ITestamente eliDala 2022
NgoJanuwari 3–9. Genesise 1–2; Mose 2–3; Abrahama 4–5: “EkuQaleni uNkulunkulu waDala iZulu noMhlaba”


“NgoJanuwari 3–9. Genesise 1–2; Mose 2–3; Abrahama 4–5: ‘EkuQaleni uNkulunkulu waDala iZulu noMhlaba,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoJanuwari 3–9. Genesise 1–2; Mose 2–3; Abrahama 4–5,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
isithombe somhlaba nenyanga

NgoJanuwari 3–9

Genesise 1–2; Mose 2–3; Abrahama 4–5

“EkuQaleni uNkulunkulu waDala iZulu noMhlaba”

Noma ngabe usuke wafunda ngeNdalo ngaphambilini, kuhlezi kukhona okunye ongakufunda emibhalweni engcwele. Khulekela ukuholwa nguMoya oNgcwele ukuze ukusize uthole ukuqonda okusha.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngenxa yokuthi umhlaba esikuwo muhle futhi uyababazeka, kunzima ukucabanga umhlaba ngesikhathi use “yihlane elingenalutho,” “ungenalutho” (Genesise 1:2; Abrahama 4:2). Esikufundayo ngendaba yeNdalo wukuthi uNkulunkulu angenza into enhle lapho khona kungekho lutho oluhlelekile. Kuyasiza ukukhumbula lokho uma impilo ibonakala inokuphithizela. UBaba oseZulwini noJesu Kristu bangabaDali, futhi umsebenzi Wabo wokusidala awukapheli. Bengenza ukukhanya bukhazimule ezikhathini ezimnyama ezimpilweni zethu. Bengakha isisekelo esiqinile phakathi kwezivunguvungu zempilo. Bakwazi ukuyala amandla ezulu, futhi uma siwalalela amazwi Abo njengamandla ezulu, Bangakwazi ukusiguqula sibe yizidalwa ezinhle esasenzelwe ukuba sibe yizo. Lokhu kuyingxenye yokudalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, nokumfuza (bheka ku Genesise 1:26). Sinamandla okuba njengaYe: sibe nagabantu abaphakanyisiwe, abantu basezweni lesilestiyali abakhazimulisiwe.

Ukuze uthole ulwazi olufingqiwe ngencwadi kaGenesise, bheka ku “Genesise” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Genesise 1: 1–25; Mose 2: 2–25; Abrahama 4: 4–25

Ngokuyalelwa nguBaba oseZulwini, uJesu Kristu wadala umhlaba.

IGosa uD. Todd Christofferson wathi, “Noma ngabe kukhona luphi ulwazi ngendalo, esikwaziyo wukuthi indalo ayenzekanga ngephutha kodwa yayalelwa nguNkulunkulu futhi yenziwa nguJesu Kristu”(“Why Marriage, Why Family,” kwi Liyahona, yangoMeyi 2015, 51). Noma kukhona okuningi esingakwazi kahle-hle ngendlela umhlaba owadalwa ngayo, ake uzindle ngokufundayo ngeNdalo kulokho uNkulunkulu asekwembulile ku Genesise 1:1–25; kuMose 2:1–25; naku Abrahama 4:1–25. Ngabe yikuphi okutholayo kulezi zindaba okufanayo na? Yikuphi okutholayo okwehlukile na? Yimiphi imicabango onayo ngoBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu ngesikhathi ufunda ngeNdalo na?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 101:32–34.

Isithombe
isembatho esikhombisa izigaba ezahlukene zendalo

iNdalo nguJoan Hibbert Durtschi

Genesise 1:27–28; 2:18–25; Mose 3:18, 21–25; Abrahama 5:14–19

Umshado phakathi kwendoda nowesifazane umiswe nguNkulunkulu.

“U-Adamu no-Eva bahlanganiswa ndawonye emshadweni walesi sikhathi nowaphakade ngamandla obuphristi baphakade” (Russell M. Nelson, “Lessons from Eve,” kwi Ensign, yangoNovemba 1987, 87). Kungani kubalulekile ukuthi silazi leliqiniso na? Ake uzindle ngalokhu ngesikhathi ufunda ku Genesise 1:27–28; 2:18–25; ku Mose 3:18, 21–25; naku Abrahama 5:14–19. Uma ufisa ukwazi kabanzi ngomshado ohlelweni lukaNkulunkulu, funda futhi uzindle ngalemithombo yolwazi elapha ngezansi. Ngabe lemithombo yolwazi yikuphi ekukhuthaza ukuba ukwenze ukuze uwuqinise umshado wakho noma ukuze ulungiselele umshado kusasa na?

