IMfundiso neziVumelwano 2021
Septhemba 13–19. IMfundiso neziVumelwano 102–105: “Emva kokuHlupheka okuKhulu … Kuza Isibusiso”


“Septhemba 13–19. IMfundiso neziVumelwano 102-105: ‘Emva kokuHlupheka oKukhulu … Kuza Isibusiso,’”Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Septhemba 13–19. IMfundiso neziVumelwano 102-105,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
amadoda nezinqola

uC. C. A. Christensen (1831–1912), INkambu yeSiyoni, cishe ngonyaka ka1878, kusetshenziswe upende owoma ngokushesha engutsheni ehlanganiswe ngokotini, 78 × 114 wama iyintshi. INdlu yemiBukiso yezoBuciko yaseNyuvesi iBrigham Young, umdwebo waba yisipho sabazukulu bakaC. C. A. Christensen, ngonyaka ka1970

Septhemba 13–19

IMfundiso neziVumelwano 102–105

“Emva kokuHlupheka oKukhulu … Kuza Isibusiso”

Ngabe yimiphi leyo mogomo evela kwi Mfundiso neziVumelwano 102–5 ebaluleke kakhulu kuwe na? Cabanga ngokubhala phansi imicabango nemizwa yakho ngalemigomo.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

AbaNgcwele base Kirtland baphuka imimoya uma bezwa ukuthi ozakwabo esiGodini saseJackson, eMissouri, babesuswa emizini yabo. Ngakho-ke kufanele ukuthi baba nokukhuthazeka uma iNkosi isho nokusho ukuthi “ukuhlengwa kweSiyoni” kwakuhlelelwe ukuba “kuze ngamandla” (IMfundiso neziVumelwano 103:15). Ngaleso sethembiso ezinhliziyweni zabo, aba ngaphezulu kwamakhulu amabili amadoda, ngokunjalo nabesifazane nabantwana ababe balelwa cishe emashumini amabili nanhlanu, ababhaliswa kokwakubizwa ngokuthi yiNkambu ka-Israyeli, kamuva eyagcina isiyaziwa ngokuthi yiNkambu yeSiyoni. Umsebenzi walenkambu kwakuwukuhamba kuyiwe eMissouri kuyohlengwa iSiyoni.

Kumalungu alenkambu, ukuhlenga iSiyoni kwakusho ukubuyisela abaNgcwele emhlabeni wabo. Kodwa kwathi ngaphambi kokuba nje bafike esiGodini saseJackson, iNkosi yatshela uJoseph Smith ukuba bame ihlakazwe iNkambu yeSiyoni. Amanye amalungu alenkambu ayedidekile futhi edangele ngenxa yalomyalelo omusha; kubo, lokhu kwakusho ukuthi loluhambo alubanga yimpumelelo futhi nezethembiso zeNkosi zazingafezekanga. Kodwa-ke, abanye lokhu bakubona ngenye indlela. Nakuba abaNgcwele ababedingisiwe bagcina bengabuyelanga esiGodini saseJackson, lokhu abadlula kukho kwakuletha “ukuhlengwa” okuthile eSiyoni, futhi “kweza ngamandla.” Amalungu aleNkambu yeSiyoni athembekile, iningi labo elagcina lingabaholi kuleliBandla, afakaza ngokuthi lokhu abadlula kukho kwabenza baba nokholo olukhulu emandlenia kaNkulunkulu, obizweni lukaJoseph Smith olwaluvela phezulu, nakwiSiyoni––hhayi nje iSiyoni indawo kodwa iSiyoni okungabantu baNkulunkulu. Esikhundleni sokungabaza ukubaluleka kwalomsebenzi okwakubonakala sengathi awubanga yimpumelelo, bafunda ukuthi okuyiwona msebenzi wangempela wukulandela uMsindisi, ngisho singaziqondi kahle zonke izinto. Ekugcineni, yiyona ndlela lena okuzohlengwa ngayo iSiyoni.

Bheka ku Saints, 1:194-206; “The Acceptable Offering of Zion’s Camp,” Revelatons in Context, 213-18.

Isithombe
umfudlana

INkambu yeSiyoni yayikanise ngasonqenqemeni loMfula iLittle Fishing, osesithombeni khona lapha.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 102:12–23

Ngabe iyiphi inhloso yalezi zifundo kulamavesi na?

