IMfundiso neziVumelwano 2021
Disemba 20–26. UKhisimusi: Isipho Esikhulu seNdodana Engcwele kaNkulunkulu


“Disemba 20–26. “UKhisimusi: Isipho Esikhulu seNdodana Engcwele kaNkulunkulu’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Disemba 20–26. UKhisimusi,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
isithombe saMariya noJesu omncane

Isithombe seNdaba kaJesu nguJ. Kirk Richards

Disemba 20–26

UKhisimusi

Isipho Esikhulu seNdodana Engcwele kaNkulunkulu

Indlela eyodwa yokucabanga ngoMsindisi ngaloKhisimusi ukufunda “UKristu Ophilayo: Ubufakaza babaPhostoli.” Loluhlelo lunikeza izindlela ongenza ngazo lobubufakazi obuyisiphrofetho kube yingxenye yokuzifundela ivangeli nokulifunda nomndeni wakho.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngonyaka ka-1838, uMphrofethi uJoseph Smith wathi, “Imigomo esemqoka yokholo lwethu ngubufakazi kwabaPhostoli nabaPhrofethi, ngoJesu Kristu, ukuthi wafa, wangcwatshwa, futhi wavuka ngosuku lwesithathu, futhi wanyukela ezulwini; futhi konke okunye kokholo lwethu kuxhume kulokho” (Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith, 49). Sekudlule iminyaka, uMongameli uRusselll M. Nelson wathi “kwakuyilomusho woMprofethi owanika isizathu sokuthi abaphrofethi, ababonayo, nabembulayo abayi-15 bakhiphe futhi basayine ubufakazi babo ukugubha iminyaka eyizi-2000 selokhu kwazalwa iNkosi. Lobu bufakazi obukhulu bubizwa ngokuthi ‘uKristu oPhilayo.’ Amalungu amaningi azi amaqiniso abo ngenhliziyo. Amanye awazi nokuthi kukhona into ekanje. Ngesikhathi ufuna ukufunda kabanzi ngoJesu Kristu, ngiyakukhuthaza ukuba ufunde ‘Ukristu Ophilayo’” (“Drawing the Power of Jesus Christ into Our Lives,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Meyi 2017, 40).

NjengabaNgcwele bezinsuku zokuGcina, siyajabula ngesibusiso sesambulo esiqhubekayo ngabaPhrofethi bamanje kanye nabaPhostoli. Sibonga amazwi abo ayalayo, axwayisayo, nagqugquzelayo. Kepha ikakhulukazi, sibusisekile ngobufakazi babo obunamandla bukaJesu Kristu—ngesikhathi sikaKhisimusi futhi naseskhathini sonyaka wonke. Lawa amagama amakhulu kunokuba nje amagama ababhali abaqeqeshekile noma abantu abayizikhulumi noma amazwi acashunwe kwimibhalo engcwele. Amagama “ofakazi abakhethekileyo begama likaKristu emhlabeni wonke” (IMfundiso kanye neziVumelwano 107:23), abakhethiwe, babizwa futhi bagunyazwa nguNkulunkulu.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

“Akekho omunye oke waba nomthelela omngaka.”

Yimiphi imicabango efikayo kuwe ngesikhathi ufunda NgokukaLuka 2:10–11 kanye nesigaba sokuqala sombhalo othi “UKristu Ophilayo”? Yikuphi ongakusho ukusekela umusho othi “akekho omunye oke waba nomthelela omngaka [kunoJesu Kristu] kubo bonke abaphilile futhi abasazophila emhlabeni”? Bheka amaqiniso ku “Kristu Ophilayo” achaza umthelela kaJesu Kristu. Wena Ukuthinte kanjani futhi wakulethela kanjani “injabulo enkulu”? (NgokukaLuka 2:10).

“Wavuka ethuneni.”

Kumbhalo othi “uKristu oPhilayo,” abaPhostoli bafakaza ngoVuko loMsindisi, babala izikhathi ezintathu lapho iNkosi yaziveza khona isivukile (bheka isigaba 5). Cabanga ngokufunda ngalezizikhathi lapha ngokukaJohane 20–21; 3 Nefi 11–26; and Joseph Smith—Umlando1:14–20. Ufundani ngoMsindisi emazwi nasezenzweni Zakhe ngezikhathi eziveza?

“Ubuphristi Bakhe neBandla Lakhe kuBuyiselwe.”

Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano kulonyaka,ube nethuba lokufunda kabanzi ngokuthi “ubuphristi neBandla Lakhe kubuyiselwe” kanjani. Yimaphi amaqiniso noma imigomo ebuyiseliwe ebalulekile kuwe? Cabanga ngokubuyekeza imibhalo engcwele efundisa ngokuBuyiselwa kweVangeli: IMfundiso neziVumelwano 1:17–23; 13; 20:1–12; 65; 110; 112:30–32; 124:39–42; 128:19–21. Ake udlinze ngendlela amaqiniso evangeli elibuyiselwe akusiza ngayo ukuthi wazi futhi ukhonze uJesu Kristu ( (bheka kwi Mfundiso neziVumelwano 93:19).

