ITestamente eliDala 2022
NgoJulayi 4–10. 2 AmaKhosi 2–7: “Kukhona UmProfethi kwa-Israyeli”


“NgoJulayi 4–10. 2 AmaKhosi 2–7: ‘Kukhona UmProfethi kwa-Israyeli,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

NgoJulayi 4–10. 2 AmaKhosi 2–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
U-Elisha ekhombisa inceku izinqola zomlilo

Umfanekiso ka-Elisha ekhombisa inceku yakhe izinqola zomlilo, © Review & Herald Publishing/licensed from goodsalt.com

NgoJulayi 4–10

2 AmaKhosi 2–7

“Kukhona UmProfethi kwa-Israyeli”

Ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele, uMoya oNgcwele ungagqamisa iziqeshana noma imishwana ethize ukuthi uyiqaphele. Cabanga ngokubhala phansi ukuthi kungani leyo mishwana ibalulekile kuwe.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Inhloso yomprofethi ukufundisa nokufakaza ngoMsindisi uJesu Kristu. Kepha, umbhalo wethu ngomprofethi u-Elisha, awuqukethe okuningi ngezimfundiso zakhe nokufakaza kwakhe. Okuqukethwe embhalweni yizimangaliso u-Elisha azenza, okubalwa ukuvusa ingane kwabafileyo (bheka ku 2 Kings 4:18–37), ukupha isixuku sabantu ukudla kube kuncane (bheka ku 2 AmaKhosi 4:42-44), kanye nokulapha umlepheru (bheka ku 2 AmaKhosi 5:1-14). Ngakho-ke, noma singanawo amazwi ka-Elisha efakaza ngoKristu, sinao, kubufundisi ba-Elisha, izibonakaliso zamandla eNkosi ezinikeza impilo, ezinakekelayo, futhi nezilaphayo. Izibonakaliso ezikanje zivamise kakhulu ezimpilweni zethu kunalokho esibuye sikubone thina. Ukuzibona, kumele sifune isimangaliso u-Elisha asifuna ngesikhathi ekhulekela inceku yakhe encane eyayesaba, “Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone” (2 AmaKhosi 6:17).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

2 AmaKhosi 2-6

UNkulunkulu angenza izimangaliso empilweni yami.

Izimangaliso zivamise ukusisiza sinqobe ubunzima bempilo—ngesikhathi sika-Elisha, umhlaba ongakhulisi wawudinga amanzi amsulwa futhi inkemba elahlekile kwakumele itholakale (bheka ku 2 AmaKhosi 2:19–22; 6:4–7). Kepha izimangaliso ziyasisondeza eNkosini ngenhliziyo futhi zifundisa izifundo zomoya. Ngesikhathi ufunda 2 AmaKhosi 2–6, cabanga ukwenza uhla lwezimangaliso ozitholayo, bese ucabangisisa izifundo ngokomoya ozitholayo ngesimangaliso ngasinye. Ngabe lezi zimangaliso zikufundisani ngeNkosi nalokhu engakwenzela khona empilweni yakho na?

Bheka futhi ku 2 Nefi 26:12–13; 27:23; Mormoni 9:7–21; Moroni 7:35–37; Donald L. Hallstrom, “Has the Day of Miracles Ceased?iLiyahona, Meyi 2017, 88-90.

2 AmaKhosi 4:8–17; 7:1–16

Amazwi eNkosi avela kubaphrofethi Bayo azofezeka.

Njengoba kubhaliwe ku 2 AmaKhosi 4:8–17; 7:1–16, INkosi yathinta u-Elisha ukuba aphrofethe ngezinto ezizokwenzeka—izinto okwakubonakala sengathi ngeke zenzeka, ngamehlo abanye. Ngesikhathi ufunda lamavesi, cabanga ngokuthi uliphendula kanjani izwi leNkosi ngabaprofethi Bayo namuhla. Yiziphi izimfundiso, noma izethembiso ozizwe kwabaphrofethi abaphilayo? Ngabe yikuphi okwenzayo ukusebenzela lezo zithembiso ngokholo?

Bheka futhi ku 3 Nefi 29:6; IMfundiso neziVumelwano 1:37–38.

2 AmaKhosi 5

Uma nginesizotha futhi ngilalela, uJesu Kristu angangilapha.

