ITestamente eliDala 2022
NgoMeyi 23–29. UJoshuwa 1–8; 23–24: “Qinani Nime Isibindi”


“NgoMeyi 23–29. UJoshuwa 1–8; 23–24: ‘Qinani Nime Isibindi,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoMeyi 23–29. UJoshuwa 1–8; 23–24,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
UMose ugcoba uJoshuwa

Umfanekiso kaMose egcoba uJoshuwa, nguDarrell Thomas

NgoMeyi 23–29.

UJoshuwa 1–8; 23–24

“Qinani Nime Isibindi”

Ngesikhathi ufunda incwadi kaJoshuwa, cabanga ukuthi izinto ozifunda ngabakwa-Israyeli zingalukhulisa kanjani ukholo lwakho kuJesu Kristu.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Kwase kuthathe izizukulwane eziningana, kepha isethembiso seNkosi sase sizogcwaliseka: abantwana bakwa-Israyeli base bezoba yizindlalifa zezwe lesethembiso. Kepha endleleni yabo kwakumi uMfula iJordani, izindonga zaseJeriko, nabantu abakhohlakele kodwa abanamandla ababenqabe iNkosi (bheka ku 1 Nefi 17:35). Ngaphezu kwalokho, umholi wabo othandekayo uMose wayengasekho. Lesi simo kungenzeka ukuthi senza abanye bakwa-Israyeli bazizwe bebuthakathaka futhi besaba, kepha iNkosi yathi, “Qinani, nime isibindi.” Kungani kufanele bazizwe ngalendlela? Hhayi ngenxa yamandla abo—noma ngisho akaMose noma akaJoshuwa—kodwa ngoba “iNkosi uNkulunkulu wakho unawe noma yikuphi lapho oya khona” (UJoshuwa 1:9). Lapho sineyethu imifula okufanele siyiwele nezindonga okufanele sizidilize, izinto ezimangalisayo zingenzeka ezimpilweni zethu, ngoba “yiNkosi [ezokwenza] izimangaliso phakathi [kwethu]” (uJoshuwa 3:5).

Ukubuka konke ngencwadi kaJoshuwa, bheka isihloko esithi “Joshuwa” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
Learn More image
Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

UJoshuwa 1:1–9

UNkulunkulu uzoba nami uma ngithembekile Kuye.

Ake ucabange ngokuthi kwakunjani ukubizwa kukaJoshuwa ethatha isikhundla sikaMose. Qaphela ukuthi iNkosi yathini ku Joshuwa 1:1–9 ukumkhuthaza. Cabanga ngobunzima obhekana nabo; ngabe yikuphi kulamavesi okukunika isibindi na?

Kungaba nehuha ukuqaphela ukuthi igama elithi Joshuwa (Yehoshua noma Yeshua ngesiHeberu) lisho ukuthi “uJehova uyasindisa.” Futhi igama elithi Jesu livela ku Yeshua. Ngakho-ke ngesikhathi ufunda ngoJoshuwa, cabanga ukuthi ukuthunywa kwakhe ukuhola abantwana bakwa-Israyeli ukuba bangene ezweni lesithembiso kukukhumbuza kanjani ngomsebenzi woMsindisi.

UJoshuwa 2

Kokubili ukholo nemisebenzi kuyadingeka ukuze sisindiswe.

AmaKristu okuqala ambona uRahabi njengesibonelo samandla okholo nemisebenzi (bheka KumaHeberu 11:31; uJakobe 2:25). Ngesikhathi ufunda uJoshuwa 2, cabanga ngendima yokholo nemisebenzi kaRahabi ekuzisindiseni yena, umndeni wakhe, kanye nezinhloli zakwa-Israyeli. Lokhu kukufundisani ngokuthi ukholo lwakho kuKristu nemisebenzi yakho kungakuthonya kanjani wena nabanye?

Kungakulethela ihuha ukwazi ukuthi uRahabi wayengukhokho weNkosi uDavide kanye noJesu Kristu (bheka ngokukaMathewu 1:5). Ngabe yiziphi izifundo esingazifunda kulokhu na?

Isithombe
URahabi

URahabi ewindini lakhe. Ukulindela iseThembiso, ngu-Elspeth Young.

UJoshuwa 3–4

Ngingathola “izimangaliso” zikaNkulunkulu uma nginokholo kuJesu Kristu.

INkosi ifisa ukuthi “abantu bonke bomhlaba bazi isandla sikaJehova, ukuthi sinamandla” (uJoshuwa 4:24). Ngesikhathi ufunda uJoshuwa 3–4, zindla ngokuthi ngabe wazi kanjani ukuthi isandla seNkosi sinamandla. Ngabe iNkosi izenze kanjani “izimangaliso” empilweni yakhona? (UJoshuwa 3:5). Ungazizwa kanjani—noma uziqaphele—lezo zimangaliso kaningi na? (isibonelo, bheka uJoshuwa 3:17).

