“NgoJuni 20–26. 2 Samuweli 5–7; 11–12; 1 Amakhosi 3; 8; 11: ‘Umbuso Wakho Uyakuqiniswa Njalo,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)
NgoJuni 20–26. 2 Samuweli 5–7; 11–12; 1 AmaKhosi 3; 8; 11,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022
NgoJuni 20–26
2 Samuweli 5–7; 11–12; 1 AmaKhosi 3; 8; 11
“Umbuso Wakho Uyakuqiniswa Njalo”
“Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, futhi ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni” (2 Thimothewu 3:16).
Bhala Okufika Emqondweni Wakho
Umbuso weNkosi uDavide waqala uthembisa kakhulu. Ukholo lwakhe olwenza ahlule uGolayithi lwaba yingqayizivele. Njengenkosi, wenza iJersualema yaba yidolobha elikhulu futhi wahlanganisa u-Israyeli (bheka ku 2 Samuweli 5). Umbuso wawungakaze uqine kangaka. Nokho uDavide wavumela ukulingeka futhi walahlekelwa amandla akhe omoya.
Ngendlela efanayo, umbuso wendodana kaDavide uSolomoni waqala uthembisa kakhulu. Ukuhlakanipha nokubona kwakhe ngendlela engcwele kwaba ingqayizivele. Njengenkosi, welula iphethelo lakwa-Israyeli futhi wakha ithempeli elihle kakhulu eNkosini. Umbuso wawungakaze uqine kangaka. Kepha uSolomoni wavumela ngokungahlakaniphi ukuba inhliziyo yakhe ibheke kwabanye onkulunkulu.
Singafundani kulezi zindaba ezibuhlungu na? Mhlawumbe isifundo esisodwa sithi noma ngabe okwenzeka ngemuva kunganjani, amandla ethu omoya ancike kwizinqumo esizithathayo namuhla. Siyabona futhi kulezi zindaba ukuthi akuwona amandla ethu noma isibindi sethu noma ukuhlakanipha kwethu okuzosisindisa—okukaNkulunkulu. Lezi zindaba zisikhombisa ukuthi ithemba lika-Israyeli langempela—nelethu—alikho kuDavide, kuSolomoni noma enye inkosi ephila ngokwenyama, kepha kwenye “indodana kaDavide”: uJesu Kristu (ngokukaMathewu 1:1), iNkosi yaNgunaphakade “ezoxolela isono sabantu [Bayo] uma “siphendukela [Kuye] futhi” (1 AmaKhosi 8:33–34).
Ukuze uthole isifinyezo sencwadi ka 2 Samuweli neya 1 AmaKhosi, bheka okuthi “Samuweli, izincwadi zika” nokuthi “AmaKhosi, izincwadi za” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.
Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele
INkosi inganginikeza indlela.
Ngesikhathi uDavide esekwazile ukuhlanganisa u-Israyeli (bheka ku 2 Samuweli 5:1–5), kwakumele avikele abantu bakhe kwamaFilisti. Ngesikhathi ufunda ku 2 Samuweli 5:17–25, cabanga ngokuthi isibonelo sikaDavide singakusiza kanjani kwizinselelo obhekana nazo (bheka futhi ku 1 Samuweli 23:2, 10–11; 30:8; 2 Samuweli 2:1). Ngabe uyifuna kanjani indlela eNkosini empilweni yakho na? Ngabe ubusiseka ngayiphi indlela ngokuphila ngezambulo ozitholayo na?
Bheka futhi ku 1 IziKronike 12; Richard G. Scott, “How to Obtain Revelation and Inspiration for Your Personal Life,” Liyahona, Meyi 2012, 45–47.
Ngabe iyiphi “lendlu” iNkosi eyayithembisa uDavide na?
Ngesikhathi uDavide ethembisa ukwakha indlu, echaza ithempeli, leNkosi (bheka ku 2 Samuweli 7:1–3), iNkosi yaphendula yathi empeleni yindodana kaDavide eyayizowakha (bheka emavesini 12–15; bheka futhi ku 1 IziKronike 17:1–15). INkosi yathi esikhundleni salokho Yona yayizokwakhela uDavide “indlu,” okuchaza ukuthi inzalo, nokuthi isihlalo sakhe sasizohlala ingunaphakade (bheka ku 2 Samuweli 7:11, 16, 25–29; AmaHubo 89:3–4, 35–37). Lesethembiso safezeka ngoJesu Kristu, iNkosi yethu yaphakade, owayeyinzalo kaDavide (bheka ngokukaMathewu 1:1; ngokukaLuka 1:32–33; ngokukaJohane 18:33–37).
