ITestamente eliDala 2022
NgoFebruwari 7–13. UGenesise 12–17; u-Abrahama 1–2: “Ukuba Ngumlandeli Wokulunga Othembekileyo”


“NgoFebruwari 7–13. UGenesise 12–17; u-Abrahama 1–2: ‘Ukuba Ngumlandeli Wokulunga Othembekileyo,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoFebruwari 7–13. UGenesise 12–17; u-Abrahama 1–2,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
U-Abrahama noSara

Umfanekiso ka-Abrahama noSara, nguDilleen Marsh

NgoFebruwari 7–13

UGenesise 12–17; u-Abrahama 1–2

“Ukuba Ngumlandeli Wokulunga Othembekileyo”

Ngesikhathi ufunda ngo-Abrama noSarayi (kamuva ababizwa ngokuthi u-Abrahama noSara) nomndeni wabo, ake uzindle ngendlela izibonelo zabo ezikufaka ugqozi ngayo. Bhala phansi imicabango efika kuwe mayelana nokuthi yini ongayenza ukuze ube “ngumlandeli wokulunga othembekileyo” (u-Abrahama 1:2).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngenxa yesivumelwano uNkulunkulu asenza naye, u-Abrahama ubizwa ngokuthi “ubaba wabathembekileyo” (IMfundiso Nezivumelwano 138:41) kanye “noMhlobo kaNkulunkulu” (uJakobe 2:23). Izigidi namhlanje zimhlonipha njengokhokho wabo ngqo, abanye sebeyingxenye yomndeni wakhe ngokuguqukela evangelini likaJesu Kristu. Nakuba kunjalo u-Abrahama wayevela emndenini owawunezinkinga—uyise, owayeshiye ukukhonza uNkulunkulu ngokuyikho, wazama ukunikela ngo-Abrahama koNkulunkulu abayizithixo. Nakuba kunjalo, u-Abrahama wayefisa ukuba “ngumlandeli wokulunga othembekileyo” (uAbrahama 1:2), futhi indaba ngempilo yakhe ibonisa ukuthi uNkulunkulu wasifeza isifiso sakhe. Ukuphila kuka-Abrahama kuwubufakazi bokuthi akukhathaliseki ukuthi umlando womndeni womuntu ubunjani, ikusasa lingaba nethemba.

Isithombe
Learn More image
Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

u-Abrahama 1:1–19

UNkulunkulu uzongibusisa ngokholo lwami nezifiso ezilungile.

Njengeningi lethu, u-Abrahama wayephila endaweni engalungile, kodwa wayenesifiso sokuba olungileyo. UMongameli u-Dallin H. Oaks wafundisa ukubaluleka kokuba nezifiso zokulunga: “Nakuba kubalulekile kakhulu ukuthi silahle zonke izifiso zesono, ukuphila okuphakade kudinga okwengeziwe. Ukuze sifinyelele ekusaseni lethu laphakade, sizofisa futhi sisebenzele izimfanelo ezidingekayo ukuze sibe isidalwa saphakade. … Uma lokhu kubonakala kunzima kakhulu—futhi ngokuqinisekile akukho lula kunoma ubani kithi—kufanele siqale ngesifiso sezimfanelo ezinjalo futhi sibize uBaba wethu oseZulwini onothando ukuthi asisize ngemizwa yethu [bona uMoroni 7:48]” (“Desire,” iLiyahona, ngoMeyi 2011, 44–45). Njengoba ufunda u-Abrahama 1:1–19, cabanga indlela lamavesi abonisa ngayo lokho okwafundiswa uMongameli u-Oaks. Imibuzo efana nalena ingase isize:

  • Yini u-Abrahama ayeyifisa futhi wayifuna kamuva? Yini ayenza ukuze abonise ukholo lwakhe?

  • Ziyini izifiso zakho? Ingabe kukhona okuthile onomuzwa wokuthi kufanele ukwenze ukuze ucwengisise izifiso zakho na?

  • Yiziphi izinselele u-Abrahama abhekana nazo ngenxa yezifiso zakhe zokulunga? UNkulunkulu wamsiza kanjani?

  • Yimuphi umyalezo oqukethwe yilamavesi kulabo abanamalunga omndeni angakufisi ukulunga?

Bheka futhi uMathewu 7:7; ChurchofJesusChrist.org (ChurchofJesusChrist.org).

u-Abrahama 02:10-11

Ubani ofakiwe esivumelwaneni sika-Abrahama na?

Lapho iNkosi yenza isivumelwano sayo no-Abrahama, yathembisa ukuthi lesi sivumelwano sasizoqhubeka esizukulwaneni sika-Abrahama, noma “imbewu,” nokuthi “iningi lalabo abathola leliVangeli bazobalwa … njengenzalo yakhe” (u-Abrahama 2:10–11). Lokhu kusho ukuthi izethembiso zesivumelwano no-Abrahama zisebenza emalungwini eBandla lanamuhla, akukhathaliseki ukuthi ayisizukulwane esingokoqobo sika-Abrahama yini noma afakwe emndenini wakhe ngobhabhadiso nokuguqulelwa evangelini likaJesu Kristu (bona kwabaseGalathiya 3:26–29; IMfundiso neziVumelwano 132:30–32). Ukuze abalwe nenzalo ka-Abrahama, umuntu kufanele alalele imithetho neziyalo zevangeli.

uGenesise 12:1–3; 13:15–16; 15:1–6; 17:1–8, 15–22; u-Abrahama 2:8–11

Isivumelwano sika-Abrahama sibusisa mina nomndeni wami.

