ITestamente eliDala 2022
NgoMeyi 30–Juni 5. AbAhluleli 2–4; 6–8; 13–16: “UJehova Wabavusela umSindisi”


“NgoMeyi 30–Juni 5. AbAhluleli 2–4; 6–8; 13–16: ‘UJehova Wabavusela umSindisi,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoMeyi 30–Juni 5. AbAhluleli 2–4; 6–8; 13–16,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
UDebora namabutho

Isithombe sikaDebora ehola amabutho akwa-Israyeli © Lifeway Collection/licensed from goodsalt.com

NgoMeyi 30–Juni 5

AbAhluleli 2–4; 6–8; 13–16

“UJehova Wabavusela umSindisi”

Imibhalo engcwele ifakaza ngoJesu Kristu. Cabanga ngokuthi izindaba ozifunda kwabAhluleli zikusiza kanjani ukuthi usondelane Naye.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Sonke siyazi ukuthi kunjani ukwenza iphutha, ukuzisola ngakho, bese uyaphenduka futhi unqume ukushintsha izindlela zakho. Kepha ngezinye izikhathi, siyasikhohlwa isinqumo sethu sangaphambilini, bese, uma sibhekena nesilingo, singazithola senza iphutha elifanayo futhi. Lokhu kufana nokuchazwe encwadini yabAhluleli okwehlekela abakwa-Israyeli. Bathelelwa yizinkolelo nezindlela zokukhonza zabaseKhenani—okwakumele bebasuse emhlabeni—abakwa-Israyeli bephula izethembiso zabo neNkosi futhi bayeka ukumkhonza. Ngenxa yalokho, balahlekelwa ukuphephiswa Nguye futhi lawela ekuthunjweni. Kepha, njalo ngesikhathi kwenzeka lokhu, iNkosi yabanikeza ithuba lokuphenduka futhi yabavusela umsindisi, umholi wamabutho obizwa ngokuthi “umahluleli.” Akubona bonke abahluleli encwadini yabAhluleli ababelungile, kepha abanye babo bakhombisa ukholo olukhulu ekukhululeni abantwana bakwa-Israyeli nokubabuyisela kubudlelwano besivumelwano neNkosi. Lezi zindaba ziyasikhumbuza ukuthi noma ngabe yini esisusile kuJesu Kristu, uyena umKhululi ka-Israyeli futhi uhlezi ezimisele ukusikhulula nokusamukele kuyena futhi.

Ukuze uthole isifinyezo sencwadi yabaHluleli, bona okuthi “AbAhluleli” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

AbAhluleli 2:1–19; 4:1–16

INkosi isinikeza ukukhululwa uma siphambuka.

Incwadi yabAhluleli ingaba isexwayiso kithi: Noma sesibone amandla eNkosi ezimpilweni zethu, kungenzeka ukuthi siwe. Incwadi ingagqugquzela nalabo abawayo, ngoba iNkosi inikeza indlela ebuyayo. Isibonelo, ngesikhathi ufunda AbAhluleli 2:1–19, bheka izenzo ezasusa abakwa-Israyeli eNksoini nendlela iNkosi eyabakhulula ngayo. Akufundisani lamavesi ngeNkosi? Yini ongayenza ukuze uhlale uthembekile Kuye na?

Uzothola ukuthi kwaba khona ukuhlubuka, usizi, kanye nenkululeko okuphindiwe kwaAbahluleli (bheka ikakhulukazi izigaba 3, 4, 6, nese 13). Ngesikhathi ufunda incwadi yabAhluleli, cabanga ngokuthi abAhluleli benzani nokuthi umSindisi ukusiza kanjani uma udinga ukukhululwa.

Isibonelo esiqotho somuntu owasiza ukukhulula u-Israyeli uDebora. Funda ngaye kwabAhluleli 4:1–16, bese ubheka umthelela aba nawo kwabantu abaseduze kwakhe. Yimaphi amazwi noma izenzo zikaDebora ezikhombisa ukuthi wayenethemba eNkosini? Ucabanga ukuthi uDebora wayechaza ukuthini ngombuzo wakhe eveseni 14: “uJehova akaphumanga phambi kwakho na?”

Bheka futhi ku Alima 7:13; IMfundiso neziVumelwano 84:87-88.

AbAhlulei 2:13

UBali no-Ashitaroti kwakungobani?

UBali wayengunkulunkulu wamaKhanani wesiphepho, kanti u-Ashitaroti wayengunkulunkulukazi wamaKhanani wenzalo. Ukukhonza labonkulunkulu ababili kukhombisa ukuthi yayibaluleke kanjani inzalo yomhlaba neyabantu kwabaseKhanani. Izindlela abantu ababekhonza ngayo labonkulunkulu kanye nabanye onkulunkulu bamanga—okubalwa, ngezinye izikhathi, isono ngokocansi kanye nokubulawa kwabantwana—zazilimaza kakhulu eNkosini.

