ITestamente eliDala 2022
Okufanele ukuKhumbule: Ukufunda iTestamente eliDala


“Okufanele ukuKhumbule: Ukufunda iTestamente eliDala,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2020 (2021)

“Okufanele ukuKhumbule: Ukufunda iTestamente eliDala,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
uphawo lolwazi oluthile

Okufanele ukuKhumbule

Ukufunda iTestamente eliDala

Thola Ukuthi Ngabe Kusho Ukuthini Kuwe

Uma ucabanga ngethuba onalo lokufunda iTestamente eliDala kulonyaka, uzizwa unjani? Ngabe unokulangazelela na? Ngabe unokungazi kahle na? Ngabe uyesaba na? Kulindelekile ukuba ube naleyo mizwa. ITestamente eliDala lingeminye yemibhalo yakudala kakhulu ekhona emhlabeni, okwenza kujabulise futhi kubuye kwesabise ukulifunda. Lemibhalo ivela kusiko-mpilo lwasendulo olungabonakala lungaziwa futhi lungejwayelekile. Nakuba kunjalo kulemibhalo sibona abantu bedlula ezimweni esizijwayele, futhi sibona nezimfundiso zevangeli ezifakaza ngokuthi uJesu Kristu nevangeli Lakhe okukaNkulunkulu.

Ngempela, abantu abafana no-Abrahamu, uSara, uHana, noDaniyeli babephila izimipilo, ngandlela thile, ezazehluke kakhulu kwezethu. Kodwa nabo babeyizwa injabulo yasemndenini ngokunjalo nokungezwani emndenini, babeba nazo nezikhathi zokukholwa ngokunjalo nezikhathi zokuba sesimweni sokungazi, izikhathi zempumelelo nokwehluleka—njengathi sonke. Okubaluleke kakhulu, babeba nokholo, bephenduka, benza izivumelwano, bebona futhi bezwa nokuningi, futhi abazange baphele amandla emizamweni yabo yokuhlonipha uNkulunkulu.

Uma kunokwenzeka ukuthi wena nomndeni wakho niyazibuza ukuthi kukhona yini okuseTestamenteni eliDala eningakuthola kulonyaka okusho okuthile kini, khumbula ukuthi umndeni kaLehi noSariya wona kukhona owakuthola. UNefi wayexoxa izindaba ngoMose nangezimfundiso zika-Isaya ngesikhathi abafowabo bedinga ukukhuthazwa noma ukulungiswa noma ukuboniswa. Ngesikhathi uNefi ethi, “Ngokuba umphefumulo wami uyathokoza ngemibhalo engcwele” (2 Nefi 4:15), wayekhuluma ngemibhalo engcwele manje esiyingxenye yeTestamente eliDala.

Mufune uMsindisi

Uma kunokwenzeka ukuthi wena nomndeni wakho niyazibuza ukuthi ningakwazi yini ukusondela kuJesu Kristu ngokufunda iTestamente eliDala, khumbula ukuthi nguMsindisi Yena uqobo usimema ukuba senze lokho. Ngesikhathi etshela abaholi bamaJuda ethi, “Imibhalo … yiyona efakaza ngami” (NgokukaJohane 5:39), wayekhuluma ngaleyo mibhalo esiyibiza ngeTestamente eliDala. Ukuze umthole uMsindisi kulokho okufundayo, kuzofanele uzinikeze isikhathi uzindle futhi ufune ukuholwa nguMoya oNgcwele. Ngezinye izikhathi uma kukhulunywa Ngaye kuyacaca, njengalapho u-Isaya ethi khona “Ngokuba sizalelwe umntwana, saphiwa indodana: … negama lakhe liyakuthiwa … iNkosi yoKuthula” (Isaya 9:6). Kwezinye izindawo, uMsindisi uphathwa ngezindlela ezicashile, ngezimpawu nangezifaniso—isibonelo, ukuphathwa kwakhe ngezincazelo zokuhlatshwa kwezilwane (bheka ku Levitikusi 1:3–4) noma indaba kaJosefa exolela abafowabo futhi ebasindisa endlaleni.

Uma ufuna ukuba nokholo impela kuMsindisi ngesikhathi ufunda iTestamente eliDala, uzoluthola lolo kholo. Mhlawumbe lokho kungaba yiyona nhloso yakho yokulifunda kulonyaka. Khulekela ukuthi uMoya ukuhole ukuze uthole futhi ugxile kuleyo mibhalo, kulezo zindaba, nakulezo ziphrofetho ezizokusondeza kuJesu Kristu.