Ngesinye isikhathi kulula ukuthola ukuthi indaba emibhalweni engcwele ikuthinta kanjani wena ngokuqhathanisa izinto eziphathekayo endabeni nalezo zomoya. Isibonelo, ngesikhathi ufunda ku 2 AmaKhosi 5, ungaqhathanisa ubulepheru bukaNahamani nenkinga obhekene nayo. NjengoNahamani, mhlawumbe ubuthemba ukuthi iNkosi izokwenza “okuthile okukhulu” (evesini 13) ukukusiza. Okwenzeka kuNahamani kukufundisani na? Empilweni yakho, yikuphi okungalingana nokulandela umyalelo olula “wokugeza, uhlambuluke” na?

Bheka ukuthi okwenzeka kuNahamani kwaluthinta kanjani ukholo lwakhe kuNkulunkulu ka-Israyeli (bheka evesini 15). Yikuphi okwenzeka kuwe okuqinise ukholo lwakho kuNkulunkulu na?

Bheka futhi NgokukaLuka 4:27; 1 Petru 5:5–7; Alima 37:3–7; Etere 12:27; L. Whitney Clayton, “Whatsoever He Saith unto You, Do It,” Liyahona, Meyi 2017, 97–99 .

2 AmaKhosi 6:8–23

“Ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”

Wake wazizwa umncane futhi unokwesaba, ucabanga, njengenceku ka-Elisha yayicabanga ukuthi, “Siyokwenzenjani?” (bheka 2 AmaKhosi 6:8–23). Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngempendulo ka-Elisha na? Lendaba ishintsha kanjani indlela ocabanga ngayo ngezivivinyo zakho, imithwalo yakho, noma imizamo yakho yokuphila ivangeli na?

Ngesikhathi ucabanga, khumbula amazwi kaMongameli uHenry B. Eyring: “Njengenceku ka-Elisha, baningi abanawe kunalabo obabonayo abakuphikisayo. Abanye abanawe uzobabona ngamehlo enyama. INkosi izokuphakamisa futhi iphinde ngezinye izikhathi ikwenza lokhu ngokubiza abanye ukuba bazoma nawe” (“O Ye That Embark,” Liahona, Nov. 2008, 58).

Bheka futhi IHubo 121; IMfundiso neziVumelwano 84:88.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

2 AmaKhosi 2:1–14.Cabanga ngalabantu abathi babona ukuthi u-Elisha “wathatha” isembatho sika-Eliya (noma ijazi—uphawu lobizo lwakhe njengomphrofethi). Lokhu ngabe kuthinte kanjani indlela ababuka ngayo ubufundisi buka-Elisha na? Bheka futhi ku 1 AmaKhosi 19:19. Mhlawumbe amalunga omndeni angashintshisana ngokugqoka “isembatho” futhi bafakaze ngezindlela ababone ngazo iNkosi isekela futhi iqinisa labo ababizelwe ukusebenza eBandleni Layo.

2 AmaKhosi 4Ungamema amalunga omndeni ukuba afunde ngezimangaliso noma esisodwa ku 2 AmaKhosi 4 (bheka amavesi 1–7, 14–17, 32–35, 38–41, 42–44) bese bebhala isici esibonakalisa umkhondo ukusiza amanye amalunga omndeni ukuba aqagele ukuthi yisiphi lesimangaliso asichazayo. Sifundani ngeNkosi nezimangaliso Zayo kulesi sigaba na? Yiziphi izimangaliso—ezinkulu noma ezincane—esizibonile ezimpilweni zethu na?

2 AmaKhosi 5:1-15.Ngesikhathi ufunda lamavesi futhi ucabanga ngokulula uNamani okwathiwa akakwenze, cabanga ngezinto ezincane umphrofethi asicele ukuba sizenze. Umndeni wethu ungawulandela kanjani umyalezo wakhe kangcono na?

2 AmaKhosi 5:20-27.Ukungabi neqiniso kusilimaza kanjani na? Sibusiseka kanjani ngokuba neqiniso?

2 AmaKhosi 6:13-17.Amalunga omndeni angase ejabulele ukudweba isithombe sokwenzeka ku-Elisha nenceku yakhe kulamavesi. Lamavesi angasisiza kanjani uma sizizwa sisodwa noma sikhathele?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Gqugquzela imibuzo. Imibuzo evela kubantwana isho ukuthi bakulungele ukufunda Uma ungazazi izimpendulo zemibuzo yabo, zicinge nabo. (Bheka encwadini yokufundisa ethi Teaching in the Savior’s Way, 25-26.)

Isithombe
UNamani egeza emfuleni

Umfanekiso kaNamani elashwa ubulepheru, nguPaul Mann

Shicilela