Ngenxa yokuthi wonke amalunga eBandla afakwe esivumelwaneni no-Abrahama, ungase ufune ukuchitha isikhathi esithile ucabanga ngokuthi kungani lesi sivumelwano sibalulekile empilweni yakho. Bhala imicabango yakho mayelana nemibuzo elandelayo:

Izethembiso ezitholakala ku-Abrahama 2:8–11 zingangibusisa kanjani mina nomndeni wami? (bona futhi uGenesise 12:1–3; 13:15–16).

Yini engiyifundayo ngesivumelwano sika-Abrahama kuGenesise 15:1–6; 17:1–8, 15–22?

Yini engizizwa ngikhuthazeka ukuthi ngiyenze ukuze ngisize ukugcwalisa isithembiso esithi “yonke imindeni yomhlaba izobusiswa”? (u-Abrahama 2:11).

Ungase ucabangele ezinye zezibusiso zasemhlabeni ezathenjiswa u-Abrahama noSara, ezifana nokuzuza njengefa izwe lesithembiso nokuba abazali besizukulwane esikhulu, nokuba nokuhambisanayo kwaphakade. Lokhu kuhlanganisa ifa embusweni wesilestiyali (bheka IMfundiso neziVumelwano 132:29) umshado waphakade onesizukulwane saphakade (bona IMfundiso neziVumelwano 131:1–4; 132:20–24, 28–32). UMongameli u-Russell M. Nelson wafundisa ukuthi, “kusethempelini,” lapho “esithola khona izibusiso zethu ezinkulu, njengembewu ka-Abrahama, u-Isaka, noJakobe” (“The Gathering of Scattered Israel,” iLiyahona, Nov. 2006, 80).

Bona futhi Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, uGenesise 15:9–12;

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

uGenesise 13:5–12.Yini u-Abrahama ayenza ukuze adale ukuthula emndenini wakhe? Mhlawumbe amalunga akho omndeni angazama ukuba abenzi bokuthula njengo-Abrahama ngokulingisa indlela yokuxazulula izingxabano okungenzeka zivele emndenini wakho.

uGenesise 13:16; 15:2–6; 17:15–19.Ungawusiza kanjani umndeni wakho ukuthi uqonde isithembiso seNkosi kulamavesi—nakuba u-Abrahama noSara babengakabi nazo izingane, isizukulwane sabo sasiyoba siningi njengothuli lomhlaba, izinkanyezi esibhakabhakeni, noma isihlabathi ogwini lolwandle? (bona futhi uGenesise 22:17). Mhlawumbe ungase ubonise amalunga omndeni isitsha esinesihlabathi, ubheke izinkanyezi, noma usebenzise isithombe esihambisana naloluhlaka. Singazethemba kanjani izethembiso zikaNkulunkulu ngisho nalapho zibonakala zingenakwenzeka?

uGenesise 14:18–20.Yini esiyifunda ngoMelkhizedeki kulokhu Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, uGenesise 14:25–40? (Izinhlelo Zokusiza Imibhalo Engcwele; bona futhi u-Alima 13:13–19). Singakwazi kanjani “[ukubonisa] ukulunga” njengoMelkhizedeki? (uvesi 36). Yini enye esikhuthazayo mayelana nenkonzo kaMelkhizedeki?

Isithombe
UMelkhizedeki ubusisa u-Abrama

UMelkhizedeki Ubusisa u-Abrama, nguWalter Rane

uGenesise 16.Ukufunda ngoHagari kungase kube yithuba lokuxoxa ngendlela iNkosi esisiza ngayo lapho sizizwa khona sengathi asiphathwanga ngendlela efanele. Ungase uveze ukuthi igama elithi “Ishimayeli” lisho ukuthi “UNkulunkulu uyezwa.” Sake sezwa nini sengathi iNkosi izwile futhi yasisiza lapho sizizwa sengathi asiphathwanga ngendlela efanele? (bona uGenesise 16:11).

Ukuze uthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

­ 

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Tholakala futhi ufinyeleleke. Ezinye zezikhathi ezinhle zokufundisa ziqala ngemibuzo noma ukukhathazeka enhliziyweni yelunga lomndeni. Enza ukuthi amalunga omndeni wakho azi ngamazwi nangezenzo zakho ukuthi ulangazelela ukuwezwa. (Bheka ku Teaching in the Savior’s Way, 16.)

Isithombe
USara ebuka isibhakabhaka esigcwele izinkanyezi

UNkulunkulu wathembisa ukuthi isizukulwane sika-Abrahama noSara sasiyoba siningi “njengezinkanyezi emazulwini” (uGenesise 22:17). Ukuzindla Ngesithembiso SikaNkulunkulu, nguCourtney Matz.

Shicilela