ITestamente eliDala 2022
NgoJanuwari 17–23. UGenesise 5; uMose 6: “Zifundise Lezi Zinto Ngokukhululekileyo Kubo Abantwana Bakho ”


“NgoJanuwari 17–23. Genesise 5; Moses 6:‘Zifundise Lezi Zinto Ngokukhululekileyo Kubo Abantwana Bakho’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoJanuwari 17–23. UGenesise 5; uMose 6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
U-Adamu no-Eva ngaphandle kweNsimu yase-Edene

Kungcono kuneParadesi, nguKendal Ray Johnson

NgoJanuwari 17–23

uGenesise 5; uMose 6

“Zifundise Lezi Zinto Ngokukhululekileyo Kubo Abantwana Bakho ”

Ngesikhathi ufunda futhi uzindla ngoGenesise 5 kanye noMose 6, bhala phansi imicabango efika kuwe. Ngabe yikuphi okutholayo okubalulekile kuwe nomndeni wakho na?

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Okuningi okutholakala kuGenesise 5 kuwuhlu lwezizukulwane phakathi kuka-Adamu no-Eva kanye noNowa. Sifunda ngamagama amaningi, kodwa asifundi lutho okuningi ngalawo magama. Emva kwalokho sifunda ngo-Enoke, ongowesizukulwane sesithupha kusuka ku-Adamu, ochazwa ngalo musho ohlaba umxhwele kodwa ongenancazelo: “U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.” (uGenesise 5:24). Nakanjani kufanele ukuthi ikhona indaba ehambisana nalomusho. Kodwa nakuba ingekho incazelo ngalomusho, kuyaqhutshekwa nokulandisa ngezizukulwane.

Siyabonga ukuthi incwadi ka Mose 6 isembulela imininingwane ngendaba ka-Enoke—futhi-ke nokho yindaba impela. Sifunda ngokuthobeka kuka-Enoke, isimo ayekuso sokuhlezi esengozini, okwabonwa nguNkulunkulu kuye ngokunokwenzeka abe yiko, kanye nomsebenzi omkhulu awenza njengomphrofethi kaNkulunkulu. Siphinde futhi sithole isithombe esicacile ngomndeni ka-Adamu no-Eva ngesikhathi ukhula izizukulwane ngezizukulwane. Sifunda ngokuthi uSathane “wabusa kakhulu” kodwa futhi siyafunda nangabazali ababefundisa abantwana “izindlela zikaNkulunkulu” nanga “bashumayeli bokulunga” aba “bekhuluma futhi bephrofetha” (uMose 6:15, 21, 23). Okuyigugu kakhulu esikutholayo ngemfundiso laba bazali nabashumayeli ababeyifundisa: ukholo, ukuphenduka, ukubhabhadiswa, kanye nokwamukela uMoya oNgcwele (bheka uMose 6:50–52). Leyo mfundiso, njengobuphristi obuhambisana nayo, “yayikhona ekuqaleni [futhi] iyoba khona nasekupheleni komhlaba futhi” (uMose 6:7).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

UMose 6:26–36

Umphrofethi ungumboni.

Ngesikhathi ufunda uMose 6:26–36, yini oyifundayo ngamehlo, ubumnyama, nokubona na? Ngesikhathi sika-Enoke, ubani owayengakwazi “ukubona kude” na? Kungani laba bantu babengakwazi ukulibona iqiniso na? Ngabe yini lena u-Enoke akwazi ukuyibona na? Ngabe yini eyenze ube nokholo lokuthi abaphrofethi banamuhla bangababoni na? (bheka ivesi 36; IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Umboni,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org).

UMose 6:26-47

UNkulunkulu usibizela emsebenzi Wakhe nakuba sinobuthakathaka.

Akuyona into engavamile ukuzizwa ukhungathekile ngalokho iNkosi esibizele ukuthi sikwenze. Ngisho no-Enoke wazizwa ngaleyo ndlela ngesikhathi iNkosi imbiza ukuthi abe ngumphrofethi. Ngesikhathi ufunda uMose 6:26–36, bheka ukuthi kungani u-Enoke azizwa ekhungathekile nokuthi iNkosi yathini kuye ukuze imnike isibindi. Emavesini 37–47, bheka izindlela iNkosi eyasekela ngazo u-Enoke futhi yamnika namandla okwenza umsebenzi Wayo (bheka futhi uMose 7:13). Ungathanda ukuqhathanisa isimo sika-Enoke nesabanye abaphrofethi nabo ababezizwa bebuthakathaka, njengoMose (bheka ku Eksodusi 4:10–16), uJeremiya (bheka ku Jeremiya 1:4–10), uNefi (bheka ku 2 Nefi 33:1–4), kanye noMoroni (bheka ku Etere 12:23–29). Ngabe yini ocabanga ukuthi uNkulunkulu ufuna uyifunde kule mibhalo mayelana nomsebenzi akunike wona wena na?

Bheka futhi ku Jakobe 4:6–8.

UMose 6:48–68

Imfundiso kaKristu ibaluleke kakhulu ohlelweni lukaNkulunkulu lwensindiso.

