IMfundiso neziVumelwano 2021
Novemba 15–21. IMfundiso neziVumelwano 133–134: “Lungiselani Ukuza koMyeni”


“Novemba 15–21. IMfundiso neziVumelwano 133–134: ‘Lungiselani Ukuza koMyeni,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Novemba 15–21. IMfundiso neziVumelwano 133–134,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
izintombi ezinhlanu ezihlakaniphile

Umyeni Uyeza, ngu-Elizabeth Gibbons

Novemba 15–21

IMfundiso neziVumelwano 133–134

“Lungiselelani Ukuza koMyeni”

UMongameli uHenry B. Eyring wafundisa wathi: “Ukubuyiselwa kwevangeli kwaqala ngombuzo owacatshangwa ekhaya, futhi kungaqhubeka emakhaya ethu” (“A Home Where the Spirit of the Lord Dwells,” kwi-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2019, 25).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngesikhathi iBandla lizoguba izinyanga eziyi-19 likhona, uMphrofethi uJoseph Smith nabanye abaholi bebandla bahlela izinhlelo ezinkulu zokuhlanganisa izambulo zikaNkulunkulu zezinsuku zokugcina zibe yincwadi eyodwa bese begaya amakhophi ayi-10 000—okwakuphindwe kabili ekugayweni kwencwadi kaMormoni ngesikhathi iqala ukushicilelwa. Kodwa-ke, amanani aphezulu adidisa lezi zinhlelo, futhi izixuku zabantu zahlasela indawo yeBandla yokusebenza izincwadi ngesikhathi kusashicilelwa. Basakaza amakhasi ayengakaboshwa, futhi noma abaNgcwele ababenesibindi bawagcina amanye awo, ayikho iNcwadi yemiYalo ephelele ekwaziwa ukuthi iyaphila yini na.

Esikwaziyo manje njenge sigaba 133 seMfundiso neziVumelwano okwakumele sibe ekugcineni kweNcwadi yemiYalo, njengophawu ekugcineni kwezambulo zeNkosi ezishicilelwe. Sixwayisa ngosuku lokwehlulela bese siphinda ubizo elitholakala kuzozonke izambulo zamanje: balekela umhlaba, uphawu lawo okuyiBabylon, akha iSiyoni, lungiselela ukuBuya kwesiBili, futhi hambisa lomyalezo “kuzozonke izizwe, nezihlobo, nezilimi, nabantu” (uvesi 37). Ngesikhathi izinhlelo zokuqala zeNcwadi yemiYalo zazingakafezeki, lesisambulo yisikhumbuzo nofakazi ukuthi umsebenzi weNkosi ngeke ume, “Ngokuba uyokwambula ingalo yakhe engcwele … , futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wayo” (uvesi 3).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 133

Amaqiniso akwiMfundiso neziVumelwano angangilungiselela ukwenza umsebenzi kaNkulnkulu.

Izincwadi ngesinye isikhathi zigcina ngesiphetho esiphinda noma esigingqa okubalulekile encwadini. Isigaba 133 kwakumele ekuqaleni kube yisiphetho seNcwadi yemiYalo, futhi kungasiza ukufunda lesisigaba nalokho engqondweni. Yimaphi amaphuzu iNkosi ewagcizelelayo ngomsebenzi wayo? Ngabe amavesi 57–62 akufundisani ngendima iNkosi efuna uyidlale emsebenzini Wayo?

IMfundiso neziVumelwano 133:1–19

INkosi ifuna ngilungiselele ukuZa Kwayo kwesiBili.

Zombili isigaba 1, isingeniso seNkosi kwiMfundiso neziVumelwano, kanye nesigaba 133, isiphetho sencwadi, ziqala ngesicelo esifanayo esivela eNkosini: “Lalelani, O nina bantu bebandla lami” (IMfundiso neziVumelwano 1:1; 133:1). Kuchaza ukuthini ukulalela? (bheka iGuide to the Scriptures, “Hearken,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org). Yiziphi izimemo noma imiyalo iNkosi efuna uyilalele kwi Mfundiso neziVumelwano 133:1-19? Yikuphi ogqugquzeleka ukuthi ukwenze kangcono ukulungiselela ukubuya Kwakhe? Ngabe uzobasiza kanjani laba onabo ukuthi balungiselele na?

Bheka futhi ngokukaMathewu 25:1–13; kuD. Todd Christofferson, “Preparing for the Lord’s Return,” kwi-Ensign noma iLiyahona, May 2019, 81–84.

IMfundiso neziVumelwano 133:19-56

UkuBuya kwesiBili kuzobe yintokozo kulabo abalungile.