Isigaba 102 siqukethe amaminithi omhlangano owawubanjelwe eKirtland, e-Ohio, lapho kwahlelwa khona umkhandlu omkhulu wokuqala waleliBandla. Amavesi 12–23 achaza izinqubo imikhandlu emikhulu eziyilandelayo uma labo abenze amacala anzima bejwayezwa umthetho.

UMongameli uM. Russell Ballard wasifundisa wathi, “Amalunga eBandla ayabuza kwesinye isikhathi ukuthi kungani imikhandlu yeBandla yokwejwayeza umthetho ihlangana na? Zintathu izinhloso zalokhu kuhlangana: wukusindisa umphefumulo walowo owonile, wukuvikela labo abangenacala, nokuvikela ukuhlanzeka, ubuqotho, negama elihle leBandla” (“A Chance to Start Over: Church Disciplinary Councils and the Restoration of Blessings,” kwi Ensign, ngoSepthemba 1990, 15).

Bheka futhi Izihloko zeVangeli, “Church Disciplinary Councils,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

IMfundiso neziVumelwano 103:1–12, 36; 105:1-19.

ISiyoni ingakhiwa kuphela ngemigomo yokulunga.

Ngabe kungani abaNgcwele balahlekelwa wumhlaba wabo wesethembiso iMissouri na? Futhi ngabe kungani iNkosi ingayivumelanga iNkambu yeSiyoni ukuba iyobabuyisela emhlabeni wabo na? Nakanjani udlame loquqaba lwezichwensi zase Missouri lwadlala indima, futhi undunankulu waseMissouri wayethembise ukubaxhasa abaNgcwele kodwa akazange akwenze lokho. Kodwa iNkosi yathi “ukuba bekungengenxa yeziphambeko zabantu bami,” iSiyoni “ngabe isibuyiselwe esimweni sayo” (IMfundiso neziVumelwano 105:2). Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 103:1–12, 36; 105:1–19, kungenzeka ubone izinto ezithile ezavimba ukuba kumiswe iSiyoni eMissouri kanye nezinye izinto ezazingaba wusizo. Yikuphi okufundayo okungakusiza ukuba wakhe iSiyoni enhliziyweni yakho nasemzini wakho na?

IMfundiso neziVumelwano 103:12–13; 105:1–6, 13–19

Izibusiso ziza emva kokuzwa ubuhlungu nokuvivinywa kokholo.

Ngezindlela eziningi, ukubamba iqhaza eNkanjini yeSiyoni kwaku wukuvivinywa kokholo. Uhambo lwalu lude, kushisa, futhi ukudla namanzi kwesinye isikhathi kwakuyingcosana. Futhi emva kwakho konke abaku bekezelela, abaNgcwele babengaka kwazi ukubuyela emhlabeni wabo. Ake ucabange ukuthi izimfundiso ezivela kwi Mfundiso neziVumelwano 103:12–13 ngokunjalo nesigaba 105:1–6, 13–19 zazingawa siza kanjani amalungu eNkambu yeSiyoni abase beqala ukubuza ukuthi ngabe umyalelo wokuba kuhlelwe leNkambu wawuvele kuNkulunkulu yini kwasekuqaleni.¬ Ingakusiza kanjani lemigomo kokwakho ukuvivinywa kokholo lwakho na?

Ungafunda futhi ngakho konke amalungu eNkambu yeSiyoni adlula kukho kulomthombo “Voices of the Restoration” ngasekupheleni kwalesi sifundo. Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngesimo somqondo wabo na? Yikuphi ongakufunda ngezibonelo zabo na?

Bheka futhi kuDavid A. Bednar, “On the Lord’s Side: Lessons from Zion’s Camp,” Ensign, ngoJulayi 2017, 26–35.

IMfundiso neziVumelwano 104:11–18, 78–83

Ngingu “mphathi phezu kwezibusiso zasemhlabeni.”

