ITestamente eliDala 2022
NgoJanuwari 10–16. Genesise 3–4; Mose 4–5: Ukuwa kuka-Adamu no-Eva


“NgoJanuwari 10–16. Genesise 3–4; Mose 4–5: Ukuwa kuka-Adamu no-Eva,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoJanuwari 10–16. Genesise 3–4; Mose 4–5,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
u-Adamu no-Eva behamba ndawonye

u-Adamu no-Eva, nguDouglas M. Fryer

NgoJanuwari 10–16

Genesise 3–4; Mose 4–5

Ukuwa kuka-Adamu no-Eva

Ngesikhathi ufunda ku Genesise 3–4 naku Mose 4–5, ake ucabange ngokuthi yikuphi lokhu iNkosi ezama ukukufundisa kona. Abhale phansi lamaqiniso nokuzwayo ngaphakathi kuwe, bese ucabanga ngakho kulelisonto elizayo.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ekuqaleni, lendaba yokuWa kuka-Adamu no-Eva ingabukeka iyisehlakalo esinosizi. U-Adamu no-Eva baxoshwa eNsimini enhle yase-Edeni. Bakhishelwa ngaphandle emhlabeni lapho kukhona khona ubuhlungu, usizi kanye nokufa (bheka ku Genesise 3:16–19). Futhi bahlukaniswa noYise oseZulwini. Kodwa ngenxa yamaqiniso abuyiselwe ngomPhrofethi uJoseph Smith encwadini kaMose, siyazi ukuthi indaba ka-Adamu no-Eva eqinisweni iyindaba yethemba—futhi iyingxenye ebalulekile yohlelo lukaNkulunkulu lwabantwana Bakhe.

INsimi yase-Edeni yayiyinhle. Kodwa u-Adamu no-Eva babedinga okunye okuthile kunendawo enhle. Babedinga ithuba lokukhula njengoba kunjalo kithi sonke. Ukushiya iNsimi yase-Edeni kwakuyisinyathelo sokuqala esasidingeka endleleni yokubuyela kuNkulunkulu neyokufana Naye ekugcineni. Lokho kwakusho ukuthi kwakufanele babhekane nokuphikiswa, nokwenza amaphutha, nokufunda ukuphenduka, nokwethemba uMsindisi, oNhlawulo Yakhe eyenza sikwazi ukukhula nokuzwa “[i]njabulo yokuhlengwa kwethu” (Mose 5:11). Ngakho-ke, uma ufunda ngokuWa kuka-Adamu no-Eva, ungagxili kulokhu okubonakala kuletha usizi kodwa gxila kakhulu kulokho okungahle kwenzeke—hhayi kwiparadesi u-Adamu no-Eva elabalahlekela kodwa enkazimulweni esikwaziyo ukuyithola ngenxa yesinqumo abasenza.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

UGenesise 3:1–7; UMose 4; 5:4–12

UkuWa kwakuyingxenye ebalulekile yohlelo lukaNkulunkulu lokuhlenga abantwana Bakhe.

UkuWa kuka-Adamu no-Eva kwaletha ukufa ngokwenyama nangokomoya emhlabeni. Kwaletha futhi nobunzima, usizi, kanye nokona. Konke lokhu kubukeka kuyizizathu ezidala ukuthi sizisole ngokuWa. Kodwa ukuWa kwakuyingxenye yohlelo lukaBaba oseZulwini lokuhlenga nokuphakamisa abantwana Bakhe “[ngo]mnikelo woZelwe Yedwa kaBaba” (Mose 5:7). Ngesikhathi ufunda ku Genesise 3:1–7; naku Mose 4; 5:4–12, yimaphi amaqiniso owatholayo akusiza ukuqondisise ukuWa nokuthi iNhlawulo kaKristu ikunqoba kanjani? Imibuzo efana nalena ingakusiza:

  • U-Adamu no-Eva ngabe bathinteka kanjani ngenxa yokuWa na? Ngabe kungithinta kanjani mina na?

  • Kungani u-Adamu no-Eva banikela iminikelo na? Ngabe leyo minikelo yayisho ukuthini na? Yikuphi engingakufunda ngamazwi akhulunywa yingelosi kulamavesi na?

  • Kungani u-Adamu no-Eva “babejabulile” emuva kokuWa na? Ngabe ngifundani kulendaba ngohlelo lukaNkulunkulu lokungihlenga ngoJesu Kristu na?

Ngenxa yeNcwadi kaMormoni nezinye izambulo zezinsuku zokugcina, ukuWa sikubuka ngendlela eyehlukile. Isibonelo, ake ucabange ngalokho umPhrofethi uLehi afundisa ngakho umndeni wakhe ngo-Adamu no-Eva ku 2 Nefi 2:15–27. Izimfundiso zikaLehi zikucacisa kanjani okwenzeka eNsimini yase-Edeni futhi lokho kusisiza kanjani ukuthi siqonde ukuthi kungani lokho kubaluleke kangaka na?

