ITestamente eliDala 2022
NgoJulayi 18–24. U-Ezra 1; 3–7; UNehemiya 2; 4–6; 8: “Ngisebenza Umsebenzi Omkhulu”


“NgoJulayi 18–24. U-Ezra 1; 3–7; UNehemiya 2; 4–6; 8: ‘Ngisebenza Umsebenzi Omkhulu’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoJulayi 18–24. U-Ezra 1; 3–7; UNehemiya 2; 4–6; 8,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
ithempeli likaZerubabele

Umfanekiso wethempeli likaZerubabele, nguSam Lawlor

NgoJulayi 18–24

U-Ezra 1; 3–7; uNehemiya 2; 4–6; 8

“Ngisebenza Umsebenzi Omkhulu”

UMongameli u-Ezra Taft Benson wafundisa ukuthi, “Izwi likaNkulunkulu… linamandla okuqinisa abaNgcwele futhi libahlomise ngoMoya ukuze bakwazi ukumelana nobubi, babambisise okuhle, futhi bathole injabulo kulempilo” (Teachings of Presidents of the Church: Ezra Taft Benson [2014], 118).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Abantu abangamaJuda babethunjwe eBabele cishe iminyaka engama-70. Babelahlekelwe yiJerusalema nethempeli, futhi abaningi base bekhohlwe ukuzibophezela kwabo emthethweni kaNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu wayengabakhohliwe. Empeleni, Wayememezele ngomprofethi waKhe ukuthi, “Ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kulendawo.” (Jeremiya 29:10). Ngokuvumelana nalesi siprofetho, iNkosi yenza indlela yokuba amaJuda abuye, futhi Yavusa izinceku ezafeza “umsebenzi omkhulu” wabantu Bayo (uNehemiya 6:3). Lezi zinceku zazihlanganisa umbusi ogama lakhe linguZerubabele, owayengamele ukwakhiwa kabusha kwendlu yeNkosi; u-Ezra, umpristi nombhali owabuyisela izinhliziyo zabantu emuva emthethweni weNkosi; noNehemiya, umbusi wakamuva wakwaJuda owahola umsebenzi wokwakha kabusha izindonga zokuvikela ezazizungeze iJerusalema. Vele bahlangabezana nokuphikiswa, kepha futhi bathola usizo oluvela emithonjeni ababengayilindele. Abedlula kukho kungasazisa futhi kusikhuthaze, ngoba nathi senza umsebenzi omkhulu. Futhi njengowabo, umsebenzi wethu uhlobene kakhulu nendlu yeNkosi, umthetho weNkosi, nokuvikelwa okungokomoya esikuthola kuYe.

Ukubuka konke kwezincwadi zika-Ezra noNehemiya, bheka “uEzra” no “Nehemiya” kwiziHloko zemiBhalo egcwele.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

UEzra 1

INkosi ifaka intshisekelo kubantu ukuba bafeze izinhloso Zayo.

Ngemuva kokuthi iPheresiya linqobe iBabele, inkosi yasePheresiya, uKoresi, yaba nentshisekelo evela eNkosini ukuthi ithumele iqembu lamaJuda eJerusalema ukuyokwakha kabusha ithempeli. Njengoba ufunda u-Ezra 1, phawula ukuthi uKoresi wayezimisele ukwenzani ukuxhasa amaJuda kulomsebenzi obalulekile. Uyibona kanjani iNkosi isebenza ngamadoda nabesifazane abakuzungezile, kuhlanganise nalabo abangewona amalunga eBandla Lakhe na? Ngabe lokhu kukutshelani ngeNkosi nomsebenzi waYo na?

Bheka futhi u Isaya 44:24–28.

U-Ezra 3:8–13; 6:16–22

Amathempeli angangilethela injabulo.

Ngenkathi abaseBabele behlasela iJerusalema, baphanga ithempeli futhi balishisa langqonqa (bheka 2 AmaKhosi 25:1–10; 2 IziKronike 36:17–19). Ucabanga ukuthi wawungazizwa kanjani ukube wawuphakathi kwamaJuda abona lokhu? (bheka iHubo 137). Phawula indlela amaJuda azizwa ngayo, emashumini eminyaka kamuva, lapho evunyelwa ukubuya azokwakha kabusha ithempeli (bheka u-Ezra 3:8–13; 6:16–22). Zindla ngemizwa yakho mayelana nethempeli. Kungani amathempeli engumthombo wenjabulo? Ungabonisa kanjani ukubonga kwakho eNkosini ngamathempeli na?

­

Isithombe
umndeni uhamba emagcekeni ethempeli

Ithempeli lingaba ngumthombo wenjabulo ezimpilweni zethu.

