ITestamente eliDala 2022
NgoJulayi 11–17. 2 AmaKhosi 17–25: “Wamethemba uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli”


“NgoJulayi 11–17. 2 AmaKhosi 17–25: “Wamethemba uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoJulayi 11–17. 2 AmaKhosi 17–25,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
abantu beshiya idolobha elibhujisiwe

Okuhamba Kweziboshwa, nguJames Tissot nabanye

NgoJulayi 11–17

2 AmaKhosi 17–25

“Wamethemba uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli”

Ngesikhathi uJosiya ezwa amazwi asencwadini yomthetho, waphendula ngokukholwa. Ungaphendula kanjani ngokukholwa kulokho okufunde encwadini 2 AmaKhosi 17–25na?

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Nakuba kwakukhona ubufundisi obabuhlaba umxhwele bukamprofethi u-Elisha, ukugxila okholweni kuMbuso waseNyakatho wakwa-Israyeli kwakulokhu kuncipha. Amakhosi amabi ayekhuthaza ukukhonzwa kwezithixo, futhi izimpi nokuhlubuka kwanda. Ekugcineni uMbuso wase-Asiriya wazinqoba futhi wazihlakaza izizwe eziyishumi zakwa-Israyeli.

Phakathi naleso sikhathi, umbuso waseningizimu wakwaJuda nawo wawungenzi kangcono; ukukhonza izithixo nakho kwakwandile lapho. Kepha phakathi kwakho konke lokhu kubola ngokomoya, ukulandisa okungokombhalo kukhuluma ngamakhosi amabili alungile, okwathi okwesikhashana, abuyisela abantu bawo eNkosini. Omunye wabo kwakunguHezekiya. Phakathi nokubusa kwakhe, abase-Asiriya, beqeda ukunqoba enyakatho, banqoba ingxenye enkulu yaseningizimu. Kepha uHezekiya nabantu bakhe bakhombisa ukukholwa eNkosini, eyalikhulula iJerusalema ngendlela eyisimangaliso. Kamuva, emveni kwenye inkathi yokuhlubuka, uJosiya waqala ukubusa. Egcwele intshisekelo ngokutholwa kabusha kwencwadi yomthetho, uJosiya waletha izinguquko ezavuselela impilo yokukholwa kubantu bakhe abaningi.

Ngabe sifundani kulezi zikhathi zokukhanya eminyakeni yobumnyama emlandweni wakwaJuda na? Phakathi kwezinye izinto, ungazindla ngamandla okholo nawezwi likaNkulunkulu empilweni yakho. Njengo-Israyeli noJuda, sonke senza izinqumo ezinhle nezimbi. Futhi uma sibona ukuthi izinguquko ziyadingeka ezimpilweni zethu, mhlawumbe izibonelo zikaHezekiya noJosiya zingasikhuthaza ukuthi “[simethembe] uJehova uNkulunkulu wethu” (2 AmaKhosi 18:22).

Bheka futhi 2 IziKronike 29–35; isigaba sesifundo esithi “Okufanele Ukukhumbule” “UJesu Uzothi Kubo Bonke Abakwa-Israyeli, ‘Buyelani Ekhaya.’”

Isithombe
Learn More image
Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

2 AmaKhosi 18–19

Ngingahlala ngithembekile eNkosini ngezikhathi ezinzima.

Abaningi bethu bake babhekana nezikhathi eziletha inselelo okholweni lwethu. KuHezekiya nabantu bakhe, esinye salezi zikhathi safika lapho ibutho lase-Asiriya lihlasela uJuda, libhubhisa amadolobha amaningi, futhi lisondela naseJerusalema. Njengoba ufunda 2 AmaKhosi 18–19, zicabange uhlala eJerusalema ngalesi sikhathi. Isibonelo, wawungazizwa kanjani ukuzwa ukuklolodela kwabase-Asiriya njengoba kulotshiwe encwadini 2 AmaKhosi 18:28–37 naku 19:10–13 na? Ufundani kulokho okwenziwa nguHezekiya ephendula na? (bheka 2 Amakhosi 19:1–7, 14–19). Ngabe iNkosi yamxhasa kanjani uHezekiya na? (bheka 2 AmaKhosi 19:35–37). Zindla ngendlela Akusekele ngayo ezikhathini ezinzima.

Ungase futhi uzindle ngencazelo kaHezekiya encwadini 2 AmaKhosi 18:5–7. Ngabe lamavesi asibonisani mayelana nokuthi kungani uHezekiya wakwazi ukuhlala ethembekile lapho kufika izinselelo na? Ungasilandela kanjani isibonelo sakhe na?

Bheka futhi ku 3 Nefi 3–4; D. Todd Christofferson, “Ukuma Siqine Singanyakaziswa Okholweni LukaKristu,” iLiyahona, ngoNovemba 2018, 30–33.

2 AmaKhosi 19:20–37

Zonke izinto zisezandleni zeNkosi.

