ITestamente eliDala 2022
Ngo-Ephreli 4-10. U-Eksodusi 14–17: “Yimani Niqine, Nibone INsindiso yeNkosi”


“Ngo-Ephreli 4-10. U-Eksodusi 14–17: ‘Yimani Niqine, Nibone INsindiso yeNkosi”,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“Ngo-Ephreli 4-10. U-Eksodusi 14-17,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
ULwandle Olubomvu

ULwandle Olubomvu

Ngo-Ephreli 4-10

U-Eksodusi 14-17

“Yimani Niqine, Nibone INsindiso yeNkosi””

UNkulunkulu wayala uMose ukuthi abhale ngezimo adlula kuzo “kube yisikhumbuzo encwadini, [a]kubeke ezindlebeni zikaJoshuwa (u-Eksodusi 17:14). Ngendlela efanayo, ukubhala phansi oseke wedlula kukho kuzosiza wena nabantu obathandayo nikhumbule ukulunga kweNkosi.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Abakwa-Israyeli babevalelekile. ULwandle Olubomvu lwalukolunye uhlangothi, futhi amabutho kaFaro ayesondela kolunye uhlangothi. Ukubaleka kwawo eGibhithe, kwakubonakala sengathi, kwakuzoba into yesikhashana. Kodwa uNkulunkulu wayenomyalezo wama-Israyeli ayefuna ukuthi awukhumbule izizukulwane: “Ningesabi. … INkosi izonilwela” (u-Eksodusi 14:13–14).

Kusukela ngalesosikhathi, lapho abantu bakaNkulunkulu bedinga ukholo nesibindi, bebelokhu bephendukela kulokhu kulandisa kokukhululwa ngokumangalisayo kwama-Israyeli. Lapho uNefi efuna ukukhuthaza abafowabo, wathi, “Masiqineni njengoMose; ngokuba ngempela wakhuluma emanzini oLwandle oluBomvu futhi ahlukana ngapha nangapha, futhi obaba bethu badabula phakathi, baphuma ekuthunjweni, baphumela emhlabathini owomileyo.” (1 Nefi 4:2). Lapho iNkosi uLimihi ifuna ukukhuthaza abantu ukuthi “baphakamise amakhanda [abo], futhi bajabule,” yabakhumbuza ngendaba efanayo (Mosiya 7:19). Lapho u-Alima efuna ukufakaza endodaneni yakhe ngamandla kaNkulunkulu, naye wabhekisela kulendaba (bona u-Alima 36:28). Futhi ngesikhathi sidinga ukukhululwa—lapho sidinga ukholo olwengeziwe, lapho sidinga “ukuma siqine, futhi sibone insindiso yeNkosi”—singakhumbula indlela “iNkosi eyasindisa ngayo u-Israyeli esandleni sabaseGibhithe” (u-Eksodusi 14:13, 30).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

u-Eksodusi 14

UNkulunkulu unawo amandla okungisindisa.

Njengoba ufunda u-Eksodusi 14:1–10, cabanga indlela okungenzeka ukuthi ama-Israyeli azizwa ngayo lapho ebona ibutho likaFaro lisondela. Mhlawumbe unomuzwa wokuthi udinga isimangaliso ukuze usinde enseleleni enzima obhekene nayo. Yini oyifundayo ku-Eksodusi 14:13–31 engakusiza ukuthi ufune insindiso kaNkulunkulu ekuphileni kwakho? Yini oyifundile mayelana nendlela uNkulunkulu anikeza ngayo insindiso ezinkingeni? Zindla ngendlela oke wabona ngayo amandla Akhe asindisayo empilweni yakho.

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 8:2–3; AmaBalazwe eBhayibheli, no. 2, “Ukumuka Kwabakwa-Israyeli Besuka EGibhithe kanye Nokungena EKhanani.”

uEksodusi 15:22-27

INkosi ingakwazi ukwenza izinto ezibabayo zibe mtoti.

Njengoba ufunda ku-Eksodusi 15:22–27 mayelana nohambo lwama-Israyeli ebheke ezweni lesithembiso, cabanga ngezinto empilweni yakho ezake zabonakala “zibaba” njengamanzi aseMara. Cabanga ngalemibuzo elandelayo njengoba uzindla ngalamavesi: INkosi ingenza kanjani ukuthi izinto ezibabayo empilweni yakho zibe mtoti? Yiliphi inani lezi zinto ezibe nalo empilweni yakho na? Yini amavesi 26 no-27 ayiphakamisayo mayelana nendlela iNkosi esibusisa ngayo lapho silalela izwi Layo khona?

u-Eksodusi 15:23–27; 16:1–15; 17:1–7

Ngiyakwazi ukwethemba iNkosi, ngisho nasezikhathini ezinzima.