Bheka futhi 1 KwabaseKorinte 15:20–22; ku Mosiya 3:19; ku Alima 12:21–37; IMfundiso neziVumelwano 29:39–43; ImiBhalo yoKholo 1:3; inkulumo kaDallin H. Oaks, ethi “The Great Plan,” kwiLiyahona, yango Meyi 2020, 93–96; inkulumo kaDallin H. Oaks, ethi “Opposition in All Things,” kwiLiyahona, yango Meyi 2016, 114–17; inkulumo kaJeffrey R. Holland, ethi “Where Justice, Love, and Mercy Meet,” kwiLiyahona, yango Meyi 2015, 104–6.

Isithombe
U-Eva ephethe isithelo.

Ukushiya i-Edeni ngu-Annie Henrie Nader

UGenesise 3:16; UMose 4:22

Ngabe kusho ukuthini ukuthi u-Adamu “uyakubusa” u-Eva na?

Lendinyana yombhalo ongcwele ngesinye isikhathi ayiqondwa kahle ngoba abaningi bacabanga ukuthi isho ukuthi kulungile ukuba umyeni aphathe kabi umkakhe. Kulesi sikhathi esiphila kuso, abaphrofethi beNkosi bafundise ukuthi nakuba umyeni kufanele aphathe ekhaya ngokulunga, kufanele umkakhe ambone njengomlingani wakhe (bheka “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni wonke” [ChurchofJesusChrist.org]). IGosa uDale G. Renlund noDade uRuth Lybbert Renlund bachaza ukuthi umyeni olungile “uzofuna ukusiza; uzowavuma amaphutha acele uxolo; uzovama ukuncoma; uzokhumbula ukuthi abomndeni wakhe yikuphi abakuthandayo; uzozibona enomthwalo omkhulu wokuba ondle umndeni wakhe ‘ngezidingo zempilo nokuwuvikela’; uzophatha umkakhe ngenhlonipho. … Uzowubusisa umndeni wakhe” (The Melchizedek Priesthood: Understanding the Doctrine, Living the Principles [2018], 23).

UMose 5:4–9, 16–26

UNkulunkulu uzoyemukela iminikelo yami uma ngiyinikela ngenhliziyo efunayo nelalelayo.

U-Adamu no-Eva bafunda ukuthi iminikelo yezilwane yayimele umnikelo wenhlawulo kaKristu, futhi “bazembula zonke izinto kumadodana abo nakumadodakazi abo” (Mose 5:12). Ngesikhathi ufunda uMose 5:4–9, 16–26, ake ucabange ngokuthi amadodana abo uKayini no-Abela ngabe babeyibuka kanjani leminikelo na? Ngabe kungani iNkosi yemukela umnikelo ka-Abela kodwa yawenqaba okaKayini na?

Ngabe iNkosi wena ikucela ukuthi wenze nhloboni yeminikelo na? Ngabe kukhona yini okufunda ku Mose 5:4–9, 16–26 okushintsha indlela ocabanga ngayo ngaleminikelo na?

Bheka futhi AmaHubo 4:5; 2 KwabaseKorinte 9:7; u-Omini 1:26; 3 uNefi 9:19–20; uMoroni 7:6–11; IMfundiso neziVumelwano 97:8.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

UGenesise 3; UMose 4.Ngabe kungani ukuWa kwakudingekile ohlelweni lukaBaba oseZulwini lwensindiso na? Ukubuka i-video ethi “The Fall” (etholakala ku ChurchofJesusChrist.org) kunganisiza ukuba niwuphendule lombuzo.

UMose 4:1–4.Ngabe yikuphi esikufundayo ngoNkulunkulu, uJesu Kristu, noSathane kulamavesi na? Ngabe libaluleke ngani kangaka lelilungelo lokuzikhethela ohlelweni lukaNkulunkulu kangangoba uSathane wayefuna ukuliqeda na?

UMose 5:5–9.Ngabe uNkulunkulu wabayala wathini o-Adamu no-Eva ukubasiza ukuba bacabange ngoMsindisi na? Ngabe thina uNkulunkulu usinikeni ukusisiza sicabange ngoMsindisi na?

UMose 5:16–34.Ngabe kusho ukuthini ukuba “ngumvikeli womfowethu” na? Singanakekelana kanjani kangcono njengomndeni na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Choose the Right Way,” Children’s Songbook, 160–61.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Sebenzisa okukhona okukusizayo ukuba ufunde imibhalo engcwele. Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, sebenzisa izenezelo, IziHloko zemiBhalo eNgcwele, nokunye okungakusiza ukuze uthole olunye ulwazi.

Isithombe
ingelosi ivakashela u-Adamu no-Eva

Ukufana, nguWalter Rane

Shicilela