ITestamente eliDala 2022
NgoFebruwari 28–Mashi 6. Genesise 28–33: “Impela iNkosi IkuleNdawo”


“NgoFebruwari 28–Mashi 6. Genesise 28–33: ‘Impela iNkosi IkuleNdawo,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoFebruwari 28–Mashi 6. Genesise 28–33,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
Ithempeli laseTijuana eMexico

NgoFebruwari 28–Mashi 6.

Genesise 28–33

“Impela iNkosi IkuleNdawo”

Ngesikhathi ufunda ku Genesise 28–33, zindla ngalokhu okufundayo ngezibonelo zikaJakobe nomndeni wakhe. Bhala phansi noma yikuphi okufika emqondweni wakho.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Izigaba 28 na 32 zakuGenesise zilanda ngokubili okomoya okwenzeka kumphrofethi uJakobe. Kokubili kwenzeka ehlane kepha izimo zazihluke kakhulu. Kulokhu kokuqala, uJakobe wayeya ekhaya likamama wakhe ukuyothola unkosikazi futhi, endleleni, wachitha ubusuku emcamelweni wamatshe. Wayengalindele ukuthola iNkosi endaweni engenalutho kanjena, kepha uNkulunkulu waziveza kuJakobe ngephupho elashintsha impilo yakhe, futhi uJakobe wathi, “Impela iNkosi ikulendawo,futhi mina begingazi” (Genesise 28:16). Emva kweminyaka, uJakobe wazithola ehlane futhi. Kulokhu wayesendleleni ebuyayo eya eKhanani, eyobonana nomfowabo odiniwe, u-Esawu, ukubonana okungase kubange ukuchitheka kwegazi. Kepha uJakobe wayekwazi ukuthi uma edinga isibusiso, engabheka iNkosi ngisho esehlane (bheka ku Genesise 32).

Nawe ungazithola usehlane lakho ufuna isibusiso kuNkulunkulu. Mhlawumbe ihlane lakho ubudlelwano emndenini obunzima, njengoJakobe. Mhlawumbe uzizwa ukude noNkulunkulu noma uzizwa udinga isibusiso. Ngesinye isikhathi isibusiso sifika ungalindele; ngezinye izikhathi uqale ulwe. Noma ngabe udinga ini, ungathola ukuthi nasehlane lakho, “impela iNkosi ikulendawo.”

Isithombe
Learn More image
Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Genesise 28; 29:1–18

Ngithenjiswe izibusiso zika-Abrahama ethempelini.

Endleleni eya eHarana ukuyothola unkosikazi, uJakobe waphupha iladi elisuka emhlabeni liya ezulwini, uNkulunkulu eme phezu kwalo. Ephushweni, uNkulunkulu wavuselela noJakobe izivumelwano ezifana nalezo azenza no-Abrahama no-Isaka (bheka ku Genesise 28:10–17; bheka naku Genesise 12:2–3; 26:1–4). UMongameli uMarion G. Romney waxoxa ngokuthi iladi lingase limeleni: “uJakobe wabona ukuthi izivumelwano azenza neNkosi kwakuyizitebhisi zeladi okwakumele azikhuphuke ukuze athole izibusiso ezithenjisiwe—izibusiso ezizomenza angene ezulwini futhi ahlale neNkosi. … Amathempeli kithi sonke ayilokho iBethele yayiyikho kuJakobe” (“Temples—The Gates to Heaven,” Ensign, ngoMashi. 1971, 16).

Yimaphi amanye amagama nemisho eku Genesise 28:10–22 obona ekhuluma ngokuxhumana phakathi kokwehlela uJakobe nezibusiso zasethempelini na? Ngesikhathi uwafunda lamavesi, cabanga ngezivumelwano ozenzile; yikuphi okukufikelayo?

Ngesikhathi ufunda ku Genesise 29:1–18, cabanga ngendlela umshado kaJakobe noRaheli wawubaluleke ngayo kwisivumelwano uNkulunkulu asivuselela noJakobe eBethele (“indlu kaNkulunkulu”; bheka ku Genesis 28:10–19). Cabanga ngalokhu ngesikhathi uqhubeka ufunda ngempilo kaJakobe ku Genesise 29–33. Ngabe indlu yeNkosi ikusondeze ngayiphi indlela kuNkulunkulu na?