Ngaphezu kwezivivinyo zaseMissouri, ngonyaka ka1834 iBandla lalibhekene nobunzima kwezezimali, kubalwa nezikweletu nezindleko ezinzima. Kwi sigaba 104 iNkosi yanika iBandla iseluleko ngokuphathelene nesimo salo kwezezimali. Ungayisebenzisa kanjani lemigomo emavesini 11–18 nasemavesini 78–83 ngokuphathelene nezakho izinqmo ozithathayo ngemali na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 103:12, 36; 105:9–13.Ngabe ukhona yini emndenini wakho (noma omunye kobaba mkhulu bakho) owake wacelwa ukuba enze into eyagcina ingabanga yilokho okwakulindelekile na? Yikuphi ongakufunda ngalokho okwenziwa ngamalungu eNkambu yeSiyoni ngesikhathi kungenzeki lokho ababekulindele ohambweni lwabo na? (Bheka ku“Voices of the Restoration” ngasekupheleni kwalesi sifundo.

IMfundiso neziVumelwano 104:13–18.Yikuphi iNkosi esinike kona na? Ngabe yikuphi lokho ekulindele ukuba sikwenze ngalokho asinike kona na?

IMfundiso neziVumelwano 104:23–46.Umndeni wakho ungase ucwaninge lamavesi ukuze uthole ukuthi kukangaki lapho iNkosi yethembisa khona “ukuziphindaphinda izibusiso” (uvesi 23) kulabo abathembekile. Mhlawumbe kungaba yithuba elihle leli “lokubala izibusiso zakho” (“Count Your Blessings,” Hymns, 241) nokuthi nixoxe ngokuthi kunganisiza kanjani lokho ngezikhathi zobunzima. Abantwana bangakujabulela ukudweba izithombe zezibusiso ababongayo ngazo.

IMfundiso neziVumelwano 105:38–41.Singazenza kanjani “iziphakamiso zokuthula” (uvesi 40) uma abanye besiphatha ngokungenamusa noma ngokungalungile na? Ngabe yikuphi esingakwenza ukuba sibei “yisibonakaliso sokuthula” (uvesi 39) emakhaya ethu na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo eningalicula: “Count Your Blessings,” Hymns, no. 241.

Isithombe
uphawu lobufakazi ngokubuyiselwa

Ubufakazi Ngokubuyiselwa

INkambu yeSiyoni

Ngenxa yokuthi iNkambu yeSiyoni ayizange ibuyisele abaNgcwele emhlabeni wabo esiGodini saseJackson, abaningi bakubona lokho njengomzamo ongabanga yimpumelelo. Kodwa ke, abaningi ababamba iqhaza kuleNkambu yeSiyoni bathi uma bebheka emumva kukho konke abadlula kukho babona ukuthi iNkosi yayifeza kanjani inhloso enkulu ezimpilweni zabo ngokunjalo nakumbuso Wayo. Nabu obunye bobufakazi babo.

uJoseph Smith

Isithombe
uJoseph Smith

Sekudlule iminyaka engamashumi amane emva kweNkambu yeSiyoni, uJoseph Young owayeyilungu lalekambu, wabika ukuthi uJoseph Smith washo lokhu:

“Bafowethu, abanye benu bangicasukele, ngoba ningazange nilwe eMissouri; kodwa ake nginitshele nakhu, uNkulunkulu ubengafuni nilwe. Wayengeke ahlele umbuso wakhe namadoda ayishumi nambili ukuba kuvulelwe izizwe zomhlaba umnyango wevangeli, kukhona namadoda angamashumi ayisikhombisa esebenza ngaphansi kokuqondiswa yibo ukuba alandele ezindleleni zabo, ngaphandle uma lawo madoda wayewa thathe kumadoda ayenikele ngezimpilo zawo, futhi ayenze umnikelo omkhulu njengalowo ka-Abrahama.