AbAhluleli 6–8

INkosi ingenza izimangaliso uma ngithemba izindlela Zayo.

Ukuthola izimangaliso zeNkosi ezimpilweni zethu, kumele sithembe izindlela Zayo, noma ngabe zibukeka zingajwayelekile. Indaba kaGidiyoni, etholakala KwAbahluleli 6–8, iyisibonelo esihle salokhu. UNkulunkulu wasenza kanjani isimangaliso ngesikhathi amabutho kaGidiyoni ehlula abakwaMidiyani? Ucabanga ukuthi iNkosi izama ukukufundisaini na? Yingaziphi izindlela obone ngazo uNkulunkulu enza umsebenzi wakhe ngezindlela ezibukeka zingajwayelekile na?

Bheka futhi uRussell M. Nelson, “With God Nothing Shall Be Impossible,” Ensign, Meyi 1988, 33–35.

AbAhluleli 13–16

Amandla ngiwathola ngokuthembeka kwizivumelwano zami noNkulunkulu.

USamsoni walahlekelwa amandla akhe enyama nawomoya ngoba wephula izivumelwano zakhe noNkulunkulu, okubalwa kuzo lezo ezazenziwa amaNazaretha kuphela (ukuthola ukwazi ngamaNazaretha, bheka kuNumeri 6:1–6; AbAhluleli 13:7). Ngesikhathi ufunda indaba kaSamsoni kwAbahluleli 13–16, cabanga ngesivumelwano ngasinye osenzile. Ngabe wena ubusiseke kanjani ngokugcina lezo zivumelwano na? Ngabe yikuphi okufundayo endabeni kaSamsoni okukugqugquzela ukuthi uhlale uthembekile kwizivumelwano zakho noNkulunkulu?

Isithombe
USamsoni edudula izinsika

USamsoni Ubeka Phansi Izinsika, nguJames Tissot nabanye

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

AbAhluleli 2:10.Emuva kokuba uJoshuwa ashone, isizukulwane sabakwa-Israyeli esalandela “sasingayazi iNkosi.” Khuluma nomndeni wakho ngokuthi bayazi kanjani iNkosi “nemisebenzi ebenzele” yona. Ngabe nizoqinisekisa kanjani ukuthi lolu lwazi luzogcinelwa izizukulwane ezizayo na?

AbAhluleli 3: 7–10.Lamavesi afingqa iphethini evela kaningana encwadini yabAhluleli. Ngesikhathi umndeni wakho ufunda lamavesi, bengabheka ukuthi yini eyenziwa abakwa-Israyeli ukubasusa eNkosini nokuthi iNkosi yenzani ukubakhulula. Yikuphi okungase kusiholele ekutheni siyikhohlwe iNkosi na? Ingasikhulula kanjani na? Yini esingayenza ukuze sihlale sithembekile Kuye na?

AbAhluleli 6:13–16, 25–30.UGidiyoni wakhombisa isibindi esikhulu ekulaleleni iNkosi, noma ngabe izenzo zakhe zazingathandwa abaningi. Yikuphi esikuyalelwe yiNkosi ukuba sikwenze okungenzeka abanye bangahambisani nakho? Kungezeka kanjani ukuthi amazwi eNkosi kuGidiyoni emavesini 13–16 asigqugquzele ukuba senze into elungile na?

AbAhluleli 7.Ungakusebenzisa ukulinganisa noma omunye umsebenzi ohlukile ukusiza umndeni wakho ufunde ngesehlakalo samabutho aGidiyoni esichaziwe kulesi sahluko na? Kungenzeka kanjani ukuthi amazwi eNkosi kulesi sigaba (bheka njengesibonelo, evesini 2 nele-15) asebenze ezimpilweni zethu na?

AbAhluleli 13:5.Izivumelwano zikaSamsoni neNkosi zamunika amandla, njengoba nathi ezethu izivumelwano zisinika amandla. Umndeni wakho ungase uthande ukwenza imisebenzi yokuzivocavoca nokuxoxa ngokuthi lemisebenzi yokuzivocavoca ingasigcina kanjani sinamandla. Ngabe yini esingayenza ukuze siqine ngokomoya na? Ukuthola amasu, amalunga omndeni angafunda kuMosiya 18:8–10; kwiMfundiso neziVumelwano 20:77, 79. Ukugcina izivumelwano kusisiza kanjani ukuthi sithole amandla ngokomoya na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Enza lokho okufundayo. Ngesikhathi ufunda, zibuze ukuthi ungakuphila kanjani lokho okufundayo, bese uyazinikela ngokukwenza. Vumela uMoya ukuhole. (Bheka encwadini yokufundisa ethi Teaching in the Savior’s Way, 35.)

Isithombe
UGidiyoni nebutho

Ibutho likaGidiyoni, nguDaniel A. Lewis

Shicilela