“Meyi 9–15. Numeri 11–14; 20–24: ‘Ningahlubuki KuJehova, Futhi Ningesabi,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)
“Meyi 9–15. Numeri 11–14; Mose 20–24,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022
NgoMeyi 9–15
Numeri 11–14; 20–24
“Ningahlubuki eNkosini, Futhi Ningesabi”
Lolu hlelo lugqamisa eminye yemigomo ebalulekile etholakala encwadini yamaNumeri. Qaphela eminye uMoya ungase ukusisize uyibone.
Bhala Okufika Emqondweni Wakho
Ngisho ngezinyawo, akujwayele ukuthatha iminyaka engama-40 ukuhamba usuka ehlane laseSinai uya ezweni lesethembiso eKhenani. Kepha abantwana bakwa-Israyeli babedinga leso sikhathi, hhayi ukuhamba ibanga lomhlaba kepha ukuhamba ibanga lomoya: ibanga ebelihlukanisa abayikho nalokho uNkulunkulu ayedinga ukuba babe yikho njengabantu Bakhe besivumelwano.
Incwadi yamaNumeri ichaza okunye okwenzeka ngaleso sikhathi seminyaka engama-40, okuhlanganisa izifundo abantwana bakwa-Israyeli ababedinga ukuzifunda ngaphambi kokungena emhlabeni wesethembiso. Bafunda ngokuba neqiniso kwizinceku ezikhethiweyo yiNkosi (bheka kuNumeri 12). Bafunda ngokuthemba amandla eNkosi, noma ngabe ikusasa libukeka lingenathemba (bheka kuNumeri 13–14). Futhi bafunda ukuthi ukungabi nokholo noma ukungathembi kuletha ukulimala ngokomoya,kepha babengaphenduka bebheke kuMsindisi ukuze bathole ukuphiliswa (bheka kuNumeri 21:4–9).
Sonke sifana nabakwa-Israyeli ngezinye izindlela. Sonke siyazi ukuthi kunjani ukuba ehlane lomoya, futhi izifundo ezifanayo abazifunda zingasisiza silungisele ukungena emhlabeni wethu wesethembiso: impilo engunaphakade noBaba wethu oseZulwini.
Ukuze uthole ulwazi olufingqiwe ngencwadi kaNumeri, bheka ku “Numeri” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.
Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele
Isambulo singatholwa yiwo wonke umuntu, kodwa uNkulunkulu uhola iBandla Lakhe ngomphrofethi wakhe.
KuNumeri 11:11–17, 24–29, naka inkinga uMose ayebhekene nayo nesixazululo uNkulunkulu asinikeza. Ucabanga ukuthi wayechaza ukuthini uMose ngesikhathi efisa “sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba ngabaprofethi”? (evesini 29) Ngesikhathi ucabanga ngalamavesi, cabanga ngalamazwi aMongameli uRussell M. Nelson: “Ngabe uNkulunkulu Uyafuna ngempela ukukhuluma nawe na? Yebo! … O, kuningi kakhulu okunye uBaba oseZulwini afuna nikwazi” (“Isambulo seBandla, Isambulo seziMpilo Zethu,” Liyahona, Meyi 2018, 95).
Kepha, ukuthi wonke umuntu angaba umphrofethi akuchazi ukuthi bonke bengahola abantu baNkulunkulu ngendlela uMose enza ngayo. Lokhu okubhalwe kuNumeri 12 kuyakucacisa lokhu. Ngesikhathi ufunda lesi sigaba, yiziphi izixwayiso ozitholayo? Ngabe yikuphi ozwa ukuthi iNkosi ifuna ukuqondisise ngesambulo somuntu siqu nokulandela umphrofethi?
Bheka futhi ku 1 Nefi 10:17; IMfundiso neziVumelwano 28:1–7; Dallin H. Oaks, “Two Lines of Communication,” Liyahona, Nov. 2010, 83–86.
Ngokholo eNkosini, ngingaba nethemba ngekusasa.
Ngesikhathi ufunda kuNumeri 13–14, zama ukuzibeka endaweni yabakwa-Israyeli. Ucabanga ukuthi kungani babefuna “ukubuyela eGibithe” na? (Numeri 14:3). Wena uke ube njengalabo ababengabaza ngokungena ezweni lesethembiso? Ungawuchaza kanjani lomunye “umoya” uKalebi ayenawo? (Numeri 14:24). Yikuphi okukuchazayo ngokholo lukaKalebi noJoshuwa, futhi ungazisebenzisa kanjani izibonelo zabo ezimweni obhekana nazo na?
