ITestamente eliDala 2022
NgoFebruwari 21–27. UGenesise 24–27: Isivumelwano Sivuselelwe


“NgoFebruwari 21–27. UGenesise 24–27: Isivumelwano Sivuselelwe,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoFebruwari 21–27. UGenesise 24–27,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
uRebeka

Umfanekiso kaRebeka nguDilleen Marsh

NgoFebruwari 21–27

UGenesisi 24–27

Isivumelwano Sivuselelwe

Ngesikhathi ufunda ku Genesise 24–27, naka ulwazi olutholayo ngokomoya. Khulekela ukwazi ukuthi izimfundiso ozitholayo ziyithinta kanjani impilo yakho.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Isivumelwano sikaNkulunkulu no-Abrahama sasihlanganisa nesethembiso sokuthi ngo-Abrahama nenzalo yakhe “imindeni yonke yomhlaba iyobusiswa” (Abrahama 2:11). Leso akusona isethembiso esasingafezeka ngesizukulwane esisodwa: ngezindlela eziningi, iBhayibheli liyindaba yokufezeka kwesethembiso sikaNkulunkulu. Futhi waqala ngokuvuselela isivumelwano nomndeni ka-Isaka noRebeka. Ngokwenzeka kubo, sifunda okuthile ngokuba yingxenye yesivumelwano. Izibonelo zabo zisifundisa ngokuba nesihe, isineke, kanye nokwethemba izibusiso zikaNkulnkulu ezethenjisiwe. Futhi sifunda ukuthi kufanele silahle “okubomvu” komhlaba (Genesise 25:30) ukuze sithole izibusiso zikaNkulunkulu azibekele thina nabantwana bethu ezizukulwaneni ezizayo.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

UGenesise 24

Umshado ubalulekile ngokuphathelene nohlelo lukaNkulunkulu laphakade.

Namuhla baningi ababona umshado ungabalulekile noma ungumthwalo. U-Abrahama wayewubuka ngenye indlela—kuye, umshado wendodana yakhe u-Isaka wawubaluleke kakhulu. Ucabanga ukuthi kungani wawubaluleke kangaka kuye na? Ngesikhathi ufunda ku Gensise 24, cabanga ngokubaluleka komshado ohlelweni lukaNkulunkulu lwensindiso. Ungase uphinde ufunde umyalezo weGosa uD. Todd Christofferson “Why Marriage, Why Family” (Liahona, Meyi 2015, 50–53) futhi ucabange ngokuthi kungani “umndeni owakhiwe emshadweni wendoda nowesimame wakha indawo elungile kakhulu yokuba isu likaNkulunkulu liphile” (ikhasi 52).

Imibuzo efana nale elandelayo ingakusiza ucabange ngeminye imigomo ebalulekile kulesisigaba:

Genesise 24:1–14. Ngabe yikuphi na okwenziwa ngu-Abrahama nenceku yakhe ukufaka iNkosi kwimizamo yabo yokutholela u-Isaka unkosikazi?

Genesise 24:15–28, 55–60. Yiziphi izimilo ozithola kuRebeka ongathanda ukuba nazo?

Ngabe yimaphi amanye amaqiniso owatholayo na?

Bheka futhi kwi Mfundiso neziVumelwano 131:1–4; “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonkey,” ChurchofJesusChrist.org.

UGenesise 25:29–34

Ngingakhetha phakathi kokuneliseka manje noma izinto ezibaluleke kakhulu kunalokho.

Osikweni luka-Abrahama, indodana endala emndenini yayithola isikhundla sokuhola nezibusiso, okubizwa ngefa. Indodana yayithola ifa elikhudlwana kwabazali bayo, elihambisana nomthwalo umkhudlwana wokunakekela umndeni osele.

Ngesikhathi ufunda ku Genesise 25:29–34, cabanga ngokuthi kungani u-Esawu wayengavuma ukudela ifa lakhe ngenxa yokudla. Yiziphi izifundo ozitholoya lapha? Isibonelo, kukhona na “okubomvu” okukuphazamisayo ezibusisweni eziyigugu kuwe? Ngabe yikuphi na okwenzayo ukugxila nokuzibonga lezi zibusiso?

Bheka futhi ku Matewu 6:19–33; 2 Nefi 9:51; M. Russell Ballard, “What Matters Most Is What Lasts Longest,” iLiyahona, Nov. 2005, 41–44.

Genesise 26:1–5

Isivumelwano no-Abrahama savuselelwa ngo-Isaka.

Isivumelwano uNkulunkulu asenza no-Abrahama kwakumele siqhubeke kwizizukulwane eziningi, ngakho-ke umlando ka-Abrahama noSara wokugcina isivumelwano kwakumele udluliselwe ku-Isaka, kuJakobe, nakwabanye abesimame namadoda enzalo yabo. Ngesikhathi ufunda ku Genesise 26:1–5, bheka ezinye izibusiso zesivumelwano uNkulunkulu azibalile. Yikuphi na esikufundayo ngoNkulunkulu kulamavesi?