Ngesikathi ufunda kwi Mfundiso neziVumelwano 133:19-32 ngalezi zehlakalo ezizohambisana nokuBuya kwesiBili koMsindisi, ungacabanga ngokuthi incazelo yalezi zehlakalo ikutshela ukuthini ngoMsindisi nomsebenzi wakhe. Yikuphi okufundayo ngokomoya okungase kuhambiselane nalezizincazelo?

Ngesikhathi ufunda ngokubuya koMsindisi kulamavesi 32-56, yikuphi okwenza ulijabulele lolosuku? Yimaphi amagama noma imisho echaza uthando uNkulunkulu analo ngabantu Bakhe? Cabanga ngokubhala okwenzeke kuwe “ngesihe seNkosi [yakho], nangakho konke lokho [eku]phe kona ngokulunga kwakhe” (uvesi 52).

IMfundiso neziVumelwano 134

“Imikhandlu ephetheyo yamiswa nguNkulunkulu ukuze kuzuze umuntu.”

Ubudlelwane kwabaNgcwele nohulumeni babuxovekile. Ngesikhathi abaNgcwele bekhishwa ngenkani eJackson County, eMissouri, ngonyaka ka-1833, abakutholanga ukusekelwa noma ukukhokhelwa nguhulumeni wendawo noma wezwe noma ngabe bebelucela usizo. Ngesikhathi esifanayo, abantu abangaphandle kweBandla baqonda ukuthi izimfundiso ngeSiyoni zichaza ukuthi abaNgcwele bayalinqaba igunya likahulumeni wasemhlabeni. IMfundiso neziVumelwano 134 yabhalwa, ingxenye yayo, ukucacisa ukuma kweBandla mayelana nohulumeni.

Amalunga eBandla kumele azizwe kanjani ngohulumeni? Ngesikhathi ufunda isigaba 134, cabanga ngokwenza uhla olubili: uhla lokuqala olumayelana nemigomo oyifundile ngohulumeni nolunye ngalokho okulindelekile kwisakhamuzi. Lamasu ngabe abasiza kanjani abaNgcwele ngaphambilini? Lezizinto zihlangna kanjani nalapho ohlala khona?

Bheka futhi ImiBhalo yoKholo 1:11–12; Gospel Topics, “Religious Freedom,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 133:4-14.Okuphambene neSiyoni ngokomoya yiBabele—idolobha lasemandulo elimele ububi nokubophezeka ngokomoya (bheka kuD. Todd Christofferson, “Come to Zion,” kwi-Ensign noma iLiyahona, Nov. 2008, 37; Guide to the Scriptures, “Babel, Babylon,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org). Ngabe kukhona enidinga ukukwenza ningumndeni ukuze, ngokomoya, “niphume … eBabele” (uvesi 5) futhi “niye … eSiyoni”? (uvesi 9).

IMfundiso neziVumelwano 133:20–33.Ngesikhathi ufunda lamavesi ndawonye, umndeni ungadweba izithombe ezikhombisa ukuthi bacabanga ukuthi ukuBuya kwesiBili kuzobe kunjani. Ningadlala noma nicule iculo elimayelana nokuBuya kwesiBili, njengaleli elithi “When He Comes Again” (Childrenʼs Songbook, 82–83), bese nikhuluma ngokuthi umndeni wakho ungenzani ukulungiselela ukuza Kwakhe.

IMfundiso neziVumelwano 133:37-39.Ngabe umndeni wakho ungakuthokozela ukufunda lamavesi “ngezwi elikhulu”? (uvesi 38). Kusho ukuthini ukwabelana ngevangeli ngezwi elikhulu? Yimaphi amaqiniso esingabelana ngawo?

IMfundiso neziVumelwano 134:1-2.Ukusiza umndeni wakho uqonde ukubaluleka kwahulumeni, ningaxoxa ngemibuzo ekanje: Umndeni wethu ubusiseke kanjani ngokuba nemithetho? Izwe lethu libusiseke kanjani ngokuba nemithetho? Ningenza noma nipende isithombe sefulegi lezwe lakho noma nazi ngenhliziyo imibhalo yokholo yeshumi nanye ne yeshumi nambili.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Come, Ye Children of the Lord,” Hymns, no. 58.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Fundisa imfundiso ecacile futhi elula. INkosi ichaza ivangeli Layo ngamagama athi “ngokuzwakala” nelithi “ngokucacile” (IMfundiso neziVumelwano 133:57). Lamagama akutshelani ngokufundisa umndeni wakho ivangeli?

Isithombe
UKristu egqoke isembatho esibomvu

UKristu Egqoke Isembatho Esibomvu, nguMinerva Teichert

Shicilela