U-Ezra 4–6; uNehemiya 2; 46

Ngingasiza umsebenzi kaNkulunkulu uthuthuke yize uphikiswa.

Umsebenzi weNkosi kuyaqabukela ukuthi ungaphikiswa, futhi lokhu bekuyiqiniso impela ngemizamo kaZerubabele noNehemiya. Kuzona zozimbili lezi zigameko, “izitha zakwaJuda” (Ezra 4:1) kwakungamaSamariya—inzalo yama-Israyeli ayezihlanganise nabeZizwe. Ukufunda ngokuphikiswa ekwakhiweni kwethempeli (bheka uEzra 4–6) kungaholela ekutheni ucabangisise ngokuphikiswa umsebenzi kaNkulunkulu obhekene nako namuhla nokuthi ungasabela kanjani uma kufika ukuphikiswa.

Ngokufanayo, ukufunda ngomsebenzi kaNehemiya wokulungisa izindonga zaseJerusalema (bheka uNehemiya 2; 46) kungakwenza ucabange ngomsebenzi uNkulunkulu afuna uwenze. Ufundani esibonelweni sikaNehemiya na?

U-Ezra 7; Nehemiya 8

Ngibusisiwe uma ngifunda imibhalo engcwele.

Ngisho nangemva kokwakhiwa kabusha kwethempeli, abantu baseJerusalema bathwala kanzima ngokomoya, ngokwengxenye ngoba, izizukulwane ngezizukulwane, babenokufinyelela okulinganiselwe “encwadini yomthetho kaMose” (uNehemiya 8:1). U-Ezra umbhali wathola imvume enkosini yasePheresiya yokuya eJerusalema, lapho “aletha [khona] umthetho phambi kwebandla” (uNehemiya 8:2). Ungasilandela kanjani isibonelo sika-Ezra njengoba kuchazwe ku-Ezra 7:10 na? Njengoba ufunda uNehemiya 8, onikeza ukulandisa kuka-Ezra efundela abantu umthetho, unamiphi imicabango ngamandla ezwi likaNkulunkulu empilweni yakho?

Bheka futhi incwadi ethi Teachings: Ezra Taft Benson, 115–24.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

U-Ezra 3:8–13; 6:16–22.AmaJuda ayikhombise kanjani injabulo yawo ngethempeli njengoba lalisakhiwa futhi ngesikhathi selinikelwa eNkosini na? Senzani ukubonisa injabulo yethu ngethempeli? Mhlawumbe umndeni wakho ungabheka izithombe zamathempeli bese ukhuluma ngokuthi amathempeli akulethela kanjani injabulo(bheka ku temples.ChurchofJesusChrist.org).

U-Ezra 7:6, 9–10, 27–28.Izikhathi eziningana kulamavesi, u-Ezra wabhala ukuthi isandla seNkosi sasiphezu kwakhe ngenkathi eya eJerusalema. Ungasho ukuthini lomushwana? Sisizwe kanjani isandla seNkosi siphezu kwethu na? Mhlawumbe amalunga omndeni angabelana ngezibonelo ezivela ezimpilweni zawo.

UNehemiya 2; 46.Indaba kaNehemiya ingawakhuthaza amalunga omndeni uma ebhekene nokuphikiswa njengoba enza “umsebenzi omkhulu” (uNehemiya 6:3). Amalunga omndeni angakha udonga ngezinto onazo ekhaya lakho njengoba nifunda ndawonye izindima eziyinhloko (njengo Nehemiya 2:17-20; 4:13–18; 6:1–3). Sifundani kuNehemiya ngokubhekana nokuphikiswa? Yimuphi umsebenzi omkhulu iNkosi efuna siwenze? INkosi isiqinise kanjani ukuthi sinqobe ukuphikiswa kwalomsebenzi na?

uNehemiya 8:1–12.Ku Nehemiya 8, u-Ezra wafundela abantu ababekulangazelela umthetho kaMose. Ukufunda amavesi 1–12 kungasiza ekujuliseni ukwazisa komndeni wakho izwi likaNkulunkulu. Abantu bazizwa kanjani ngomthetho kaNkulunkulu na? Singasizana kanjani “[ukuqonda] okufundwayo”na? (ivesi 8).

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me––For Primary.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Yabelanani ngemibhalo njengomndeni. Ngesikhathi sesifundo senu somndeni, vumela amalungu omndeni ukuthi abelane ngamavesi avela esifundweni somuntu siqu abaluleke kakhulu kubo.

Isithombe
U-Ezra ufundela abantu imibhalo

Umdwebo ka-Ezra efundela abantu imibhalo eJerusalema, nguH. Willard Ortlip, © Providence Collection/ogunyazwe yi goodsalt.com

Shicilela