“Ngelinye ilanga Uzobuya emhlabeni.”

Isikhathi saKhisimusi isikhathi sokubheka emuva ngosuku lokuzalwa kukaJesu Kristu nokubheka phambili kulolosuku azobuya ngalo futhi. Yikuphi okufundayo ngokubuya Kwakhe kwisigaba sesibili ngaphambi kwalesi sokugcina embhalweni othi “uKristu oPhilayo”? Kungase kube mnandi futhi ukufunda, ukucula, noma ukulalela amaculo asifundisa ngokuBuya kwesiBili, njengalawa athi “Joy to the World” noma “It Came upon the Midnight Clear” (Hymns, nos. 201, 207).

“Ungukukhanya, ukuphila, nethemba lomhlaba.”

Kwisigaba sokugcina kumbhalo othi “uKristu oPhilayo,” qaphela isimilo nezihloko ezinikezwe uJesu Kristu. Imibhalo engcwele elandelayo ingakusiza udlinze ngokuthi yingani uJesu Kristu “[e]ngukukhanya, ukuphila, nethemba lomhlaba”: ngokukaLuka 2:25–32; 1 abaseKorinte 15:19–23; Moroni 7:41; Imfundiso neziVumelwano 50:24; 84:44–46; 93:7–10. Ungukukhanya, impilo, nethemba kanjani kuwe? Yikuphi okunye noma izihloko zikaMsindisi ezisho okukhulu kuwe?

Ukufunda umbhalo othi “uKristu oPhilayo” kuthinte kanjani ukholo lwakho nothando kuMsindisi?

Isithombe
uJesu Kristu

Ukukhanya koMhlaba, nguHoward Lyon

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

“uKristu oPhilayo.”Ukusiza umndeni wakho uqonde amaqiniso afundiswe ngoMsindisi kumbhalo othi “uKristu oPhilayo,” ningakhetha amagama asemqoka bese nisebenza ndawonye ukuthola noma nidwebe izithombe ezitshengisa lamagama. Bese ningahlanganisa lawo magama nezithombe nenze incwadi.

“Sinikeza ubufakazi bethu.”Yikuphi esikufundayo ku “Kristu oPhilayo” ngokuthi kuchaza ukuthini ukuba nobufakazi? Ungase ufune ukubhala ubufakazi bakho ngoKristu ukuguba ukuzalwa koMsindisi.

“Wahamba enza okuhle.”Umndeni wakho ungasilandela kanjani isibonelo soMsindisi sokusiza abanye kuloKhisimusi? Uzokugcwalisa kanjani “ukuthula nokuhle” emndenini wakho nasemphakathini na? Ungasiza kanjani ukuletha “ukulapheka kwabagulayo”? Ungase uthole amasu kwamanye amavidiyo angoKhisimusi kwi-app yeGosepl Media noma iGospel Media Library (medialibrary.ChurchofJesusChrist.org).

“UNkulunkulu makabongwe ngesipho esikhulu seNdodana Yakhe Engcwele.Yiziphi izipho esizitholile ngenxa kaJesu Kristu? Mhlawumbe amalungu omndeni angathola izimpendulo kumbhalo othi “uKristu oPhilayo” bese egoqa lezo zinto ezimele lezo zipho eziphuma kuMsindisi. Umndeni wakho ungazivula lezo zipho ngosuku lukaKhisimusi noma esontweni futhi ufunde imibhalo engcwele ephathelene nesipho ngasinye. Nayi imibhalo engcwele ongayifunda, noma umndeni wakho ungathola eminye: NgokukaLuka 2:10–14; 1 Peteru 2:21; Mosiya 3:8; u-Alima 11:42–43; Imfundiso neziVumelwano 18:10–12. Ningacula futhi neculo elikhuluma ngoMsindisi, njengaleli elithi ““He Sent His Son” (Children’s Songbook, 34–35), ukuthola ezinye izipho eziphuma kuYe.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Hark! The Herald Angels Sing,” Hymns, no. 209.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Gxila kuMsindisi. “Ukufunda ngomkhuleko umbhalo othi ‘uKristu oPhilayo’ kufana nokufunda ubufakazi bukaMathewu, uMarku, uLuka, uJohane nabaphrofethi baseNcwadini kaMormoni. Kuzokhulisa ukholo lwakho kuMsindisi futhi kukusize ukuthi ugxile kuYe”(M. Russell Ballard, “Return and Receive,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Meyi 2017, 65).

Shicilela