Isithombe
umphrofethi wasendulo ebhala

UmPhrofethi weTestamente eliDala, nguJudith A. Mehr

Kugcinwe NguNkulunkulu

Ungalindeli ukuthi iTestamente eliDala likhombise umlando ocacile nophelele wabantu bonke emhlabeni. Akusikho lokho okwakuhloswe ngababhali balo bokuqala. Okwakusemqoka kubo wukuthi bafundise okuthile ngoNkulunkulu––ngohlelo Lwakhe ngabantwana Bakhe, ngokuthi ngabe kusho ukuthini ukuba ngabantu Bakhe besivumelwano, nangokuthi singakuthola kanjani ukuhlengwa uma singazigcini lezo zivumelwano esizenzileyo. Ngezinye izikhathi babe kwenza lokho ngokulandisa ngezehlakalo zomlando ngendlela ababezazi ngayo––kuhlanganisa nezindaba zabaphrofethi abaziwayo abakhulu. Incwadi kaGenesise iyisibonelo salokhu, ngokunjalo nezincwadi ezinjengoJoshuwa, AbaHluleli, AmaKhosi okuQala nawesiBili. Kepha abanye ababhali beTestamente eliDala babengahlosile nhlobo ukulanda ngomlando. Kunalokho, babefundisa ngezindlela zobuciko njengezinkondlo nangezindaba ezixoxwayo. AmaHubo neZaga ngezinye zezincwadi ezifundisa ngaloluhlobo. Bese kuba khona amazwi aligugu abaphrofethi, kusuka ku-Isaya kuya kuMalaki, abakhuluma amazwi kaNkulunkulu ku-Israyeli wasemandulo—futhi, ngenxa yesimangaliso seBhayibeli, abasakhuluma nathi nanamhlanje.

Ngabe bonke laba baphrofethi, izimbongi kanye nalabo ababeqoqela ndawonye lezi zincwadi babazi yini ukuthi amazwi abo ayofundwa ngabantu emhlabeni wonke emva kwezinkulungwane zeminyaka? Asazi. Kepha siyamangala ukuthi yikho kanye lokhu okwenzekile. Izizwe zavuka zawa, kwanqotshwa amadolobha, amakhosi aphila futhi afa, kepha iTestamente eliDala lalilokhu likhona, izizukulwane ngezizukulwane, ababhali ngababhali, kusuka kokunye ukuhunyushwa kuya kokunye. Vele ezinye izinto zalahleka noma zashintshwa, kepha ngandlela thize kuningi okwagcinwa ngendlela eyisimangaliso.1

Lezi yizinto ezimbalwa okufanele uzikhumbule ngesikhathi ulifunda iTestamente eliDala kulonyaka. Mhlawumbe uNkulunkulu wayigcina lemibhalo yasendulo ngoba Uyakwazi futhi uyazi ukuthi ubhekene nani. Mhlawumbe ulungise umyalezo oqondene nawe ngokomoya kulamazwi, into ezokwenza usondelane Naye futhi ukhulise ukholo lwakho ohlelweni Lwakhe naseNdodaneni Yakhe eThandekayo. Mhlawumbe Uzokuholela embhalweni noma olwazini oluzobusisa umuntu omaziyo—umyalezo ongawudlulisela kumngani wakho, elungeni lomndeni, noma kulowo okhonza naye. Kuningi okungenzeka. Akujabulisi yini ukukucabanga lokhu na?

Izincwadi eTestamenteni eliDala

ETestamenteni eliDala elivamise ukusetshenziswa ngamaKristu amaningi, izincwadi zalo zihlelwe ngendlela ehlukile kunaleyo ndlela ezazihlelwe ngayo ngesikhathi ziqala ukuqoqelwa ndawonye. Ngakho-ke nakuba iBhayibheli lesiHebheru lizihlele izincwadi zaba yizinhlobo ezintathu—umthetho, abaphrofethi, nemibhalo—amaBhayibheli amaningi amaKristu azihlele lezi izincwadi ngezinhlobo ezine: umthetho (uGenesise–uDuteronomi), umlando (Joshuwa–Esteri), izincwadi zezinkondlo (Jobe–IsiHlabelelo SeziHlabelelo), nabaphrofethi (Isaya–Malaki).

Ngabe kungani lezi zinhlobo zalezi zincwadi zibalulekile na? Yingoba ukwazi uhlobo lwencwadi oyifundayo kungakusiza wazi ukuthi kufanele uyifunde kanjani.

Nakhu okufanele ukukhumbule ngesikhathi uqala ufunda “umthetho,” noma izincwadi ezinhlanu zokuqala zeTestamente eliDala. Lezi zincwadi, okuthiwa ngezikaMose, cishe zadlula ezandleni eziningi zababhali nabaziqoqela ndawonye izikhathi ngezikhathi. Nakuba kunjalo, izincwadi zikaMose zingamazwi kaNkulunkulu noma ngabe zinamaphutha enziwa ngabantu––njengayo yonke imisebenzi kaNkulunkulu enikwa abantu basemhlabeni (bheka ku Mose 1:41; ImiBhalo yoKholo 1:8). Amagama kaMoroni, ekhuluma ngeNcwadi engcwele kaMormoni ayiqoqela ndawonye, ayasisiza mayelana naloludaba: “Uma kukhona amaphutha kungamaphutha abantu; ngalokho-ke, ungazigxeki izinto zikaNkulunkulu” (ikhasi lesihloko leNcwadi kaMormoni). Ngamanye amazwi, incwadi yemibhalo engcwele akudingeki ukuthi ingabi nawo amaphutha enziwe ngabantu ukuze ibe yincwadi kaNkulunkulu.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. UMongameli uM. Russell Ballard wathi: “Akwenzekanga ngephutha ukuthi sibe neBhayibheli kulesi sikhathi esiphila kuso. Kunabantu abalungileyo ababeqhutshwa nguMoya oNgcwele ukuba babhale izinto ezingcwele abazibona namazwi avela ezulwini abawezwa nabawakhuluma. Kunabanye ababezinikele abaqhutshwa nguMoya oNgcwele ukuba bayivikele futhi bayigcine lemibhalo” (“The Miracle of the Holy Bible,” kwiLiyahona, yangoMeyi 2007, 80).

Shicilela