Kumele ngihlezi ngizigadile esonweni.
Ukuthembeka kukaDavide eNkosini ngesikhathi esedlule akumenzanga ukuthi angalingeki ngesikhathi “[e]hamba ophahleni lwendlu yenkosi” futhi “wabona owesifazane egeza” (2 Samuweli 11:2). Cabanga ngokuthi yiziphi izimfundiso ongazifunda kulokho okwenzeka kuye. Imibuzo efana nalena ingakusiza ngesikhathi ufunda lendaba:
-
Ngabe yiziphi izinqumo uDavide azithatha ezamuholela endleleni eya ngokuya igcwala isono na? Yiziphi izinqumo ezingcwele ayengazithatha okungcono?
-
Ngabe isitha sizama ukukuholela kanjani ezindleleni zesono empilweni yakho na? Yiziphi izinqumo ongazithatha manje ukubuyela ekutheni uphephe?
Bheka futhi ku 2 Nefi 28:20–24 .
Isipho sokubona singisiza ngibone phakathi kokulungile nokungalungile.
Uma iNkosi ingathi kuwe, “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona” (1 AmaKhosi 3: 5), ungacelani na? Yikuphi okukuhlaba umxhwele ngesicelo sikaSolomoni? Cabanga ngokuthi kungani “inhliziyo elalelayo” ukuba “[u]hlukanise okuhle nokubi” (evesini 9) iyisipho esiyigugu. Ungenzani ukufuna lesisipho?
Bheka futhi 2 Kronike 1; Moroni 7:12–19; David A. Bednar, “Quick to Observe,” Ensign, Disemba. 2006, 30–36.
Ithempeli liyindlu yeNkosi.
Eminyakeni engamakhulu, ukuba khona kwaNkulunkulu kwakukhonjiswa yitabernakele ephathwayo leyo uMose ayeyakhile. Noma uDavide wayefuna ukwakhela iNkosi indawo yokuhlala ezoba khona njalo, kunalokho uNkulunkulu wakhetha indodana kaDavide uSolomon ukuba yakhe ithempeli leNkosi. Ngesikhathi ufunda umkhuleko kaSolomoni namazwi awakhuluma kubantu emuva kokuqeda ithempeli, naka ukuthi wayezizwa kanjani ngeNkosi nendlu Yakhe. Ungase futhi wakhe uhla lwezibusiso uSolomoni azicela emkhulekweni wakhe. Yikuphi okutholayo ngalezi zibusiso na? Ngabe thina sibusiseke kanjani ngendlu yeNkosi osukwini lwethu na?
bheka futhi ku 2 Kronike 6.
Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni
-
2 Samuweli 5:19, 23.Ngabe yinini lapho “sacela khona iNkosi” ukuba isihole futhi isikhombise indlela na? Ngabe isiphendule kanjani na?
-
2 uSamuweli 7:16.Ngesikhathi iNkosi itshela uDavide ukuthi, “Umbuso wakho uyakuqiniswa njalo,” wayekhuluma ngenkosi ezayo emndenini kaDavide eyayizobusa ingunaphakade: uJesu Kristu. Mhlawumbe umndeni wakho ungakujabulela ukwakha imiqhele eyenzelwe ekhaya ngesikhathi nixoxa ngokuthi kungani nibonga ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi yenu yaPhakade.
-
2 Samuweli 11.Ukufunda ngezono zikaDavide eziyimigilingwane kungaba yithuba elihle lokuxoxa ngengozi yokubuka izithombe ezingcolile, imicabanga engcolile kanye nokungabi msulwa. Amalunga omndeni angakha isu ngalokho angakwenza uma ehlangana nezithombe ezingcolile.
-
1 AmaKhosi 11:9–11.Ngabe yibaphi “abanye onkulunkulu” (evesini 10) abangasisusa eNkosini na? Ngabe thina singagcina kanjani izinhliziyo zethu sigxile kuBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu na?
Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.