ITestamente eliDala 2022
NgoFebruwari 14–20. UGenesise 18–23: “Ngabe Ikhona Into Engahlula iNkosi Na?”


“NgoFebruwari 14–20. UGenesise 18–23: ‘Ngabe Ikhona Into Engahlula iNkosi Na?’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoFebruwari 14–20. UGenesise 18–23,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
uSara ephethe umntwana u-Isaka

uSara no-Isaka, nguScott Snow

NgoFebruwari 14–20

UGenesise 18–23

“Ngabe Ikhona Into Engahlula uJehova Na?”

Funda futhi uzindle ngo Genesise 18–23, futhi ubhale phansi imizwa oyitholayo. Ungasebenzisa amasu akulesi sifundo ukukusiza ufunde lezahluko, ungase futhi ube nogqozi lokuba ubheke eminye imiyalezo emibhalweni engcwele uNkulunkulu akubekele yona.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Impilo ka-Abrahama, egcwele izehlakalo ezephula inhliziyo nezijabulisayo, ingubufakazi beqiniso elafundwa ngu-Abrahama embonweni—ukuthi sisemhlabeni ngoba sizovivinywa, “ukuze sibone ukuthi ngabe [sizo]zenza zonke izinto noma yini iNkosi uNkulunkulu [wethu] [azosi]yala ngazo” (Abrahama 3:5). Ngabe yena u-Abrahama uqobo wayezothembeka na? Ngabe wayesazoqhubeka nokukholwa yisethembiso sikaNkulunkulu senzalo eningi, nakuba yena noSara baze baguga bengazange babathole abantwana na? Futhi ngesikhathi u-Isaka esezelwe, ngabe ukholo luka-Abrahama lwaluzokwazi nje ukuqina mhla esebhekene nento ayengakaze ayicabange—umyalelo wokuba anikele ngalowo mntwana uNkulunkulu athembise ukufeza ngaye leso isivumelwano na? U-Abrahama nangempela wethembeka. U-Abrahama wamethemba uNkulunkulu, noNkulunkulu wamethemba u-Abrahama. Encwadini ka Genesise 18–23, sithola izindaba ngempilo ka-Abrahama nabanye ezingasenza nathi sicabange ngokuthi ngabe siyazethemba yini izethembiso zikaNkulunkulu, ngabe siyabubalekela yini ububi futhi ngabe sisabheka emuva, nokuthi ngabe siyamethemba yini uNkulunkulu nakuba umkhulu umnikelo ofunekayo.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

UGenesise 18:9–14; 21:1–7

INkosi ifeza izethembiso zayo ngesikhathi Sayo.

INkosi yenze izethembiso ezinhle kakhulu kwabathembekile, kodwa izimo zezimpilo zethu zingasenza sizibuze ukuthi ngabe lezo zethembiso zingafezeka kanjani na. U-Abrahama noSara nabo kufanele ukuthi babecabanga kanjalo ngezinye izikhathi. Ngabe yikuphi ongakufunda ngabadlule kukho na? Kungasiza ukuqala ukufunda kwakho ngokubuyekeza lokho iNkosi eyakwethembisa u-Abrahama ku Genesise 17:4, 15–22. U-Abrahama noSara baphendula bathini? ( Bheka futhi ku Genesise 18:9–12. Qaphela ukuthi ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith kuyacacisa ukuthi u-Abrahama “wajabula”) Ngabe iNkosi yabaphendula yathini ukubasiza baqine okholweni lwabo mayelana nezethembiso Zayo na? (Bheka ku Genesise 18:14).

Yikuphi okutholayo kulamavesi okuqinisa ukholo lwakho na? Yikuphi okunye odlule kukho—empilweni yakho noma empilweni yomunye—okuqinise ukholo lwakho ukuthi iNkosi izozifeza izethembiso zayo kuwe ngesikhathi nangendlela Yayo na?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 88:68.

UGenesise19:12–29

INkosi isiyala ukuba sibubalekele ububi.

Ngabe yiziphi izifundo ozifundayo ngokubalekela ububi ngesikhathi ufunda ngoLoti nomndeni wakhe na? Isibonelo, yikuphi okuthandayo ngalokho okwashiwo nokwenziwa yizingelosi ukusiza uLoti nomndeni wakhe bebalekele ukubhubha na? (bheka ku Genesise 19:12–17). Ngabe iNkosi ikusiza kanjani wena nomndeni wakho ukuba nibaleke noma nithole ukuvikeleka ebubini basemhlabeni na?

Ukufunda kabanzi ngezono zaseSodoma naseGomora, bheka ku Hezekeli 16:49–50 naku Juda 1:7–8.

Bheka futhi UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, uGenesise 19:9–15 (Izinsiza Zokufunda)

Isithombe
Umfanekiso kaLoti nomndeni wakhe bebalekela iSodoma neGomora

Ukubalekela iSodoma neGomora, nguJulius Schnorr von Carolsfeld

UGenesise 19:26

Ngabe yikuphi okubi okwenziwa umkaLoti na?

