ITestamente eliDala 2022
NgoMeyi 2–8. U-Eksodusi 35-40; ULevitikusi 1; 16; 19: “Ubungcwele eNkosini”


“NgoMeyi 2–8. U-Eksodusi 35–40; ULevitikusi 1; 16; 19: “Ubungcwele eNkosini”,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoMeyi 2–8. U-Eksodusi 34–40; ULevitikusi 1; 16; 19,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
IThempeli laseSão Paulo eBrazil

NgoMeyi 2–8

U-Eksodusi 35–40; ULevitikusi 1; 16; 19

“Ubungcwele eNkosini”

Ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele, naka umbono ongokomoya owutholayo mayelana nezindlela ongafana ngazo kakhulu noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ukushiya iGibithe—nakuba kwakubalulekile futhi kuyisimangaliso—akuzange kuzifeze ngokugcwele izinhloso zikaNkulunkulu ngabantwana bakwa-Israyeli. Ngisho nokuchuma kwesikhathi esizayo ezweni lesethembiso kwakungeyona inhloso yokugcina kaNkulunkulu ngabo. Lezi zaziyizinyathelo nje ezibheke kulokho uNkulunkulu ayekufunela abantu Bakhe: “Niyakubangcwele: ngokuba mina-Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele” (Levitikusi 19:2). UNkulunkulu wafuna kanjani ukwenza abantu Bakhe ukuba babe ngcwele uma babengazi lutho ngaphandle kokuthunjwa izizukulwane ngezizukulwane na? Wabayala ukuba bakhe indawo yobungcwele beNkosi—itabernakele ehlane. Wabanika izivumelwano nemithetho ukuqondisa izenzo zabo futhi, ekugcineni, ukuguqula izinhliziyo zabo. Futhi lapho behluleka emizamweni yabo yokugcina leyo mithetho, wabayala ukuba benze imihlatshelo yezilwane efanekisela ukuhlawulela izono zabo. Konke lokhu kwakwenzelwe ukuqondisa imiqondo yabo, izinhliziyo zabo, kanye nezimpilo zabo kuMsindisi kanye nasekuhlengweni Akunikayo. Uyindlela eyiqiniso eya ebungcweleni, kwabakwa-Israyeli nakithi. Sonke sichithe isikhathi esithile ekuthunjweni yisono, futhi sonke simenyiwe ukuba siphenduke—sishiye isono ngemuva silandele uJesu Kristu, othembisile wathi, “Ngiyakwazi ukunenza nibengcwele” (IMfundiso neziVumelwano 60:7).

Ukubuka konke ngencwadi kaLevitikusi, bheka isihloko esithi “Levitikusi” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
Learn More image
Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

U-Eksodusi 35–40; ULevitikusi 19

INkosi ifuna ngibe ngcwele njengaYo.

U-Eksodusi 25–31 uloba imiyalo yeNkosi kwabakwa-Israyeli mayelana nokwakhiwa kwetabernakele, lapho izimiso ezingcwele ezazizobasiza ukuthi babe ngabantu abangcwele. U-Eksodusi 35–40 uchaza imizamo yabakwa-Israyeli yokulalela lemiyalo. Ngesikhathi ufunda izahluko 35–40, bheka izinto iNkosi eyacela abantu Bayo ukuba bazibeke etabernakele, futhi uzindle ngokuthi lezizinto zingafanekisani nokuthi ngabe zithini kuwe ngokukhula ebungcweleni. Ikakhulukazi cabanga ukuthi lezi zinto ziyiphendula kanjani imicabango yakho kuMsindisi. Itafula elinje lingakusiza:

Yini oyitholile na?

Lokhu kungafanekiselani na?

Yini oyitholile na?

Umphongolo wesivumelwano (U-Eksodusi 37:1–9; 40:20–21)

Lokhu kungafanekiselani na?

Ubukhona bukaNkulunkulu; Izivumelwano nemiyalelo Yakhe

Yini oyitholile na?

I-altare lempepho (U-Eksodusi 40:26–27; bheka futhi ku Eksodusi 30:1, 6–8)

Lokhu kungafanekiselani na?

Imithandazo inyukela eNkosini

Yini oyitholile na?

Isibani samakhandlela noma uthi lwesibani (U-Eksodusi 37:17–24)

Yini oyitholile na?

I-altare lomhlatshelo (U-Eksodusi 38: 1–7; bheka futhi ku Eksodusi 27: 1; 29: 10–14)

Yini oyitholile na?

Umcengezi wamanzi (U-Eksodusi 30:17–21)

Uma uke wabamba iqhaza ezimisweni zasethempelini, ufundani ngetabernakele ku Eksodusi 35–40 okukukhumbuza ngowadlula kukho lapho? (bheka futhi isifundo esithi “Okufanele ukuKhumbule: Itabernakele Nomhlatshelo”). Zindla ngokuthi izivumelwano zasethempelini zikusiza kanjani ukuba ube ngcwele ngokwengeziwe njengoBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu.

