ITestamente eliDala 2022
Ngo-Ephreli 25–Meyi 1. Eksodusi 24; 31–34: “Ngiyakuhamba Mina Uqobo”


“Ngo-Ephreli 25–Meyi 1. U-Eksodusi 24; 31–34: ‘Ngiyakuhamba Mina Uqobo,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“Ngo-Ephreli 25–Meyi 1. U-Eksodusi 24; 31–34,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
UJehova evela kuMose namagosa akwa-Israyeli

Isithombe sikaJehova evela kuMose namagosa angama-70 akwa-Israyeli, nguJerry Harston

Ngo-Ephreli 25–Meyi 1

Eksodusi 24; 31–34

“Ngiyakuhamba Mina Uqobo”

Akuyona yonke imigomo esemqoka esemibhalweni engcwele engagqanyiswa kulezi zinhlelo. Lalela uMoya oNgcwele ukuze ugxile emaqinisweni owadingayo.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Kwakukhona isizathu sokuthemba ukuthi abantwana bakwa-Israyeli bazohlala beneqiniso kuNkulunkulu emuva kokuba abonakalise umthetho Wakhe (bheka ku Eksodusi 20–23). Noma ngabe babebule futhi bangabaza ngaphambilini, ngesikhathi uMose efunda umthetho ngezansi kweNtaba iSinayi, benza lesi sivumelwano: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele” (Eksodusi 24:7). UNkulunkulu wase ebizela uMose entabeni, emtshela ukuba akhe itabernakele ukuze “ngihlale phakathi kwabo” (Eksodusi 25:8; bheka izahluko 25–30).

Kepha ngesikhathi uMose esangaphezulu kwentaba efunda ukuba abakwa-Israyeli bengaba kanjani nomoya kaNkulunkulu phakathi kwabo na , abakwa-Israyeli babengezansi kwentaba bakha isithixo segolide abazosikhonza. Babesanda kuthembisa “[uku]ngabi nabanye onkulunkulu,” kepha “[ba]phambuka masinyane” emiyalweni kaNkulunkulu (Eksodusi 20:3; 32:8; bheka futhi ku Eksodusi 24:3). Kwakulushintsho olwalwethusa, kepha siyazi ngokubona phambilini ukuthi ukholo nokuzinikela kubuye kunqotshwe ukungalindi, ukwesaba, kanye nokungabaza. Ngesikhathi sifuna iNkosi ezimpilweni zethu, kuyagqugquzela ukwazi ukuthi iNkosi ayibalahlanga abakwa-Israyeli basendulo futhi angeke asilahle nathi—ngoba “[une]sihe, [u]nomusa, [uya]phuza ukuthukuthela, [futhi u]vame ubumnene neqiniso” (Eksodusi 34:6).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

u-Eksodusi 24:1–11

Izivumelwano zami zikhombisa ukuzimisela kwami ukuthobela imithetho kaNkulunkulu.

Ngesikhathi ufunda ku Eksodusi 24:3–8 ngabakwa-Israyeli bethembisa ukuthobela umthetho kaNkulunkulu, imicabango yakho ingase iye ezivumelwaneni ozenzile noNkulunkulu. Isivumelwano sika-Israyeli sasihlanganisa amasiko ahlukile kunalokho uNkulunkulu akufunayo namuhla, kepha ungase ubone okufanayo, ikakhulukazi uma ucabanga ngamaqiniso omoya amele lamasiko.

isibonelo, amavesi 4, 5, nelesi-8 akhuluma nge-altare, iminikelo yezilwane, kanye negazi. Ngabe lezi zinto zimeleni, futhi zihlangana kanjani nezivumelwano zakho na? Ngabe izivumelwano zakho zingakusiza kanjani ukuba wenze “konke akukhulumileyo uJehova” na? (uvesi 7).

Bheka futhi uMose 5:4–9; Becky Craven, “Careful versus Casual,” Liyahona, Meyi 2019, 9–11.

Eksodusi 32–34

Isono ukuzigudluza kuNkulunkulu, kepha Usinikeza indlela yokubuya.

Uma sicabanga ngendlela abakwa-Israyeli bashesha “benza isono ngayo” (Eksodusi 31:7) ngokuphula izivumelwano zabo, nathi singagwema amaphutha afanayo. Ngesikhathi ufunda ku-Eksodusi 31:1–8, zama ukuzibeka endaweni ka-Israyeli—usehlane, uMose usehambe izinsuku ezingama-40, awazi ukuthi uzobuya nokuthi uzobuya nini na, futhi ikusasa lakho lisakuphathele ukubhekana namaKhanani mayelana nomhlaba wesethembiso (bheka futhi ku-Eksodusi 23:22–31). Ucabanga ukuthi kungani abakwa-Israyeli babefuna isithixo segolide na? Kungani isono sabakwa-Israyeli sasinzima kangaka na? Lamavesi angakusiza ukuthi ucabange ngezindlela ongase ulingeke ngazo ukuba ubeke ithemba lakho kumuntu noma entweni kunokuba ulibeke kuMsindisi. Ngabe kukhona ozizwa ugqugquzeleka ukukwenza ukuze ubeke uNkulunkulu kuqala empilweni yakho ngokuphelele na? Yikuphi okukuhlaba umxhwele ngesicelo sikaMose eNkosini ku Exodus 33:11–17 na?

