ITestamente eliDala 2022
NgoMashi 28–Ephreli 3. U-Eksodusi 7–13: “Khumbulani Lolusuku, Enaphuma Ngalo eGibithe”


“NgoMashi 28–Ephreli 3. U-Eksodusi 7–13: ‘Khumbulani Lolusuku, Enaphuma Ngalo eGibithe,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoMashi 28–Ephreli 3. U-Eksodusi 7-13,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
UMose, u-Aroni, noFaro

Umfanekiso kaMose no-Aroni besenkundleni kaFaro, nguRobert T. Barrett

NgoMashi 28–Ephreli 3

U-Eksodusi 7-13

“Khumbulani Lolusuku, Enaphuma Ngalo eGibithe”

Njengoba ufunda zindla ngo-Eksodusi 7–13, bhala phansi imibono ekufikelayo. Njengoba wenza lokhu njalo, ikhono lakho lokubona lokho okushiwo uMoya Ongcwele lizokhula.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

IGibithe yabhekana nezifo ezilandelanayo, kodwa uFaro waqhubeka nokwenqaba ukukhulula abakwa-Israyeli. Kodwa nokho uNkulunkulu waqhubeka ebonisa amandla Akhe futhi enikeza uFaro amathuba okwamukela “ukuthi uyiNkosi” futhi “akekho onjengaye emhlabeni wonke” (u-Eksodusi 7:5; 9:14). Khona manjalo, uMose kanye nama-Israyeli kungenzeka ukuthi babebhekile bebambe ongezansi njengoba bebona lezi zibonakaliso zamandla kaNkulunkulu emele bona. Ngokuqinisekile lezi zimpawu eziqhubekayo zaziqinisekisa ukholo lwawo kuNkulunkulu futhi zaqinisa ukuzimisela kwawo ukulandela umphrofethi kaNkulunkulu. Ngemva kokuthi izifo ezimbi eziyisishiyagalolunye zihlulekile ukukhulula ama-Israyeli, kwaba yisifo seshumi—ukufa kwamazibulo, okuhlanganisa nezibulo likaFaro—okwaqeda ukuthunjwa ekugcineni. Lokhu kubukeka kufaneleka ngenxa yokuthi kunanoma yisiphi isimo sokuthunjwa ngokomoya, empeleni iyodwa kuphela indlela yokuphuma. Akukhathaliseki ukuthi yini enye esike sayizama ngaphambilini, kuyafana ngathi njengoba kwakunjalo ngabantwana bakwa-Israyeli. Umhlatshelo kaJesu Kristu kuphela, Izibulo—igazi Lemvu engenasici—okuyosisindisa.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

u-Eksodusi 7-11

Ngingakhetha ukuthambisa inhliziyo yami.

Sethemba ukuthi ukuzimisela kwakho akwehlukile kakhulu nentando kaNkulunkulu njengoba kwakunjalo ngoFaro. Nokho, sonke sinezikhathi lapho izinhliziyo zethu zisuke ziqinile, ngakho kukhona okuthile esingakufunda ezenzweni zikaFaro okubhalwe ku-Eksodusi 7–10. Njengoba ufunda ngezifo kulezi zahluko, yini ekugqamelayo njengoba ufunda ngendlela uFaro asabela ngayo? Ngabe kukhona ukufana okukhona kokuba nenhliziyo elikhuni okubonayo kuwena? Zindla ngalokho okufundayo kulezi zahluko mayelana nokuthi kusho ukuthini ukuba nehliziyo ethambile.

Qaphela ukuthi UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith kuka-Eksodusi 7:3, 13; 9:12; 10:1, 20, 27; 11:10 kucacisa ukuthi iNkosi ayizange iqinise inhliziyo kaFaro—uFaro waqinisa inhliziyo yakhe (bheka imibhalo yaphansi yevesi ngalinye).

Yini oyifundayo emibhalweni elandelayo mayelana nokuba nenhliziyo ethambile na? 1 Nefi 2:16; uMosiya 3:19; u-Alima 24:7–8; 62:41; u-Etere 12:27.

­

u-Eksodusi 12:1-42

Iphasika limelele Inhlawulo kaJesu Kristu.

Okwakuyiyonandlela yokuthi ama-Israyeli asinde esifweni seshumi, esichazwe ku-Eksodusi 11:4–5, kwakukuba alandele iziyalezo zeNkosi ayezinikeze uMose ku-Eksodusi 12, inqubo eyaziwa ngokuthi Iphasika. Iphasika lisifundisa ngezimpawu ukuthi njengoba nje iNkosi yakhulula ama-Israyeli ebugqileni baseGibhithe, Ingakwazi futhi ukusisindisa ebugqileni besono. Yini oyithola eziyalweni nasezimpawini zePhasika ekukhumbuza ngoJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe na? Yini ephakanyiswa yilezi zimpawu kanye neziyalezo kuwena mayelana nendlela yokuthola izibusiso zeNhlawulo Yakhe na? Isibonelo, yini engase imelwe ukugcoba igazi lemvu ezinsikeni zomnyango? (ivesi 7). Kusho ukuthini ukuthi “izicathulo zenu ezinyaweni zenu, kanye nezidondolo zenu ezandleni zenu”? (ivesi 11).