Bheka futhi ku Mathewu 19:4–6; 1 KwabaseKorinte 11:11; uLinda K. Burton, “We’ll Ascend Together,” kwi Liyahona, yangoMeyi 2015, 29–32; “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke,” ChurchofJesusChrist.org.

Genesise 2:2–3; Mose 3:2–3; Abrahama 5:2–3

UNkulunkulu walubusisa futhi walungcwelisa usuku lweSabatha.

UNkulunkulu walungcwelisa usuku lweSabatha, futhi nathi usicela ukuba silugcine lungcwele. IGosa uDavid A. Bednar wasifundisa wathi, “Isabatha yisikhathi sikaNkulunkulu, yisikhathi esingcwele esihlukaniselwe ukuba simkhonze nokuba samukele futhi sikhumbule izethembiso Zakhe ezinkulu neziyigugu” (“Exceeding Great and Precious Promises,” kwi Liyahona, yangoNovemba 2017, 92). Ungakusebenzisa kanjani lokhu akushilo kanye nezincwadi zika Genesise 2:2–3; uMose 3:2–3; noma u-Abraham 5:2–3 ukuchazela omunye umuntu ukuthi kungani ukhetha ukulihlonipha usuku lweSabatha na? Ngabe uNkulunkulu usekubusise kanjani ngokuligcina usuku Lwakhe lungcwele na?

Bheka futhi ku Isaya 58:13–14; IMfundiso neziVumelwano 59:9–13.

Isithombe
family study icon

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

Genesise 1:1–25; Mose 2:1–25; Abrahama 4:1–25.Ungakwenza kanjani kube mnandi ukufunda ngeNdalo emndenini wakho na? Ungaphumela ngaphandle nomndeni wakho ke niyobuka izinto ezenziwa ngesikhathi kudalwa, njengezinkanyezi, izihlahla, noma izilwane. Ungase futhi ukhombise izithombe zezinto ezadalwa bese umema abomndeni wakho ukuba ke babeke izithombe ngokulandelana emva ngokufunda ndawonye indaba yeNdalo. Ngabe lokhu okudaliwe kusifundisani ngoBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu na?

Gensise 1; Mose 2; Abrahama 4.Enye indlela yokufunda ngeNdalo ukumema abomndeni wakho ukuba bathole ukuthi kukangaki ku Genesise 1 noma ku Mose 2 lapho uNkulunkulu athi khona izinto azenzile “zinhle.” Ngabe lokhu kukhomba ukuthi kufanele siyiphathe kanjani indalo kaNkulunkulu—ngokunjalo nathi na? Sifundani ngendlela ezibhalwe ngayo lezi zenzakalo ku Abrahama 4?

Genesise 1:26–27; Mose 2:26–27; Abrahama 4:26–27.Yingani kubalulekile ukuba sazi ukuthi sidalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu na? Ngabe ukwazi lokhu kuyithinta kanjani indlela esicabanga ngayo ngathi, ngabanye, nangoNkulunkulu na?

Uma unabantwana abancane, ungathanda ukufunda nabo ku Mose 2:27 bese nidlala nanku umdlalo: Veza isithombe esikhombisa uBaba oseZulwini noJesu Kristu, bese ucela abomndeni wakho bashintshisane ukukhomba ingxenye yomzimba kaBaba oseZulwini noma kaJesu. Emva kwalokho amanye amalunga omndeni angabe esekhomba ingxenye efanayo emizimbeni yawo.

Genesise 1:28; Mose 2:28; Abrahama 4:28.“Umyalelo kaNkulunkulu wabantwana Bakhe ukuba bande bagcwalise umhlaba usamile namanje” (“Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke,” ChurchofJesusChrist.org). Abomndeni wakho bangalingisa ukuthi bangabachazela kanjani labo abanezinkolelo ezehlukile ngalomyalelo nangaleli qiniso.

Genesise 1:28; Mose 2:28; Abrahama 4:28.Ngabe kusho ukuthini “ukubusa … phezu kwako konke okuphilayo okuhambayo emhlabeni na? (bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 59:16–21). Ngabe umndeni wethu ungawufeza kanjani umsebenzi wethu wokunakekela umhlaba na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Ukusebenzisa imibhalo engcwele ezimpilweni zethu. Emva kokufunda indinyana ethile emibhalweni engcwele, mema amalunga omndeni ukuba ayisebenzise ezimpilweni zawo. Isibonelo, ngabe imfundiso esencwadini ka Mose 3:1–3 singayisebenzisa kanjani ukuhlonipha iSabatha masonto onke na? ­

Isithombe
uJesu Kristu eme emafwini

INdalo, ngu-Annie Henrie Nader

Shicilela