IMfundiso neziVumelwano 2021
Disemba 13–19. Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke: “Umndeni Ubaluleke Kakhulu Ngokuphathelene Nohlelo lukaMdali”


“Disemba 13–19. Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke: ‘Umndeni Ubaluleke Kakhulu Ngokuphathelene Nohlelo lukaMdali”,’”Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Disemba 13–19. Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe

Disemba 13–19

Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke

“Umndeni Ubaluleke Kakhulu Ngokuphathelene Nohlelo lukaMdali”

UMongameli uDallin H. Oaks wathi:”Ngikholelwa ukuthi indlela esithatha ngayo nesisebenzisa ngayo isimemezelo somndeni [yisivivinyo] salesisizukulwane. Ngithandazela bonke abaNgcwele beziNsuku zokuGcina ukuba bame baqine kulesisivivinyo” (“The Plan and the Proclamation,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Nov. 2017, 31). Cabanga ngalamazwi ngesikhathi ufunda isimemezelo somndeni kulelisonto.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngisho singakazalwa, sasinomndeni—umndeni waBazali bethu abaseZulwini. Ngesikhathi sekufika isikhathi sokubashiya, kufanele ukuba kwakusiduduza ukwazi ukuthi nasemhlabeni, imindeni yayizoba yingxenye yesu likaNkulunkulu. Indlela okwenziwa ngayo izinto emhlabeni kumele ilandele indlela okwenziwa ngayo izinto ezulwini.

Asikho isiqiniseko sokuthi imindeni yasemhlabeni izolunga noma isebenze kahle. Kodwa njengoba uMongameli uHenry B. Eyring afundisa, imindeni “inikeza abantwana baNkulunkulu ithuba elihle lokwamukelwa ngothando emhlabeni olucishe lifane nalelo esiluzwe ezulwini—uthando lwabazali” (“Gathering the Family of God,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Meyi 2017, 20). Ngokwazi ukuthi imindeni ayilungile ngokuphelele futhi ihlaselwa isitha, uNkulunkulu wathumela iNdodana Yakhe ayiThandayo ukuzosihlenga futhi ipholise imindeni yethu. Futhi wathumela abaphrofethi bezinsuku zokugcina nesimemezelo sokuvikela nokuqinisa imindeni. Uma silandela abaphrofethi futhi sibeka ithemba kuMsindisi, noma ngabe imindeni yasemhlabeni ayilungile ngokuphelele, likhona ithemba ngemindeni—emhlabeni nasezulwini.

Isithombe

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

“Umndeni Ubaluleke Kakhulu Ngokuphathelene Nohlelo loMdali.”

“Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke” sikhuluma ngemindeni ngokucacile. Kepha futhi sikhuluma ngesu lensindiso likaNkulunkulu. Indlela eyodwa yokusifunda isimemezelo ukubheka lokho esikufundisayo mayelana nempilo eyandulela eyasemhlabeni, yasemhlabeni, kanye nempilo emhlabeni ozayo. Yikuphi okutholayo uma ufunda isimemezelo ngalendlela? Lokhu kukusiza kanjani ukuthi uqonde ukuthi kungani umshado nomndeni kubaluleke ohlelweni likaNkulunkulu?

Bheka futhi uDallin H. Oaks, “The Plan and the Proclamation,” kwi-Ensign noma iLiyahona, yangoNovemba 2017, 28–31.

“Injabulo empilweni yomndeni kunokwenzeka ibe khona uma inesisekelo sezimfundiso zeNkosi uJesu Kristu.”

Cabanga ngesigaba sesithuba nesigaba sesikhombisa sesimemezelo somndeni njengendlela “yenjabulo empilweni yomndeni.” Ngesikhathi ufunda lezizigaba, bheka imigomo “yemishado nemindeni enempumelelo.” Bese ucabanga ngobudlelwane emndenini ongafisa ukukuqinisa. Yikuphi ozwa ukuthi kumele ukwenze? Uzomfaka kanjani uMsindisi emizamweni yakho?

Bheka futhi kuRichard J. Maynes, “Establishing a Christ-Centered Home,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Meyi 2011, 37–39; “What Matters Most,” video, ChurchofJesusChrist.org.

“Kuzomele ngichaze kuNkulunkulu” ngendlela engiphatha ngayo umndeni wami.

Isimemezelo somndeni siqukethe izibusiso ezimangazayo uBaba oseZulwini azithembisa laba abalandela imiyalo Yakhe. Futhi ihlanganisa izixwayiso zalabo abangayilandeli. Cabanga ngokwenza uhla lwezibusiso nezixwayiso ozitholayo.

