IMfundiso neziVumelwano 2021
Novemba 22–28. IMfundiso neziVumelwano 135–136: “‘Usekuqinisile Ukuthunywa Kwakhe Nemisebenzi Yakhe Ngegazi Lakhe Uqobo’”


“Novemba 22–28. IMfundiso neziVumelwano 135–136: “‘Usekuqinisile Ukuthunywa Kwakhe Nemisebenzi Yakhe Ngegazi Lakhe Uqobo’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Novemba 22–28. IMfundiso neziVumelwano 135–136,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
ingaphandle leJele laseCarthage

iJele laseCarthage

Novemba 22–28

IMfundiso neziVumelwano 135–136

“Usekuqinisile Ukuthunywa Kwakhe Nemisebenzi Yakhe Ngegazi Lakhe Uqobo”

Ngesikhathi uyifunda IMfundiso neziVumelwano 135–36, iNkosi ingakufaka ugqozi ngokuthi ubone okufihlekileyo ukuze ukwazi ukukusebenzisa lokho okufundayo empilweni yakho. Uma kwenzeka lokho, kubhale phansi lokhu Akufundisa kona.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngentambama yangomhlaka 27 kuJuni, 1844, uJoseph Smith noHyrum Smith babesejele futhi, bephelezelwa nguJohn Taylor noWilliam Richards. Babekholwa wukuthi babengenacala, kodwa baziletha ukuba baboshwe, benethemba lokuthi ngokwenza njalo babezovimbela udlame kwabaNgcwele ababeseNauvoo. Kwakungekona okokuqala izitha zeBandla zifake uMphrofethi uJoseph ejele, kodwa ngalesi sikhathi kwaba sengathi wayazi ukuthi wayengeke esabuya esaphila. Yena nabangani bakhe bazama ukududuzana ngokufunda iNcwadi kaMormoni becula namaculo. Emveni kwalokho kwezwakala ukudubula kwezibhamu, kwathi emva kwemizuzwana nje izimpilo zikaJoseph Smith noHyrum umfowabo zasezifike esiphethweni.

Nakuba kunjalo lokhu kwakungesona isiphetho somgomo wasezulwini ababe wemukele. Futhi kwakungesona isiphetho sokuBuyiselwa kwevangeli likaJesu Kristu. Wawusemningi umsebenzi okwakusafanele wenziwe futhi zaziseziningi nezambulo ezazisazohola leliBandla ukuba liye phambili. Ukubulala uMphrofethi kwakungeke kuwubulale umsebenzi kaNkulunkulu.

­

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 135; 136:37–39.

UJoseph noHyrum babuqinisa ubufakazi babo ngegazi labo.

Ake ucabange nje ukuthi wawungaba nayiphi imizwa ukuba wawuhlala eNauvoo ngesikhathi uJoseph noHyrum bebulawa . Wawuzozama kanjani ukuqondisisa lesi sehlakalo esesabekayo na? IMfundiso neziVumelwano 135, eyakhishwa okokuqala kungakapheli izinyanga ezintathu emveni kokufel’ukholo, kungenzeka yaba nosizo kulokhu. Ungawadwebela lawo magama nemishwana eyayingakusiza ukuba uthole ukuqonda nesethembiso. Ngabe yikuphi ongakusho kulowo obuza lombuzo, “Kungani uNkulunkulu avumela kubulawe uMphrofethi Wakhe na?”

Bheka futhi kwi Mfundiso neziVumelwano 5:21–22; 6:29–30; naku M. Russell Ballard, “Shall We Not Go On in So Great a Cause?kwi-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi, 2020, 8–11).

IMfundiso neziVumelwano 135:3

UJoseph Smith usenze okuningi kunanoma yimuphi omunye umuntu ukuze sisindiswe ngaphandle kukaJesu Kristu.

Ake ucabange ngezibusiso osuzitholile njengelungu leBandla likaJesu Kristu. Ngabe zingaki kulezo zibusiso ezaba yimiphumela yomsebenzi owafezwa nguMphrofethi uJoseph Smith na? IMfundiso neziVumelwano 135:3 ibalula ezinye zezinto ezinkulu uJoseph Smith azifeza eminyakeni engamashumi amabili nane kulandela uMbono wokuQala. Ngabe lezi zinto sezibuthinte kanjani ubudlelwane bakho noBaba oseZulwini noJesu Kristu na? Ake ucabange ngokuqopha ubufakazi bakho ngoMphrofethi uJoseph Smith. Ngubani ongadinga ukubuzwa ubufakazi bakho na?

