IMfundiso neziVumelwano 2021
Disemba 6–12. ImiBhalo yoKholo naMazwi Agunyaziwe okuQala nawesiBili: “Sikholwa”


“Disemba 6–12. ImiBhalo yoKholo naMazwi Agunyaziwe okuQala nawesiBili: ‘Sikholwa,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Disemba 6–12. ImiBhalo yoKholo naMazwi Agunyaziwe okuQala nawesiBili,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
ingubo ekhombisa izandla ezingamabala esikhumba ahlukahlukene

Kuwo Wonke Amalungu Ebandla Abesilisa, ngu-Emma Allebes

Disemba 6–12

ImiBhalo yoKholo na Mazwi Agunyaziwe 1 no 2

“Siyakholwa”

Ngesikhathi ufunda ImiBhalo yoKholo na Mazwi Agunyaziwe 1 nawesi 2, cabanga ngomthelela okube nawo eBandleni. Yikuphi okuthandayo ngamaqiniso afundiswayo?

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Eminyakeni engama-200 selokhu kwaba khona uMbono wokuQala kaJoseph Smith, uNkulnkulu uqhubekili wanikeza “isambulo phezu kwesambulo, nolwazi phezu kolwazi” kwabaholi beBandla Lakhe (IMfundiso kanye neziVumelwano 42:61). Ngezinye izikhathi, lesosambulo sayala abaholi beBandla ukuthi bashintshe imithetho nemisebenzi yeBandla, “njengokufisa kweNkosi, yenza umusa wayo ngokwezimo zabantwana babantu” (IMfundiso neziVumelwano 46:15`). Amazwi Agunyaziwe 1 nawesi 2 akhombisa isambulo esikanjalo—awodwa aphelisa isithembu, amanye enza izibusiso zobuphristi, ngisho nezibusiso zasethempelini, zitholwa ngabantu bazo zonke izinhlanga. Ushintsho olunje lukhombisa ukuthi kuchaza ukuthini ukuba “nebandla eliphilayo neliyiqiniso” (ImfundisoIMfundiso neziVumelwano 1:30), elinomphrofethi ophilayo futhi oneqiniso.

Kepha kukhona nezinto ezingashintshi—amaqiniso ayisisekelo. Futhi ngesinye isikhathi inhloso yesambulo ukukhanyisa lamaqiniso, ukusiza thina siwabone ngokucacile. ImiBhalo yoKholo—imisho ecacile kaJoseph Smith eyi-13 ekhuluma ngokuthi abaNgcwele bezinsuku zokuGcina bakholwa yini—iyayifeza lenhloso yokucacisa. Zombili izinhlobo zesambulo zihola futhi zibusisa iBandla, iBandla elimiswe ngaphezulu kwamaqiniso aphakade kodwa elikwaziyo ukukhula futhi lishintshe ngenkathi iNkosi ikhulisa ukuqonda kwethu ukusisiza sibhekane nezinkinga zanamuhla. Ngamanye amazwi, “Siyakukholwa konke lokho uNkulunkulu asekwambulile, konke lokho Yena akwembula manje, futhi sikholwa wukuthi Yena usazo kwembula izinto eziningi nezinkulu nezibalulekile ngokuphathelene noMbuso kaNkulunkulu” (ImiBhalo yoKholo 1:9).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

ImiBhalo YoKholo

ImiBhalo yoKholo iqukethe amaqiniso ayisisekelo sevangeli elibuyisiwe.

Indlela ongafunda ngayo ImiBhalo yoKholo ukubhala amaqiniso atholakala kuyo ngayinye bese uthola imibhalo engcwele ehambiselana nalawomaqiniso. Lemibhalo engcwele iqinisa kanjani ukuqonda kwakho amaqiniso akwi miBhalo yoKholo?

bheka futhi kuGuide to the Scriptures, “Articles of Faith,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org; kuL. Tom Perry, “The Doctrines and Principles Contained in the Articles of Faith,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Nov. 2013, 46–48; “Chapter 38: The Wentworth Letter,” ku Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith, 435–47.

ImiBhalo yoKholo 1:9; Amazwi Agunyaziwe 1 nawesi 2

Ibandla likaJesu Kristu liholwa yisambulo.

“Sikholwa wukuthi [uNkulunkulu] usazo kwembula izinto eziningi nezinkulu nezibalulekile ngokuphathelene noMbuso kaNkulunkulu” (ImiBhalo yoKholo 1:9), ngisho uma lezo zinto zichaza ukuthi kumele kushintshwe imithetho nokwenza kweBandla. Unalomgomo engqondweni, buyekeza Amazwi Agunyaziwe 1 nawesi 2, ubheka amagama nemisho eqinisa ukholo lwakho kwisambulo esiqhubekayo. Yiziphi ezinye izibonelo zesambulo esiqhubekayo esitholwe nguMphrofethi weNkosi ongazicabanga? Ngabe lezi zambulo ziyithinte kanjani impilo yakho? Ngabe ziwukhulise kanjani umsebenzi wombuso kaBaba oseZulwini.

