ITestamente eliDala 2022
NgoMashi 21–27. U-Eksodusi 1–6: “Ngisikhumbulile Isivumelwano Sami”


“NgoMashi 21–27. U-Eksodusi 1–6: ‘Ngisikhumbulile Isivumelwano Sami,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoMashi 21–27. Eksodusi 1–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
UMose kanye Nesihlahla Esivuthayo

UMose Nesihlahla Esivuthayo, nguHarry Anderson

NgoMashi 21–27

U-Eksodusi 1–6

“Ngisikhumbulile Isivumelwano Sami”

Qala isifundo sakho ngomthandazo, bese ucela usizo lokuthola imiyalezo eku-Eksodusi 1–6 ebalulekile empilweni yakho kanye nokusiza kwakho embusweni kaNkulunkulu.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Isimemo sokuyohlala eGibhithe sasindisa umndeni kaJakobe ngendlela emangalisayo. Kodwa ngemva kwamakhulu eminyaka, inzalo yabo yaba izigqila futhi yahlukunyezwa ufaro omusha “owayengamazi uJosefa” (u-Eksodusi 1:8). Kwakuyoba into engokwemvelo kuma-Israyeli ukuthi azibuze ukuthi kungani uNkulunkulu evumele lokhu ukuthi kwenzeke kuwona, abantu Bakhe besivumelwano. Ngabe wayesasikhumbula yini isivumelwano Sakhe ayesenze nabo na? Ingabe babesayibo abantu Bakhe? Ingabe wayebona ukuthi bahlupheka kangakanani na?

Kungenzeka ukuthi kukhona izikhathi lapho uke wafuna ukubuza imibuzo efanayo. Ungase ucabange ukuthi, ngabe uNkulunkulu uyazi ukuthi yini engibhekene nayo na? Ingabe uyazizwa izicelo zami zosizo na? Indaba eku-Eksodusi emayelana nokukhululwa kwama-Israyeli eGibhithe iphendula imibuzo enjalo ngokucacile: UNkulunkulu akabakhohlwa abantu Bakhe. Uyazikhumbula izivumelwano Zakhe nathi futhi uyazigcwalisa ngesikhathi Sakhe nangendlela yakhe (bheka IMfundiso neziVumelwano 88:68). Uyasho ukuthi, “Ngizonikhulula ngengalo eluliweyo.” “NgiyiNkosi uNkulunkulu wakho, ekukhipha ngaphansi kwemithwalo [yakho]” (u-Eksodusi 6:6–7).

Ukuze uthole isifinyezo sencwadi ka-Eksodusi, bona okuthi “U-Exodus, book of” Esichazamazwini seBhayibheli.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

U-Eksodusi 1-2

UJesu Kristu UnguMkhululi wami.

Esinye sezihloko eziyinhloko encwadini ka-Eksodusi wukuthi uNkulunkulu unamandla okukhulula abantu Bakhe ekucindezelweni. Ubugqila bama-Israyeli njengoba buchazwe ku-Eksodusi 1 bungase bubhekwe njengophawu lokuthunjwa sonke esibhekene nakho ngenxa yesono nokufa (bheka u-2 Nefi 2:26–27; 9:10; u-Alima 36:28). Futhi uMose, umkhululi wama-Israyeli, angase abhekwe njengohlobo, noma ummeleli, kaJesu Kristu (bheka uDuteronomi 18:18–19; 1 Nefi 22:20–21). Funda u-Eksodusi 1–2 unalokhu kuqhathanisa engqondweni. Ungase unake, isibonelo, ukuthi bobabili uMose noJesu basindiswa ekufeni bengabantwana (bheka u-Eksodusi 1:222:10; uMathewu 2:13–16) nokuthi bobabili bachitha isikhathi ehlane ngaphambi kokuba baqale inkonzo yabo (bheka u-Eksodusi 2:15–22; uMathewu 4:1–2). Yikuphi okunye ukuqonda okufundayo ku-Eksodusi mayelana nokuthunjwa okungokomoya na? namayelana nokukhululwa koMsindisi na?

­

Isithombe
Umntwana uMose ekubhasikidi

Moses in the Bulrushes (UMose Ekumakhwane), © Providence Collection/licensed from goodsalt.com

u-Eksodusi 3-4

UNkulunkulu unikeza amandla kulabo Ababizayo ukuze benze umsebenzi Wakhe.

Namuhla uMose simazi ngokuthi wayengumphrofethi nomholi omuhle. Kodwa uMose wayengaziboni ngaleyo ndlela lapho iNkosi iqala ukumbiza. “Ngingubani mina,” ezibuza uMose, “ukuba ngiye kuFaro?” (u-Eksodusi 3:11). INkosi, nokho, yayazi ukuthi uMose ungubani ngempela—nokuthi wayezoba ngubani. Njengoba ufunda u-Eksodusi 3–4, qaphela indlela iNkosi eyaqinisekisa ngayo uMose futhi yaphendula ngayo izinto ezazimkhathaza. Yini oyitholayo kulezi zahluko engase ikukhuthaze lapho uzizwa ungafaneleki? INkosi izibusisa kanjani izinceku Zayo ngamandla engeziwe ukuze zenze intando Yakhe na? (bheka uMose 1:1–10, 24–39; 6:31–39, 47). Umbone nini uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe ngawe noma ngabanye na?

