ITestamente eliDala 2022
Ngo-Ephreli 11–17. IPhasika: “Uyakugwinya Ukufa Kuze Kube Phakade”


“Ngo-Ephreli 11–17. IPhasika: ‘Uyakugwinya Ukufa Kuze Kube Phakade,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“Ngo-Ephreli 11–17. IPhasika,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
ithuna netshe elisusiwe emnyango

Umfanekiso wethuna elingenamuntu owenziwe nguMaryna Kriuchenko

Ngo-Ephreli 11–17

IPhasika

“Uyakugwinya Ukufa Kuze Kube Phakade”

Ngesikhathi ufunda futhi uzindla ngeNhlawulo yoMsindisi kulelisonto, cabanga ngokubhala imicabango nemizwa yakho encwadini yakho noma esikhaleni esinikiwe khona lapha kulesisifundo.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Impilo kaJesu Kristu “ibaluleke kakhulu emlandweni waso sonke isintu” (“The Living Christ: The Testimony of the Apostles,” ChurchofJesusChrist.org). Ngabe kusho ukuthini lokhu na? Kusho ukuthi impilo yoMsindisi ithinta wonke umuntu owake waphila nosazophila kulomhlaba ngokuphathelene nalokho abadalelwe kona ingunaphakade. Ungasho futhi uthi impilo nomsebenzi kaJesu Kristu, owaphelela ngoVuko Lwakhe ngalolosuku lwangeSonto lokuqala lwePhasika, uhlanganisa bonke abantu baNkulunkulu emlandweni wonke: Labo abazalwa ngaphambi kukaKristu babebheke Kuye ngokholo (bheka ku Jakobe 4:4), kanti futhi nalabo abazalwa emva kwakhe babuka emuva Kuye ngokholo. Ngesikhathi sifunda izindaba zeTestamente eliDala neziphrofetho, asihlangani negama likaJesu Kristu, kepha siyabubona ubufakazi bamakholwa asendulo nokulindela kwabo uMesiya noMhlengi wabo. Ngakho-ke nathi esimenyiwe ukuba sikhumbule Yena siyakwazi ukuzwa ukuxhumana nalabo ababemlindele. Ngokuba ngempela uJesu Kristu uthwale “ububi bethu sonke” (Isaya 53:6; kwengezwe amagama atshekileyo), futhi “kuKristu bonke bayakuphiliswa” (1 KwabaseKorinte 15:22; kwengezwe amagama atshekileyo).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

ITestamente eliDala lifakaza ngomnikelo wenhlawulo yoMsindisi.

Miningi imibhalo kwiTestamente eliDala ekhomba ubufundisi nomnikelo wenhlawulo yoMsindisi. Lapha ngezansi kukhona uhla lwaleyomibhalo. Ngesikhathi ufunda lamavesi, yikuphi okukufikelayo mayelana noMsindisi?

ITestamente eliDala

ITestamente eliSha

ITestamente eliDala

Zakariya 9:9.

ITestamente eliSha

NgokukaMathewu 21:1–11

ITestamente eliDala

Zakariya 11:12–13

ITestamente eliSha

NgokukaMathewu 26:14–16

ITestamente eliDala

Isaya 53:4

ITestamente eliSha

NgokukaMathewu 8:16–17; 26:36–39

ITestamente eliDala

Isaya 53:7

ITestamente eliSha

NgokukaMarku 14:60–61

ITestamente eliDala

AmaHubo 22:16

ITestamente eliSha

NgokukaJohane 19:17–18; 20:25–27

ITestamente eliDala

AmaHubo 22:18

ITestamente eliSha

NgokukaMathewu 27:35.

ITestamente eliDala

AmaHubo 69:21

ITestamente eliSha

NgokukaMathewu 27:34, 48

ITestamente eliDala

AmaHubo 118:22

ITestamente eliSha

NgokukaMathewu 21:42

ITestamente eliDala

Isaya 53:9, 12

ITestamente eliSha

NgokukaMathewu 27:57–60; NgokukaMarku 15:27–28

ITestamente eliDala

Isaya 25:8.

