ITestamente eliDala 2022
NgoMashi 14–20. UGenesise 42–50: “UNkulunkulu Wayehlose Okuhle”


“NgoMashi 14-20. UGenesise 42–50: ‘UNkulunkulu Wayehlose Okuhle ,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoMashi 14-20. UGenesise 42-50,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
UJosefa waseGibithe

Umfanekiso kaJosefa waseGibithe, nguRobert T. Barrett

NgoMashi 14–20

UGenesise 42–50

“UNkulunkulu Wayehlose Okuhle”

Ukufunda imibhalo engcwele kumema uMoya. Lalela iziyalezo Zakhe njengoba ufunda, ngisho noma zingabonakali zihlobene ngokuqondile nalokho okufundayo.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Cishe kwakuseyiminyaka enga-22 kusukela uJosefa adayiswa abafowabo eGibhithe. Wabhekana nezilingo eziningi, okuhlanganisa nokubekwa icala ngokungeyikho kanye nokuboshwa. Lapho ephinde ebona abafowabo futhi, uJosefa wayengumbusi walo lonke iGibhithe, engowesibili esikhundleni elandela ufaro. Wayengakwazi kalula ukuziphindiselela kubona, futhi uma kucatshangelwa lokho ababekwenze kuJosefa, lokho kungase kuqondakale. Kodwa nokho uJosefa wabaxolela abafowabo. Hhayi lokho kuphela, kodwa futhi wabasiza ukuthi babone injongo engokwasezulwini yokuhlupheka kwakhe. Wabatshela ukuthi, “UNkulunkulu wayehlose okuhle” (uGenesise 50:20), ngenxa yokuthi kwambeka esikhundleni sokuthi asindise “nendlu yonke kayise” (uGenesise 47:12) esomisweni.

Ngezindlela eziningi, ukuphila kukaJosefa kufana nokukaJesu Kristu. Nakuba izono zethu zambangela ukuhlupheka okukhulu, uMsindisi usinikeza intethelelo, usikhulula sonke esiphethweni esibi kakhulu kunendlala. Noma ngabe sidinga ukuthola intethelelo noma sithethelele—esikhathini esithile sonke sidinga ukukwenza kokubili—isibonelo sikaJosefa sisikhomba kuMsindisi, umthombo wangempela wokwelapha nokubuyisana.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

uGenesise 45:1–8; 50:20

“UNkulunkulu wangithumela ngaphambi kwenu ukuze anisindise.”

Njengoba ufunde ngoJosefa, ngabe kukhona ukufana phakathi kwendaba yakhe kanye nomgomo wokuhlawulela kaJesu Kristu? Ungase ucabange ngendlela indima kaJosefa emndenini wakhe efana ngayo nendima yoMsindisi emndenini kaNkulunkulu. Yikuphi ukufana okubonayo phakathi kokwenzeka kuJosefa kanye nomgomo woMsindisi, owathunyelwa “ukuze asindise [thina] ngensindiso enkulu”? (uGenesise 45:7).

uGenesise 45; 50:15-21

Ukuthethelela kuletha ukwelapheka.

Ukufunda ngoJosefa exolela abafowabo ngezinto ezimbi abazenza kuyena kungase kukukhuthaze ukuthi ucabange ngomunutu othile okungenzeka ukuthi ukuthola kunzima ukumxolela. Noma mhlawumbe isivivinyo esinzima sokuthethelela sisekusaseni lakho. Yize kunjalo, kungase kusize ukucabanga ngokuthi kungani uJosefa akwazi ukuthethelela. Yiziphi izinto ezikutshela ngobuntu kanye nesimo sengqondo sikaJosefa ozithola kuGenesise 45; 50:15–21? Lokhu okwenzeka kuye kwamenza kanjani ukuthi athethelele kakhudlwana na? Isibonelo sikaJosefa siphakamisani mayelana nendlela ongathethelela ngayo kakhudlwana ngosizo loMsindisi na?

Naka zonke izibusiso ezafika emndenini kaJosefa ngenxa yokuthethelela kwakhe. Yiziphi izibusiso ozibonile ngenxa yokuthethelela? Ngabe uzizwa ukhuthazeka ukuthi ufinyelele kothile okuphathe kabi na?

Bheka futhi uGenesise 33:1–4; IMfundiso neziVumelwano 64:9–11.

uGenesise 49

Umfanekiso ezibusisweni zikaJakobe zisho ukuthini?

Izibusiso zikaJakobe enzalweni lwakhe ziqukethe umfanekiso ocacile, kodwa abanye abafundi bangase bawuthole unzima ukuwuqonda. Ngenhlanhla, ivangeli elibuyiselwe linikeza ukuqonda okwengeziwe. Ngesikhathi ufunda ngezibusiso zikaJosefa kuGenesise 49:22–26, funda futhi amavesi alandelayo, bese ubheka ukuthi yikuphi ukuqonda akunikezayo: 1 Nefi 15:12; 2 Nefi 3:4–5; uJakobe 2:25; IMfundiso neziVumelwano 50:44.