Vele, ukuba sezindaweni ezingcwele nje kuphela akusenzi sibe ngcwele. ULevitikusi 19 uchaza imithetho nemiyalelo iNkosi eyayinika ukusiza abakwa-Israyeli ukuthi bakhule ebungcweleni. Ngabe yikuphi okutholayo kule miyalelo okungakusiza ukuba ubengcwele ngokwengeziwe na? Ngabe yikuphi ozizwa unentshisekelo yokuba ukwenze ukuze uyiphile ngokugcwele lemigomo na?

; IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ubungcwele”; temples.ChurchofJesusChrist.org.

U-Eksodusi 35:436:7

INkosi ingicela ukuthi ngenze iminikelo yami ngenhliziyo evumayo.

Ngonyaka ngemuva kokuphuma eGibithe, ubudlelwano babantwana bakwa-Israyeli noJehova babungachazwa njengobabungavumelani. Nakuba kunjalo, ngesikhathi ufunda u-Eksodusi 35:436:7, qaphela ukuthi abakwa-Israyeli basabela kanjani emyalweni wokwakha itabernakele. Ngabe yikuphi okufundayo kwabakwa-Israyeli okungakusiza ukuthi umkhonze kangcono uNkulunkulu na?

UMongameli uBonnie L. Oscarson wafundisa ukuthi: “Ilunga ngalinye kufanele lazi ukuthi lidingeka kangakanani. Umuntu ngamunye unokuthile okubalulekile angakunikela futhi unamathalente namakhono ayingqayizivele asiza ukuhambisa lomsebenzi obalulekile uye phambili” (“Young Women in the Work,” iLiyahona, ngoMeyi 2018, 37). Ngesikhathi ufunda u-Eksodusi 36:1–4, zindla ngalokho iNkosi “ekubeke” kuwe. Cabanga ngokubuza uBaba oseZulwini ukuthi ngabe yini akunike yona ukuze ukwazi ukubamba iqhaza emsebenzini Wakhe.

Isithombe
abantu basendulo beletha iminikelo yokwakha itabernakele

Abantwana bakwa-Israyeli banikela ngeminikelo yetabernakele “ngenhliziyo ethandayo” (u-Eksodusi 35:5). Umfanekiso nguCorbert Gauthier, © Lifeway Collection/ogunyazwe ku goodsalt.com

ULevitikusi 1:1–9; 16

NgeNhlawulo kaJesu Kristu, ngingaxolelwa.

Okuningi encwadini kaLevitikusi kungabonakala kungajwayelekile kithi—imihlatshelo yezilwane, imikhuba enegazi namanzi, nemithetho elawula imininingwane emincane yokuphila. Kodwa lemikhuba nemithetho yayihloselwe ukufundisa imigomo ejwayelekile—ukuphenduka, ubungcwele, kanye neNhlawulo yoMsindisi. Ukuthola lemigomo ngesikhathi ufunda uLevitikusi 1:1–9; 16, cabanga ngemibuzo efana nale: Yini engingayifunda kulemihlatshelo ngoJesu Kristu nomhlatshelo Wakhe wokuhlawulelwa? Ngabe ngifana kanjani nalabo abenza lemihlatshelo na? Ungacabanga ukubuyekeza “Okufanele ukuKhumbule: Itabernakele Nomhlatshelo” kulo mthombo kanye nesihloko esithi “Umnikelo” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Ningumndeni Nobusuku Bomndeni

U-Eksodusi 36:1–7.Ku Eksodusi 36:1–7, ngabe sifundani endleleni abakwa-Israyeli abasabela ngayo emyalweni wokwakha itabernakele na? Njengomndeni, ningacabanga izindlela iNkosi esimeme ngazo ukuba sibambe iqhaza emsebenzini Wayo. Singasilandela kanjani isibonelo sabakwa-Israyeli na?

U-Eksodusi 40Ngesikhathi nifunda u-Eksodusi 40 ndawonye, ungamema amalunga omndeni ukuba aphakamise izandla njalo uma ezwa inkulumo efana nokuthi “njengalokho uJehova eyalile.” Ngabe sifundani kulesisahluko ngokulalela iNkosi na?

U-Eksodusi 40:1–34.Ngesikhathi nifunda ngokuhlanganiswa kwetabernakele ku Eksodusi 40, ningasebenzisana ukukhomba izingxenye ezahlukahlukene zetabernakele, nisebenzisa isithombe esihambisana nalencazelo. -

ULevitikusi 19.Omunye nomunye emalungwini akho omndeni angathola ivesi kulesi sahluko ababona ukuthi lizobasiza ukuba “babengcwele” (uLevitikusi 19:2) futhi babelane ngalo emndenini.

Ukuze uthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Funa uJesu Kristu. Yonke imibhalo, ngisho neTestamente eliDala, ifakaza ngoJesu Kristu. Ngenkathi ufunda iTestamente eliDala, cabanga ukuthi izimpawu, abantu, nezehlakalo zingakufundisani ngoMsindisi.

Isithombe
Itabernakele

Itabernakele Lasendulo, wenziwe nguBradley Clark

Shicilela