“NgoJanuwari 24–30. UMose 7: ‘INkosi Yabiza Abantu Bayo ngeSiyoni,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)
“NgoJanuwari 24–30. UMose 7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022
NgoJanuwari 24–30
UMose 7
“INkosi Yabiza Abantu Bayo ngeSiyoni”
Ngesikhathi ufunda futhi uzindla ngencwadi ka Mose 7, bhala phansi imizwa oyitholayo. Ngokwenza lokhu, ukhombisa ukuthi uyakuthokozela ukuholwa yiNkosi nokuthi ufuna iqhubeke nokukuhola.
Bhala Okufika Emqondweni Wakho
Emlandweni wonke, abantu bazamile ukufeza lokho u-Enoke nabantu bakhe bakwenza: ukwakha umphakathi ofiswa yinhliziyo lapho kungekho khona inhlupheko noma udlame. Njengabantu baNkulunkulu, nathi siyakufisa lokhu. Sikubiza ngokwakha iSiyoni, futhi kuhlanganisa—ngaphezulu kokunakekela abampofu nokukhuthaza ukuthula—ukwenza izivumelwano, ukuhlala ndawonye ngokulunga, nokuba munye omunye nomunye noJesu Kristu, “iNkosi yeSiyoni” (uMose 7:53). Ngenxa yokuthi umsebenzi wokwakha iSiyoni uyaqhubeka esikhathin sethu, kuyasiza ukubuza ukuthi, ngabe u-Enoke nabantu bakhe bona bakwenza kanjani lokhu na? Bona bakwenza kanjani ukuthi babe “nhliziyonye futhi [babe] mqondomunye” (uMose 7:18) nakuba babezungezwe wububi na? Olwazini oluningi esiluthola encwadini ka Mose 7 ngeSiyoni, okubaluleke kakhulu kwabaNgcwele beziNsuku zokuGcina kungaba yilokhu: iSiyoni akulona idolobha nje—yisimo senhliziyo nesomoya. ISiyoni, njengoba iNkosi ikufundisile, “ngabacwebileyo ngenhliziyo” (IMfundiso neziVumelwano 97:21). Ngakho-ke, mhlawumbe indlela enhle kakhulu yokwakha iSiyoni ukuba siqale ezinhlizyweni zethu nasemakhaya ethu.
Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele
Imizamo ka-Enoke iyisibonelo sokwakha iSiyoni ezimpilweni zethu.
Ngenxa yokuthi incwadi ka Mose 7 ingumbhalo osilandisa ngendlela abantu beNkosi abayakha ngayo ngempumelelo iSiyoni, lombhalo ungasiyala futhi usikhuthaze kulesisikhathi esiphila kuso ngesikhathi nathi sizama ukwenza okufanayo. Ake ucabange ngokuzenzela uhlu olunjena ukubhala lokho okufundayo ngeSiyoni ku Mose 7:16–21, 27, 53, 62–69.
Ivesi |
Ngabe yikuphi okufundayo ngeSiyoni na? |
Ngabe lokhu kukufundisani ngemizamo yakho oyenzayo yokwakha iSiyoni na? |
---|---|---|
Ivesi | Ngabe yikuphi okufundayo ngeSiyoni na? Abantu beSiyoni babe “nhliziyonye futhi bemqondomunye.” | Ngabe lokhu kukufundisani ngemizamo yakho oyenzayo yokwakha iSiyoni na? Kufanele sibe munye njengemindeni nanjengabantu abakhonza ndawonye kuleliBandla. |
Ivesi | Ngabe yikuphi okufundayo ngeSiyoni na? “Ngokuhamba kwesikhathi, [iSiyoni] yathathwa yayiswa ezulwini.” | Ngabe lokhu kukufundisani ngemizamo yakho oyenzayo yokwakha iSiyoni na? Ukwakha iSiyoni kuthatha isikhathi kancane kancane. |
Ivesi | Ngabe yikuphi okufundayo ngeSiyoni na? | Ngabe lokhu kukufundisani ngemizamo yakho oyenzayo yokwakha iSiyoni na? |
Ivesi | Ngabe yikuphi okufundayo ngeSiyoni na? | Ngabe lokhu kukufundisani ngemizamo yakho oyenzayo yokwakha iSiyoni na? |
Abantu baNkulunkulu kufanele bazame ukuba “nhliziyonye futhi [babe] mqondomunye.”
Encwadini ka Mose 7:18–19 kubalwa izimilo ezibalulekile zabantu uNkulunkulu ababiza ngeSiyoni. Ngokucabanga kwakho, ngabe kungani lezi zimilo zidingeka ukuze kwakhiwe iSiyoni na? Njengoba kuchaziwe kulesi sahluko, ngabe iSiyoni yehluke kanjani kwamanye amaqembu noma kwezinye izinhlangano ezikhona kulomhlaba na? Ngesikhathi uzindla ngalombuzo, ungabe ucabanga ngalamazwi uJesu Kristu awakhuluma evesini 53: “NginguMesiya, iNkosi yaseSiyoni.” Ngabe kusho ukuthini ukuba noJesu Kristu njengeNkosi yethu na? Ngabe usisiza kanjani ukuthi sakhe izimilo ezidingekayo eSiyoni na?