Ngenxa yokuthi sinencwadi kaMose, siyazi ukuthi uNkulunkulu ubebafundisa abantwana Bakhe ukuthi bangakuthola kanjani ukuxolelwa nokuhlengwa kusukela ekuqaleni. Emibhalweni engcwele, lezi zimfundiso ngezinye izikhathi zibizwa ngokuthi yimfundiso kaKristu (bheka ku 2 Nefi 31:13–21). Ngesikhathi ufunda ku Mose 6:48–68, cinga lokho okufanele sikwazi nokufanele sikwenze ukuze sithole ukuhlengwa. Kungakusiza ukuzibhalela kafushane ngezimfundiso zika-Enoke. Ngabe kungani kubalulekile ukwazi ukuthi lamaqiniso selokhu afundiswa kusukela ngezinsuku zika-Adamu no-Eva na? Ngabe uzizwa unogqozi lokwenzani ngenxa yokufunda lezi zimfundiso na?

UMose 06:51-62

“Zifundise lezi zinto ngokukhululekileyo kubo abantwana bakho.”

U-Adamu no-Eva bafundiswa amaqiniso ayigugu evangeli likaJesu Kristu. Kodwa amazwi eNkosi ku Mose 6:27–28 akwenza kucace ukuthi ezizukulwaneni ezazikhona ngaphambi kuka-Enoke, abantu abaningi babengasaphili ngokwalezo zimfundiso. INkosi yayifuna u-Enoke abuyisele amaqiniso ayeselahlekile—kanye nalomyalelo owawunikwe u-Adamu ekuqaleni: “Zifundise lezi zinto ngokukhululekileyo kubo abantwana bakho” (uMose 6:58). Ngesikhathi ufunda uMose 6:51–62, yini oyifundayo ngoJesu Kristu na? Ngabe yikuphi okutholayo okungase kube yigugu kakhulu kulabo abasakhulayo na?. Yikuphi ongakwenza ukusiza ukudlulisela lamaqiniso ezizukulwaneni zesikhathi esizayo na?

Isithombe
umndeni ufunda imibhalo engcwele

Abazali kufanele babafundise abantwana babo ivangeli.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

uGenesise 5; uMose 6:5–25, 46.Ukufunda “ngencwadi yokukhumbula” abomndeni ka-Adamu no-Eva ababeyigcina kungase kukhuthaze abomndeni wakho ukuthi nabo benze eyabo incwadi yokukhumbula. Xoxani njengomndeni ukuthi yini eningathanda ibe kuleyoncwadi. Mhlawumbe ninezithombe, izindaba, noma imibhalo evela emlandweni womndeni wakho. Ningase nikhethe ukufaka izinto ezenzeka emndenini wakho njengamanje. Ngabe yikuphi abezizukulwane zesikhathi esizayo abayokuthola kuyigugu na? Ningase futhi nixoxe ngokuthi lemishwana ethi “ngomoya wokushiselekiswa” ku (Mose 6:5) nalona othi “ ngokwendlela esiyinikwe ngomunwe kaNkulunkulu” ku (Mose 6:46) inganisiza kanjani kuleyo mizamo enizoyenza. ­

uMose 6:53–62.Singawuphendula kanjani umbuzo ka-Adamu otholakala ku Mose 6:53 na? Ngabe yiziphi izimpendulo esizithola emavesini 57–62 na?

uMose 6:59.Ngabe kusho ukuthini “ukuzalwa kabusha embusweni wasezulwini” na? Ngabe yikuphi esingakwenza ukuze siqhubeke nokuba yizidalwa ezintsha izimpilo zethu zonke na? Ukuze uthole usizo, bheka ku Alima 5:7–14, 26; IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Zelwe kabusha, Zelwe nguNkulunkuluscriptures.ChurchofJesusChrist.org

uMose 6:61.Ngabe yikuphi esikufundayo ngoMoya oNgcwele kulelivesi?

uMose 6:63.Ngabe yiziphi izinto “ezifakaza [ngoKristu]” na? (bheka futhi ku 2 Nefi 11:4). Ake ucabange ngokumema abomndeni wakho ukuba bakhulume ngabakubonayo nge “zinto ezisezulwini phezulu” noma ngezinto “ezisemhlabeni” ezibasiza ukuthi bafunde ngoJesu Kristu. Isibonelo, ngabe izihlahla, amatshe, noma ilanga konke kusikhumbuza kanjani ngoMsindisi na? Ngabe izihloko ezithi “amanzi aphilayo” kanye “nesinkwa sokuphila” zisifundisani Ngayena? (NgokukaJohane 4:10–14; 6:35).

Ukuze uthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bheka izimpawu. Emibhalweni engcwele, izinto noma izehlakalo ezithile ngokuvamile zisuke zimelele noma zisuke ziyizimpawu zamaqiniso athile. Lezi zimpawu zingakukhulisa ukuyiqonda kwakho imfundiso. Isibonelo, ngabe yikuphi okufundayo ngezimpawu zamehlo nobumba ku Mose 6:35 na?

Isithombe
U-Adamu no-Eva nabantwana

U-Adamu no-Eva Befundisa Abantwana Babo, nguDel Parson

Shicilela