ITestamente eliDala 2022
NgoJuni 13–19. 1 USamuweli 8–10; 13; 15–18: “Ukulwa kungokukaJehova”


“NgoJuni 13–19. I USamuweli 8–10; 13; 15–18: ‘Ukulwa kungokukaJehova,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoJuni 13–19. I USamuweli 8–10; 13; 15–18,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
uDavide esemncane ephethe indwayimane

UDavide noGoliyathi, nguSteve Nethercott

NgoJuni 13–19

1 USamuweli 8–10; 13; 15–18

“Ukulwa kungokukaJehova”

Iziphakamiso ezikulesi sifundo zingakusiza ukuthi ubone eminye yemigomo ebalulekile kulezi zahluko. Kungenzeka uthole eminye imigomo njengoba ufunda.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Kusukela lapho izizwe zakwa-Israyeli zazinza ezweni lesethembiso, amaFilisti ayelokhu ewusongo oluqhubekayo ekuphepheni kwazo. Ezikhathini eziningi ezedlule, iNkosi yayibasindisile abakwa-Israyeli ezitheni zabo. Kepha manje abadala bakwa-Israyeli babethi, “Sifuna ukuba kube-khona inkosi… [ukuze] iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu” (1 USamuweli 8:19–20). INkosi yashintsha umqondo, uSawule wagcotshwa waba yinkosi. Kepha ngenkathi umdondoshiya owesabekayo uGoliyati uphonsa inselelo yawo emabuthweni akwa-Israyeli, uSawule—njengalo lonke ibutho lakhe—“besaba kakhulu” (1 USamuweli 17:11). Ngalolo suku, kwakungeyona iNkosi uSawule eyasindisa u-Israyeli kodwa umfana ongumelusi othobekile ogama lakhe linguDavide, owayengagqokile izembatho zempi kodwa wayegqoke ukholo olungagudluki eNkosini. Lempi yafakazela ku-Israyeli, nakunoma ngubani onezimpi zomoya abhekene nazo, ukuthi “uJehova akasindisi ngen nangomkhonto” nokuthi “ukulwa kungokukaJehova” (1 USamuweli 17:47).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

1 USamuweli 8

UJesu Kristu uyiNkosi yami.

Njengoba ufunda I USamuweli 8, qaphela ukuthi iNkosi yazizwa kanjani ngesifiso sabakwa-Israyeli sokuba nenkosi ngaphandle kwaKhe. Kusho ukuthini ukukhetha iNkosi ukuthi “ibuse phezu [kwakho] na”? (1 USamuweli 8:7. Ungase futhi ucabange ngezindlela olingeka ngazo ukulandela izinkambiso ezingalungile zomhlaba esikhundleni sokulandela iNkosi. Ungabonisa kanjani ukuthi ufuna uJesu Kristu abe yiNkosi yakho yaPhakade na?

Bheka futhi AbAhluleli 8:22–23; uMosiya 29:1–36; Neil L. Andersen, “Overcoming the World,” Liyahona, ngoMay 2017, 58–62.

1 USamuel 9:15–17; 10:1–12; 16:1–13

UNkulunkulu ubiza abantu ngesiphrofetho ukuba basebenze embusweni waKhe.

UNkulunkulu wakhetha uSawule noDavide ukuthi babe ngamakhosi ngesiphrofetho nangesambulo (bheka 1 USamuweli 9:15–17; 10:1–12; 16:1–13). Lena yindlela futhi abiza ngayo abesilisa nabesifazane ukuthi basebenze eBandleni Lakhe ezikhathini zanamuhla. Ngabe ufundani kulezi zindaba mayelana nokuthi kusho ukuthini “ukubizwa ngokukaNkulunkulu, ngokwesiphrofetho”na? (ImiBhalo yoKholo 1:5). Yiziphi izibusiso eziza ngokubizwa nokuhlukaniswa yizinceku zeNkosi ezigunyaziwe na?

Isithombe
USamuweli ugcoba uSawule

Umfanekiso kaSamuweli egcoba uSawule, © Lifeway Collection / ogunyazwe ku goodsalt.com

1 USamuweli 13:5–14; 15

“Ukulalela kuhle kunomhlatshelo.”

Yize uSawule wayemude ngokomzimba, wazizwa “emncane emehlweni [akhe]” lapho eba yinkosi (1 USamuweli 15:17). Kodwa-ke, njengoba ayebusiswe ngempumelelo, waqala ukuzethemba kakhulu iNkosi[wayethemba] kancane. Yibuphi ubufakazi obubonayo ngalokhu ku 1 Samuweli 13:5–14; 15 na? Ukuba wawunoSawule ngaleso sikhathi, wawuzothini kuye okwakungamsiza anqobe “ukwambuka” kanye “nenkani” yakhe na? (1  USamuweli 15:23).