Ukuze uthole okwengeziwe mayelana nempilo kanye nenkonzo kaMose, bheka okuthi “Mose” ku-IziHloko zemiBhalo eNgcwele.

u-Eksodusi 5-6

Injongo yeNkosi izogcwaliseka ngesikhathi Sayo.

Nakuba uMose ama phambi kukaFaro ngesibindi, njengoba uNkulunkulu ayemyalile, futhi wamtshela ukuthi akhulule ama-Israyeli, uFaro wanqaba. Eqinisweni, wenza izimpilo zama-Israyeli zaba nzima kakhulu. UMose kanye nama-Israyeli kungenzeka ukuthi babezibuza ukuthi kungani izinto zazingenzeki ngendlela yabo ngisho nalapho uMose ayenza lokho ayekucelwe uNkulunkulu ukuthi akwenze (bheka u-Eksodusi 5:22–23).

Wake waba nomuzwa wokuthi wenza umsebenzi kaNkulunkulu kodwa wangayibona impumelelo oyilindele? Buyekeza u-Eksodusi 6:1–8, ubheke lokho iNkosi eyakusho ukuze isize uMose aphikelele. INkosi ikusize kanjani ukuthi uphikelele ekwenzeni intando Yayo?

u-Eksodusi 6:3

Ubani uJehova?

UJehova elinye lamagama kaJesu Kristu futhi libhekisela kuMsindisi ngaphambi kokuthi aphile njengomuntu. UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith mayelana no-Eksodusi 6:3 uyacacisa ukuthi u-Abrahama, u-Isaka, kanye noJakobe babeyazi iNkosi ngegama layo. Ngokuvamile, ngesikhathi umusho othi “iNkosi” uvela eTestamenteni Elidala, ubhekisela kuJehova. Ku-Eksodusi 3:13–15, isiqu esithi “NGINGUYE” siphinde sibhekisele kuJehova (bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 38:1; 39:1).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

u-Eksodusi 1–2.Abantu besifazane abaningi badlala indima ebalulekile ohlelweni lukaNkulunkulu lokuveza umkhululi wama-Israyeli. Njengomndeni, ningase nifunde ngababelethisi uShifira kanye noPhuwa (u-Eksodusi 1:15–20); unina kaMose, uJokebedi, kanye nodadewabo, uMiriyamu (u-Eksodusi 2:2–9; uNumeri 26:59); indodakazi kaFaro (u-Eksodusi 2:5–6, 10); kanye nomkaMose uZiphora (u-Eksodusi 2:16–21). Laba besifazane baluqhubezela kanjani uhlelo lukaNkulunkulu? Okwenzakala kubo kusikhumbuza kanjani ngokuthunywa kukaJesu Kristu? Ungase futhi uhlanganise ndawonye izithombe zezihlobo zesifazane kanye nokhokho futhi nixoxe ngezindaba eziphathelene nabo. Sesibusiseke kanjani ngenxa yabesifazane abalungile? ­

u-Eksodusi 3:1–6.Ngesikhathi uMose esondela esihlahleni esivuthayo, iNkosi yamtshela ukuthi akhumule izicathulo zakhe njengophawu lwenhlonipho. Singayibonisa kanjani inhlonipho ngezindawo ezingcwele na? Isibonelo, singenza kanjani ukuze senze ikhaya lethu libe indawo engcwele lapho okungahlala khona uMoya weNkosi? Singayibonisa kanjani inhlonipho eyengeziwe kwezinye izindawo ezingcwele?

u-Eksodusi 4:1-9.INkosi yanikeza uMose amandla okwenza izimangaliso ezintathu njengophawu olwaluzoboniswa abantwana bakwa-Israyeli ukuthi Uyena owayethume uMose. Zisifundisani lezi zimpawu mayelana noJesu Kristu?

u-Eksodusi 5:2.Kungase kusho ukuthini ngathi ukuthi “siyazi” iNkosi? Siyazi kanjani? (Isibonelo, bheka u-Alima 22:15–18). Ubudlelwano bethu Nayo busithinta kanjani isifiso sethu Sokuyilalela? (bheka futhi uJohane 17:3; uMosiya 5:13).

Ukuze uthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukufunda Kwethu

Gcina incwadi yokuloba izifundo. Kungakusiza ukusebenzisa incwadi yokuloba izifundo noma incwajana yokubhalela ukuze ubhale imicabango, amasu, imibuzo, noma okuzwayo okufika ngesikhathi ufunda.

Isithombe
Indodakazi kaFaro ithola umntwana uMose

UMose utholwa Emkhiwaneni yiNdodakazi kaFaro, nguGeorge Soper

Shicilela