IMfundiso neziVumelwano 2021
Novemba 29–Disemba 5. IMfundiso neziVumelwano 137–138: “Umbono ngokuKhululwa kwabaFileyo”


“Novemba 29–Disemba 5. IMfundiso neZivumelwano 137–138: “Umbono ngokuKhululwa kwabaFileyo,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni 2021 (2020)

“Novemba 29–Disemba 5. IMfundiso neziVumelwano 137–138,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye kanye Nemindeni: 2021

Isithombe
abantu besezweni lemimoya

UJoseph ubona uyise, unina, nomfowabo embusweni wesilestiyali (Umbono kaJoseph Smith woMbuso weSilestiyali, nguRobert Barrett).

Novemba 29–Disemba 5

IMfundiso neziVumelwano 137–138

“Umbono ngokuKhululwa kwabaFileyo”

UMongameli uM. Russell Ballard wasifundisa wathi: “Ngiyanimema ukuba nifundisise kakhulu futhi nangomcabango [IMfundiso neziVumelwano 138]. Ngesikhathi nenzenjalo, sengathi iNkosi inganibusisa ukuba niqonde ngokuphelele futhi nibe nokubonga ngothando lukaNkulunkulu nangohlelo Lwakhe lwensindiso nenjabulo yabantwana Bakhe” (“The Vision of the Redemption of the Dead,” kwi-Ensign noma iLiyahona, ngoNovemba 2018, 73).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Izambulo ezibhalwe kwi Mfundiso neziVumelwano 137 no 138 zihlukaniswe yiminyaka engaphezulu kwamashumi ayisishiyagalombili nebanga elingamangamayela ayizinkulungwane namakhulu amahlanu. Isigaba 137 sanikwa umPhrofethi uJoseph Smith ngonyaka ka-1836 eThempelini laseKirtland elalingakaqedwa ukwakhiwa, kanti isigaba 138 sanikwa uJoseph F Smith, uMongameli wesithupha waleliBandla, ngonyaka ka1918, eSalt Lake City. Kodwa ngokwemfundiso, lemibono yombili ihlangene futhi ingeyandawonye. Yombili iphendula imibuzo ephathelene nokuthi ngabe abantwana baNkulunkulu baphelelaphi empilweni elandelayo. Futhi yomibili ijulile ngencazelo uma sibheka lokho abadlula kukho empilweni abaphrofethi abayithola lemibono.

Umbono kaJoseph Smith wamsiza ukuba aqonde ngalokho umfowabo amthandayo u-Alvin ayedalelwe kona ingunaphakade, owayefe iminyaka eyisithupha ngaphambi kokuba kubuyiselwe igunya lokubhabhadisa. UJoseph Smith wayelokhu aba nemibuzo ngokusindiswa kwaphakade kuka-Alvin selokhu afa. Umbono kaJoseph F Smith wembula amaqiniso amahle kakhulu ngezwe lemimoya––nakanjani okwaba yisambulo esaletha induduzo kulowo owayedabukile ngenxa yokufa kwamalungu amaningi athandekayo omndeni wakhe. UJoseph F Smith walahlekelwa nguyise, uHyrum Smith, eseneminyaka emihlanu ubudala nonina, uMary Fielding Smith, eseneminyaka eyishumi nantathu ubudala. Ngesikhathi esethola umbono wakhe ngonyaka ka1918, wayeseke wadabuka ngenxa yokufa kwabantwana abayishumi nantathu.

Miningi imibuzo ephendulwayo kulemibono ephathelene nempilo emveni kokufa. Isigaba 137 sisinika ulwazi olufihlakele ngokuphathelene naleyo mibuzo, kanti isigaba 138 naso sisinika ulwazi olufihlakele kodwa ngokuthe xaxa. Zombili lezizigaba, ziyafakaza “ngothando olukhulu nolumangalisayo olwabonakaliswa nguBaba neNdodana” (IMfundiso neziVumelwano 138:3).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 137

Wonke umuntu uzoba nethuba lokuba azikhethele inkazimulo yesilestiyali.

Okwakwaziwa yiwo wonke amaKrestu ngonyaka ka1836 wukuthi uma kwenzeka umuntu efa engazange abhabhadiswe––njengoba kwenzeka kumfowabo kaJoseph Smith, u-Alvin––lowomuntu wayengeke aye ezulwini. Kodwa uJoseph wabona u-Alvin embonweni wombuso wesilestiyali. Ngesikhathi ufunda isigaba 137, zindla ngalokho okufundayo ngoBaba oseZulwini, ngohlelo Lwakhe lwensindiso, nangombuso wesilestiyali.

­

IMfundiso neziVumelwano 138:1–11, 25–30

Ukufunda nokuzindla emibhalweni engcwele kuyangilungiselela ukuba ngithole isambulo.