USaneheribi, inkosi yase-Asiriya, wayenesizathu esizwakalayo sokukholelwa ukuthi ibutho lakhe lalizonqoba iJerusalema. I-Asiriya yayinqobe izizwe eziningi, kuhlanganise no-Israyeli—kungani kufanele iJerusalema ihluke na? (bheka 2 AmaKhosi 17; 18:33–34; 19:11–13). Kodwa iNkosi yayinomyalezo kuSaneheribi, owawunikezwa ngomprofethi u-Isaya, futhi ubhalwe encwadini 2 AmaKhosi 19:20–34. Ungawufingqa kanjani lomlayezo na? Yimaphi amaqiniso owathola kulamavesi akusiza ukuba ube nokholo eNkosini nasohlelweni Lwayo na?

Bheka futhi ku Helamani 12:4; IMfundiso neziVumelwano 101:16.

2 AmaKhosi 21–23

Imibhalo engcwele ingaphendula inhliziyo yami eNkosini.

Ngabe wake wazizwa sengathi ushoda ngokuthile ngokomoya na? Mhlawumbe wezwa ukuthi ubudlelwano bakho noNkulunkulu babungaqina kakhulu. Ngabe yikuphi okwakusiza ukuba ubuyele kuYe na? Zindla ngalemibuzo njengoba ufunda ngokuthi uMbuso wakwaJuda wawa kanjani eNkosini ngaphansi kweNkosi uManase (bheka 2 AmaKhosi 21) nokuthi iNkosi uJosiya yabasiza kanjani ukuthi bazinikele kuYe futhi (bheka 2 AmaKhosi 22–23). Ngabe yini eyakhuthaza uJosiya nabantu bakhe na? Lendaba ingakukhuthaza ukuthi uvuselele ukuzibophezela kwakho “ukumlandela uJehova… ngenhliziyo [yakho] yonke nangomphefumulo [wakho] wonke” (2 AmaKhosi 23:3).

Ngesikhathi ufunda lezi zahluko, cabanga ukufunda isahluko sesi6 kwi Teachings of Presidents of the Church: Spencer W. Kimball ([2006], 59–68), lapho uMongameli uKimball ephakamisa ukuthi indaba yeNkosi uJosiya “ingeye yezindaba ezinhle kakhulu emibhalweni engcwele” (page 62). Kungani uMongameli uKimball ayesho lokho na? Yini oyithola emazwini kaMongameli uKimball, ikakhulukazi ekuphawuleni kwakhe ngeNkosi uJosiya, ekusiza ukuthi usebenzise 2 AmaKhosi 22–23 empilweni yakho na?

Bheka futhi uAlima 31:5; Takashi Wada, “Feasting upon the Words of Christ,” Liyahona, May 2019, 38–40; “Josiah and the Book of the Law” (video), ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
umndeni ofunda imibhalo

Imibhalo engcwele ingasiza ukuphendulela izinhliziyo zethu eNkosini.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

2 AmaKhosi 19:14–19.Ngabe yini esingayifunda esibonelweni sikaHezekiya engasisiza lapho sinezinkinga ezinzima noma imibuzo na? Ngabe iNkosi iyiphendule kanjani imithandazo yethu yokucela usizo na? Mhlawumbe ilunga ngalinye lomndeni lingenza okuthile elizokukhombisa ekhaya elibakhumbuza ukuthi baphendukele eNkosini.

2 AmaKhosi 22:3–7.Abasebenzi abachazwe encwadini 2 AmaKhosi 22:3–7 babethenjwe ngemali esetshenzisiwe ukwakha kabusha ithempeli “ngoba babethembekile ekuziphatheni kwabo” (ivesi 7). Ngemuva kokufunda la mavesi, ungacela amalungu omndeni ukuthi abale izinto aziphathisiwe. Singathembeka kanjani njengezisebenzi ezikulamavesi na?

2 AmaKhosi 22:8–11, 19; 23:1–3.Yini esihlaba umxhwele ngendlela uJosiya nabantu bakhe abasabela ngayo ezwini likaNkulunkulu? Sisabela kanjani ezwini likaNkulunkulu emibhalweni engcwele na? Amalungu omndeni wakho angabelana ngamavesi noma izindaba ezikhulise isifiso sabo sokulandela uBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu.

2 AmaKhosi 23:25.Ngabe yikuphi okusigqamelayo ngokuchazwa kukaJosiya kuleli vesi na? Umndeni wakho ungadweba ezinhliziyweni zamaphepha izinto abangazenza kuleli sonto ukuphendukela eNkosini ngazo zonke iziinhliziyo zabo.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me––For Primary.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bheka amagama nemishwana ekukhuthazayo. Njengoba ufunda, uMoya ungakugqamisela amagama athile noma imishwana ethize. Lawomagama naleyo mishwana ingakukhuthaza futhi ikushukumise; kungaba sengathi futhi ibhalelwe wena nje kuphela.

Isithombe
umuntu eletha umbhalo ogoqwayo enkosini

Umfanekiso wombhali eletha umbhalo ogoqwayo eNkosini uJosiya, nguRobert T. Barrett

Shicilela