Manje ke, iNkosi isinabo abayiShumi naMbili nabangamaShumi ayisiKhombisa, futhi kusazoba neminye imigwamanda yabangamaShumi ayisiKhombisa esazobizwa, nayo ezokwenza iminikelo, futhi labo abangakayenzi iminikelo yabo manje, bazoyenza emva kwalokhu.”1

uBrigham Young

Isithombe
uBrigham Young

“Kwathi uma sifika eMissouri iNkosi yakhuluma nenceku yayo uJoseph yathi, ‘Sengiwemukele umnikelo wakho,’ sase siba nenhlanhla yokubuyela futhi. Kuthe sengibuya abaningi babangani bami babuza ukuthi kwakuna nzuzoni ukubiza amadoda ezisebenzela ukuba aye eMissouri emva kwalokho abuye, engazange afeze lutho na? ‘Ngubani ozuzile ngalokho na?’ kwakubuza bona. ‘Uma kwakuyiNkosi eyayiyale ukuba lokhu kwenziwe, ngabe yayihloseni ngokwenza lokhu na?’ … Ngabatshela labo bafowethu ukuthi inhle inkokhelo engayithola––futhi ngakhokhelwa nangaphezulu––yebo isilinganiso sami sasichichima ngolwazi engangilutholile ngokuhamba noMphrofethi.”2

uWilford Woodruff

Isithombe
uWilford Woodruff

“Ngangise Nkambini yeSiyoni noMphrofethi kaNkulunkulu. Ngazibona izenzo zikaNkulunkulu ngaye. Ngawabona amandla kaNkulunkulu ngaye Ngabona ukuthi wayenguMphrofethi. Okwembulwa kuye ngamandla kaNkulunkulu sikulowomsebenzi wokuthunywa kwakubaluleke kakhulu kimi nakubo bonke abazemukela izimfundiso zakhe.”3

Ngesikhathi amalungu eNkambu yeSiyoni ebizwa iningi lethu lalingakaze libonane ngaphambilini; lalingazani futhi abaningi babengakaze mambone umphrofethi. Sasihlakazeke ndawo zonke, njengommbila uhlungwa ngesihlungo, ezweni lonke. Sasiyizinsizwa, futhi sabizwa ngalezo zinsuku zokuqala ukuba sikhuphuke siyohlenga iSiyoni, futhi okwakufanele sikwenze kwakufanele sikwenze ngokholo. Saqoqana ndawonye eKirtland sivela eziFundeni ezahlukene sakhuphuka ukuyohlenga iSiyoni, ukuze sifeze umyalelo kaNkulunkulu kithi. UNkulunkulu wayamukela imisebenzi yethu njengoba ayamukela neka-Abrahama. Kuningi esakufeza, nakuba abahlubuki nabangakholwa izikhathi eziningi babuza umbuzo othi ‘yikuphi enakwenza na?’ Esakuzuza ngokuzibonela thina sasingeke sikuzuze nganoma iyiphi enye indlela. Saba nenhlanhla yokubona ubuso bomphrofethi, futhi saba nenhlanhla yokuhamba naye amabanga amade, sibona ukusebenza kukamoya kaNkulunkulu ngaye, futhi nezambulo zikaJesu Kristu kuye ngokunjalo nokugcwaliseka kwalezo zambulo. Waqoqa amagosa angamakhulu amabili ezweni lonke ngalezo zinsuku zokuqala wawathumela asakazeka wonke umhlaba ukuyoshumayela ivangeli likaJesu Kristu. Ukuba angizange ngikhuphukele eNkambiini yeSiyoni ngabe angikho lapha namhlanje [eSalt Lake City, ngisebenza kuMgwamanda wabayiShumi naMbili]. … Ngokuya lapho saphonswa esivinini ukuba siyoshumayela ivangeli, futhi iNkosi yayemukela imisebenzi yethu. Futhi kuyo yonke imisebenzi yethu nokuhlushwa kwethu, izikhathi eziningi izimpilo zethu zisengcupheni, kwakufanele sisebenze futhi siphile ngokholo.”

“Esakuzuza ngokuzibonela ngokuhamba siyiNkambu yeSiyoni kwakuligugu elingaphezu kwegolide.”

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. KuJoseph Young Omdala, History of the Organization of the Seventies (1878), 14.

  2. “Discourse,” Deseret Weekly, ngo Disemba. 3, 1862, 177.

  3. Ngombiko woMhlangano oMkhulu, ngo-Epreli 1898, 29–30; bheka futhi Teachings of Presidents of the Church: Wilford Woodruff (2004), 135.

Isithombe
INkambu yeSiyoni ngasemfuleni

Zion’s Camp (Zion’s Camp at Fishing River) [INkambu yeSiyoni (INkambu yeSiyoni eMfuleni iFishing)], nguJudith A. Mehr

Shicilela