ITestamente eliDala 2022
NgoJuni 6–12. Ruthe; 1 Samuweli 1–3: “Inhliziyo Yami Iyethaba kuJehova”


“NgoJuni 6–12. Ruthe; 1 Samuweli 1–3: ‘Inhliziyo Yami Iyethaba kuJehova,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoJuni 6–12. Ruthe; 1 Samuweli 1–3,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
URuthe noNawomi

Lapho Oya Khona, nguSandy Freckleton Gagon

NgoJuni 6–12

Ruthe; 1 Samuweil 1–3

“Inhliziyo Yami Iyethaba kuJehova”

Ngesikhathi ufunda ngezimpilo zikaRuthe, Nawomi, Hana kanye nabanye kulelisonto, lalela uMoya futhi ubhale okufikayo emqondweni wakho. Yikuphi ogqugquzeleka ukuthi ukwenze?

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngezinye izikhathi sicabanga ukuthi izimpilo zethu kumele zilandele indlela ecacile kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni. Ibanga elincane kakhulu phakathi kwezindawo ezimbili wumugqa oqondile, vele. Kepha impilo igcwele ukulibaziseka nezindlela ezingahleliwe okusiyisa ezindleleni ebesingazilindele. Singathola ukuthi izimpilo zethu zihluke kakhulu kunalokho esasicabanga ukuthi zizoba yikho.

URuthe noHana kufanele ukuthi babekwazi kahle lokhu. URuthe wayengayena owakwa-Israyeli, kepha washada owakwa-Israyeli, futhi ngesikhathi umyeni wakhe eshona, wayenesinqumo okwakumele asithathe. Ngabe wayezobuyela emindenini wakhe, nasempilweni yakhe yakudala ayeyijwayele, noma wayezokwamukela inkolo yabakwa-Israyeli nekhaya elisha nomamezala wakhe na? (see Ruth 1:4–18). Isu likaHana ngempilo yakhe kwakungukuthi athole abantwana, futhi ukungakwazi ukukwenza lokhu kwashiya “umoya wakhe unomunyu” (bheka ku 1 Samuweli 1:1–10). Ngesikhathi ufunda ngoRuthe noHana, cabanga ngokholo okwakumele ukuba babenalo ukubeka izimpilo zabo ezandleni zeNkosi futhi bahambe izindlela zabo ekade bengazilindele. Nawe ungacabanga ngohambo lwakho. Luzohluka kunohambo lukaRuthe nolukaHana—kanye noluka noma ubani omunye. Kepha kuzo zonke izinhlupheko nokumangala phakathi kwalapha nalapho olubangise khona empilweni engunaphakade, ungafunda kanye noHana ukuthi, “Inhliziyo yami iyethaba kuJehova” (1 Samuweli 2:1).

Ukuze uthole isifinyezo sencwadi ka Ruthe neya 1 Samuweli, bheka okuthi “Ruthe” nokuthi “Samuweli, izincwadi zika” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

uRuthe

UKristu angaphendula imbangalusizi ibe yimpumelelo.

Ngesikhathi umyeni kaRuthe eshona, leyo mbangalusizi yaba nemiphumela exakile kunaleyo engabhekwa umfelokazi namuhla. Osikweni lakwa-Israyeli ngaleso sikhathi, inkosikazi enganawo umyeni noma amadodana yayingakwazi ukuthola umhlaba futhi kungekho ndlela engaziphilisa ngayo. Ngesikhathi ufunda indaba kaRuthe, naka indlela iNkosi yaguqula ngayo imbangalusizi kwaba yizibusiso ezinkulu. Ngabe yikuphi okunakayo ngoRuthe okungabe kwamusiza na? Ngabe kwakuyiphi indima eyadlalwa nguBowazi ekukhululeni uRuthe esimweni sakhe esixakile kanje? (Bheka kuRuthe 4:4–7). Yiziphi izimilo zikaKristu ozibonayo phakathi kwaRuthe noBowazi?

Ruthe; 1 Samuweli 1

Ngingathemba ukuthi uNkulunkulu uzongihola noma ngabe isimo sami sinjani.

Ngabe uyazibona ezindabeni zikaRuthe, uNawomi, kanye noHana na? Mhlawumbe ulahlekelwe kakhulu, njengoRuthe noNawomi (bheka kuRuthe 1:1–5). Noma mhlawumbe, njengoHana, ufisa izibusiso ongakazitholi (bheka ku 1 Samuweli 1:1–10). Cabanga ngokuthi yimiphi imiyalezo ongayifunda ngenxa yezibonelo zalamakhosikazi athembekile. URuthe noHana bakhombisa kanjani ithemba kuNkulunkulu na? Yiziphi izibusiso abazithola na? Ungalandela kanjani izibonelo zabo na? Cabanga ngokuthi ufike kanjani “ekwethembeni” iNkosi (Ruthe 2:12) ngisho ngezikhathi lapho impilo izwakala inzima.

