ITestamente eliDala 2022
NgoJuni 27–Julayi 3. I AmaKhosi 17–19: “Uma uJehova enguNkulunkulu, Mlandeleni Yena”


“NgoJuni 27–Julayi 3. I AmaKhosi 17–19: ‘Uma uJehova enguNkulunkulu, Mlandeleni Yena,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoJuni 27–Julayi 3. I AmaKhosi 17-19,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

U-Eliya umi eduze kwe-altare elivuthayo

U-Eliya Uphikisana Nabaphristi bakaBali, nguJerry Harston

NgoJuni 27–Julayi 3

1 AmaKhosi 17–19

“Uma uJehova enguNkulunkulu, Mlandeleni Yena”

Uma ufunda imibhalo engcwele, usebenzisa ukholo, olulungisa inhliziyo yakho nengqondo yakho ukuzwa “izwi elincane elihashazayo” likaMoya (1 AmaKhosi 19:12).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Indlu yakwa-Israyeli yayiyinhlakanhlaka. Ubumbano nokuchuma okwazuzwa ngaphansi kukaDavide noSolomoni kwase kwadlula kudala, futhi ubuhlobo besivumelwano sesizwe neNkosi, kubantu abaningi, kwase kuyinkumbulo ekude. Umbuso wakwa-Israyeli wawuhlukene phakathi, kunezizwe eziyishumi ezakha uMbuso waseNyakatho wakwa-Israyeli nezizwe ezimbili ezakha uMbuso waseNingizimu wakwaJuda. Yomibili le mibuso yayingazinzile ngokomoya, yayiholwa ngamakhosi aphula izivumelwano zawo neNkosi futhi athonya nabanye ukuthi benze ngokufanayo (bheka I AmaKhosi 11–16). Kepha ukuhlubuka kwakukubi kakhulu eMbusweni waseNyakatho, lapho iNkosi u-Ahabi yakhuthaza khona u-Israyeli ukuba ukhonze unkulunkulu wamanga uBali.

Kukulesi simo lapho umphrofethi u-Eliya abizelwa khona ukuthi azoshumayela. Indaba yobufundisi bakhe ikwenza kucace ukuthi ukukholwa komuntu siqu eNkosini kungachuma phakathi kwabalungileyo ngisho nasendaweni embi. Kwesinye isikhathi iNkosi iphendula okholweni olunjalo ngokuhlaba umxhwele, ngezimangaliso ezenzeka phambi kwabantu, ezinjengomlilo owela uvela ezulwini. Kepha Ibuye yenze izimangaliso ezithule, eziyimfihlo, njengokuhlangabezana nezidingo zomuntu siqu zomfelokazi othembekile nendodana yakhe. Futhi imvamisa izimangaliso Zayo ngezomuntu ngqo kangangoba zaziwa nguwe kuphela—isibonelo, lapho iNkosi izembula yona kanye nentando Yayo “ngezwi elincane elihashazayo”(1 AmaKhosi 19:12).

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe ngo-Eliya, bheka isihloko “Eliya” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

1 AmaKhosi 17:1–16

Isimemo sokunikela yithuba lokusebenzisa ukholo lwami.

Ekuqaleni kungabonakala kunzima ukuqonda ukuthi kungani umprofethi u-Eliya acela umfelokazi waseSarefati ukuba amnike ukudla namanzi ngaphambi kokuzodla yena nendodana yakhe elambile. Kodwa isicelo sika-Eliya singabonakala futhi njengesibusiso kulomndeni omncane. Babedinga izibusiso zeNkosi, futhi ukunikela kuvame ukuletha izibusiso––kubandakanya nesibusiso sokholo oluqinile.

Njengoba ufunda lendaba, zibeke esimweni salomfelokazi obabazeka kangaka. Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngaye na? Cabanga ngamathuba onawo okusebenzisa ukukholwa kwakho—okubandakanya namathuba okunikela. Ungafana kanjani nalomfelokazi na?

Bheka futhi NgokukaMathewu 6:25–33; NgokukaLuka 4:24–26.

1 AmaKhosi 18

“Uma uJehova enguNkulunkulu, Mlandeleni Yena”

Abakwa-Israyeli kungenzeka ukuthi babenomuzwa wokuthi banezizathu ezizwakalayo zokukhonza uBali nakuba kwakukhona umyalelo weNkosi othi, “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami” (u-Eksodusi 20:3). UBali wayaziwa njengonkulunkulu weziphepho nemvula, futhi ngemva kweminyaka emithathu yesomiso, babesidinga kakhulu isiphepho. Futhi ukukhonza uBali kwakwamukelekile emphakathini futhi kwavunyelwa yinkosi nendlovukazi. Njengoba ufunda 1 AmaKhosi 18, cabanga nganoma yiziphi izimo empilweni yakho ezingafaniswa nesimo abakwa-Israyeli ababekuso. Ngabe uke uzithole unqikaza ukulandela iNkosi ngoba ezinye izindlela zibonakala zinengqondo futhi ziphoqelela na? (bheka 1 AmaKhosi 18:21). Ezenzakalweni ezitholakala kulesi sahluko, ucabanga ukuthi uNkulunkulu wayezama ukubafundisani abantu Ngaye nangoBali na? Yikuphi osekwenzeke kuwe okukufundise amaqiniso afanayo na?

