IMfundiso neziVumelwano 2021
Novemba 8–14. IMfundiso neziVumelwano 129–132: “Uma Sithola Noma Yisiphi Isibusiso kuNkulunkulu Kungenxa Yokulalela”


“Novemba 8–14. IMfundiso neziVumelwano 129–132: ‘Uma Sithola Noma Yisiphi Isibusiso kuNkulunkulu Kungenxa Yokulalela,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Novemba 8–14. IMfundiso neziVumelwano 129–132,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
UJoseph Smith efundisa eNauvoo

UJoseph Smith eseNauvoo, ngonyaka ka-1840 nguTheodore Gorka

Novemba 8–14

IMfundiso neziVumelwano 129–132

“Uma Sithola Noma Yisiphi Isibusiso kuNkulunkulu Kungenxa Yokulalela”

Izigaba 129–32 zifundisa izimfundiso eziningi eziligugu, ezimbalwa okukhulunywa ngazo kulesi sifundo. Ngabe yimaphi amanye amaqiniso owatholayo na?

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

UBrigham Young wake wakhuluma lokhu ngoJoseph Smith, “Wayekwazi ukuzichaza izinto zasezulwini ngendlela yokuthi abantu basemhlabeni bakwazi ukuziqonda” (kwi Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith 499–500). Lokhu kuzwakala kuliqiniso ikakhulukazi ngezimfundiso zikaJoseph Smith ngesikhathi eseNauvoo ngeminyaka yo-1840, ezinye zazo ezibhalwe kwi Mfundiso neziVumelwano 129–32. Ngabe uMsindisi unjani na? “Ungumuntu njengathi.” Ngabe linjani izulu na? “Lobobudlelwane obukhona phakathi kwethu lapha buyobakhona phakathi kwethu khona” (IMfundiso neziVumelwano 130:1–2), futhi ubudlelwane esibazisa kakhulu esinabo emindenini yethu kulomhlaba, uma buboshwe ngegunye elifanele, “kuyoba namandla ahlanganisayo” ezweni elizayo (IMfundiso neziVumelwano 132:19). Amaqiniso anjengalawa angalenza izulu libonakale lingekude nathi—lilihle, kodwa futhi sikwazi ukufinyelela kulo.

Kodwa-ke, kwesinye isikhathi uNkulunkulu kungenzeka asicele ukuba senze izinto ezikhathazayo esizibona singezukwazi ukuzenza. Umshado wesithembu wawungomunye wemiyalelo eyayifana nalezo zinto kwabaningi abaNgcwele bokuqala. Umyalelo wokuthatha abanye abafazi waba wukuvivinywa kokholo okunzima kuJoseph Smith, kumkakhe u-Emma, cishe nakubo bonke abawemukela lomyalelo. Ukuze bakwazi ukwedlula kulokhu kuvivinywa, babedinga okukhulu kunemizwa yabo yokuthanda ukubuyiselwa kwevangeli; babedinga ukholo kuNkulunkulu olwaluqine kakhulu kunezifiso zabo noma lokho okwakuthandwa yibo. Lomyalelo awusekho namhlanje, kodwa zisekhona izibonelo zokwethembeka zalabo abawuphila lomyalelo. Futhi lezo zibonelo zisinika ugqozi uma nathi sicelwa ukuthi senze okwethu “ukuzinikela ekulaleleni” (IMfundiso neziVumelwano 132:50).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 130–31

UJoseph Smith wembula amaqiniso ngoBuNkulunkulu nangalo “izwe elizayo.”

Uzoqaphela ukuthi izigaba 130–31 zifundeka ngendlela ethe ukwehluka kunezinye izigaba kwiMfundiso neziVumelwano. Lokhu kungenxa yokuthi izigaba 130–31 zithathelwe kulokho okwakubhalwe nguWilliam Clayton, ongomunye womabhalane baJoseph Smith, akugcina ngesikhathi ezwa uMphrofethi efundisa. Ngenxa yalokho, lezi zigaba zingamaqiniso aqoqelwe ndawonye kunezambulo eziyalelwe nezihambisanayo. Ngisho noma kunjalo, kunemiqondo etholakala kuwona wonke lamaqiniso. Isibonelo, ungazifunda izigaba 130–131 unemibuzo enjengale engqondweni yakho: Ngabe yikuphi engikufundayo ngoNkulunkulu na? Ngabe yikuphi engikufundayo ngempilo ezayo emva kwalempilo yasemhlabeni na? Ngabe lolulwazi luyithinta kanjani impilo yami na?

­

IMfundiso neziVumelwano 131:1–4; 132:7; 13–25

UBaba oseZulwini wakwenza kwenzeka ukuba imindeni ibe ngeyaphakade.