Njengoba ufunda ngesibusiso sikaJuda kuGenesise 49:8–12, khumbula ukuthi bobabili iNkosi uDavide kanye noJesu Kristu bavela enzalweni lukaJuda. Yimaphi amagama nemisho kulamavesi akukhumbuza ngoMsindisi na? Ngesikhathi ufunda ngesibusiso sikaJuda, kungase kukusize futhi ukufunda iSambulo 5:5–6, 9; 1 Nefi 15:14–15; IMfundiso neziVumelwano 45:59; 133:46–50.

Uma ungathanda ukufunda ngokwengeziwe mayelana namadodana kaJakobe kanye nezizwe zakwa-Israyeli ezavela kuwo, kukhona okufakiwe ngakho ngakunye kokuthi IziHloko zemiBhalo Engcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org).

uGenesise 50:24–25; Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, uGenesise 50:24–38 (IziHloko zemiBhalo Engcwele)

“INkosi yami uNkulunkulu izovusa umboni.”

Ngamaphupho kaJosefa (bona uGenesise 37:5–11) kanye nezincazelo zakhe zamanye amaphupho (bheka uGenesise 40–41), iNkosi yembula izinto ezazizokwenzeka ezinsukwini noma eminyakeni ezayo. Kodwa futhi iNkosi yaphinde yambulela uJosefa ukuthi yini eyayizokwenzeka kumakhuluminyaka azayo. Ngokukhethekile, wafunda ngokuthunywa kwesiphrofetho kukaMose no-Joseph Smith. Njengoba ufunda amazwi kaJosefa kuGenesis 50:24–25 kanye noKuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, Genesise 50:24–38 (IziHloko zemiBhalo Engcwele), zibuze ukuthi ukwazi lezi zinto kwakungambusisa kanjani uJosefa kanye nabantwana bakwa-Israyeli. Ucabanga ukuthi kungani kwakubalulekile ukuthi iNkosi ibuyisele isiphrofetho ngo-Joseph Smith na? (bheka futhi 2 Nefi 3).

UJoseph Smith uzigcwalise kanjani iziphrofetho kokuthi Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, Genesise 50: 27–28, 30–33? (bheka IMfundiso neziVumelwano 1:17–23; 20:7–12; 39:11; 135:3).

Isithombe
UJosefa waseGibhithe ebona umbono ka-Joseph Smith ethola izingcezu zegolide

Umfanekiso kaJosefa waseGibhithe, nguPaul Mann

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

uGenesise 42–46.Umndeni wakho ungase uthande ukulingisa indaba kaJosefa ehlangana nabafowabo. ­ Ibani nesikhathi esijabulisayo ngakho—sebenzisani amakhositshumi nezinsiza zokulingisa uma nithanda. Khuthaza amalunga omndeni wakho ukuthi azame ukuqonda imizwa nemibono yabalingiswa. Ungase ugxile ngokukhethekile emizweni kaJosefa ngokuqondene nabafowabo nendlela okungenzeka ukuthi bazizwa ngayo lapho ebaxolela. Lokhu kungase kuholele engxoxweni emayelana nendlela ukuthethelela kungase kubusise ngayo umndeni wakho.

Ngesikhathi uJosefa ephinde ehlangana nabafowabo ngemva kweminyaka eminingi, babonisa kanjani ukuthi babeshintshile kusukela esikhathini sokugcina egcina ukubabona? Yini esingayifunda ngokuphenduka ezimweni abadlula kuzo na?

uGenesise 45:3–11; 50:19–21.UJosefa waqaphela ukuthi nakuba okwenzeka kuye eGibhithe kwakunzima, “UNkulunkulu wayehlose okuhle” (uGenesise 50:20). Ingabe umndeni wakho uke wabhekana nanoma yiziphi izilingo uNkulunkulu aziphendula ukuthi zibe yizibusiso?

Ihubo elimayelana nokulunga kukaNkulunkulu phakathi nezikhathi zezilingo lingase liyithuthukise lengxoxo. Yimiphi imininingwane emayelana nokwenzeka kuJosefa eyisibonelo salokho okufundiswa ihubo?

uGenesise 49:9–11, 24–25.Yini esiyitholayo kulawa mavesi esifundisa mayelana nezindima nokuthunywa kukaJesu Kristu? (Ukuze uthole usizo lokuqonda imisho kulamavesi, bona lokho okubhaliwe mayelana noGenesise 49 kokuthi “Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele.”)

Ukuze uthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Sebenzisani umculo. Siza amalunga omndeni ukuthi athole amaqiniso evangeli emazwini amahubo kanye nezingoma zeNhlangano Yabantwana. Bheka izindlela zokwenza umculo ongcwele ube yingxenye evamile yokufunda kwakho ivangeli.

Isithombe
uJakobe ubusisa amadodana akhe

UJakobe Ubusisa Amadodana Akhe, nguHarry Anderson

Shicilela