Bheka futhi ku Reyna I. Aburto, “Thru Cloud and Sunshine, Lord, Abide with Me!iLiyahona, Novemba 2019, 57–60.

Isithombe
UHana noSamuweli

Ngamkhulekela L Mntwana, ngu-Elspeth Young

1 Samuweli 2:1–10

Inhliziyo yami ingethaba kuJehova.

Emuva kokuba uHana ayise uSamuweli omncane ethempelini, wakhuluma amazwi amahle okudumisa iNkosi, abhalwe ku 1 Samuweli 2:1–10. Lamagama ahlaba umxhwele ngempela uma ucabanga ukuthi esikhathini esincane esedlule, “umphefumulo wakhe wawunomunyu, … futhi ekhala kakhulu” (1 Samuweli 1:10). Ngesikhathi ufunda lamavesi, uthola yiphi imiyalezo ekhulisa imizwa yakho yokudumisa nokubonga iNkosi? Mhlawumbe iculo likaHana lizokugqugquzela ukuba uthole indlela ehlukile yokukhombisa ukubonga kwakho eNkosini—iculo, yisithombe, ukusiza omunye, noma yini ekhombisa imizwa yakho Kuye.

Nangempela, akuyona yonke imikhuleko eneqiniso ephendulwa ngendlela eyaHana yaphendulwa ngayo. Yikuphi okutholayo kumyalezo kaMongameli uDieter F. Uchtdorf othi “Grateful in Any Circumstances” okungakusiza ngesikhathi imikhuleko yakho ingaphendulwa ngendlela ofisa ngayo? (iLiyahona, Meyi 2014, 70-77).

1 Samuweli 3

Ngiyakwazi ukuzwa nokulalela izwi leNkosi.

Njengathi sonke, uSamuweli kwakumele afunde indlela yokuzwa izwi leNkosi. Ngesikhathi ufunda ku 1 Samuweli 3, ufundani kulomfanyana ngokuzwa nokulalela izwi leNkosi na? Ngabe yikuphi okwenzeka kuwe mayelana nokuzwa izwi Lakhe na? Yimaphi amathuba onawo, njengo-Eli, okusiza abanye babone uma iNkosi ikhuluma nabo? (Bheka ku 1 Samuweli 3:7).

Bheka futhi kuJohane 14:14–21; David P. Homer, “Hearing His Voice,” Liyahona, Meyi 2019, 41–43.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

uRuthe 1:16–18; 2:5–8, 11–12.Umndeni wakho ungabheka izibonelo zomusa nokuthembeka kulamavesi. Ngabe siwukhombisa kanjani umusa emndenini wethu nakwabanye futhi sithembeka kanjani kuJesu Kristu na? Isahluko esithi “uRuthe noNawomi” (esitholakala eziNdabeni zeTestamente eliDala) zingasiza umndeni wakho ufunde kwisibonelo sikaRuthe.

1 Samuweli 1:15.Mhlawumbe ungathulula okuthile kuphume esitsheni ukusiza amalunga omndeni abone ukuthi uHana wayechaza ukuthini ngesikhathi ethi, “bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.” Kungani lokhu kuyindlela enhle yokuchaza ukuthi imikhuleko yethu kumele ibe njani? Singayenza ibengcono kanjani imikhuleko yethu neyemindeni yethu na?

1 Samuweli 2:1–10.Inkondlo kaHana yokudumisa iNkosi ingakuholela ekutheni ucabange ngamaculo owasebenzisayo ukudumisa iNkosi. Ningacula amanye ndawonye. Amalunga omndeni wakho angase acabange ngezinye izindlela zokukhombisa imizwa yawo ngoJesu Kristu. Isibonelo, bangadweba izithombe ezikhombisa ukuthi kungani bethanda umSindisi.

1 Samuweli 3:1–11.Kungaba mnandi ukulingisa indaba yeNkosi ibiza uSamuweli, noma umndeni wakho ungabuka ividiyo “Samuel and Eli” (ChurchofJesusChrist.org). Amalunga omndeni wakho angakhuluma ngezikhathi lapho ezwa iNkosi ikhuluma nawo nendlela enza ngayo lokhu eyakusho.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Vumela uMoya uhole ukufunda kwakho. Khulekela ukuthi uMoya oNgcwele uzokuholela kulokho odinga ukukufunda. Lalela okuzwayo, noma ngabe lokhu kukuholela ukuyofunda ngesihloko obungasilindele noma ekufundeni ngendlela ehlukile.

Isithombe
umfana uSamuweli etendeni

Umfanekiso kaSamuweli ezwa iNkosi, nguSam Lawlor

Shicilela