Noma isono sabakwa-Israyeli sasinzima, lendaba ibandakanya umyalezo womusa noxolo lukaNkulunkulu. Ngabe u-Eksodusi 34:1–10 ukufundisani ngoMsindisi na? Ngabe izenzo zikaMose lapho ayemele khona abakwa-Israyeli zikukhumbuza kanjani ngalokho uJesu Kristu akwenzela bonke abantu? (Bheka u-Eksodusi 32:30–32; Mosiya 14:4–8; 15:9; IMfundiso neziVumelwano 45:3–5).

UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, u-Eksodusi 34:1-2 (kwizinsiza Zokufunda)

Ngabe kwakuyimuphi umehluko phakathi kwezibhebhe ezimbili ezenziwa nguMose na?

Ngesikhathi uMose ebuya entabeni, waphatha umthetho obhalwe kwizibhebhe zetshe. Emuva kokuthola ukuthi abakwa-Israyeli babephule isivumlwano sabo, uMose waziphula izibhebhe (bheka u-Eksodusi 31:18; 32:19). Emva kwesikhathi, uNkulunkulu wayala uMose ukuba enze ezinye izibhebhe zetshe azibuyisele entabeni (bheka u-Eksodusi 31:1–4). UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, u-Eksodusi 34:1–2 (kwizinsiza Zokufunda) kucacisa ukuthi izibhebhe zetshe zokuqala zaziqukethe izimiso zikaNkulunkulu “zohlelo olungcwele,” noma ubuPhristi bukaMelkisedeki. Ezesibili zaziqukethe “umthetho wesiyalo senyama.” Lomthetho wawungaphansi futhi uphathwa “ngobuphristi obuncane” (bheka IMfundiso neziVumelwano 84:17–27), okwakumele ukuthi ulungiselele abakwa-Israyeli ukuba bethole umthetho ongaphezulu nobuphristu obukhulu ukuze bezokwazi ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuphelele.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

u-Eksodusi 31:12–13, 16–17.Emuva kokufunda lamavesi, mhlawumbe umndeni wakho ungaxoxa ngombuzo kaMongameli uRussell M. Nelson mayelana nokuziphatha kwethu ngeSabatha: “Yisiphi isibonakaliso ozosinikeza iNkosi ukukhombisa uthando onalo Ngaye?” (“The Sabbath Is a Delight,” Liyahona, Meyi 2015, 130). Umndeni wakho ungenza izibonakaliso ezizobekwa kwikhaya lenu ukunikhumbuza ngendlela enizokhombisa ngayo uthando lweNkosi ngeSabatha. -

Isithombe
Abantu behamba phambi kwesonto

Ngokuhlonipha iSabatha, sikhombisa uthando lwethu lweNkosi.

u-Eksodusi 32:1–8.Ukusiza umndeni wakho uxoxe ngokuthi abakwa-Israyeli bazigudluza kanjani kuNkulunkulu, cabanga ngokwenza indlela phansi (noma uthole eseduzane nekhaya lenu). Ngesikhathi nihamba endleleni, amalunga omndeni angakhuluma ngezilingo esibhekana nazo ukuba sigudluke “endleleni leyo [iNkosi] isiyalele yona.” Singahlala kanjani endleleni na? Uma sesiphumile[endleleni], singabuyela kanjani kuyona na? Ngabe uMsindisi usisiza kanjani na?

u-Eksodusi 32:26.Emuva kokuba abakwa-Israyeli betholakale bekhonza isithixo, uMose wabuza, “Ngubani ongasohlangothini lweNkosi na?” Ngabe sikukhombisa kanjani ukuthi sisohlangothini lweNkosi na?

u-Eksodusi 33:14–15.Amalunga omndeni angabelana ngokubavelele ngesikhathi bezwa lokho uNkulunkulu akuthembisa uMose: “Ngiyakuhamba mina uqobo, ngikuphumuze.”

Ukuze uthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

­ ­

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Mema uMoya. Cabanga ngendlela umculo ongcwele, ubuciko, kanye nokukhombisa uthando kuba nomthelela ngayo esimweni somoya ekhaya lakho ngesikhathi ufundisa umndeni wakho (bheka ku Teaching in the Savior’s Way, 15).

Isithombe
UMose ephula izibhebhe

Ukukhonzwa Kwethole, wenziwe nguW. C. Simmonds

Shicilela