Bheka futhi Amose 3:7; 2 Nefi 28:30.

IZwi EliGunyaziwe 1

Umsebenzi kaNkulunkulu kumele uqhubekele phambili.

“Emazwini athathwe eziNkulumweni eziNtathu ezenziwa nguMongameli uWilford Woodruff ngokuphathelene nalesi siMemezelo” (ekugcineni KweZwi EliGunyaziwe 1), uMphrofethi wanikeza siphi isizathu ngokuthi iNkosi imise umkhuba wesithembu? Lokhu kukufundisani ngomsebenzi kaNkulunkulu?

Ukuthola olunye ulwazi ngemvelaphi YeZwi EliGunyaziwe 1, bheka “The Messenger and the Manifesto” (Revelations in Context, 323–31) ne “Plural Marriage and Families in Early Utah” (Gospel Topics, topics.ChurchofJesusChrist.org).

Isithombe
isithombe sikaWilford Woodruff

uWilford Woodruff, nguH. E. Peterson

IZwi EliGunyaziwe 2

Singathembela kuNkulunkulu, ngisho noma singaqondisisi ngokuphelele.

Imibhalo engcwele isifundisa ukuthi sethembe iNkosi (bheka Izaga 3:5), futhi yilokho okwenziwa amalungu eBandla amaningi ayevela e-Afrika ngesikhathi iBandla liwanqabela ukuba athole ubuphristi nezimiso zasethempelini. Noma babengazi ukuthi kungani lomthetho ukhona—futhi bezwa ubuhlungu ngenxa yezincazelo ezazifundiswa ngalesosikhathi, lokho iBandla elingavumisani nakho manje—amaningi amalungu avela e-Afrika athembela eNkosini futhi ahlala enokholo izimpilo zawo zonke. Ngesikhathi ufunda IZwi EliGunyaziwe 2, ake uzindle ngokuthi ufunde kanjani ukuthembela eNkosini noma ungaqondisisi ngokuphelele.

Ukufunda ngokholo lwamalungu eBandla ebala elimnyama kungakugqugquzela. Nazi ezinye zezindaba zabo, ongazithola lapha history.ChurchofJesusChrist.org:

  • Jane Elizabeth Manning James” (Church History Topics)

  • In My Father’s House Are Many Mansions” (story of Green Flake)

  • You Have Come at Last” (story of Anthony Obinna)

  • “Break the Soil of Bitterness” (story of Julia Mavimbela)

  • I Will Take It in Faith” (story of George Rickford)

Bheka futhi “Witnessing the Faithfulness,” Revelations in Context, 332–41; Gospel Topics, “Race and the Priesthood,” topics.ChurchofJesusChrist.org; Ahmad Corbitt, “A Personal Essay on Race and the Priesthood,” parts 1–4, history.ChurchofJesusChrist.org; BeOne.ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

ImiBhalo YoKholo.Cabanga ngendlela umndeni wakho ongenza ngayo “izifundo ezincane” zemiBhalo yoKholo. Isibonelo, esontweni lonke, ilungu lomndeni ngalinye lingakhetha umbhalo owodwa bese lithola umbhalo ongcwele ohambisana nawo, isithombe, iculo, noma iculo lezingane noma ngabe ngokwenzeka kuye.

Noma amalungu omndeni angashintshisana abuzane imibuzo ngeBandla nesikukholwayo bese kuphendulwa leyo mibuzo ngombhalo wokholo.

Amazwi Agunyaziwe 1 nawesi 2.Amazwi Agunyaziwe 1 nawesi 2 asisiza siqonde indima yesambulo samanje eBandleni. Ngesikhathi umndeni wakho uwafunda ndawonye, cabanga ngokukhuluma ngendlela uMprofethi asihola ngayo “ngokushisekeliswa nguNkulunkulu Onamandla” (Izwi EliGunyaziwe 1). Lamazwi amabili aliqinisa kanjani ukholo lwethu kuNkulunkulu ophilayo noziholela Yena iBandla Lakhe? Sisibona kanjani isandla Sakhe emsebenzini weBandla namuhla? Ningase nikhethe ukubheka ndawonye ezinye izinto “Kwamasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele” ngenhla.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Keep the Commandments,” Children’s Songbook, 146-47.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Mema futhi ulandelele ngabacelwe ukuba bakwenze. “Uma ulandelela isimemo sokwenza, ukhombisa [amalungu omndeni wakho] ukuthi uyazikhathaza ngawo nokuthi ivangeli libusisa kanjani izimpilo zawo. Ubanikeza nethuba lokukhuluma ngokwenzeke kubona” (Teaching in the Savior’s Way, 35).

Shicilela