Genesise 26:18–25, 32–33

UJesu Kristu umthombo wamanzi aphilayo.

Kungenzeka unake ukuthi imithombo yamanzi idlala izindima ezibalulekile ezindabeni zeTestamente eliDala. Lokhu akuthusi, ngoba iningi lalezizindaba zenzeka ezindaweni ezomile. Ngesikhathi ufunda ku Genesise 26 ngemithombo ka-Isaka, cabanga ngokuthi ingabe amanzi ameleni emibhalweni engcwele? Yikuphi okutholayo ngemithombo yomoya “yamanzi aphilayo” na? (bheka ku Johane 4:10–15). Uyigumba kanjani imithombo yomoya empilweni yakho? Ngabe uMsindisi unjengamanzi aphilayo kanjani kuwe? Naka ukuthi amaFilisti ayeyi “misile” imithombo (bheka ku Genesise 26:18). Ngabe kukhona empilweni yakho okumise imithombo yakho yamanzi aphilayo?

Isithombe
umthombo wasendulo

Umthombo wasendulo eBeri Sheba, lapho u-Abrahama no-Isaka bagumba khona imithombo.

Genesise 27

Ngabe uRebeka noJakobe babesephutheni ngokukhohlisa u-Isaka?

Asisazi isizathu sendlela eyasetshenziswa uRebeka no-Jakobe ukutholela uJakobeisibusiso. Kuyasiza ukukhumbula ukuthi iTestamente eliDala esinalo manje aliphelele (bheka ku Mose 1:23, 41). Kungaba khona ulwazi olutholakala kumbhalo wokuqala olungachaza okubukeka kuthusa kithina. Kepha, siyazi ukuthi kwakuyintando kaNkulunkulu ukuba uJakobe athole isibusiso ku-Isaka ngoba uRebeka wathola isambulo sokuthi uJakobe kwakumele ebuse phezu kuka-Esawu (bheka ku Genesise 25:23). Emva kokuba u-Isaka avume ukuthi wayebusise uJakobe esikhundleni sika-Esawu, wavuma ukuthi uJakobe “uzobusiswa” (Genesise 27:33)—okuveza ukuthi intando kaNkulnkulu yayifezekile.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

Genesise 24:2–4, 32–48.U-Abrahama wacela inceku ayeyithemba ukuba itholele u-Isaka unkosikazi, futhi inceku yavumelana no-Abrahama ukuthi izokwenza. Ngabe inceku ka-Abrahama yakukhombisa kanjani na ukwethembeka kwayo ekugcineni isivumelwano? Singasilandela kanjani na isibonelo sayo?

Genesise 24:15–28, 55–60.Umndeni wakho ungabheka kulamavesi izimilo ezenza u-Rebeka abe ngumlingani waphakade ka-Isaka ofanelekile. Khuthaza amalunga omndeni ukuba akhethe isimilo esisodwa ezwa ngathi kumele asikhulise.

Genesise 25:19–3427.Buyekeza izindaba ezilanda ngendlela ifa nesibusiso sika-Esawu kwatholwa uJakobe, ungabhala imisho uphuma ku.“Jacob and Esau” (kwi Old Testament Stories) emapheshaneni ahlukene. Amalunga omndeni angasebenzisana ukubeka imisho ngokulandelana okulungile.

Ngesikhathi nixoxisana ngo-Esawu edayisa ifa lakhe, ningase nikhulume nangalokho okubaluleke kakhulu emndenini wakho, njengobudlelwano bakho noBaba oseZulwini noJesu Kristu. Mhlawumbe amalunga omndeni angathola izinto noma izithombe okukhombisa lokho abona kuyigugu laphakade. Wanikeze ithuba lokuchaza ukuthi kungani akhethe lezizinto.

Genesise 26:3–5.Ukusiza umndeni wakho uqonde isivumelwano sika-Abrahama, ungabamema ukuba bathole izethembiso ezibaliwe kulamavesi. Kungani kubalulekile ukuthi sazi ngalezi zethembiso namuhla? (bheka ku “Okufanele Ukukhumbule: IsiVumelwano,” kulencwadi).

Genesise 26:18–25, 32–33.Kungani na imithombo ibalulekile? Ngabe uJesu Kristu ungumthombo wamanzi ngayiphi indlela na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Choose the Right,” Hymns, no. 239.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bamba ivesi ngenhliziyo. IGosa uRichard G. Scott wafundisa ukuthi, “umbhalo ongcwele owaziwa ngekhanda uba ngumngani weminyaka ongabi buthaka ngokuhamba kwesikhathi” (“The Power of Scripture,” iLiyahona, Nov. 2011, 6).

Isithombe
u-Esawu noJakobe

u-Esawu Udayisela uJakobe Ifa Lakhe, nguGlen S. Hopskinson

Shicilela