Bheka futhi kuYoon Hwan Choi, “Don’t Look Around, Look Up!iLiyahona, Meyi 2017, 90–92.

Genesise 29:31–35; 30:1–24

INkosi iyangikhumbula ezinkathazweni zami.

Noma uRaheli noLeya baphila esikhathini nangosiko oluhlukile kunolwethu, sonke singaqonda imizwa ababa nayo. Ngesikhathi ufunda ku Genesise 29:31–35, naku 30:1–24, bheka amagama nemisho echaza umusa kaNkulunkulu kuRaheli noLeya. Cabanga ngendlela “uNkulunkulu abone inhlupheko [yakho]” futhi “wakukhumbula” ngayo (Genesise 29:32; 30:22).

Kubalulekile futhi ukukhumbula ukuthi noma uNkulunkulu esizwa, ngokuhlakanipha kwakhe akahlezi esinikeza okufana ncamashi nalokho esikucelile. Cabanga ngokufunda umyalezo weGosa uBrook P. Hales othi “Answers to Prayer” (iLiyahona, Meyi 2019, 11–14) ukufunda ngezindlela ezehlukene uBaba oseZulwini asiphendula ngazo.

Isithombe
UJakobe no-Esawu begonana

Isithombe sikaJakobe no-Esawu begonana, nguRobert T. Barrett

Genesise 32–33

UMsindisi angasisiza sinqobe ukungezwani emndenini yethu.

Ngesikhathi uJakobe ebuyela eKhanani, “wayeseshaywa luvalo kakhulu, ekhathazeka” ngendlela u-Esawu ayezomamukela ngayo (Genesise 32:7). Ngesikhathi ufunda ku Genesise 32–33 ngokuhlangana kwaJakobe no-Esawu nemizwa yakhe ngaphambi kokuba kwenzeke, ungacabanga ngobudlelwano bakho nomndeni wakho—mhlawumbe lobo obudinga ukulungiswa. Mhlawumbe lendaba ingakusiza ufinyelele komunye. Imibuzo efana nalena ingakusiza ngesikhathi ufunda:

  • Ngabe uJakobe wakulungiselela kanjani na ukuhlangana no-Esawu?

  • Yikuphi okugqamile kuwe ngomkhuleko kaJakobe otholakala ku Genesise 32:9–12?

  • Ngabe yikuphi na okufundayo ngoxolo kwisibonelo sika-Esawu?

  • Ngabe uMsindisi angasisiza kanjani ukuba silungise ubudlelwano emndenini na?

Bheka futhi ku Luka 15:11–32; kuJeffrey R. Holland, “The Ministry of Reconciliation,” iLiyahona, Nov. 2018, 77–79.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

Genesise 28:10–22.Ungasebenzisa iladi (noma isithombe seladi) ukukhuluma ngendlela izivumelwano zethu ziyiladi ngayo. Yiziphi izivumelwano esizenzile, futhi zisisondeza kanjani kuNkulunkulu. Amalunga omndeni angase akuthokozele ukudweba iphupho likaJakobe elichazwe ku Genesise 28:10–22.

Genesise 32:24–32.Mhlawumbe kukhona amalunga omndeni athanda umshikashika. Kungani “umshikashika” kuyindlela enhle yokuchaza ukufuna izibusiso eNkosini? Ngabe ku Enoshe 1:1–5; Alima 8:9–10 kuthiwani ngokuthi kuchaza ukuthini “[uku]shikashika … phambi kukaNkulunkulu” na?

Genesise 33:1–12.Emva kweminyaka eminingi yemizwa elukhuni, uJakobe no-Esawu bahlangana. Uma uJakobe no-Esawu bengakhuluma nathi namuhla, bengathini ukuze basisize uma kukhona ingxabano emndenini wethu?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Dearest Children, God Is Near You,” Hymns, no. 96.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bheka uJesu Kristu, ITestamente eliDala lifakaza ngoJesu Kristu ngezindaba nezibonakaliso. Cabanga ngokubhala noma ukudwebela amavesi akhomba kuMsindisi futhi asho okuthile kuwe.

Isithombe
UJakobe ephupha ngezingelosi ezisesitebhisini

Iphupho likaJakobe eBethele, ngu J. Ken Spencer

Shicilela