ITestamente eliDala 2022
NgoJulayi 25–31. Esteri: “Uma Ungafikanga … Ngenxa Yesikhathi Esinjengalesi”


“NgoJulayi 25–31. Esteri: ‘Uma Ungafikanga … Ngenxa Yesikhathi Esinjengalesi,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoJulayi 25–31. Esteri,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
U-Esteri ekhuleka

Esteri, nguJames Johnson

NgoJulayi 25–31

u-Esteri

“Uma Ungafikanga … Ngenxa Yesikhathi Esinjengalesi”

Ngesikhathi ufunda incwadi ka-Esteri, thola umyalezo kuMoya othinta wena, bese ubhala phansi okufikayo emqondweni wakho.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Izehlakalo eziningi encwadini ka-Esteri zingabukeka ziyinhlanhla noma ukuqondana nje. Ungabuye uchaze kanjani ukuthi intombazane eyiJuda eyintandane yaba indlovukazi yasePheresiya ngesikhathi esilungele ukuthi isindise abantu bayo ekubhujisweni na? Yimaphi amathuba okuthi umzala ka-Esteri uMoridekayi kungenzeka nje ukuthi azwe icebo lokubulala inkosi? Ngabe lokhu kwaqondana nje, noma kwakuyingxenye yohlelo olungcwele? IGosa uRonald A. Rasband wathi: “Okuvela sengathi kuzenzakalele nje, empeleni, kubhekwe uBaba oseZulwini onothando. … INkosi isezintweni ezincane zezimpilo zethu” (“By Divine Design,” Liyahona, Nov. 2017, 56). Kungenzeka ukuthi angeke sihlezi sibona umthelela weNkosi “kulezi zinto ezincane.” Kepha siyafunda ngokwehlela u-Esteri ukuthi Ingahola indlela yethu futhi Isilungiselele “isikhathi esinjenganalesi” (Esther 4:14) lapho singaba usizo ezandleni Zayo ukufeza izinhloso Zayo.

Ukuze uthole isifinyezo sencwadi ka-Esteri, bona okuthi “Esteri” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

u-Esteri

INkosi ingakwazi ukungenza usizo ngikwazi ukubusisa abanye.

UDade u-Anne C. Pingree wafundisa: “Ukuba wusizo ezandleni zikaNkulunkulu kuyisibusiso esikhulu nomthwalo ongcwele. Noma kuthiwa sihlala kuphi nendawo, noma kungathiwa sishadile noma asishadile noma sineminyaka engakanani, iNkosi isidinga umuntu ngamunye wethu ukuba afeze indima yakhe ehlukile ekwakheni umbuso wayo kulesi sikhathi sokugcina” (“Knowing the Lord’s Will for You,” Liyahona, Nov. 2005, 112).

Ngesikhathi ufunda indaba ka-Esteri, cabanga ngokuthi lomusho umthinta kanjani yena. Bheka izindlela iNkosi eyamenzela ngazo ukuba akwazi ukusindisa amaJuda (bheka, isibonelo, Esteri 2:21–23; 3:10–14; 4:14–16). Bese ucabanga indlela ehole ngayo impilo yakho ngezindlela ezikusize ukuthi ukwazi ukubusisa abanye. Yiziphi izimo nobudlelwano lapho obona khona ukuthi Ikuholele kuzona “ngenxa yesikhathi esinjengalesi”? (Esteri 4:14). Uma unesibusiso sobuphatriyakhe, cabanga ngokusifunda ukuze ufunde kabanzi ngomsebenzi iNkosi ekubekele wona ukuthi uwenze.

u-Esteri 3; 5:9–14; 7

Ukuzazisa nolaka kungasiholela eweni.

Encwadini ka-Esteri, sifunda ngokuthembeka kuka-Esteri noMoridekayi kanye nokuzazisa nolaka kukaHamani. Ngesikhathi ufunda ku-Esteri 3; 5:9–14, cabanga ngokubhala imizwa, amazwi nezenzo zikaHamani. Ngabe yini evelayo ngaye nalokho akuhlosile na? Yimiphi imiphumela abhekana nayo? (Bheka ku-Esteri 7). Ukufunda ngoHamani kungaqhweba ukuba ubheke ukuthi yini egqugquzela imizwa nezenzo zakho. Ngabe kukhona ozwa ukuthi kumele ukushintshe na? Ungamucela kanjani uBaba oseZulwini ukuba akusize na?

