ITestamente eliDala 2022
NgoDisemba 27–Januwari 2.‏ UMose 1; U-Abrahama 3: “Lokhu Kungumsebenzi Wami Nenkazimulo Yami”


“NgoDisemba 27–Januwari 2. UMose 1; U-Abrahama 3: ‘Lokhu Kungumsebenzi Wami Nenkazimulo Yami,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoDisemba 27–Januwari 2. UMose 1; U-Abrahama 3,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
isithombe sezinkanyezi emkhathini

NgoDisemba 27–Januwari 2

UMose 1; U-Abrahama 3

“Lokhu Kungumsebenzi Wami Nenkazimulo Yami”

Njengoba ufunda lokho uNkulunkulu akusho kuMose kanye naku-Abrahama, ake uzindle ngalokho okungenzeka ukuthi akusho nakuwe.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ibhayibheli liqala ngamazwi athi “ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba” (UGenesise 1:1). Kodwa-ke ngabe yini eyayikhona ngaphambi kwalesi “siqalo” na? Futhi kungani uNkulunkulu adala konke lokhu na? INkosi isiyiphendulile lemibuzo ngoMphrofethi uJoseph Smith.

Isibonelo, Yasinika umbhalo ngombono lapho u-Abrahama asibona siphila siyimimoya “umhlaba ungakabi bikho” (bheka ku Abrahama 3:22–28). INkosi yaphinde yasinikeza ukuhunyushwa okwayalelwa nguMoya oNgcwele noma ukubuyekezwa kwezahluko zokuqala eziyisithupha zikaGenesise, ezibizwa ngokuthi yincwadi kaMose—engaqali ngokuthi “ekuqaleni.” Kunalokho, iqala ngokwenzeka kuMose okunikeza umongo wendaba eyaziwayo yokuDalwa. Lemibhalo engcwele yezinsuku zokugcina iyindawo ekahle yokuqala isifundo sethu seTestamente eliDala ngenxa yokuthi iphendula imibuzo ebalulekile esisiza siqonde ngokwenzekayo ngesikhathi sifunda ngokuthi: Ungubani uNkulunkulu? Singobani thina? Uyini umsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngabe iyiphi eyethu indima kuwo na? Izahluko zokuqala zikaGenesise singazithatha njengempendulo iNkosi eyayinika uMose ngesikhathi ecela ethi: “Yiba nomusa encekwini yakho, O Nkulunkulu, futhi ungitshele ngokuphathelene nolomhlaba, nabantu bawo , futhi nangamazulu” (uMose 1:36).

Isithombe
Learn More image
Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

UMose 1

Njengomntwana kaNkulunkulu, ngidalelwe okwaphezulu.

UMongameli u-Dieter F. Uchtdorf wafundisa ukuthi, “Ukudideka okuningi esibhekana nakho kulempilo kuvela ngenxa yokuthi asiqondi ukuthi singobani” (“The Reflection in the Water” [Church Educational System fireside for young adults, Nov. 1, 2009], ChurchofJesusChrist.org). UBaba oseZulwini uyakwazi lokhu, ngokunjalo noSathane. Ngesikhathi uNkulunkulu ekhuluma noMose okokuqala wathi kuye “uyindodana yami” futhi waphinde wathi “ufana noZelwe Yedwa wami” (uMose 1:4, 6). Ngokuphambene nalokho, uSathane yena wathi kuMose “ndodana yomuntu” (uMose 1:12). Ngabe impilo yakho nezinqumo ozithathayo bekuzohluka kanjani ukuba ubuzibuka ngendlela uSathane afuna uzibuke ngayo, “njengendodana [noma indodakazi] yomuntu” na? Ngabe kuyibusisa kanjani impilo yakho ukwazi nokukhumbula ukuthi ungumntwana kaNkulunkulu na?

Ngabe yimaphi amavesi noma imishwana etholakala kuMose 1 ekwenza uzizwe ubalulekile kuNkulunkulu na?

Isithombe
UJesu Kristu ephakathi kwezinkanyezi

UKristu Nendalo, nguRobert T. Barrett

UMose 1:12–26

Ngingakwazi ukumelana nethonya likaSathane.

Njengoba kuvela ngokucacile ku Mose 1 ngisho kungaba kukhulu kangakanani esikubonayo nesikuzwayo kodwa ngeke singabi nazo izilingo. Eqinisweni, elinye lamasu kaSathane wukusilinga ukuze sikungabaze lokho esikubonile nesikuzwile noma esikufundile. Ngesikhathi usafunda ngempendulo kaMose kuSathane emavesini 12–26, yini oyifundayo engakusiza ukuthi ubambelele njalo ebufakazini osubutholile na? Yikuphi okunye okukusiza ukuthi umelane nezinye izilingo zikaSathane na? (Isibonelo, bheka amavesi 15 kanye no-18).

Usungakwazi ukwenza uhlelo lokumelana nezilingo usebenzisa lokhu osukufundile. Isibonelo, ungaqedela nanku umusho, “Uma ngilingeka ukuthi ngi , ngizo .”

