ITestamente eliDala 2022
NgoMeyi 16–22. Duteronomi 6–8; 15; 18; 29–30; 34: “Xwaya Ukuba Ungakhohlwa UJehova”


“NgoMeyi 16–22. Duteronomi 6–8; 15; 18; 29–30; 34: ‘Xwaya Ukuba Ungakhohlwa UJehova,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoMeyi 16–22. Duteronomi 6–8; 15; 18; 29–30; 34,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

UMose emile entabeni

Isithombe sikaMose eseNtabeni iNebo © Providence Collection/licensed from goodsalt.com

NgoMeyi 16–22

Duteronomi 6–8; 15; 18; 29–30; 34

“Xwaya Ukuba Ungakhohlwa UJehova”

UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bafundise abantwana babo amazwi eNkosi (bheka uDuteronomi 6:7). Ngesikhathi ufunda uDuteronomi kulelisonto, thola izindlela zokwabelana ngalakho okufundile namalunga omndeni wakho.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ubufundisi basemhlabeni bukaMose baqala entabeni, ngesikhathi uNkulunkulu ekhuluma naye esihlahleni esivuthayo (bheka ku-Eksodusi 3:1–10). Kwaphinde kwaphelela entabeni futhi, emuva kweminyaka eminingi kunama-40, ngesikhathi uNkulunkulu ebonisa uMose umhlaba wesethembiso maphezulu nentaba iNebo (bheka kuDuteronomi 34:1–4). UMose wayechithe impilo yakhe elungiselela abantwana bakwa-Israyeli ukuba bangene emhlabeni wesethembiso, futhi incwadi kaDuteronomi ilobe imiyalo yakhe yokugcina, yizikhumbuzo, yizimfundiso, nezicelo kwabakwa-Israyeli. Ukufunda amazwi akhe kuyacacisa ukuthi injongo yangempela yobufundisi bukaMose—ukulungiselela abantu ababekudinga—kwakungaphathelene nokuphila ehlane, ukunqoba izizwe, noma ukwakha umphakathi. Kwakungukufunda ukuthanda uNkulunkulu, ukumlalela, futhi nokwethembeka Kuye. Yilawo malungiselelo esiwadingayo sonke ukuze sikwazi ukungena emhlabeni wethu wesethembiso wempilo engunaphakade. Ngakho-ke, noma uMose engazange alubeke “ezweni elichichima ubisi noju” (Eksodusi 3:8), ngenxa yethemba lakhe nokwethembeka kwakhe, wakwazi ukungena emhlabeni wesethembiso uNkulunkulu awulungiselele bonke abamulandelayo.

Ukuze uthole ulwazi olufingqiwe ngencwadi kaDuteronomi, bheka ku “Duteronomi” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Duteronomi 6:4–7; 8:2–5, 11–17; 29:18–20; 30:6–10, 15–20

INkosi ifuna ngiyithande ngenhliziyo yami yonke.

Ezimfundisweni zakhe zokugcina, uMose wakhumbuza abantwana bakwa-Israyeli, “Leminyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wenu waba nani, aneswelanga lutho,” ngisho nisehlane (Duteronomi 2:7). Manje njengoba abakwa-Israyeli babengena emhlabeni wesethembiso, “[o]nemizi emikhulu nemihle [abangaya]khanga, nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle [abanga]zigcwalisanga (Duteronomi 6:10–11), uMose wayesaba ukuthi babezoqinisa izinhliziyo zabo bakhohlwe yiNkosi.

Cabanga ngesimo senhliziyo yakho ngesikhathi ufunda imiyalo kaMose. Ungase ufune ukugxila kulamavesi alandelayo futhi ubhale phansi okufika emqondweni wakho:

Yikuphi ongakwenza ukuvikela inhliziyo yakho ekutheni iqine nokuthanda iNkosi ngenhliziyo yakho yonke? Yikuphi okuxhumanayo okubonayo phakathi kwalemibhalo Duteronomi 6:5–6 ngokukaMatewu 22:35–40? (Bheka futhi uLevitikusi 19:18).

Bheka futhi uDieter F. Uchtdorf, “A Yearning for Home,” iLiyahona, Nov. 2017, 21–24

uDuteronomi 6:4–12, 20–25

“Xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova.”

Isizukulwane esiningi sabakwa-Israyeli esasizongena emhlabeni wesethembiso sasingazibonanga izinhlupho eGibithe futhi bengawelanga umFula oBomvu. uMose wayazi ukuthi bona—nezizukulwane ezilandelayo—babezodinga ukukhumbula izimangaliso zikaNkulunkulu nemithetho kaNkulunkulu uma babezohlala bengabantu baNkulunkulu.