IMfundiso neziVumelwano 136

INkosi iyangeluleka “ekuhambeni” kwami empilweni.

Emveni kokususwa endaweni yaseNauvoo, abaNgcwele babhekana nohambo olude olwalubheke esiGodini saseSalt Lake, futhi ke emabangeni okuqala ohambo lwabo babehamba kancane futhi kugcwele usizi. UBrigham Young, okwakunguye manje owayesehola iBandla njengoMongameli woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, wayekhathazeka ngokuthi abaNgcwele babezophila isikhathi esingakanani kulolonke loluhambo. Wasungula indawo yokuhlala yesikhashana eyayibizwa ngokuthi yiWinter Quarters wase ekhulekela ukuholwa. Ukuphendula umkhuleko wakhe, iNkosi yamnika isambulo, manje osekuyi sigaba 136. Phakathi kwezinye izinto, lesisambulo sabakhumbuza abaNgcwele “ukuthi ukuziphatha kwabo kuloluhambo kwakubaluleke njengalapho babeya khona” futhi “sasiza ukuba kuguqulwe ukuthutheleka kwabantu kuyiwa entshonalanga kungabi yinto okudingeke yenzeke ngenxa yeshwa kodwa kube yinto ebalulekile abayizwayo nabayibonayo ngokomoya bendawonye”.

Wukhumbule lomongo walendaba ngesikhathi usasifunda isigaba 136. Ngabe yisiphi iseluleko ositholayo esingasiza siguqule ukuvivinywa okunzima empilweni yakho “kube yinto ebalulekile oyizwayo noyibonayo ngokomoya” na? Ungazindla futhi ngokuthi ngabe lesoseluleko singakusiza kanjani ukuba ufeze intando yeNkosi empilweni yakho, njengoba sabasiza nabaNgcwele ukuba bakwazi ukuhamba uhambo olwalunzima kuyiwa eNtshonalanga.

Bheka futhi ku “This Shall Be Our Covenant,” Revelations in Context, 307–14; ChurchofJesusChrist.org/study/history/topics.

Isithombe
iWinter Quarters

eWinter Quarters, nguGreg Olsen

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 135:1, 3.­ Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngalamavesi na? Singathembeka kanjani ngokuhambisana nobufakazi esinabo, ngisho noma singacelwa ukuba sinikele ngezimpilo zethu ngenxa yalobo bufakazi na?

IMfundiso neziVumelwano 135:3.Ukuze nixoxe ngokuthi ngabe usho ukuthini lomusho othi uJoseph Smith wenze “okuningi, ngaphandle kukaJesu kuphela, ukuze abantu basindiswe kulomhlaba, kunanoma yimuphi omunye umuntu,” cabanga ngokubuyekeza lokho umndeni wakho okufundile ngoJoseph Smith kulonyaka. Ungasebenzisa izithombe ezitholakala kuwo lomthombo ukubasiza bakhumbule ukuthi bafundeni ubameme futhi ukuthi babelane ngezindaba noma ngezimfundiso abazithandayo. Ngabe kungani sinokubonga ngoMphrofethi uJoseph Smith nangalokho iNkosi eyakufeza ngaye na? ­

IMfundiso neziVumelwano 136.Ngesikhathi iNkosi yembula isigaba 136, abaNgcwele babesanohambo olude nolunzima phambi kwabo, ngaphansi kokuholwa nguBrigham Young. Ngesikhathi nifunda ndawonye isigaba 136 cabangani ngalokho okunzima umndeni wenu okungenzeka ubhekane nakho. Ngabe yisiphi iseluleko esisitholayo kulesi sambulo esingasisiza sikwazi ukufinyelela osizweni nasemandleni eNkosi na?

IMfundiso neziVumelwano 136:4.Ngabe kusho ukuthini “ukuhamba ngokwezimiso zonke zeNkosi” na? Ngabe izimiso esesizitholile zizithinta kanjani izimpilo zethu zansuku zonke na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Praise to the Man,” Hymns, no. 27.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Thola uthando lukaNkulunkulu. UMongameli uM. Russell Ballard wasifundisa wathi, “Ivangeli liyivangeli lothando—ukuthanda uNkulunkulu nokuthandana omunye nomunye” (“God’s Love for His Childern,” Ensign, yangoMeyi 1988, 59). Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, cabanga ngokuqaphela noma ukudwebela ubufakazi bothando lukaNkulunkulu.

Isithombe
uquqaba lwezichwensi eJele laseCarthage luhlasela uJoseph Smith nabanye

Akekho Onothando Olukhulu, nguCasey Childs

Shicilela