Bheka futhi Teachings of Presidents of the Church: Gordon B. Hinckley (2016), 75–76.
Uma ngibheka kuJesu Kristu ngokholo, Angangilapha ngokomoya.
Abaphrofethi eNcwadini kaMormoni babeyazi indaba ebhalwe kuNumeri 21:4–9 futhi beqonda ukubaluleka kwayo ngokomoya. Ngabe lemibhalo 1 Nefi 17:40–41; Alima 33:18–22; noHelamani 8:13–15 yengeza kuphi ekuqondeni kwakho lendaba? Ngesikhathi ufunda lamavesi, cabanga ngokulapheka komoya okufisayo. Abakwa-Israyeli kwakumele “[babheke] inyoka yethusi” (Numeri 21:9)ukuze belapheke. Ngabe yikuphi ozizwa ugqugquzeleka ukukwenza “ukubheka iNdodana kaNkulunkulu ngokholo” ngendlela engcono na? (Helamani 8:15).
Bheka futhi ngokukaJohane 3:14–15; IMfundiso neziVumelwano 6:36; Dale G. Renlund, “Abound with Blessings,” Liyahona, Meyi 2019, 70–73.
Ngingalandela intando kaNkulunkulu, noma ngabe abanye bezama ukungilinga ukuthi ngingakwenzi.
Ngesikhathi uBalaki, iNkosi yaseMowabi, izwa ukuthi abakwa-Israyeli babesondela, wabiza uBalami, indoda eyayaziwa ngokuphimisa izibusiso neziqalekiso. UBalaki wayefuna enze abakwa-Israyeli babebuthaka ngokubaqalekisa. Naka indlela uBalaki azama ngayo ukuncenga uBalami (bheka kuNumberi 22:5–7, 15–17), bese ucabanga ngezilingo obhekana nazo zokuba uphikisane nentando kaNkulunkulu. Yikuphi okukuhlaba umxhwele ngempendulo kaBalami kulamavesi akuNumeri 22:18, 38; 23:8, 12, 26; 24:13?
Ngebhadi, kubukeka engathi uBalami wagcina eyekelela ingcindezi futhi wachilizela u-Israyeli (bheka kuNumeri 31:16; EkaJuda 1:11). Cabanga ngokuthi ungahlala kanjani uthembekile eNkosini noma abanye beza nengcindezi.
Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni
-
Numeri 11:4–6.Ngabe umoya wethu uyafana nalowo owakhonjiswa ngu-Israyeli kuNumeri 11:4–6? Imiyalo etholakala kwiMfundiso neziVumelwano 59:15–21 ingasiza kanjani na?
-
Numeri 12:3.UMose wakhombisa kanjani ukuthi “wayemnene kakhulu” kuNumeri 12 noma kweminye imishwana emibhalweni engcwele osuyifundile? Ungase ubheka incazelo yeGosa uDavid A. Bednar yobumnene kumyalezo wakhe “Meek and Lowly of Heart” (Liyahona, Meyi 2018, 30–33) noma ku “Omnene, Ubumnene” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org). Ngabe yikuphi esikufundayo ngokuthi singaba kanjani nobumnene obukhulu na? Ngabe yiziphi izibusiso ezingeza uma senza njalo?
-
Numeri 13–14.Amalunga omndeni amabili (noma angaphezulu) angenza ngathi “ahlola” (Numeri 13:17) enye ingxenye yekhaya lenu kube sengathi wumhlaba wesethembiso. Bese banganika umbiko umuntu ngamunye mayelana noNumeri 13:27–33 noma uNumeri 14:6–9. Sifundani ngokholo kulemibiko emibili ehlukile enikiwe kulamavesi na? Singafana kanjani noKalebi noJoshuwa na?
-
Numeri 21: 4–9.Emuva kokufunda uNumeri 21:4–9, kanye no 1 Nefi 17:40–41; Alima 33:18–22; no Helamani 8:13–15, umndeni wakho ungakha inyoka ngephepha noma ubumba bese bebhala kubo noma ephepheni izinto ezincane eningazenza “ukubheka iNdodana kaNkulunkulu ngokholo” (Helamani 8:15).
Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.