ITestamente eliDala 2022
NgoMashi 7–13. UGenesise 37–41: “INkosi yayinoJosefa”


“NgoMashi 7-13. UGenesise 37–41: ‘INkosi yayinoJosefa,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoMashi 7-13. UGenesise 37–41,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
UJosefa waseGibhithe esejele

Umfanekiso kaJosefa waseGibhithe esejele, ngu-Jeff Ward

NgoMashi 7–13

UGenesise 37:-41

“INkosi yayinoJosefa”

Njengoba ufunda uGenesise 37–41, thandazela ukuthi uMoya oNgcwele ukusize ubone indlela umbhalo ohlobana ngayo nempilo yakho. Bhala noma yikuphi ukuqonda okutholayo.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngezinye izikhathi izinto ezimbi zenzeka kubantu abalungile. Ukuphila kusifundisa leso sifundo ngokucacile, futhi kunjalo ngempilo kaJosefa, indodana kaJakobe. Wayeyindlalifa yesivumelwano uNkulunkulu ayesenze nobaba wakhe, kodwa wayezondwa abafowabo futhi wadayiswa ebugqileni. Wanqaba ukulahla ubuqotho bakhe lapho elingwa umkaPotifari futhi wafakwa ejele. Kubonakala sengathi lapho ayebaqotho kakhulu, kwakuyilapho ayebhekana nobunzima obukhulu. Kodwa bonke lobu bunzima babungelona uphawu lokulahlwa uNkulunkulu. Eqinisweni, kukho konke, “iNkosi yayinaye” (uGenesise 39:3). Impilo kaJosefa yayiwukubonakaliswa kwaleliqiniso elibalulekile: UNkulunkulu ngeke asilahle. “Ukulandela UMsindisi ngeke kususe zonke izilingo zakho,” UMongameli Dieter F. Uchtdorf wafundisa lokho. “Nokho, kuzosusa imingcele ephakathi kwakho kanye nosizo uYihlo oseZulwini afuna ukukunikeza lona. UNkulunkulu uzoba nawe” (“A Yearning for Home,” iLiyahona, Nov. 2017, 22).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

uGenesise 37:1–28; 39; 41:9–45

“INkosi yayinoJosefa” ebunzimeni bakhe.

Ezikhathini ezilandelanayo, inhlanhla yayibonakala imlahla uJosefa, kodwa iNkosi ayizange imlahle. Njengoba ufunda indaba kaJosefa, zindla ngemibuzo efana nale: Yini eyenziwa uJosefa ukuze ahlale eseduze neNkosi phakathi nesikhathi sokulingwa kwakhe? INkosi “yayinaye” kanjani? (uGenesise 39:2–3, 21, 23).

Ungase futhi uzibuze imibuzo efanayo mayelana nempilo yakho. Yibuphi ubufakazi obubonile bokuthi iNkosi ayikulahlile phakathi nezikhathi zakho zokulingwa na? Cabanga indlela ongabelana ngayo namalunga omndeni wakho nezizukulwane ezilandelayo ngosekwenzeke kuwe (bheka 1 Nefi 5:14). Yini ongayenza manje ukuze uzilungiselele ukuhlala uqotho lapho ubhekana nezilingo esikhathini esizayo?

Bheka futhi encwadini NgokukaJohane 14:18; kwabaseRoma 8:28; u-Alima 36:3; IMfundiso neziVumelwano 121:7–8.

uGenesise 37:5-11; 40; 41:1-38

Uma ngiqotho, iNkosi izongiqondisa futhi ingikhuthaze.

IGosa u-David A. Bednar wafundisa ukuthi, “Izambulo zidluliselwa ngezindlela ezehlukahlukene, okuhlanganisa, isibonelo, amaphupho, imibono, izingxoxo nezidalwa zomoya, kanye nesikhuthazo” (“The Spirit of Revelation,” iLiyahona, ngoMeyi 2011, 88). INkosi yasebenzisa amaphupho ukuze iveze amaqiniso kuJosefa, kumphathi-ndebe kanye nombhaki-zinkwa kaFaro oyinhloko, kanye nakuFaro. INkosi yaphinda yembulela uJosefa indlela yokutolika lawo maphupho. Yini ongayifunda kuGenesise 37:5–11; 40:5–8; 41:14–25, 37–38 mayelana nokwamukela nokuqonda isambulo esivela eNkosini? Isibonelo, yini ongayifunda esibonelweni sikaJosefa lapho isambulo sibonakala sinzima ukusiqonda? (bona uGenesise 40:8; 41:16).