IGosa uJeffery R. Holland wasifundisa wathi:

“Njengoba kusicacela, okwakungalungile ngomkaLoti wukuthi wayengabhekile nje kuphela emuva; kodwa enhliziyweni yakhe wayefuna ukuphindela emuva. Kubukeka sengathi ngisho nangaphambi kokuba afike emngceleni walelodolobha, wayesekhumbula lokho iSodoma neGomora eyayimnika khona. … Wayengenalo ukholo. Wayengabaza ukuthi uNkulunkulu wayengamnika okungcono kunalokho ayenako. …

“Kubo bonke [abantu] bezizukulwane zonke, ngiyamemeza ngithi, ‘Khumbulani umkaLoti’ [NgokukaLuka 17:32). Ukholo lubheke phambili. Ukholo lwakhela kokudlulile kodwa alikulangazeleli ukuhlala khona. Ukholo lunethemba lokuthi uNkulunkulu unezinto ezinhle kakhulu asibekele zona nokuthi ngempela uKristu ‘ungumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo’ (KumaHebheru 9:11)” (“The Best Is Yet to Be,” kwi-Ensign, yangoJanuwari 2010, 24, 27).

UGenesise 22:1–19

Ukufuna kuka-Abrahama ukunikela ngendodana yakhe kungumfanekiso kaNkulunkulu neNdodana Yakhe.

Asizazi zonke izizathu zokuba uNkulunkulu ayale u-Abrahama ukuthi anikele ngendodana yakhe u-Isaka; siyazi ukuthi kwakuvivinywa ukholo lwakhe kuNkulunkulu (bheka ku Genesise 22:12–19). Ngesikhathi ufunda ku Genesise 22:1–19, yikuphi okufundayo ngalokho u-Abrahama adlula kukho na?

Ukufuna kuka-Abrahama ukunikela ngendodana yakhe “[kwaku]ngumfanekiso kaNkulunkulu kanye neNdodana yakhe eZelwe Yodwa” (Jakobe 4:5). Ngesikhathi ucabanga ngokufanayo phakathi kwesivivinyo sika-Abrahama noNkulunkulu enikela ngeNdodana Yakhe njengomnikelo wethu, yikuphi okuzwayo ngoBaba oseZulwini na?

Kukhona futhi okufanayo phakathi kuka-Isaka noMsindisi. Ake ucabange ngokuphinde futhi ufunde ku Genesis 22:1–19, ubheka lokhu okufanayo.

Isithombe
family study icon

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

UGenesise 18:14.Ngabe zikhona yini izindaba emibhalweni engcwele, ezivela emlandweni womndeni wakho, noma ezivela empilweni yakho uqobo ongaxoxa ngazo ezikufundise ukuthi akukho okungahlula iNkosi na?

UGenesise 18:16–33.Ngabe yikuphi esikufundayo ngesimilo sika-Abrahama kulamavesi na? Singasilandela kanjani isibonelo sakhe na? (Bheka futhi ku Alima 10:22–23.)

UGenesise 19:15–17.Lamavesi angabasiza abomndeni wakho balungiselele izikhathi lapho kuzodingeka babalekele ububi. Kungaba yibuphi lobo bubi na? Isibonelo, ningakhuluma ngenikubukayo kumabonakude noma ngesilingo sokuhleba. Singazibalekela kanjani lezi zimo na?

UGenesise 21:9–20.Yikuphi okuthandwa ngumndeni wakho ngendlela iNkosi eyaphatha ngayo uHagari no-Ishmayeli emva kokuba uSara no-Abrahama bebaxoshile na?

UGenesise 22:1–14.Ungawusiza kanjani umndeni wakho ubone ukuxhumana phakathi kwendaba yaNkulunkulu eyala u-Abrahama ukuba anikele ngo-Isaka nenhlawulo kaMsindisi na? Ungakhombisa izithombe zika-Abrahama no-Isaka nezokuBethelwa (bheka isithombe ‘Abraham and Isaac,’ esitholakala ku Old Testament Stories) ngesikhathi amalunga omndeni wakho exoxa ngokufanayo phakathi kwalezizindaba. Ningaphinde nicule isihlabelelo noma iculo ngomnikelo kaMsindisi njengaleli elithi “He Sent His Son” (Children’s Songbook, 34–35), bese nibheka imisho echaza ngomnikelo kaMsindisi.

Ngabe yikuphi esicelwe ukuba sinikele ngakho njengomndeni na? Ngabe leminikelo isisondeze kanjani kuNkulunkulu na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Lalela uMoya oNgcwele Ngesikhathi ufunda, naka imicabango nemizwa yakho, ngisho noma ngabe ingahlangene nalokho okufundayo. Leyo mizwa kungenzeka kube yizona zinto uBaba oseZulwini afuna uzazi.

Isithombe
u-Abrahama no-Isaka behamba

Umfanekiso ka-Abrahama no-Isaka, nguJeff Ward

Shicilela