Bheka futhi ku 2 Nefi 9:28–29; Helamani 12:4–5; IMfundiso neziVumelwano 121:39–40.

1 USamuweli 16:7

“UJehova ubheka okusenhliziyweni.”

Yiziphi ezinye izindlela abantu abahlulela ngazo abanye ngoku “bheka ukubukeka kwangaphandle” na? Kusho ukuthini ukubheka “okusenhliziyweni,” njengoba kwenza iNkosi na? (1  USamuweli 16:7. Cabanga ukuthi ungayisebenzisa kanjani lemfundiso endleleni obheka ngayo abanye—kanye nawe uqobo. Ukwenza lokho kungakuthinta kanjani ukuxhumana kwakho noma ubudlelwano bakho nabanye na?

1 USamuweli 17

Ngosizo lweNkosi, nginganqoba noma iyiphi inselelo.

Njengoba ufunda 1 USamuweli 17, zindla ngamagama abantu abahlukahlukene kulesi sahluko (bheka uhlu olungezansi). Ngabe amagama abo embulani ngabo na? Ngabe amazwi kaDavide asikhombisa kanjani isibindi nokholo lwakhe eNkosini na?

Zindla ngezimpi zakho obhekene nazo. Ngabe yini ongayithola ku 1 Samuweli 17 eqinisa ukholo lwakho lokuthi iNkosi ingakusiza na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

1 USamuweli 9:15–21; 16:7.Ukufunda lamavesi kanye namazwi alandelayo avela kuGosa uDieter F. Uchtdorf kungakhuthaza ingxoxo yokuthi kungani iNkosi yakhetha uSawule noDavid: “Uma sizibheka kuphela ngamehlo ethu enyama, kungenzeka singaziboni silunge ngokwanele. Kepha uBaba wethu oseZulwini usibona njengalokhu esiyikho ngempela nokuthi singaba yini” (“It Works Wonderfully!ILiyahona, ngoNovemba. 2015, 23. Mhlawumbe amalungu omndeni angashintshana ngokukhuluma ngezimilo ezinhle abazibonayo ezinhliziyweni zomunye nomunye (bheka 1 USamuweli 16:7).

1 USamuweli 10:6–12.Simbone nini uNkulunkulu ebusisa umuntu ngamandla omoya ukufeza umsebenzi awunikiwe noma ubizo njengoba abusisa uSawule na? Yikuphi esidlule kukho esingakhuluma ngakho lapho “uNkulunkulu ephendukisa izinhliziyo [zethu]” noma “uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu [kwethu]” sisemsebenzini Wakhe na? (amavesi 9–10).

1 USamuweli 17:20–54.Umndeni wakho ungakuthokozela ukufunda ndawonye indaba kaDavid noGoliyathi.(“uDavid noGoliyathi” Kwizindaba zeThestamente elidala kungasiza) noma ukubuka amavidiyo athi “The Lord Will Deliver Me” (ChurchofJesusChrist.org). Lokhu kungaholela engxoxweni ngezinselelo esibhekana nazo esingazizwa njengo“Goliyati”. Ungabhala ezinye zalezi zinselelo epulangweni lokunembela noma kumdwebo kaGoliyati bese nishintshana ngokujikijela izinto kukho (njengamabhola ephepha).

Ningase futhi nithande ukufunda ngezingubo zensimbi kanye nezikhali uGoliyati ayenazo (bheka amavesi 4–7). Ngabe yini uDavide ayenayo na? (bheka amavesi 38–40, 45–47). Ngabe yikuphi uNkulunkulu asinikeze kona ukusisiza sinqobe oGoliyati bethu na?

1 USamuweli 18:1–4.UDavide noJonathani babengabangani abahle kanjani komunye nomunye na? Abangani abahle baye basibusisa kanjani na? Yini esingayenza ukuze sibe abangani abahle—kubalwa nakumalunga emindeni yethu na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

­ 

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Fakaza kaningi. “Ubufakazi bakho beqiniso bungaba nomthelela omkhulu [emndenini wakho]. Ubufakazi bunamandla amakhulu uma buqondile futhi busuka enhliziyweni. Akudingeki ukuba ube nekhono lokukhuluma noma ukhulume isikhathi eside” (Teaching in the Savior’s Way, 11).

Isithombe
UDavide

Umfanekiso kaDavide nguDilleen Marsh

Shicilela