2. UkuMuka kwabakwa-Israyeli beSuka eGibithe kanye nokuNgena eKhanani
-
Ramsesi Abakwa-Israyeli bakhishelwa ngaphandle kwaseGibithe (Eks. 12; Num. 33:5).
-
Sukoti Emuva kokuba lamaHeberu ayishiye lendawo yekamu, iNkosi yababheka isefwini emini futhi isensikeni yomlilo ebusuku (Eks. 13:20–22).
-
Phi-Hahiroti Abakwa-Israyeli badlula phakathi koLwandle oluBomvu (Eks. 14; Num. 33:8).
-
Mara INkosi yelapha amanzi aseMara (Eks. 15:23–26).
-
Elimi Abakwa-Israyeli bamisa amakamu ngasemthonjeni eyishumi nambili (Eks. 15:27).
-
IHlane laseSini INkosi yathumela imana kanye nezigwaca ukuze yondle abakwa-Israyeli (Eks. 16).
-
Refidimi Abakwa-Israyeli balwa no-Amaleki (Eks. 17:8–16).
-
INtaba iSinayi (iNtaba iHorebe noma iJebel Musa) INkosi yembula imiYalelo eliShumi (Eks. 19–20).
-
IHlane laseSinayi Abakwa-Israyeli bakha itabernakele (Eks. 25–30).
-
AmaKamu aseHlane Amagosa angamashumi ayisikhombisa abizwa ukuba asize uMose ekuphatheni abantu (Num. 11:16–17).
-
Esiyoni-Geberi Abakwa-Israyeli badlula phakathi ezweni lika-Esawu kanye no-Amoni ngokuthula (Dut. 2).
-
Kadeshi-Barineya UMose wathumela izinhloli ezweni lesethembiso; abakwa-Israyeli bahlubuka futhi bahluleka ukungena ezweni; iKadeshi yaba yikamu elikhulu labakwa-Israyeli iminyaka eminingi (Num. 13:1–3, 17–33; 14; 32:8; Dut. 2:14).
-
IHlane elingaseMpumalanga Abakwa-Israyeli bagwema impi no-Edomi kanye noMowabi (Num. 20:14–21; 22–24).
-
UMfula i-Arinoni Abakwa-Israyeli babhubhisa ama-Amori ayelwa nabo (Dut. 2:24–37).
-
INtaba yaseNebo UMose wabuka izwe lesethembiso (Dut. 34:1–4). UMose wanika izintshumayelo zakhe ezintathu zokugcina (Dut. 1–32).
-
AmaThafa akwaMowabi INkosi yatshela abakwa-Israyeli ukuba balihlukanise izwe futhi babaphuce ababehlala kulo (Num. 33:50–56).
-
UMfula iJordani Abakwa-Israyeli bawela uMfula iJordani emhlabathini owomileyo. Maduze naseGiligali, amatshe ayethathwe ekujuleni koMfula iJordani abekwa njengesikhumbuzo sokuhlukana kwamanzi eJordani (Josh. 3:1–5:1).
-
Jeriko Abantwana bakwa-Israyeli balithumba futhi balibhubhisa lelidolobha (Josh. 6).