Ungathanda ukuphawula ngezinto u-Eliya azisho nazenza kulesi sahluko ezikhombisa ukukholwa kwakhe eNkosini. Ufundani ku-Eliya ngokukholwa na?

Bheka futhi uJoshuwa 24:15; 2 Nefi 2:26–28.

UEliya emi etsheni

Umfanekiso ngokwezimpawu wencwadi ethi1 AmaKhosi 19: 11–12. UMprofethi, © Robert Booth Charles / Bridgeman Images

1 Amakhosi 19:1–18

INkosi ivame ukukhuluma ngezindlela ezithule, nezilula.

Ngesikhathi iNdlovukazi uJezebeli ezwa ngokwakwenzekile kubapristi bakhe eNtabeni iKarmeli, akazange aguquke—wathukuthela. Esabela impilo yakhe, u-Eliya wabalekela ehlane wayocasha emhumeni. Lapho, elwa nesizungu nokudangala, kukhona okwenzeka kuye eneNkosi okwakuhluke kakhulu kulokho okwenzeka eNtabeni iKarmeli. Ngabe okwenzeka ku-Eliya encwadini 1 AmaKhosi 19:1–18 kukufundisani ngokuthi iNkosi ixhumana kanjani nawe ngezikhathi zakho uma weswele na? Zindla ngezikhathi zempilo yakho lapho uke wezwa izwi Lakhe. Ngabe yikuphi okudingeka ukwenze ukuze uthole ukuholwa Kwakhe kaningi na?

Zindla ngamagama nemishwana esetshenziswe kulamavesi alandelayo ukuchaza ukuthi iNkosi ixhumana kanjani nathi: Helamani 5:30; 3 Nefi 11:3–7; IMfundiso NeziVumelwano 6:22–23; 8:2–3; 9:8–9; 11:12–14; 36:2.

Bheka futhi AmaHubo 46:10; 1 Nefi 17:45.

1 AmaKhosi 19:19–21

Ukukhonza iNkosi kuza kuqala kunezinto zomhlaba.

Ukuthi u-Elisha wayenezinkabi ezingamajoka eziyi-12 kukhombisa ukuthi mhlawumbe wayeyindoda ecebile. Yini ekuhlaba umxhwele ngezenzo zakhe ezilotshwe encwadini 1 AmaKhosi 19:19–21na? Ungasilandela kanjani isibonelo sika-Elisha na?

Bheka futhi NgokukaMathewu 4:18–22.

uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

1 Amakhosi 17:1–16. Isithombe esikulesi sifundo singawusiza umndeni wakho ukubona ngeso lengqondo lendaba esencwadi 1 AmaKhosi 17:1–16. Emveni kokufunda lamavesi nokubuka lesi sithombe, ilunga lomndeni ngalinye lingenza uhlu lwezici ezihlaba umxhwele umfelokazi ayenazo. Ngabe yini iNkosi esicela ukuba siyenze ukukhombisa ukukholwa kwethu na?

2:3

1 AmaKhosi 18Indaba ethi “u-Eliya nabaPristi baseBaal” (kwi ziNdaba zeTestamende Elidala) ingasiza umndeni wakho ufunde ngendaba etholakala ku 1 AmaKhosi 18. Ngabe kukhona izinto ezisivimbela ukuthi sizinikele ngokuphelele eNkosini na? Singakhombisa kanjani ukuthi sizimisele ukumkhetha na? (bheka ivesi 21).

1 AmaKhosi 19:11–12.Yini engasiza umndeni wakho uqonde ukubaluleka kokulalela “izwi elincane elihashazayo” na? Ningafunda 1 AmaKhosi 19:11–12 ndawonye ngezwi elipholile.   Ungengeza eminye imisindo ephazamisayo ukukhombisa ukuthi uSathane uzama kanjani ukusivimba ukuba sizwe izwi elincane elihashazayo. Mhlawumbe umndeni wakho ungabelana ngokuthi yini abayenzayo ukuzwa ukuhletshezelwa nguMoya.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me––For Primary.

Iculo elingaculwa: “The Holy Ghost,” Children’s Songbook, 105

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bhala Imibono Yakho Uma uzwa uMoya ukhuluma nawe, cabanga ngokubhala phansi lokho ozwa ukuthi ukutshela khona. Umcabango odingekayo ukubhala leyo mizwa ibe ngamagama ungakusiza uzindle futhi uwazise lawomagama.

owesifazane nengane

Umfelokazi waseZarefati, nguRose Datoc Dall