ITestamente eliSha

NgokukaMarku 16:1–6; NgokukaLuka 24:6

ITestamente eliDala

Daniyeli 12:2

ITestamente eliSha

NgokukaMathewu 27:52–53

Iziphrofetho nezimfundiso ngoJesu Kristu ziningi kakhulu futhi zicacile eNcwadini kaMormoni. Cabanga ngendlela ukholo lwakho oluqina ngayo ngenxa yemibhalo enjengalena: 1 Nefi 11:31–33; 2 Nefi 25:13; Mosiya 3:2–11.

Ngingakuthola ukuthula nenjabulo ngeNhlawulo yoMsindisi.

Ezikhathini zonke, uJesu Kristu, ngomnikelo Wakhe wenhlawulo, ulethe ukuthula nenjabulo kubo bonke abeza Kuye (bheka ku Mose 5:9–12). Cabanga ngokufunda lemibhalo elandelayo efakaza ngokuthula nenjabulo Asinika yona, futhi ngesikhathi ufunda, cabanga ngokuthi wena ungakuthola kanjani ukuthula nenjabulo ayilethayo: AmaHubo 16:8–11; 30:2–5; Isaya 12; 25:8–9; 40:28–31; ngokukaJohane 14:27; 16:33; Alima 26:11–22.

­

Isithombe
uKristu esiphambanweni

Usuku Olumnyama lwaseGolgotha, nguJ. Kirk Richards

NgeNhlawulo Yakhe, uJesu Kristu unamandla okungisiza nginqobe isono, ukufa, ukuvivinywa, nobuthakathaka.

Emibhalweni engcwele, abaphrofethi bafakazile ngamandla kaJesu Kristu okusisindisa esonweni nasekufeni nokusisiza sinqobe izinkinga nobuthakathaka bethu. Ngabe uKristu wenze muphi umehluko empilweni yakho na? Kungani ebalulekile kuwe na? Cabanga ngalemibuzo ngesikhathi ufunda lamavesi, bese ubhala phansi imicabango yakho ngoMsindisi.

­

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

Eksodosi 12:1–28.Ngesikhathi nigubha iPhasika, umndeni wakho ungabuyekeza enikufundile ngePhasika ekuqaleni kwalenyanga. Ngabe kubaluleke ngayiphi indlela ukuthi umnikelo kaMsindisi wenzeka ngesikhathi sePhasika na?

Ukuze uthole okufingqiwe ngokuthi kwenzekani ngesonto lokugcina lwempilo yoMsindisi, bheka ku “Holy Week” ku ComeuntoChrist.org/2016/easter/easter-week. ­

Isaya 53.Ukufunda iziphrofetho ngoJesu Kristu ku Isaya 53 kungasiza amalunga omndeni aqondisise umnikelo wenhlawulo yoMsindisi. Ngabe yimaphi amavesi noma imisho umndeni wakho oyibona inamandla na? Cabanga ngokuba nomhlangano wokufakaza womndeni lapho nifakaza khona ngeNhlawulo yoMsindisi.

“Ofakazi Abakhethekile baKristu.”­ ­ Njengomndeni, xoxani ngezindlela eningatshelana ngazo ngobufakazi benu ngoKristu. Isibonelo, ningamema umuntu ukuba azokhonza nani esontweni ngeSonto lePhasika.

Amahubo NomculoUmculo yindlela enamandla yokukhumbula uMsindisi nokwamukela uMoya oNgcwele emakhaya ethu.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Liphile ivangeli likaJesu Kristu. “Ukuba nguthisha onjengoKristu [ekhaya lakho], mhlawumbe okubaluleke kakhulu ongakwenza … ukuliphila ivangeli ngenhliziyo yakho yonke. … Yiyona ndlela lena ebalulekile yokuthola uMoya oNgcwele. Akudingeki ukuthi ulunge ngokuphelele, kufanele uzame ngokuzimisela nje kuphela—uphinde ucele intethelelo ngeNhlawulo kaMsindisi uma kukhona lapho ukhubeka khona” (Teaching in the Savior’s Way, 13).

Isithombe
UKristu eme phezu komnyango wetshe ofile wethuna

Ngalesi Sizathu Ngizile, nguYongsung Kim

Shicilela