinise okholweni lweVangeli, futhi ekwenzeni lokho, bangakwazi ukusindisa abaningi.

“Kungadingeka okuningi ukuchaza umsebenzi namalungelo aqhumuka nayo lenhlangano. … Hamba (ngaphansi kobuholi bukabhishobhu) ngendlela enokuthula, ehlelekile, enomdlandla,enobunye kanye nomkhuleko, futhi uNkulunkulu uzobusisa amandla enu ngempumelelo.”4

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2007), 451.

  2. Daughters in My Kingdom: The History and Work of Relief Society (2017), 1.

  3. uJoseph Smith, kuSarah M. Kimball, “Auto-biography,” Woman’s Exponent, Sept. 1, 1883, 51.

  4. “Female Relief Society,” Deseret News, Apr. 22, 1868, 81.

Isithombe
IThempeli laseNauvoo

IThempeli laseNauvoo nguGeorge D. Durrant

Shicilela