ITestamente eliDala 2022
NgoJanuwari 31–Februwari 6. UGenesise 6–11; UMose 8: “UNowa Wathola Umusa Emehlweni eNkosi”


“Januwari 31–Februwari 6. UGenesise 6-11; UMose 8: UNowa Wathola Umusa Emehlweni eNkosi,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“Januwari 31–Februwari 6. UGenesise 6–11; UMose 8,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
UNowa, umndeni wakhe, izilwane, umkhumbi, nothingo

Umfanekiso kaNowa eshiya umkhumbi, nguSam Lawlor

NgoJanuwari 31–Februwari 6

UGenesise 6–11; UMose 8

“UNowa Wathola Umusa Emehlweni eNkosi”

Imvamisa izindaba zemibhalo engcwele zingasifundisa izifundo eziningi. Ngesikhathi ufunda ngesiKhukhula esiKhulu nangomBhoshongo waseBabele, funa ukuholwa nguMoya oNgcwele mayelana nokuthi ngabe lezizindaba zikuthinta kanjani wena.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Indaba kaNowa nesiKhukhula ibafake ugqozi abaningi abayifunda iBhayibheli. Kodwa kithi esiphila ezinsukwini zokugcina kunesizathu esithile sokuba siyinake lendaba. Ngesikhathi uJesu Kristu efundisa ukuthi kufanele sikubheke kanjani ukuZa Kwakhe kwesiBili, wathi, “Njengoba kwakunjalo ezinsukwini zikaNowa, kuyoba njalo futhi ekuzeni kweNdodana yoMuntu” (Joseph Smith—Mathewu 1:41). Phezu kwalokho, lemishwana echaza ngesikhathi sikaNowa, njengalona othi “umhlaba wase wonakele” nalona othi “wawusugcwele udlame,” singakusho sithi ikhuluma ngesethu isikhathi (uGenesise 6:12–13; uMose 8:28). Indaba yomBhoshongo waseBabele nayo izwakala ihambisana nezikhathi zethu, njengoba ikhuluma ngokuzikhukhumeza okwalandelwa wukudideka nenhlukano phakathi kwabantwana baNkulunkulu.

Lezi zindaba zasendulo zibalulekile hhayi nje ngoba zisikhombisa ukuthi ububi buphinde bube khona emlandweni womhlaba. Okubaluleke kakhulu, zisifundisa ukuthi senzeni ngalobo bubi. UNowa “wathola umusa emehlweni eNkosi” (Mose 8:27) nakuba wayezungezwe wububi. Futhi imindeni kaJarede nomfowabo yaphendukela eNkosini yase iholelwa kude yasuswa ebubini baseBabele (bheka ku Etere 1:33–43). Uma sizibuza ukuthi singazigcina kanjani siphephile nemindeni yethu ngesikhathi sethu sokonakala nodlame, lezindaba esizaziyo ezitholakala kulezi zahluko zinokuningi ezingasifundisa khona.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

UGenesise 6; UMose 8

Khona ukuphepha ngokomoya ekulandeleni umphrofethi weNkosi.

Ngenxa yevangeli elibuyiseliwe, sazi okuningi ngoNowa kunalokho okutholakala eTestamenteni eliDala. Ukuhunyushwa kwencwadi ka Genesise 6, okwenziwa nguJoseph Smith ngokuholwa nguMoya oNgcwele okutholakala encwadini ka Mose 8, kuveza ukuthi uNowa wayengomunye wabaphrofethi baNkulunkulu abakhulu. Wagcotshwa wathunywa ukuba ayofundisa ivangeli likaJesu Kristu, wayehamba futhi ekhuluma noNkulunkulu, futhi wakhethwa ukuba ngaye zibekhona futhi izizukulwane zabantwana baNkulunkulu emhlabeni emva kwesikhukhula (bheka futhi ku Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith [2007], 104, 201). Ngabe yikuphi okufundayo na ngabaphrofethi uma ubheka okwenzeka kuNowa?

Ngesikhathi ufunda ngosuku lukaNowa, ungabona okufanayo nosuku lwethu. Isibonelo:

Ngabe abaphrofethi bafundisani namuhla ngevangeli likaJesu Kristu na okungakugcina uphephile emhlabeni wanamuhla? Ngesikhathi ufunda ngokwenzeka kuNowa, yikuphi okukukhuthazayo ukuba ulandele abaphrofethi beNkosi namuhla na?

Bheka futhi ku Mosiya 13:33; IMfundiso neziVumelwano 21:4–7.

Genesise 9:8–17

Izibonakaliso nezimpawu zisisiza sikhumbule izivumelwano zethu neNkosi.