Bheka futhi IzAga 16:32; Alima 5:28.

u-Esteri 3–4; 5:2–3; 8:11–12

Ukuzila ukudla kukhombisa ukwethembela eNkosini.

Naka izimo ezaholela u-Esteri namanye amaJuda ukuba bazile ukudla (bheka ku Esteri 3:13; 4:1–3, 10–17). Ukuzila ukudla kube yisibusiso kanjani kubona na? (Bheka ku Esteri 5:2–3; 8:11–12). Kungani iNkosi ifuna sizile ukudla na? (Bheka IziHloko zemiBhalo eNgcwele,”“UkuZila ukuDla nemiNikelo yokuZila ukuDla,” topics.ChurchofJesusChrist.org). Cabanga ukuthi ungenzani ukuze ukuzila ukudla kube yisibusiso esikhudlwana empilweni yakho.

u-Esteri 3:1–11; 4:10–17; 5:1–4

Ukwenza okulungile kuvamise ukudinga isibindi.

Ngesikhathi uMoredikayi no-Esteri bemela izinkolelo zabo, babeka izimpilo zabo engcupheni. Izinqumo zethu zinemiphumela okungaba wukuthi ayinzima kangaka, kepha ukwenza okulungile kusangadinga isibindi. Yikuphi ongakufunda ku Esteri 3:1–4; 4:10–17 ngokuba nesibindi sokwenza okulungile na? Buka imiphumela engafani u-Esteri noMoredikayi abayithola emuva kokukhombisa isibindi (bheka ku Esteri 3:5–11; 5:1–4). Umuntu kungamele azi kuphi ngoNkulunkulu ukuze athathe izinqumo ezifana nalezi u-Esteri noMoridekayi abazithatha—ukwenza okulungile noma kungathiwa umphemela unjani?

Esikhathini esizayo uma ucabanga ngemiphumela yokwenza okulungile, ungase usebenzise amazwi ka-Esteri esibindi atholakala ku Esteri 4:16 esimweni sakho nawe. Isibonelo, mhlawumbe ungazitshela ukuthi, “Uma ngikhetha okulungile, uma [ngilahlekelwa abangani], [ngilahlekelwa abangani]

UThomas S. Monson, “May You Have Courage,” Liyahona, Meyi 2009, 123–27.

Isithombe
U-Esteri nenkosi

U-Esteri ngaphambi kweNkosi, nguMinerva K. Teichert

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

u-Esteri 1–10.Emuva kokubhekisisa indaba ka-Esteri (bheka “Indlovukazi u-Esteri , umndeni wakho mhlawumbe ungathanda ukwakha opopayi ukuba badlale indima thizeni (bheka this week’s activity page ku Come, Follow Me—For Primary). Bese bengabasebenzisa ukuxoxa indaba futhi.

u-Esteri 2: 5–7.Singafundani kwisibonelo sikaMoridekayi ngokusiza amalunga omndeni ngesikhathi sezivivinyo na? Ubani emndenini wethu odinga ukusekelwa na? Akhani isu lokubasiza.

u-Esteri 4:15–17.Isibindi sika-Esteri singagqugquzela umndeni wakho ukuthi uxoxe ngendlela yokuba nesibindi sokumela iqiniso ezimweni obhekana nazo. U-Esteri wayechaza ukuthini ngesikhathi ethi “uma ngibhubha, mangibhubhe”? Ngabe amazwi akhe asisiza kanjani thina uma sidinga ukuba nesibindi na? ­

u-Esteri 9:26–32.Umcimbi wamaJuda obizwa ngePuriyami wamiselwa ukukhumbula indaba ka-Esteri. Ngesikhathi sokudla kulelisonto, cabanga ngokwabelana ngezindaba lapho amalunga omndeni wakho, okuhlanganisa nokhokho bakho, abusisa abanye ngokumela okulungile njengo-Esteri.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Ukuhamba ezinyathelweni zoMsindisi. “Amandla oMsindisi okufundisa nokuphakamisa abanye aqhamuka endleleni aphila ngayo nakumuntu ayeNguye. Ngesikhathi sikhuthalela ukuphokophelela phambili siphile njengoJesu Kristu, yilapho esizokwazi khona ukufundisa njeNgaye” (Teaching in the Savior’s Way, 13).

Isithombe
u-Esteri

Indlovukazi u-Esteri, nguMinerva K. Teichert, © William noBetty Stokes

Shicilela