Kwesinye isikhathi isambulo sifika ngisho singasifunanga. Kodwa isikhathi esiningi, sifika ngenxa yokuthi siyafuna ngokukhuthala futhi siyazilungiselela. Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 138:1–11, qaphela ukuthi uMongameli Joseph F. Smith wayenzani ngesikhathi “amehlo okuqonda [kwakhe] evuleka” ukuqonda kangconywana umsebenzi wokuthunywa okhululayo kaMsindisi. Emveni kwalokho, nawe ake ucabange ngokuthi ungasilandela kanjani isibonelo sikaMongameli Smith. Njengokuthi, ngabe yiziphi izinguquko ongazenza ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele ukuvumela “ukuzindla emibhalweni engcwele” ngokunjalo “nokucabanga ngomnikelo omkhulu wokuhlawula [kaMsindisi]”na? (Amavesiamavesi 1–2).

­ Ake ucabange ngokuthi wena ngabe ulungiselelwe kanjani ukuba udlule kukho konke odlula kukho noma osazodlula kukho kusasa.

­

Isithombe
umfanekiso kaJoseph F. Smith

uJoseph F. Smith, ngu-Albert E. Salzbrenner

IMfundiso neziVumelwano 138:25–60

Umsebenzi wensindiso wenzeka nhlangothi zombili zeveli.

UMongameli uRussell M. Nelson wasifundisa wathi, “Umyalezo wethu emhlabeni usobala futhi uliqiniso: sibamema bonke abantwana baNkulunkulu nhlangothi zombili zesisitho ukuba beze kuMsindisi wabo, bathole izibusiso zethempeli elingcwele, bathole injabulo engapheliyo, futhi babe namandla okuzuza ukuphila okuphakade” (“Let Us All Press On,” kwi-Ensign noma iLiyahona, ngoMeyi 2018, 118–19). Ake udlinze ngalokhu okushiwo ngesikhathi ufunda kwi Mfundiso neziVumelwano 138:25–60. Ungacabanga futhi ngokuphendula lemibuzo elandelayo:

  • Ngabe yikuphi okufundayo kulamavesi mayelana nokuthi umsebenzi wevangeli ufezwa kanjani ezweni lemimoya na? Kubaluleke ngani kuwe ukuba wazi ukuthi lomsebenzi uyenziwa na? Ngabe lamavesi aluqinisa kanjani ukholo lwakho kuyo iNhlawulo yoMsindisi na?

  • Ngabe lamavesi akufundisani mayelana nalabo aba bamba iqhaza emsebenzini wensindiso ezweni lemimoya na? Ngabe kubaluleke ngani ukuqonda ukuthi umsebenzi wensindiso wenziwa nhlangothi zombili zesisitho na?

­

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 137:1–5.Bameme abomndeni wakho ukuba badwebe umfanekiso walokho abakucabangayo ngokuthi ngabe umbuso wesilestiyali unjani ngokuthathela kulamavesi. Ngabe yikuphi okutholayo kulamavesi okukusiza ukuba ulangazelele ukuphila lapho na? Ngabe senzani njengamanje ukulungiselela ukuphila embusweni wesilestiyali noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu na?

IMfundiso neziVumelwano 137:5–10.­ Xoxani ngenimaziyo owafa engazange alithole ithuba lokubhabhadiswa. Ngabe sifundiswani kwi Mfundiso neziVumelwano 137:5–10 mayelana nalowo muntu na?

Mfundiso neziVumelwano 138:12–24.Ngabe IMfundiso neziVumelwano 138:12–24 isifundisani ngalabo bantu uMsindisi abahambela ezweni lemimoya na? Yiziphi izibusiso abazithola na? Yikuphi ongakufunda ngezibonelo zabo na?

IMfundiso neziVumelwano 138:38-55.Lamavesi achaza ngalabo uMongameli Joseph F. Smith ababona ezweni lemimoya nemininingwane embalwa ngabo. Mhlawumbe umndeni wakho ungenza uhla lobabamkhulu benu asebesezweni lemimoya, kuhlanganisa nemininingwane ngezimpilo zabo.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Search, Ponder, and Pray,” Children’s Songbook, 109.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Ukuzindla emibhalweni engcwele. UMongameli uDavid O. McKay wathi ukuzindla “kungeminye yeminyango engcwele esidlula kuyo ukuya lapho kukhona khona iNkosi” (Teachings of Presidents of the Church: David O. McKay [2003], 32).

Isithombe
uJesu esezweni lemimoya

Izithunywa, nguHarold I. Hopkinson. uJesu Kristu wathuma imimoya elungileyo ukuba iyoshumayela ivangeli ezweni lemimoya.

Shicilela