Elinye lamaqiniso eliduduzayo elabuyiselwa ngoMphrofethi uJoseph Smith wukuthi umshado nobudlelwane bomndeni bungenziwa bungapheli. INkosi yabuyisela izimiso negunya elidingekayo ngoJoseph Smith ukwenza lobubudlelwane bube ngobaphakade (bheka IMfundiso neziVumelwano 132:7, 18–19). Cabanga ngobudlelwane bomndeni onabo manje noma lobo onethemba lokuthi uzoba nabo kusasa ngesikhathi usafunda IMfundiso neziVumelwano 131:1–4; 132:7, 13–15. Ngabe lamavesi ayithinta kanjani indlela ocabanga ngayo ngalobu budlelwane na?

Kwesinye isikhathi imfundiso yemindeni yaphakade ngeke yaletha induduzo—ingaletha ukukhathazeka, ngisho nendumalo, uma isimo samanje emndenini singahambisani nalokho okufiswa yinhliziyo kwesilestiyalii. Kwathi uma uMongameli uHenry B. Eyring ekhathazwa yisimo esifanayo emndenini wakhe, wathola nasi iseluleko senhlakanipho esasivela kulowo oyilungu loMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili: “Wena vele uphile ngendlela ezokwenza ufaneleke embusweni wesilestiyali, ukuhleleka komndeni kuzomangalisa kakhulu kunalokho ongakucabanga,” (enkulumweni enesihloko esithi “A Home Where the Spirit of the Lord Dwells,” kwi-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2019, 25). Ungabusiseka kanjani ngokusilandela lesi seluleko esimweni somndeni wakho esikhona manje na?

­

Isithombe
indoda nowesifazane ngaphandle kweThempeli lase-Accra eGhana

Ubudlelwane bomndeni bungenziwa bube ngobaphakade ngezimiso zasethempelini.

IMfundiso neziVumelwano 132:1–2, 29–40

Umshado wesithembu wamukelekile kuNkulunkulu uma kuNguye okuyalile lokho.

Labo aseke balifunda iTestamente eliDala kungenzeka banemibuzo ngo-Abrahama, u-Isaka, uJakobe, uMose, ngokunjalo nabanye bethatha abafazi abaningi. Ngabe lamadoda ayelungile ayephinga na? Noma-ke ngabe uNkulunkulu wazivuma yini lezi zenzo zawo na? Bheka izimpendulo zalemibuzo kwi Mfundiso neziVumelwano 132:1–2, 29–40.

Umshado phakathi kwendoda eyodwa nowesifazane oyedwa yiwona mthetho kaNkulunkulu womshado (bheka isihloko seZwi eliGunyaziwe 1; bheka futhi ku Jakobe 2:27, 30). Kodwa-ke, sezike zaba khona izikhathi emlandweni lapho uNkulunkulu eyale khona abantwana Bakhe ukuba balandele umkhuba womshado wesithembu.

Iminyaka yokuqala yaleliBandla elibuyiselwe ingezinye zalezo zikhathi ezehlukile. Emva kokwemukela lomyalelo, uJoseph Smith nabanye abaNgcwele beziNsuku zokuGcina bawulandela lomkhuba womshado wesithembu. Uma ufuna ukufunda kabanzi ngomshado wesithembu phakathi kwabaNgcwele beziNsuku zokuGcina, bheka “Amazwi Ngokubuyiselwa kweVangeli” ngasekugcineni kwalesi sifundo.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 130:2; 18–19; 132:13, 19.Ungawasebenzisa kanjani lamavesi ukusiza umndeni wakho ubeke phambili lezo zinto ezihlala ingunaphakade na? Mhlawumbe ningapakisha isikhwama ngalezo zinto ezimele izinto, ngokwe Mfundiso neziVumelwano 130:2, 18–19; 132:19, esingahamba nazo ukuya empilweni ezayo, njengezithombe zomndeni noma imibhalo engcwele. Ngabe sifundiswani kwi Mfundiso neziVumelwano 132:13 ngezinto zomhlaba na? Lokhu sekungaholela ekutheni nixoxe ngokunaka lezo zinto ezibaluleke kakhulu ngokwaphakade.

IMfundiso neziVumelwano 130:20–21.­ Ngabe yiziphi izibusiso esinethemba sokuzithola na? Singazithola kanjani lezo zibusiso na?

IMfundiso neziVumelwano 131:1–4; 132:15–19.­ Ngabe iNkosi izizwa kanjani ngomshado na? Ngabe sizilungiselela kanjani ukuba sibe nomshado waphakade—sishadile noma singashadile na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Families Can Be Together Forever,” Children’s Songbook, 188.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bheka amaqiniso evangeli. Kwesinye isikhathi amaqiniso evangeli abekwa kucace, kwezinye izikhathi kukhulunywa ngawo ngesibonelo esithile noma ngendaba ethile. Ngesikhathi ufunda, ake uzibuze uthi, “Ngabe yiliphi iqiniso laphakade okufundiswa ngalo kulamavesi na?”

Isithombe
igumbi lokubopha eThempelini laseParis eFrance

igumbi lokubopha eThempelini laseParis eFrance.

Shicilela