ITestamente eliDala 2022
Ngo-Ephreli 18–24. U-Eksodusi 18–20: “Konke Okukhulunywe yiNkosi Sizokwenza”


“Ngo-Ephreli 18–24. Eksodusi 18–20: ‘Konke Okukhulunywe yiNkosi Sizokwenza,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“Ngo-Ephreli 18–24. U-Eksodusi 18-20,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
intaba

Intaba eseGibithe okunenkolelo ngokosiko yokuthi yiNtaba iSinayi.

Ngo-Ephreli 18–24

U-Eksodusi 18–20

“Konke Okukhulunywe yiNkosi Sizokwenza”

UDade Michelle Craig wafundisa ukuthi, “Njengomfundi [kaJesu Kristu] othembekile, ungathola ugqozi kanye nesambulo sakho uqobo, esihambisana nemiyalo Yakhe, esenzelwe wena siqu” (“Spiritual Capacity,” iLiyahona, yangoNovemba 2019, 21). Bhala phansi futhi uthathe isinyathelo esiqondene nalologqozi olutholayo ngesikhathi ufunda u-Eksodusi 18–20.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Uhambo lwama-Israyeli esuka eGibhithe eya emkhawulweni weNtaba iSinayi lwalugcwele izimangaliso—ukubonakaliswa okungenakuphikwa kwamandla angenakuqhathaniswa, uthando, kanye nesihe seNkosi. Nokho, iNkosi yayibabekele izibusiso ezazingaphezu nje kokubakhulula eGibhithe futhi yanelise indlala kanye nokoma kwabo komzimba. Wayefuna ukuthi babe ngabantu Bakhe besivumelwano, “ingcebo ekhethekile,” Yakhe kanye “nesizwe esingcwele” (u-Eksodusi 19:5–6). Namuhla, izibusiso zalesi sivumelwano sekungezabo bonke abantu hhayi nje kuphela isizwe noma abantu abathile. UNkulunkulu ufuna bonke abantwana Bakhe ukuthi babe ngabantu Bakhe besivumelwano, ukuthi “balalele izwi [Lakhe] futhi bagcine isivumelwano [Sakhe]” (u-Eksodusi 19:5), ngoba Yena ubenzela umusa “abayizinkulungwane abamthandayo, futhi abagcina imiyalelo [Yakhe]” (u-Eksodusi 20:6).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

u-Eksodusi 18:13–26

Ngingasiza “ukuthwala umthwalo” wokwenza umsebenzi weNkosi.

Ngesikhathi ufunda iseluleko uMose asithola kumukhwe wakhe, uJetiro, cabanga indlela ongafana ngayo “namadoda eqiniso” (ngezinye izikhathi kuhunyushwe kwathiwa yindoda “ethembekileyo”) echazwe evesini 21. Ungasiza kanjani “ukuthwala umthwalo” wabaholi beBandla lakho na? (ivesi 22). Isibonelo, lesiseluleko singasebenza kanjani emizanyweni yakho yokusiza na?

Ungase uphinde ucabange ukuthi ngabe wena, ngezikhathi ezithile, uyafana yini noMose, ngokuthi uzame ukwenza izinto eziningi. Singasebenza kanjani iseluleko sikaJetiro kuwena?

Bheka futhi uMosiya 4:27.

Isithombe
indoda ixhawula izandla zowesifazane

Ukusiza abanye kungenye indlela yokubamba iqhaza emsebenzini weNkosi.

u-Eksodusi 19:3–6

Abantu beNkosi besivumelwano bayigugu Kuye.

Cabanga ukuthi kusho ukuthini ukuba “yingcebo ekhethekile” yeNkosi (u-Eksodusi 19:5). UMongameli u-Russell M. Nelson wanika nansi enye incazelo yalo musho: “ETestamenteni eliDala, igama lesiHebheru okwahunyushwa kulo igama elithi ingcebo lithi segullah, futhi lisho ‘impahla ebalulekile,’ noma ‘ingcebo.’ … Ukuba sibizwe yizinceku zeNkosi njengabantu Bayo abayingcebo kuyisincomo esihle kakhulu” (“Children of the Covenant,” Ensign, ngoMeyi 1995, 34). Ukwazi ukuthi ukugcina izivumelwano zakho kukwenza ube “yingcebo ekhethekile” kuyishintsha kanjani indlela ophila ngayo na?

­

u-Eksodusi 19:10–11, 17

Izinto ezingcwele obhekana nazo zidinga ukuthi uzilungiselele.