Ucabanga ukuthi kungani abakwa-Israyeli kwakudingeka bazingcwelise ngaphambi kokuwela uMfula iJordani na? Kubaluleke ngani ukuthi umfula wahlukana kuphela ngemuva kokuthi “izinyawo zabapristi… zicwilile onqenqemeni lwamanzi”na? (uJoshuwa 3:13, 15).

Ukuze ufunde ngezinye izehlakalo ezibalulekile ezenzeka eMfuleni iJordani, bheka II AmaKhosi 2:6–15; 5:1–14; NgokukaMarku 1:9–11. Ngesikhathi uzindla ngale mibhalo, yikuphi ukuxhumana okubonayo phakathi kwalezi zehlakalo na?

UJoshuwa 6–8

Ukulalela kuletha amandla kaNkulunkulu empilweni yami.

Lezi zahluko zikhuluma ngezimpi ezabakhona emazweni aseJeriko nase-Ayi. Ngesikhathi uzifunda, cabanga ukuthi ulwa kanjani nesilingo empilweni yakho (isibonelo, bheka uJoshuwa 7:10–13). Ufundani ngokuthi uNkulunkulu angakusiza kanjani nokuthi yini okudingeka uyenze ukuthola amandla Akhe? Isibonelo, yini ekuhlaba umxhwele ngemiyalelo yeNkosi yokuthatha iJeriko na? (bheka uJoshuwa 6:1–5). Mhlawumbe indaba eku Joshuwa 7 izokufaka ugqozi lokuthi unqume ukuthi ngabe “kukhona okuqalekisiweyo” na empilweni yakho okudingeka ukususe (uJoshuwa 7:13).

UJoshuwa 23–24

“Namathela eNkosini uNkulunkulu wakho.”

Ngemuva kokwabela izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli izwe lesethembiso (bheka uJoshuwa 13–21), uJoshuwa wabanika izimfundiso zakhe zokugcina. Ngesikhathi ufunda lezi zimfundiso ku Joshuwa 23–24, ungahle ugcine uhlu lwezexwayiso, izeluleko, kanye nezibusiso ezethenjisiweyo ozitholayo. Uma ucabanga ngakho konke abakwa-Israyeli ababedlule kukho, ucabanga ukuthi kungani uJoshuwa akhetha ukubatshela lezi zinto ekupheleni kwempilo yakhe na? Ngabe yikuphi okukukhuthazayo ukuba “unamathele eNkosini”na? (uJoshuwa 23:8).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

UJoshuwa 1:8.Ngabe lelivesi lisitshelani ngendlela okufanele sibheke ngayo ukufunda kwethu imibhalo engcwele, ngamunye futhi njengomndeni na? Ngabe imibhalo engcwele “iyihlahlamelise” kanjani indlela yethu futhi yasilethela “ukuphumelela okuhle” na?

UJoshuwa 4:3, 6–9.Emveni kokufunda lokho iNkosi eyayifuna abakwa-Israyeli bakwenze ngamatshe oMfula iJordani, umndeni wakho ungakhuluma ngezinto ezinkulu iNkosi enenzele zona. Ngemuva kwalokho unganika ilunga ngalinye lomndeni itshe bese ubamema ukuthi babhale noma badwebe kulo okuthile iNkosi ebenzele khona.

UJoshuwa 6:2–5.Umndeni wakho ungazijabulisa ngomdlalo wokwenza iziyalezo iNkosi eyazinika abakwa-Israyeli ukuze banqobe iJeriko. Ngabe iNkosi ifuna sifundeni kulendaba na?

UJoshuwa 24:15.Ngemuva kokufunda lelivesi, abomndeni wakho bangaxoxa ngalokho abadlula kukho ngesikhathi bekhetha ukukhonza iNkosi yize kwakunzima. Kungani kubalulekile ukukhetha ukumkhonza “namuhla” esikhundleni sokulinda ukunquma kuze kube kuvela isimo esithile na? Singawasekela kanjani amalunga “endlu” yethu ngesikhathi silwela “ukuyikhonza iNkosi” na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me––For Primary.

Iculo elingaculwa: “Choose the Right,” Hymns, no. 239.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Fakaza kaningi. Ubufakazi bakho beqiniso bungaba nomthelela omkhulu emndenini wakho. Akudingeki ukuba ube nekhono lokukhuluma noma ukhulume isikhathi eside. Ubufakazi bunamandla amakhulu uma buqondile futhi busuka enhliziyweni. (Bheka encwadini yokufundisa ethi Teaching in the Savior’s Way, 11.)

Isithombe
Izindonga zaseJeriko ziyawa

INkosi yawisa izindonga zaseJeriko. © Providence Collection/licensed from goodsalt.com

Shicilela