UMose unikeza yiphi imiyalelo kuDuteronomi 6:4–12, 20–25 engakusiza ukhumbule izinto ezimangalisayo uNkulunkulu akwenzele zona? Yikuphi ozwa kufanele ukwenze ukugcina izwi leNkosi “enhliziyweni” usuku nosuku na? (uvesi 6).

Ngabe uzolidlulisela kanjani ukholo lwakho kwisizukulwane esizayo na?

Bheka futhi uDuteronomi 11:18–21; Gerrit W. Gong, “Always Remember Him,” Liyahona, Meyi 2016, 108–11;

uDuterenomi 15:1-15

Ukusiza abaswele kudinga izandla eziphayo nezinhliziyo ezifunayo.

UDuteronomi 15:1–15 unikeza imiyalo ngokusiza abampofu nabaswele, kuhlanganiswa namanye amasiko athile angasenziwa namuhla. Kepha naka ukuthi lamavesi afundisani ngokuthi kungani kumele sisize abampofu nendlela imimoya yethu ngokubasiza ibaluleke ngayo eNkosini. Ngabe yikuphi ozwa ukuthi iNkosi ifuna ukufunde kulamavesi ngokusiza abanye na?

Bheka futhi kuRussell M. Nelson, “The Second Great Commandment,” Liyahona, Nov. 2019, 96–100.

UDuteronomi 18:15–19

UJesu Kristu umgumPhrofethi owayezokhuliswa njengoMose.

UPetru, uNefi, uMoroni, kanye noMsindisi imbala bonke baphawula ngesiphrofetho ku Duteronomy 18:15–19 (bheka IzEnzo 3:20–23; 1 Nefi 22:20–21; Joseph Smith—Umlando 1:40; 3 Nefi 20:23). Yikuphi esikufundayo ngoMsindisi kulamavesi na? Ngabe uMsindisi ufana kanjani noMose na? (Duteronomi 18:15).

UJesu eguqile ebambe indoda

UJesu Kristu ungumphrofethi onjengoMose.

uDuterenomi 34:5-8

Kwenzakalani kuMose?

Noma ngabe uDuteronomi 34:5–8 uthi uMose wafa, ukuqonda kwezinsuku zokugcina kuyacacisa ukuthi waguqulwa, noma washintshwa ukuze angakuzwa ukuhlupheka kwezinhlungu noma ukufa kuze kube uyavuka kwabafileyo (bheka ku-Alima 45:18–19; Kwakumele aguqulwe uMose ngoba wayedinga ukuba nomzimba wenyama ukuze anike uPetru, uJakobe noJohane izikhiye zobuphristi eNtabeni yokuGuqulwa (bheka ngokukaMathewi 17:1–13).

uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

Duteronomi 6:10–15.Lamavesi angagqugquzela amalunga omndeni wakho ukuba acabange ngezindlela umndeni wenu obusiseke ngayo. Singalandela kanjani umyalelo woku “xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova”? (Duteronomi 6:12). Ungase ufune ukubhala imizwa yakho mayelana nezibusiso zenu, mhlawumbe encwadini noma kwiwebhusayithi yokuCinga Umndeni.

uDuteronomi 6:13, 16; 8:3.Lamavesi asiza uMsindisi ngesikhathi esibalulekile empilweni Yakhe; ukubona ukuthi kanjani, fundani ndawonye ngokukaMatewu 4:1–10. Yimuphi umushwana emibhalweni engcwele osisizile thina ngesikhathi siswele?

uDuterenomi 7:6-9.Enza okuthile ukusiza amalunga omndeni wakho azizwe ekhethekile, njengokulungisa ukudla akuthandayo. Futhi ningafunda uDuteronomi 7:6–9 bese nixoxa ngokuthi kuchaza ukuthini ukuba “abantu abakhethekile” (evesini 6) eNkosini.

uDuterenomi 29:12–13.Ukuxoxa ngoDuteronomi 29:12–13 kwakha ithuba lokuba amalunga omndeni wakho axoxe ngezivumelwano azozenza noma azenzile noBaba oseZulwini. Ngabe kusho ukuthini ukuba abantu baNkulunkulu na? Ngabe izivumelwano zethu “zisimisa … kanjani njengabantu [kuNkulunkulu]” na? (evesini 13).

Ukuze uthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Funa ukuqonda kwakho okungokomoya. Lolu hlelo lunikeza iziqephu nemigomo yokugxila kuyo, kepha lokhu akunganciphisi ukufunda kwakho. Ngesikhathi ufunda, ungafunda ngomgomo ongaphathiwe lapha. Yekelela uMoya ukuholele kulokho odinga ukukufunda.

UMose emile entabeni

UJehobva Wamukhombisa Wonke Umhlaba, nguWalter Rane