Wena wenzani ukulandela imiyalo kaNkulunkulu ekwisimemezelo? Uma ungama phambi kwaNkulunkulu namuhla, yikuphi ongajabula ukukuxoxa Naye ngobudlelwane bomndeni wakho? Yikuphi ongadinga ukuthi ukulungise?

Bheka futhi u-Alima 5:15–22; IMfundiso neziVumelwano 42:22–25; 93:39–44.

Isithombe

Abazali kumele bakhulise abantwana babo ngothando nokulunga.

Ngingazithola izibusiso ezithenjisiwe uma isimo somndeni wami singalungile na?

IGosa uD. Todd Christofferson wafundisa ukuthi: “Ukunikeza amaqiniso ayisisekelo ngokuphathelene nomshado nemindeni akukhona ukuziba noma ukubukela phansi iminikelo nemiphumela yalabo abangakakwazi ukuphila ngaleyondlela okwamanje. … Wonke umuntu unezipho, wonke umuntu unamakhono; wonke umuntu angakwazi ukuhlanganyela ekuqaqekeni kwaleliicebo laphezulu esizukulwaneni ngasinye. Okuningi okuhle, okuningi okubalulekile—ngisho ngezinye izikhathi konke okudingekayo okwamanje, kungenzeka kwizimo ezingalungile ngokuphelele. … Ngesiqiniseko siyafakaza ukuthi iNhlawulo kaJesu Kristu ekulindele, futhi ekugcineni, izokhokhela konke ukuhlupheka nokulahlekelwa kwalabo abaphendukela kuye. Akekho odalelwe ukuthola okuncane kunalokho uNkulunkulu akubekela abantwana Bakhe” (“Why Marriage, Why Family,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Meyi 2015, 52).

Isithombe

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

“Ubulili buyisimilo esifunekayo somuntu ngamunye empilweni eyandulela eyasemhlabeni, yasemhlabeni, nezayo ngokunjalo nenhloso.”Kungasiza umndeni wakho ukuthi uxoxe ngemfundiso ephathelene nobulili nokuthandana kobulili obufanayo, loku okulandelayo kungase kusize: uDallin H. Oaks, “Truth and the Plan,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Nov. 2018, 25–28; Gospel Topics, “Same-Sex Attraction,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

“Isu elingcwele lenjabulo.”Ukusiza umndeni wakho ubone ukubaluleka kwemindeni ohlelweni lukaBaba oseZulwini, ungabhala ukuthi impilo eyandulela eyasemhlabeni nokuthi impilo yasemhlabeni nokuthi impilo emva kokufa ezindaweni ezintathu ephepheni. Bhekani isimemezelo ndawonye, futhi nibhale ephepheni ukuthi yikuphi enikufundayo ngakho kontathu. Kungani imindeni ibalulekile kuNkulunkulu?

“Imindeni [inga]hlanganiswa ingunaphakade,”Ningabukela ividiyo ethi “Plan of Salvation—We’re Still a Family” (ChurchofJesusChrist.org). Bheka isimemezelo somndeni ukuthola amaqiniso kulevidiyo lawa umfana omncane ayewaqonda futhi amusiza ukuthi abe nokholo.

“Injabulo empilweni yomndeni,”Ukuxoxa ukuthi ningayithola kanjani “injabulo [eningi] empilweni yomndeni [wakho],” ningacula ndawonye iculo elikhuluma ngemindeni, njengaleli elithi “Home Can Be a Heaven on Earth” (Hymns, no. 298). Yikuphi esikufundayo eculweni nasembhalweni wesimemezelo somndeni okungaletha injabulo eningi emndenini wethu? Singaqinisekisa kanjani ukuthi umndeni wethu “usekelwe yizimfundiso zeNkosi uJesu Kristu”? Cabanga ngokukhetha imfundiso eyodwa ongasebenzela phezukwayo kulelisonto.

“Qinisa umndeni njengesisekelo esibalulekile emphakathini.”USathane Uzama kanjani ukubhidliza imindeni emhlabeni? Thina singayidlala kanjani indima yethu yokuqinisa imindeni? Ukuthola amasu, bheka umyalezo kaDade uBonnie L. Oscarson “Defenders of the Family Proclamation” (kwi-Ensign noma iLiyahona, Meyi 2015, 14–17).

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Home Can Be a Heaven on Earth,” Hymns, no. 298.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Thola uthando lukaNkulunkulu. UMongameli uM. Russell Ballard wafundisa ukuthi, “ivangeli yivangeli lothando—uthando lukaNkulunkulu nothando lwethu” (“God’s Love for His Children,” kwi-Ensign, May 1988, 59). Ngesikhathi ufunda isimemezelo somndeni, cabanga ngokubhala noma ukudwebela ubufakazi bothando lukaNkulunkulu obusemqoka kuwe.

Shicilela