Isithombe
UJosefa usejele utolika amaphupho

UJosefa Utolika Amaphupho Omphathi-ndebe kanye Nombhaki-zinkwa, ngu-François Gérard

Zindla ngendlela iNkosi ekwambulela ngayo intando Yayo kuwena. Yini oyenzayo ukuze uthathe isinyathelo ngesambulo iNkosi ekunikeza sona? Usifuna kanjani isiqondiso esengeziwe esivela Kuyona?

­

uGenesise 38; 39:7–20

Ngosizo lweNkosi, ngingakwazi ukubalekela isilingo.

Lapho ulingwa, isibonelo sikaJosefa singakukhuthaza futhi sikunikeze amandla. Njengoba ufunda ngokwenzeka kuye kuGenesise 39, phawula izinto uJosefa azenza ukuze amelane nesilingo. Isibonelo:

  • “Wanqaba” ukuheha kumkaPotifari (ivesi 8).

  • Wabona ukuthi ukona kwakuzomphatha kabi uNkulunkulu kanye nabanye (amavesi 8–9).

  • Akazange “asinake” isilingo, nakuba sasiqhubeka “usuku nosuku” (ivesi 10).

  • “Washiya ingubo yakhe … futhi wabaleka, wagijimela phandle” (ivesi 12).

Unesibonelo sikaJosefa engqondweni, cabanga ukwenza isu lokugwema nokumelana nesilingo. Ngokwesibonelo, ungase ucabange ngesilingo obhekene naso, bhala phansi izimo okufanele uzigweme, futhi wakhe isu lokuncika kuBaba oseZulwini lapho kuvela isilingo (bheka 2 Nefi 4:18, 27–33).

Isilingo:

Izimo okufanele uzigweme:

Hlela ukuphendula:

Lokhu kulandisa kwamandla kaJosefa lapho ebhekene nesilingo kwandulelwa ukulandisa okwehlukile okumayelana nomfowabo omdala uJuda, okutholakala kuGenesise 38. Yini esiyifunda ezahlukweni 37, 38, kanye no-39, uma sizihlanganisa, mayelana nobumsulwa?

Bheka futhi 1 KwabaseKorinte 10:13; 1 Nefi 15:23–24; 3 Nefi 18:17–18.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

uGenesise 37.Uma wawungomunye wabafowabo bakaJosefa, yini owawungayenza ukuze uvimbe umona ukuthi ungenzi buthaka ubudlelwano bakho naye? Kungasisiza kanjani ukuthi “sikhulume ngokuthula” omunye nomunye? (ivesi 4).

uGenesise 39.Ividiyo ethi “The Refiner’s Fire” (ChurchofJesusChrist.org) ilandisa ngokwenzeka kowesifazane owathola amandla ngokuphendukela eNkosini ngesikhathi sokulingwa kwakhe. Mhlawumbe ningase niyibuke futhi nikhulume ngokuthi yini uJosefa angase ayisho uma kungenzeka enze ividiyo emayelana nokwenzeka kuye. Ngesikhathi uxoxa ngokulingwa kukaJosefa endlini kaPotifari, ungabuza amalunga omndeni ukuthi yiziphi izeluleko abangabelana ngazo noJosefa njengoba ebhekana nezilingo zakhe.

uGenesise 39:7–12.Ukufunda lamavesi kungase kuninikeze ithuba lokuxoxa ngomthetho wobumsulwa nomndeni wakho. Nazi izinsiza ezingasiza ngale ngxoxo: uJakobe 2:28; u-Alima 39:3–9.

uGenesise 41:15-57.Yini esiyifundayo kulamavesi mayelana nendlela iNkosi eyabusisa ngayo abantu baseGibhithe ngoJosefa? Yini esingayifunda mayelana nokulungela izimo eziphuthumayo zesikhathi esizayo? Xoxani ngokuthi yini eningayenza ukuze nizilungisele kangcono njengomndeni. ­

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Fanisa imibhalo nempilo yakho. Njengoba ufunda, cabanga indlela izindaba nezimfundiso ezisembhalweni ezisebenza ngayo empilweni yakho. Isibonelo, ubuqotho bukaJosefa eGibhithe bungakukhuthaza kanjani ukuthi uhlale uqotho eNkosini ngaphezu kwezinselele?

Isithombe
Abafowabo bakaJosefa bemphuca ijazi lakhe

Umfanekiso wabafowabo bakaJosefa bemphuca ijazi lakhe, ngu-Sam Lawlor

Shicilela