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 89:21.

Isithombe
abantu bathatha isidlo esingcwele

Isidlo esingcwele siyasisiza ukuthi sikhumbule uMkhululi wethu, uJesu Kristu.

u-Eksodusi 12:14–17, 24–27; 13:1–16

Isidlo esingcwele siyangisiza ukuthi ngikhumbule ukukhululwa kwami ngoJesu Kristu.

UMsindisi wayefuna ama-Israyeli ahlezi ekhumbula ukuthi Uyena owayewakhululile, ngisho emva kokuba ukuthunjwa kube umcabango wakudala. Yingakho awayala ukuba akhumbule isidlo sePhasika unyaka nonyaka. Njengoba ufunda iziyalezo Zakhe ku-Eksodusi 12:14–17, 24–27; 13:1–16, cabanga ngokuthi yini oyenzayo ukuze ukhumbule izibusiso zikaNkulunkulu kuwena. Ungakugcina kanjani lokho kukhumbula “kuzo zonke izizukulwane zakho” na? (bheka u-Eksodusi 12:14, 26–27).

Yikuphi ukufana okubonayo phakathi kwenjongo yesidlo sePhasika kanye nesidlo esingcwele na? Ukufunda ngePhasika kukukhumbuza kanjani ngesidlo esingcwele futhi kuyiletha kanjani incazelo eyengeziwe kuleso simiso na? Cabanga ngalokho ongakwenza ukuze “umkhumbule njalo” uJesu Kristu (uMoroni 4:3; 5:2; bheka futhi uLuka 22:7–8, 19–20).

Ungase futhi uzindle ngezinye izinto iNkosi efuna ukuthi uzikhumbule; bheka, Isibonelo, uHelamani 5:6–12; uMoroni 10:3; IMfundiso neziVumelwano 3:3–5, 10; 18:10; 52:40.

Bheka futhi uJohane 6:54; ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
family study icon

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

u-Eksodusi 7-12.Mhlawumbe ngemva kokufunda ngezifo iNkosi eyazithumela kwabaseGibhithe njengophawu lwamandla Ayo, umndeni wakho ungabelana ngezindlela iNkosi ebonisa ngayo amandla Ayo namuhla.

u-Eksodusi 8:2832; 9:27–28, 34–35.Lamavesi angasetshenziswa ukuqala ingxoxo mayelana nokubaluleka kokugcina izwi lethu. Mhlawumbe amalunga omndeni angase abelane ngokwenzeka ngesikhathi ebone abanye benza lokho abavume ukuthi bazokwenza.

u-Eksodusi 12:1-42.Ngemva kokufunda u-Eksodusi 12:1–42 nindawonye, ningabhala emaphepheni izinto eningazenza njengomndeni ukuze nikhumbule iNhlawulo kaJesu Kristu. Ngenxa yokuthi igazi lemvu ezincikeni zomnyango (bheka ivesi 23) zazimele uMsindisi, ungabeka lamaphepha eduze nomnyango ekhaya lakho. Ungase futhi udle izidlo zePhasika, njengesinkwa esingenamvubelo (ama-cracker noma ama-tortilla) noma amakhambi ababayo (i-parsely noma i-horseradish), futhi nixoxe ngokuthi iPhasika lisisiza kanjani ukuthi sikhumbule indlela uNkulunkulu akhulula ngayo abantu Bakhe. Isibonelo, isinkwa esingenamvubelo sawakhumbuza ukuthi sasingekho isikhathi sokuthi isinkwa sikhukhumale ngaphambi kokuthi babaleke ekuthunjweni. Amakhambi ababayo awakhumbuza ngokubaba kokuthunjwa.

u-Eksodusi 12:14, 24–27.Mhlawumbe ningase nibuyekeze lamavesi ngaphambi komhlangano olandelayo wesidlo esingcwele. Lamavesi ahlobana kanjani nesidlo esingcwele na? Singenza kanjani ukuthi isidlo esingcwele sibe “isikhumbuzo” kakhudlwana salokho uMsindisi asenzele kona?

Ukuze uthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Ukwabelana ngezifundo ngesikhathi kusetshenziswa izinto ezithile. Mema amalunga omndeni ukuthi athole izinto eziwasizayo ukuthi aqonde imigomo esembhalweni abawufundayo. Isibonelo, izinto ezithambile neziqinile zingasiza amalunga omndeni ukuthi axoxe ngomehluko okhona phakathi kokuba nenhliziyo ethambile neqinile.

Isithombe
Umndeni wamaHebheru nesidlo sePhasika

Umfanekiso wesidlo sePhasika, nguBrian Call

Shicilela