Bheka futhi uMathewu 4:1–11; uHelamani 5:12; kuGary E. Stevenson, “Deceive Me Not,” iLiyahona, Nov. 2019, 93–96; “I Am a Son of God” (i-video), ChurchofJesusChrist.org.

uMose 1:27–39; u-Abraham 3

Umsebenzi kaNkulunkulu nenkazimulo Yakhe wukungisiza ukuba ngithole ukuphila okuphakade.

Emva kokubona umbono wendalo kaNkulunkulu, uMose wacela iNkosi wathi: “Ngitshele … kungani lezi zinto zinjena” (uMose 1:30). Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele mayelana nempendulo yeNkosi ku Mose 1:31–39 na?

U-Abrahama naye waba nombono, obhalwe encwadini ka Abrahama 3. Ngabe yikuphi okutholayo emavesini 22–26 okungasiza ukuphendula umbuzo kaMose na?

Ake ucabange ngokubhala uhla lwamaqiniso afundwa nguMose no-Abrahama ngesikhathi bebona imibono: amaqiniso ngoNkulunkulu, amaqiniso ngabo, ngokunjalo nangenhloso yendalo kaNkulunkulu. Ngabe lamaqiniso ayithinta kanjani indlela ozibuka ngayo wena nangendlela obuka ngayo lomhlaba esikuwo na?

Bheka futhi inkulumo kaDieter F. Uchtdorf ethi, “You Matter to Him,” kwi Liyahona, ngoNovemba 2011, 19–22; IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Impilo Eyandulela Eyasemhlabeni,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

U-Abrahama 3:22–23

Ngabe bakhona yini abanye ngaphandle kuka-Abrahama aba “khethwa ngaphambi kokuba [ba] zalwe” na?

“Empilweni eyandulela eyasemhlabeni, uNkulunkulu wabeka imimoya ethile ukuba ifeze imisebenzi ethile ngesikhathi sempilo yasemhlabeni. Lokhu kubizwa ngokuthi ukugcotshwa ngaphambilini. … Imfundiso yokugcotshwa ngaphambilini ithinta wonke amalunga eBandla, hhayi uMsindisi nje kuphela nabaphrofethi Bakhe” (Gospel Topics , “Foreordiantion,” topics.ChurchofJesusChrist.org).

Ngabe sazithola kanjani lezi zincwadi zikaMose neka-Abrahama na?

Incwadi kaMose iyingxenye yokuqala yokuhunyushwa kweBhayibheli okwenziwa nguJoseph Smith ngokuyalelwa nguMoya oNgcwele. Incwadi ka-Abrahama yembulelwa uJoseph Smith ngesikhathi ehumusha okusaphepha kwaseGibithe. Lezi zincwadi esezitholakala namhlanje kwiGugu leNani eliKhulu, zinolwazi oluningi olungatholakali eTestamenteni eliDala ngokuphathelene noMose kanye no-Abrahama. ­

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

uMose 1:2–6; u-Abrahama 3:11–12.­

uMose 1:4, 30–39.Ngabe umndeni wakho ungakujabulela yini ukubheka eminye “imisebenzi yezandla [zikaNkulunkulu]” na? (ivesi 4). Mhlawumbe ningakujabulela ukuwafunda lamavesi nizihlalele ngaphandle noma nibuka izinkanyezi ebusuku. Emva kwalokho seningaxoxa ngokuthi ngabe uNkulunkulu wawudalelani lomhlaba nangokuthi silibamba kanjani iqhaza “emsebenzini [Wakhe] nakwinkazimulo [Yakhe]” (ivesi 39).

uMose 1:18.Ngabe yikuphi okuyiseluleko esingakhuluma ngakho ukusisiza sikwazi “ukwehlukanisa” phakathi kukaNkulunkulu noSathane na? (Bheka futhi uMoroni 7:12-18; IMfundiso neziVumelwano 50:23-24.

u-Abrahama 3:24–26.Abomndeni wakho ungabanika inselelelo ukuze bakhombise ukuthi bangakwazi ukulandela imiyalelo ebekiwe, njengokulandela indlela yokupheka ukudla okuthile noma ukulandela indlela yokwakha indiza ngephepha. Ufana kanjani lomsebenzi nenjongo yempilo yethu yasemhlabeni njengoba kuchazwe kulawa mavesi na?

Ukuze uthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

Iculo elingaculwa: “I Am a Child of God,” Children’s Songbook, 2–3.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bheka amaqiniso evangeli. Embhalweni engcwele, ngezinye izikhathi amaqiniso evangeli ashiwo ngokuqondile; ngezinye izikhathi ashiwo ngesibonelo noma ngendaba. Zibuze ukuthi, “Yiliphi iqiniso laphakade elifundiswa kula mavesi na?”

Isithombe
UMose uyala uSathane ukuthi ahambe

UMose Unqoba USathane, nguJoseph Brickey

Shicilela