INkosi yatshela uMose ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babedinga ukuthi bazilungiselele ngaphambi kokuba “bahlangane noNkulunkulu” (u-Eksodusi 19:10–11, 17) futhi bagcine isivumelwano Nayo (bona u-Eksodusi 19:5). Yini oyenzayo ukuze uzilungiselele izinto ezingcwele empilweni yakho, njengokuya ethempelini noma ukudla isidlo esingcwele na? Yini ongayenza ukuze uzilungiselele ngokugcwele mayelana nalezi zinto na? Cabanga ngezinye izinto ezidinga ukuba uzilungiselele, futhi ucabange indlela ukuzilungiselela kwakho okungathinta ngayo okwenzeka kuwe.

u-Eksodusi 20

UNkulunkulu unesihe.

Ngesikhathi ufunda u-Eksodusi 20, cabanga ngokunaka ukuthi yimuphi Emyalweni Eyishumi ozizwa sengathi uyawulalela nokuthi yimuphi onomuzwa wokuthi ungawulalela kangcono. Ungase ukhethe umyalelo owodwa ofuna ukwenza kangcono kuwo bese ufunda kabanzi ngawo ngokufunda imibhalo ekhuluma ngawo (bheka IziHloko zemiBhalo Engcwele naku scriptures.ChurchofJesusChrist.org) noma izinkulumo zomhlangano omkhulu (cinga ngaphansi kwesihloko esithi topics section ku conference.ChurchofJesusChrist.org). Ake ucabange ngokufunda futhi nangezibusiso eziza kulabo abalalela umyalelo. Ngabe lezi zibusiso zisibonisa kanjani isihe sikaNkulunkulu kanye nothando ngawe?

­

u-Eksodusi 20:1-7

Kubalulekile ukuthi ngibeke iNkosi ekuqaleni empilweni yami.

Ukufunda u-Eksodusi 20:1–7 kungase kukukhuthaze ukuthi ucabange ngezinto ezibalulekile empilweni yakho—ungase futhi uzibhale phansi ohlwini. Yini engase ibe “onkulunkulu” noma “izithombe ezibaziweyo” (u-Eksodusi 20:3–4) ongase ulingeke ukuthi uyibeke kuqala kunoNkulunkulu na? Ukubeka iNkosi kuqala kungakusiza kanjani ngezinye izinto ezibalulekile empilweni yakho na? Ngabe yikuphi okukukhuthaza ukuthi ukwenze ukuze wandise ukugxila kwakho kuBaba oseZulwini nakuJesu Kristu na?

­

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engdcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

u-Eksodusi 18:8–12.Ubufakazi bukaMose obuphathelene nokusindiswa nguNkulunkulu babanamuphi umthelela kuJetiro? Ngabe yiziphi izinto ezinkulu iNkosi ezenzele umndeni wethu na? Ubani esingamxoxela ngokwenzeke kithi na?? Singakwazi kanjani ukulondolozela izizukulwane zesikhathi esizayo lokho okwenzeka kithi na?

u-Eksodusi 18:13–26.Lamavesi angase akhuthaze umndeni wakho ukuthi ucabange ngomsebenzi owenziwa ngabaholi bakho beBandla ngakini, njengombhishobhi, abaholi bentsha, noma othisha babantwana. Yimiphi imithwalo abanayo engase ibonakale “isinda kakhulu” (u-Eksodusi 18:18) ukuthi ingaphathwa ngumuntu oyedwa na? Yini esingayenza ukuze sisize ukuyisusa imithwalo yabo na?

u-Eksodusi 20:3-17.Cabanga ngezindlela eziletha inzuzo zokuxoxa ngeMiyalo Eyishumi njengomndeni. Isibonelo, ningase niyibhale imiyalo eku-Eksodusi 20:3–17 ezingcezwini eziyishumi zamaphepha . Amalunga omndeni wakho angase awahlele ukuze abe yizigaba ezimbili: (1) ukuhlonipha uNkulunkulu kanye (2) nokuthanda abanye (bheka futhi encwadini NgokukaMathewu 22:36–40). Ake nicabange ngokukhetha umyalelo owodwa noma emibili usuku ngalunye kulelisonto futhi nixoxe kabanzi ngawo nindawonye. Isibonelo, ngabe ukulalela lomyalelo kuwuqinisa kanjani umndeni wethu na? UMsindisi Yena wawulalela kanjani?

u-Eksodusi 20:12.Ukuze niqonde kangcono u-Eksodusi 20:12, kungase kusize uma umndeni wakho ubheka incazelo yegama elithi “hlonipha.” Abomndeni wakho bangase benze uhlu lwezinto esingazenza ukuze sihloniphe abazali bethu.  .

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Thola isikhathi esisebenzela wena. Kuvame ukuba lula ukufunda emibhalweni engcwele lapho ukwazi khona ukuzifundela ngaphandle kokuphazamiseka. Thola isikhathi esikulungele, futhi wenze okusemandleni akho ukuhlezi ufunda ngaleso sikhathi usuku ngalunye.

Isithombe
UMose ubambe izibhebhe zamatshe

Umfanekiso kaMose ebambe Imiyalelo Eyishumi, ngu-Sam Lawlor

Shicilela