Izivumelwano zevangeli zingabonakaliswa ngezibonakaliso noma “[ngo]phawu” (Genesise 9:12). Isibonelo, cabanga ngendlela isinkwa namanzi esidlo seNkosi noma amanzi okubhabhadiswa kuletha ngayo amaqiniso angcwele aphathelene nezivumelwano zakho. Uma sibheka ku Genesis 9:8–17, uthingo lungalethani emqondweni wakho? ­ Ngabe kungani iNkosi ifuna Uyikhumbule kanye nezivumelwano ozenzile?

Bheka futhi kuGerrit W. Gong, “Always Remember Him,” iLiyahona, May 2016, 108–11.

Genesise11:1–9

Indlela eyodwa yokufinyelela ezulwini wukulandela uJesu Kristu.

IBabele yasemandulo, noma iBabeloni, kujwayele ukusetshenziswa njengophawu lobubi nokomhlaba (bheka ku Isambulo 18:1–10; IMfundiso neziVumelwano 133:14). Ngesikhathi ufunda ku Genesise 11:1–9, zindla ngalokhu okufundiswa ngumphrofethi uMormoni, owabhala ukuthi kwakunguSathane “owakufaka ezinhliziyweni zabantu ukuthi bakhe umbhoshongo ophakeme ngokwaneleyo ukuze bafinyelele ezulwini” Helemani 6:28; bheka futhi amavesi 26–27). Yiziphi izexwayiso ozitholayo endabeni yomBhoshongo waseBabele na?

Bheka futhi AmaHubo 127:1.

Isithombe
umbhoshongo waseBabele

isithombe sombhoshongo waseBabele, nguDavid Green

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

Genesise 6–8.Ungayisebenzisa kanjani indaba yomkhumbi kaNowa ukufundisa umndeni wakho ukuthi ukulandela umphrofethi kungasigcina kanjani siphephile ngokomoya na? Mhlawumbe umndeni wakho ungasebenzisana ekwakheni umkhumbi ngamathoyizi noma ngamaphepha. Ngesikhathi ufunda ku Genesise 6–7, ungalinganisa ukuphepha esikutholayo emkhunjini nokuphepha esikutholayo ekulandeleni umphrofethi. Ungase ufune ukuxoxa ngokusanda kufundiswa ngumphrofethi bese ubhala amagama akhe emfundiso emkhunjini wakho.

Yikuphi okunye uNkulunkulu asinike khona okungafaniswa nomkhumbi osindise umndeni kaNowa? Ungathola izimpendulo kulezizimfundiso, noma zikhona ezinye eziningi: 2 Nefi 9:7–13; IMfundiso neziVumelwano 115:5–6; nomyalezo kaMongameli uRussell M. Nelson “Becoming Exemplary Latter-day Saints” (iLiyahona, Nov. 2018, 113–14).

Mose 8:17.Kuchaza ukuthini ukuthi uMoya weNkosi “uhlala” nathi? (bheka ku 1 Nefi 7:14; Mfundiso neziVumelwano 1:33). Yinini na lapha sike sezwa uMoya uhlala nathi?

Genesise 9:8–17.Abantwana abancane bengakuthokozela ukudweba uthingo ngesikhathi ukhuluma ngokuthi lumeleni. Ningase niphinde nixoxe ngezinto ezisisiza sikhumbule izivumelwano zethu, njengesidlo seNkosi, esisisiza sikhumbule isivumelwano esasenza ngesikhathi sibhabhadiswa ukuthi siyolandela uJesu Kristu (bheka kwi Mfundiso neziVumelwano 20:75–79).

Genesisie11:1–9.Kungasiza ukufunda u-Etere 1:33–43 ngesikhathi umndeni wakho ufunda ku Genesise 11 okhuluma ngomBhoshongo waseBabele. Yikuphi esikufundayo emindenini kaJarede nomfowabo okungasiza umndeni wethu uthole ukuphepha ngokomoya yize kukhona ububi emhlabeni na? Yikuphi okunye esikufundayo kuNowa nomndeni wakhe ngesikhathi nabo bebhekene nenkinga efanayo na? (bheka ku Mose 8:13, 16–30).

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Follow the Prophet,” Children’s Songbook, 110–11 (ivesi 3).

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Abelana ngokutholile Uma waba ngalokho okufundile kwimibhalo engcwele, awubusisi abanye nje kuphela kepha uphinde uqinise ukuqonda kwakho. Ngabe yikuphi okusemibhalweni engcwele ozwa ugqugquzeleka ukwabelana ngakho nomndeni wakho, abangani noma amalunga ewadi?

Isithombe
umkhumbi kaNowa

isithombe somkhumbi kaNowa, ngu-Adam Klint day

Shicilela