Kulula ukufuna ukugxeka ama-Israyeli ngenxa yokuthi abubula noma ayekhononda lapho izimo zawo zibanzima, ngisho ngaphezu kwayo yonke into uNkulunkulu ayewenzele yona. Kodwa njengoba ufunda u-Eksodusi 15:23–27; 16:1–15; 17:1–7, cabanga ngokuthi awukaze yini wenze into efanayo. Yini oyifundayo ngokwenzeka kuma-Israyeli engakusiza ukuthi ububule kancane futhi uthembe uNkulunkulu kakhudlwana? Isibonelo, yimuphi umehluko owubonayo mayelana nendlela ama-Israyeli asabela ngayo ebunzimeni kanye nendlela uMose asabela ngayo? Akufundisani lamavesi ngoNkulunkulu?

Bheka futhi ku 1 Nefi 2:11–12; ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
owesifazane oqongelela imana

IMana eyayivela kuNkulunkulu yondla u-Israyeli ngokomzimba; nathi siyadinga futhi ukondliwa ngokomoya nsuku zonke. I-Fresco nguLeopold Bruckner

u-Eksodusi 16

Kufanele ngifune ukondliwa ngokomoya nsuku zonke.

Kukhona izifundo eziningi ezingokomoya esingazifunda esimangalisweni semana, esitholakala ku-Eksodusi 16. Naka ukuthi imiyalo enemininingwane eyanikezwa ama-Israyeli mayelana nendlela yokuqoqa, ukusebenzisa, kanye nokulondoloza imana (bheka u-Eksodusi 16:16, 19, 22–26). Yini oyithola kulemiyalo esebenza kuwena njengoba ufuna ukondliwa ngokomoya nsuku zonke na?

Bheka futhi encwadini NgokukaJohane 6:31–35, 48–58 (ChurchofJesusChrist.org).

u-Eksodusi 17:1-7

UJesu Kristu ulidwala lami kanye namanzi okuphila.

Cabanga ngoMsindisi njengoba ufunda u-Eksodusi 17:1–7. UJesu Kristu ufana kanjani nedwala kuwena? (bheka AmaHubo 62:6–7; uHelamani 5:12). Ufana kanjani namanzi? (bheka uJohane 4:10–14; 1 kwabaseKorinte 10:1–4; 1 Nefi 11:25).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

u-Eksodusi 14:13-22.Amalunga akho omndeni angase akujabulele ukuzama “ukuhlukanisa” amanzi esitsheni noma kubhavu, njengoba kwenza uMose ehlukanisa uLwandle Olubomvu. Wasize aqonde ukuthi uLwandle Olubomvu lwalungeke luhlukaniswe ngaphandle kwamandla kaNkulunkulu. Sesiwabone kanjani amandla kaNkulunkulu ezimpilweni zethu kanye nasezimpilweni zokhokho bethu na?

u-Eksodusi 15:1-21.Ngemva kokuwela uLwandle Olubomvu ngendlela emangalisayo, ama-Israyeli acula ingoma yokudumisa eyaziwa ngokuthi ingoma kaMose, etholakala ku-Eksodusi 15:1–21. Njengomndeni, cingani lamavesi ukuze nithole imisho efakazela lokho okwenziwa uNkulunkulu ekwenzela ama-Israyeli neminye imisho efundisayo. Bese nicula ihubo elikhumbuza umndeni wakho lokho uNkulunkulu anenzele kona.

u-Eksodusi 16:1–5; 17:1–7.Ukufunda u-Eksodusi 16:1–5 kanye no-17:1–7 kungase kuholele engxoxweni emayelana noMsindisi njengeSinkwa Sokuphila, njengaManzi Okuphila, futhi njengeDwala lethu. Lezi zindaba zisikhumbuza kanjani lokho uJesu Kristu asenzele kona? Njengengxenye yengxoxo yakho, ungase ufunde uJohane 4:10–14; 6:29–35, 48–51; uHelamani 5:12; IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79.

u-Eksodusi 17:8-16.Ningase nilingise indaba ka-Aroni kanye noHure bephakamisa izandla zikaMose futhi nixoxe ngendlela lokhu okungafanisa ngayo nendlela esisekela ngayo labo uNkulunkulu ababizele ukuthi basihole. Ningase futhi niqhathanise isibonelo sika-Aroni noHure nama-Israyeli ayekhononda ngokumelene noMose (okuchazwe kuzo zonke izahluko 15–17). Yiziphi izindlela esingasiza futhi sisekele ngazo abaholi bethu na? Yiziphi izibusiso ezifika kithi nabaholi bethu njengoba senza kanjalo?

Ukuze uthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

Iculo elingaculwa: “Redeemer of Israel,” Hymns, no. 6.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Funa ukuqonda kwakho okungokomoya. Ekuzifundeleni kwakho kanye nokomndeni, ungagcini nje ngokufunda amavesi ashiwo kuloluhlelo lokufunda. INkosi kungenzeka ukuthi inemiyalezo yakho kulezi zahluko ezingagcizelelwe lapha. Funa ngomthandazo isikhuthazo.

Isithombe
UMose ehlukanisa uLwandle Olubomvu

Umfanekiso kaMose ehlukanisa uLwandle Olubomvu, nguRobert T. Barrett

Shicilela