Bheka futhi KwabaseFilipi 2:1–5; 4 Nefi 1:15–18; IMfundiso neziVumelwano 97:21; 105:5.
Ngabe kwenzekani ngeDolobha lika-Enoke na?
Amagama athi “lathathwa” (uMose 7:21, 23), “phakanyisiwe” (uMose 7:24), “bahlwithwa” (uMoses 7:27), nelithi “lemuka”(Moses 7:69) akhuluma ngeSiyoni nabantu ba-Enoke beguqulwa futhi beyiswa ezulwini. Abantu abaguquliweyo “bashintshiwe ukuze bangabuzwa ubuhlungu noma ukufa” njengabantu abafayo (IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Abantu abaguquliweyo,” “Siyoni,” “scriptures.ChurchofJesusChrist.org; bheka futhi ku 3 Nephi 28:4–9, 15–18, 39–40).
UNkulunkulu uyabalilela abantwana Bakhe.
Abanye abantu uNkulunkulu bambona njengomuntu okude ongathinteki emizweni Yakhe ngalokho okwenzeka kithi. Kodwa u-Enoke wabona umbono lapho uNkulunkulu wayelilela abantwana Bakhe. Ngesikhathi ufunda ku Mose 7:28–40, bheka izizathu ezenza ukuba uNkulunkulu alile. Ngasekugcineni kombono ka-Enoke, ochazwe encwadini ka Mose 7:41–69, yibuphi ubufakazi obutholayo ukuthi uNkulunkulu “unomusa nesihe ingunaphakade”? (uMose 7:30; bheka amavesi 43, 47, nevesi 62 ukuze uthole izibonelo).
Ezinsukwini zokuGcina uNkulunkulu uzoqoqa abakhetiweyo Bakhe.
Evesini 62 kuchazwa ngezehlakalo zezinsuku zokugcina. Ake ucabange ngokuthi ngabe lemishwana isho ukuthini: “ukulunga ngizokuthumela phansi kusuka ezulwini,” “iqiniso ngizolithumela lisuka phakathi emhlabeni,” “ukulunga neqiniso ngiyokwenza kushanele umhlaba njengesikhukhula.” Ngabe lemishwana ikufundisani ngomsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina na?
Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni
-
uMose 7:18–19.Ukusiza abomndeni wakho babone ukuthi kusho ukuthini ukuba “nhliziyonye,” mhlawumbe ungakha inhliziyo ngephepha bese uyayisika ibe yizingcezu, ozozinika ilunga ngalinye lomndeni. Ilunga lomndeni ngalinye malibhale igama lalo ocezwini lwenhliziyo bese besebenzisana ukuyihlanganisa leyo inhliziyo. Ngesikhathi nisayihlanganisa inhliziyo ningakhuluma ngezinto enizithandayo ngelunga lomndeni ngalinye.
-
uMose 7:18-31, 35.Ngabe yikuphi esikufundayo ngoNkulunkulu kulamavesi na?
-
uMose 7:32.Ngabe kungani uNkulunkulu asinika ilungelo lokuzikhethela na? Singase sithini kumuntu obona sengathi imiyalelo kaNkulunkulu iyasivimbela ukuba sizikhethele na? Ake sifunde naku 2 Nef 2:25–27 ukuze siqhubeke nalengxoxo.
-
uMose 7:59–67.Ngesikhathi umndeni wakho ufunda ku Mose 7:59–67, zama ukudwebela noma ubhale izinto iNkosi etshela u-Enoke ngazo ngezinsuku zokugcina—isibonelo, ukuthi uNkulunkulu “uzoqoqa abakhethiweyo [Bakhe]” (evesini 62) nokuthi kuzoba khona “izinkathazo ezinkulu phakathi kwababi” (evesini 66). Singaba kanjani nokholo nethemba nakuba kukhona ububi ezinsukwini zokugcina na? Njengengxenye yalengxoxo, cabanga ngokufunda lamazwi eGosa uRonald A. Rasband: “Manini isibindi, bafowethu nodadewethu. Yebo, siphila ezikhathini ezinobungozi, kodwa uma siqhubeka nokugcina izivumelwano zethu, akudingeki sesabe. Ngiyanibusisa ukuthi ngesikhathi nenzenjalo, ngeke nikhathazwe yilezi zikhathi esiphila kuzo noma yizinkathazo enihlangabezana nazo. Ngiyanibusisa ukuba nikhethe ukuma ezindaweni ezingcwele futhi ninganyakaziswa. Ngiyanibusisa ukuba nikholwe yizethembiso zikaJesu Kristu, ukuthi uyaphila nokuthi usibhekile, uyasinakekela futhi umi nathi” ( “Be Not Troubled,” iLiyahona, yangoNovemba. 2018, 21).
Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.